Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe uJehova uNkulunkulu wakhuluma noAdamu ngokuqondile, noma wakhuluma ngoLizwi, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa?
IBhayibheli alisinikezi impendulo ecacile kulombuzo. Nakuba uNkulunkulu ayengakhuluma ngokuqondile nendodana yakhe ephelele engumuntu e-Edene, ngokunokwenzeka waxhumana no-Adamu ngoLizwi.
Ngokuvamile iBhayibheli likhuluma ngokwenza kukaNkulunkulu izinto kuyilapho eqinisweni azenza ngengelosi eyodwa noma ezengeziwe. Ngokwesibonelo, uGenesise 1:1 uyasitshela: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” Ukuba lokho kwakuwukuphela kwalokho iBhayibheli elikushoyo ngendabuko yendawo yonke, besiyophetha ngokuthi uNkulunkulu wayidala yena ngokuqondile, njengokungathi ngezandla zakhe. Nokho, imiBhalo YamaKristu YesiGreki iyakwandisa ukuqonda kwethu. Siyafunda: “Kwadalelwa kuyo [iNdodana kaNkulunkulu] konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, . . . konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona.” (Kolose 1:16, 17) Eminye imibhalo ifakazela indima yeNdodana ekudaleni indawo yonke. (Johane 1:3, 10; Heberu 1:1, 2) Noma kunjalo, indima yayo kwakungeyokuba isisebenzi esingaphansi kukaJehova, owaqamba ukudala, wakunika amandla, futhi wakuqondisa.—IHubo 19:1.
UNkulunkulu wathi kumuntu wokuqala: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho.” (Genesise 2:16, 17) UNkulunkulu akazange adinge umshini othile kagesi, njengomsakazo. Njengoba INqabayokulinda ka-August 1, 1989, yasho: “Umuntu akabonanga muntu owayekhuluma. Izwi lalivela endaweni engabonakali, futhi lalikhuluma naye. Kwakuyizwi loMenzi womuntu, uMdali wakhe! . . . Umuntu akadinganga sicosheli somsakazo sesayensi yanamuhla ukuze ezwe izwi laphezulu. UNkulunkulu wakhuluma naye ngokuqondile.”
Ingabe uNkulunkulu wakhuluma ngengelosi, mhlawumbe uLizwi, owaba uJesu? Lokhu kungenzeka kakhulu. Nakuba ayengagomeli amazwi angenakuphikiswa, uC. T. Russell wabhala: “Mhlawumbe uJesu wayenguMmeleli kaNkulunkulu eNsimini yase-Edene enoAdamu.” (The Watch Tower, February 1, 1915) Sekuyisikhathi eside iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo ikhonza esikhundleni esiphakeme sokuba “uLizwi” likaYise noma uMkhulumeli ezingelosini nakubantu. (Johane 1:1; 12:49, 50; IsAmbulo 1:1, 2) Ngakho ngisho noma ukulandisa kukaGenesise kunikeza umqondo wokuthi uNkulunkulu wakhuluma ngokuqondile noAdamu owayeyedwa, lokho akukwenzi kube okungenakwenzeka ukukhuluma kwaKhe ngengelosi, kuhlanganise noLizwi, iNdodana kaJehova yasezulwini. Lokhu kungaba njalo ikakhulukazi uma kucatshangelwa ukuthi kwasekuqaleni uJehova wasebenzisa uLizwi ekudaleni umuntu, futhi lona ‘intokozo yakhe yayikanye namadodana abantu.’—IzAga 8:22, 31; Johane 1:3.
Ngokwesibonelo, cabangela isikhathi lapho uMose ekhuphukela eNtabeni yaseSinayi. UEksodusi 19:21-24 uyalandisa: “UJehova wayesethi kuMose . . . UMose wathi kuJehova . . . Wayesethi uJehova kuye.” Khona-ke ukulandisa kokunikezwa kwemiThetho Eyishumi kwethulwa ngalendlela: “UNkulunkulu wakhuluma onke lawamazwi.” (Eksodusi 20:1) Ingabe lokho kuzwakala sengathi uJehova wawakhuluma ngokwakhe amazwi oMthetho? Umqondo onjalo ungasekelwa ukuthi sitshelwa ukuthi uNkulunkulu wakhuluma noMose “ubuso nobuso.”—Eksodusi 33:11.
Noma kunjalo, sinokunye ukwambulelwa ngalokhu. Umphostoli uPawulu wabhala lokhu ngoMthetho: “[Wadluliselwa, NW] ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.” (Galathiya 3:19) Kamuva, uPawulu waqhathanisa ngokuqondile imiyalo uNkulunkulu ayinikeza ngoMthetho nalokho amaKristu akwamukela ngoJesu: “Uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa . . . , thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na?—okwakhulunywa kuqala ngeNkosi [uJesu], kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo.” (Heberu 2:2, 3) Ngakho uNkulunkulu akawakhulumanga amazwi oMthetho ngezwi lakhe siqu, futhi akasebenzisanga uLizwi, kunalokho wakhetha ukusebenzisa ezinye izingelosi.
Nokho, liyini iphuzu eliyisisekelo? Ngokuvamile lapho sifunda ngoNkulunkulu ekhuluma nabantu, siphawula ukuthi wenza kanjalo ngezidalwa zomoya ezilalelayo ezamkhulumela. (Qhathanisa noGenesise 18:2, 3, 33; 19:1; Eksodusi 3:2-4; AbaHluleli 6:11, 12, 20-22.) Ukubizwa kukaJesu ngokuthi uLizwi kusikisela ukuthi nguye uNkulunkulu ayemsebenzisa ngokuvamile ukuze axhumane nezinye izidalwa zakhe. Ingabe lokho kwakuhlanganisa nendodana kaNkulunkulu ephelele uAdamu? Ngokunokwenzeka kakhulu.—Luka 3:38.
Yiqiniso ukuthi lapho uLizwi kamuva esemhlabeni, uYise wakhuluma kathathu ngokuzwakalayo ukuze ‘loAdamu wokugcina’ ezwe. (1 Korinte 15:45; Mathewu 3:16, 17; 17:1-5; Johane 12:28-30) Kulezikhathi, kungani uNkulunkulu kwakufanele akhulume neNdodana yakhe eyigugu noma ngayo ngengelosi? Ngokunengqondo, uJehova wayengakhuluma ngokuqondile; iNdodana yakhe ephelele, ngisho nabantu abangaphelele ababemi eduze, bezwa izwi likaNkulunkulu uqobo. Ngakho lapho kudalwa umuntu wokuqala ophelele, uAdamu, uYise onothando wayengasebenzelana nayo ngokuqondile lendalo entsha ephelele. Nokho, ngenxa yalokhu osekushiwo, kunokwenzeka ukuthi wasebenzisa uLizwi.