Okwenza Kudingeke Ube Khona Emihlanganweni YobuKristu
UROSARIO, ohlala eNingizimu Melika, wajabulela ukufunda iBhayibheli no-Elizabeth izinyanga ezithile. Kwamjabulisa uRosario ukufunda ngoMbuso kaNkulunkulu nendlela oyoletha ngayo izimo zePharadesi emhlabeni. Nokho, noma nini lapho u-Elizabeth emmema ukuba abe khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, wayenqaba. Wayenomuzwa wokuthi angatadisha iBhayibheli esekhaya futhi enze lokho elikushoyo, enza kanjalo ngaphandle kokuya emihlanganweni yebandla. Ingabe nawe wake wazibuza ukuthi imihlangano yobuKristu inayo ngempela yini inzuzo kuwe? Kungani uNkulunkulu eye wenza ilungiselelo lokuba abantu bakhe bahlangane ndawonye?
Njengoba amaKristu ekhulu lokuqala ayehluke kakhulu kubantu ababewazungezile, ukuba nobudlelwano obufanelekile kwakubalulekile ukuze aphile. Umphostoli uPawulu wabhalela elinye ibandla lamaKristu okuqala: ‘Niye naba abangasolekiyo nabangenacala phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni.’ (Filipi 2:15) AmaKristu abhekana nesikhathi esinzima kakhulu eJudiya, futhi uPawulu wayekhuluma nawo lapho ebhala: “Masiqaphelane, ukuze [kushukunyiswe, NW] uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Singashukumiselana kanjani othandweni nasemisebenzini emihle ngokuhlangana ndawonye?
Indlela AmaKristu ‘Alolana’ Ngayo
Igama lesiGreki uPawulu alisebenzisa futhi elihunyushwe ngokuthi ‘shukumisa’ ngokwezwi nezwi lisho “ukulola.” Isaga seBhayibheli sichaza indlela amaKristu ‘alolana’ ngayo lapho sithi: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” (IzAga 27:17; UmShumayeli 10:10) Sifana namathuluzi adinga ukulolwa njalo. Njengoba ukubonisa uthando ngoJehova nokwenza izinqumo ezisekelwe okholweni lwethu kusho ukuba ngabahlukile ezweni, kumelwe ngaso sonke isikhathi, sithathe inkambo ehlukile kweyeningi.
Umzamo wasikhathi sonke wokuba sibe abahlukile ungathuntubeza ukushisekela kwethu imisebenzi emihle. Kodwa lapho sinabanye abathanda uJehova, siyalolana—sishukumiselana othandweni nasemisebenzini emihle. Ngakolunye uhlangothi, lapho sisodwa, sithambekela ngokwengeziwe ekuzicabangeleni. Imicabango yokuziphatha okubi, ubugovu noma yobuwula ingase ingene ezingqondweni zethu. “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” (IzAga 18:1) Yingakho uPawulu abhalela ibandla elalisemzini waseThesalonika: “Vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.”—1 Thesalonika 5:11.
Lapho uRosario eseqedile ukutadisha izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, waqhubeka ezindela ekuhlanganyeleni nebandla. Ngakho-ke, ngenxa yokungasakwazi ukunikeza usizo olwengeziwe, u-Elizabeth wayeka ukumhambela. Ezinyangeni ezithile kamuva umbonisi ojikelezayo wahambela uRosario futhi wambuza: “Ngisho noma amalungu ngamanye omkhaya engathola ukudla okuhle lapho edla ngaphandle kwekhaya, yini wonke lamalungu angalahlekelwa yiyo ngokungadli ndawonye ekhaya?” URosario waphendula: “Angalahlekelwa ubungane bomkhaya.” Walithola iphuzu futhi waqala ukuza njalo emihlanganweni. Wakuthola kuzuzisa kakhulu kangangokuba cishe uba khona kuyo yonke imihlangano kusukela lapho.
Kuyakhuthaza ukuzwa abanye abantu bebonisa ukholo ezintweni ezifanayo ozikholelwayo nokubona indlela ukholo olunjalo oluye lwashintsha ngayo ukuphila kwabo. UPawulu wayekwazi lokhu kokuhlangenwe nakho komuntu siqu, futhi wabhalela ibandla laseRoma: “Ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.” (Roma 1:11, 12) Eqinisweni, uPawulu wahlala iminyaka eminingi engavakashi eRoma, futhi lapho evakasha, wayenjengesiboshwa ezandleni zabaseRoma. Kodwa lapho ebona abazalwane baseRoma ababehambe amakhilomitha angaphezu kwangu-60 besuka kulomuzi bezomhlangabeza, “uPawulu wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.”—IzEnzo 28:15.
Ukuthola Ukudla Okungokomoya Ezikhathini Ezibucayi
Lapho enikezwe umthetho wokungaphumi endlini eRoma, uPawulu wabhalela amaHeberu ngokuphathelene nokungayeki ukuhlangana kwawo ndawonye. Kubalulekile kithi ukwenezela kwakhe lamazwi: “Ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:25) OFakazi BakaJehova baye babonisa ngokungaguquguquki ngemiBhalo ukuthi u-1914 waphawula ukuqala kokuphela kwesikhathi salelizwe nokuthi “usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu” selusondele. (2 Petru 3:7) Ngokwencwadi yeBhayibheli yesAmbulo, lapho uDeveli exoshwa ezulwini ekuqaleni kwesikhathi sokuphela, wayethukuthele evutha futhi “wamuka, wayokulwa nabaseleyo . . . labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” (IsAmbulo 12:7-17) Ngakho-ke, ukugcina imiyalo kaNkulunkulu kunzima ngokukhethekile manje; sikudinga kakhulu ukuhlangana nesikholwa nabo. Imihlangano iyosisiza ukuba siqinise ukholo lwethu nothando lwethu ngoNkulunkulu ukuze simelane nokuhlasela kukaDeveli.
Uthando nokholo kuNkulunkulu akufani nezakhiwo okuthi uma sezakhiwe zihlale zimile. Kunalokho, kunjengezinto eziphilayo ezikhula kancane kancane ngokondliwa njalo kodwa ezibunayo futhi zife uma zingondliwa. Yingakho uJehova elungiselela ukudla okungokomoya kwasikhathi sonke ukuze aqinise abantu bakhe. Sonke siyakudinga ukudla okunjalo, kodwa singakutholaphi ngaphandle kwasenhlanganweni kaNkulunkulu nasemihlanganweni yayo? Ngeke sikuthole ndawo.—Duteronomi 32:2; Mathewu 4:4; 5:3.
UJesu waphakamisa umbuzo ongasisiza ukuba sibone indlela ondla ngayo ibandla lobuKristu. Wabuza: “Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? Ibusisiwe leyonceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.” (Mathewu 24:45, 46) Ubani uJesu ammisa ekhulwini lokuqala ukuba ondle abalandeli bakhe, futhi ekubuyeni kwakhe emandleni oMbuso ubani amthola ebondla ngokwethembeka? Ngokusobala, akekho umuntu osephile wonke lawomakhulu eminyaka. Ubufakazi bukhomba encekwini njengeyibandla lamaKristu agcotshwe ngomoya, njengoba nesizwe sakwa-Israyeli sasiyinceku kaNkulunkulu ezikhathini zangaphambi kobuKristu. (Isaya 43:10) Yebo, uJesu ulungiselela ukudla kwethu okungokomoya ngaleyondikimba yomhlaba wonke yamaKristu agcotshwe ngomoya, leyo namuhla edlulisela ukudla okungokomoya ngamabandla endawo oFakazi BakaJehova.
Umzila kaJesu wokulungiselela ukudla okungokomoya wachazwa ngokwengeziwe umphostoli uPawulu: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha [izipho ezingabantu, NW] . . . wanika abanye ukuba babe-ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu.”—Efesu 4:8, 11-13.
Ngokuyinhloko kwakuphakathi emabandleni endawo—emihlanganweni—lapho ‘lezipho ezingabantu’ zazakha khona abazalwane. Ngokwesibonelo, e-Antiyokiya, “oJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.” (IzEnzo 15:32) Namuhla izinkulumo amadoda afanelekayo ngokomoya azinikezayo ziyolondla ngendlela efanayo ukholo lwethu ukuze lungabuni noma lube buthaka.
Kungase kube yiqiniso ukuthi siye senza intuthuko enhle ngenxa yosizo lomuntu siqu lwelungu elithile lebandla ngisho nakuba kungenzeka besingakaqali ukuba khona emihlanganweni. IBhayibheli lithi kunesikhathi lapho ‘udinga ukuba kube-khona okufundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; udinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.’ (Heberu 5:12) Kodwa umuntu akanakuhlala esesigabeni sobisi kuze kube phakade. Imihlangano yobuKristu ilungiselela isimiso esiqhubekayo semfundo yeBhayibheli esiklanyelwe ukugcina uthando ngoNkulunkulu nokholo kuye luphilile kanye nokunikeza usizo olungokoqobo ekusebenziseni “sonke iseluleko sikaNkulunkulu.” (IzEnzo 20:27, NW) Lokhu kungaphezu ‘kobisi.’ IBhayibheli liqhubeka lithi: “Ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heberu 5:14) Emihlanganweni kucatshangelwa izihloko eziningi ezingase zingabi ingxenye yesimiso esiyisisekelo semfundo yeBhayibheli yasekhaya, njengezifundo zeziprofetho zevesi ngalinye ezibalulekile zeBhayibheli nezingxoxo ezijulile eziphathelene nendlela esingalingisa ngayo uNkulunkulu ekuphileni kwethu siqu.
Izikhumbuzo ZikaJehova—Zinjengezwi Elingemva Kwakho
Ngezifundo ezinjalo zebandla, uJehova uhlala esikhumbuza ukuthi kumelwe sibe uhlobo olunjani lwabantu. Izikhumbuzo ezinjalo zibalulekile. Ngaphandle kwazo sithambekela kalula ekubeni nobugovu, ukuqhosha, nokuhaha. Izikhumbuzo ezivela emiBhalweni ziyosisiza ukuba sijabulele ubuhlobo obuphumelelayo nabanye abantu ngisho noNkulunkulu ngokwakhe. “Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho,” kuvuma umbhali weHubo 119:59.
Njengoba siba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, sibona ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJehova ngo-Isaya, esithi: “Abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho, nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela, hambani ngayo.” UJehova uyayiqaphela intuthuko yethu futhi usilungisa ngothando uma sithatha isinyathelo esingaqondile. (Isaya 30:20, 21; Galathiya 6:1) Futhi unikeza ngisho nosizo olungaphezu kwalolu.
Ukuthola UMoya Ongcwele Ngebandla
Ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu noFakazi BakaJehova, siqiniswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, lowo ohlezi phezu kwabantu bakhe. (1 Petru 4:14) Ngaphezu kwalokho, ababonisi abangamaKristu ebandleni bamiswe ngomoya ongcwele. (IzEnzo 20:28) Lamandla ayisiphekupheku avela kuNkulunkulu anethonya elinamandla kumKristu. IBhayibheli lithi: ‘Izithelo zoMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) Umoya ongcwele, osebenza ngenhlangano kaNkulunkulu, uyosisiza futhi ukuba sizuze ukuqonda okucace ngokumangalisayo ngalokho uJehova akugcinele labo abamthandayo. Ngemva kokuchaza ukuthi abantu abavelele balesimiso sezinto abanakuziqonda izinjongo zikaNkulunkulu, uPawulu wabhala: ‘Kithina uNkulunkulu ukwambulile ngomoya.’—1 Korinte 2:8-10.
Ngaphandle kokudla okungokomoya okuqinisa ukholo, ibandla liqeqesha labo abafisa ukuhlanganyela emsebenzini webandla oyinhloko. Uyini lomsebenzi?
Ukuqeqesha Okunikezwa Yibandla
Ibandla lobuKristu aliyona ikilabhu yezokungcebeleka lapho abantu bemane bazijabulele khona futhi mhlawumbe bakhuthazane ukuba baphile ukuphila okungcono. UJesu wayala ibandla ukuba liyise izindaba ezinhle zoMbuso kulabo abaphila ebumnyameni obungokomoya. (IzEnzo 1:8; 1 Petru 2:9) Kusukela osukwini elamiswa ngalo, ngePentekoste lika-33 C.E., laliyinhlangano yabashumayeli. (IzEnzo 2:4) Ingabe uke waba nakho okuhlangenwe nakho kokuzama ukutshela omunye umuntu ngezinjongo zikaJehova kodwa wahluleka ukumanelisa? Imihlangano yebandla inikeza ukuqeqeshwa komuntu siqu ekhonweni lokufundisa. Ngokuhlola izibonelo zeBhayibheli, sifunda indlela yokuthola izinto ezifanayo esingabonisana ngazo, indlela yokusebenzisa imiBhalo njengesisekelo sengxoxo enengqondo, nendlela yokusiza abanye ukuba bacabange ngokusebenzisa imibuzo nemifanekiso. Amakhono anjalo akusiza ukuba ube nenjabulo engachazeki yokusiza omunye umuntu ukuba aqonde iqiniso leBhayibheli.
Kulelizwe elikhungethwe izingxabano, elinokuziphatha okubi, ibandla lobuKristu liyisiphephelo sangempela esingokomoya. Ngisho nakuba lakhiwe abantu abangaphelele, liyisikhoselo sokuthula nothando. Ngakho-ke, yiba khona njalo kuyo yonke imihlangano yalo futhi uzibonele ngawakho ukuba yiqiniso kwamazwi omhubi athi: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. . . . UJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube-phakade.”—IHubo 133:1, 3.