Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ingabe Uwulinde Ngesineke “Umuzi Onezisekelo Zangempela”?
    INqabayokulinda (Efundwayo)—2020 | Agasti
    • 5. Sazi kanjani ukuthi u-Abrahama wayelindele umuzi osungulwe uNkulunkulu?

      5 U-Abrahama wabonisa kanjani ukuthi wayelindele umuzi, noma uMbuso, osungulwe uNkulunkulu? Okokuqala, awukho umbuso waleli zwe u-Abrahama awujoyina. Wayengazinzi endaweni eyodwa, futhi akazange asekele inkosi engumuntu. Ngaphezu kwalokho, u-Abrahama akazange azame ukuzakhela owakhe umbuso. Kunalokho, waqhubeka elalela uJehova futhi elindele ukuba agcwalise isithembiso saKhe. Ngokwenza kanjalo, wabonisa ukuthi unokholo olumangalisayo kuJehova. Ake sihlole ezinye izinselele abhekana nazo, sibone ukuthi yini esingayifunda esibonelweni sakhe.

  • Ingabe Uwulinde Ngesineke “Umuzi Onezisekelo Zangempela”?
    INqabayokulinda (Efundwayo)—2020 | Agasti
    • 7. Kungani u-Abrahama kwakumelwe amethembe uJehova ukuthi wayezomvikela yena nomndeni wakhe?

      7 U-Abrahama kwakumelwe amethembe uJehova ukuthi wayezomvikela yena nomndeni wakhe. Kungani? Khumbula ukuthi u-Abrahama noSara bashiya indlu yabo ephephile nentofontofo emzini wase-Uri, bahamba bayohlala ematendeni ezigangeni zaseKhanani. Zazingasekho izindonga ezinkulu nemisele emikhulu yamanzi eyayibavikele. Kunalokho, kwase kulula ukuba izitha zibahlasele.

      8. Yini eyenzeka ku-Abrahama ngesinye isikhathi?

      8 U-Abrahama wayeyenza intando kaNkulunkulu, kodwa ngesinye isikhathi wahluleka ukutholela umndeni wakhe ukudla okwanele. Kwaba nendlala enkulu ezweni uJehova ayethe akaye kulo. Leyo ndlala yayinzima kangangokuba u-Abrahama wanquma ukuthuthela eGibhithe okwesikhashana nomndeni wakhe. Kodwa ngesikhathi eseGibhithe, uFaro, umbusi walelo zwe, wamthathela umkakhe. Ungase uyicabange indlela u-Abrahama ayekhathazeke ngayo kwaze kwaba yilapho uJehova etshela uFaro ukuthi akabuyisele uSara ku-Abrahama.​—Gen. 12:10-19.

      9. Umndeni ka-Abrahama wabhekana naziphi izinkinga?

      9 Umndeni ka-Abrahama wabhekana nobunzima obukhulu. Umkakhe ayemthanda, uSara, wayengabatholi abantwana. Kwaphela iminyaka eminingi bebhekene naleso simo esidumazayo. USara wagcina esenike u-Abrahama incekukazi yakhe, uHagari, ukuze ibatholele abantwana. Kodwa lapho uHagari esekhulelwe u-Ishmayeli, waqala ukudelela uSara. Isimo sashuba kangangokuba uSara wamxosha uHagari emzini wakhe.​—Gen. 16:1-6.

      10. Yini eyenzeka ku-Ishmayeli naku-Isaka eyavivinya ukwethembela kuka-Abrahama kuJehova?

      10 Ekugcineni uSara wakhulelwa, watholela u-Abrahama indodana ayiqamba ngokuthi u-Isaka. U-Abrahama wayewathanda womabili amadodana akhe, u-Ishmayeli no-Isaka. Kodwa ngenxa yokuthi u-Ishmayeli wayehlupha u-Isaka, u-Abrahama waphoqeleka ukuba ahambise u-Ishmayeli noHagari. (Gen. 21:9-14) Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wacela u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka. (Gen. 22:1, 2; Heb. 11:17-19) Kuzo zombili lezi zimo, u-Abrahama kwakudingeka amethembe uJehova ukuthi ekugcineni wayezozifeza izithembiso eziphathelene namadodana akhe.

      11. Kungani kwakudingeka u-Abrahama alinde uJehova ngesineke?

      11 Phakathi naso sonke leso sikhathi, u-Abrahama kwakudingeka afunde ukulinda uJehova ngesineke. Kungenzeka wayeneminyaka engaphezu kuka-70 ngesikhathi yena nomndeni wakhe behamba e-Uri. (Gen. 11:31–12:4) Iminyaka engaba ngu-100, wayehlala ematendeni futhi ehamba ehlala ezweni laseKhanani. U-Abrahama wayeneminyaka engu-175 ngesikhathi efa. (Gen. 25:7) Kodwa akazange akubone ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova sokunika inzalo yakhe izwe ayehambe ehlala kulo. Akazange akubone nokumiswa komuzi, owuMbuso kaNkulunkulu. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi u-Abrahama wafa “esemdala, anelisekile.” (Gen. 25:8) Naphezu kwabo bonke ubunzima abhekana nabo, u-Abrahama wahlala enokholo oluqinile futhi wakujabulela ukulinda uJehova ngesineke. Kungani akwazi ukukhuthazela? Kungenxa yokuthi phakathi nakho konke ukuphila kwakhe, uJehova wamvikela futhi wamphatha njengomngane wakhe.​—Gen. 15:1; Isaya 41:8; Jak. 2:22, 23.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela