Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Lingisa Ukholo LukaMose
    INqabayokulinda—2014 | Ephreli 15
    • 1, 2. (a) Isiphi isinqumo uMose asenza lapho eneminyaka engu-40 ubudala? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uMose akhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu?

      UMOSE wayekwazi lokho iGibhithe elalingamenzela khona. Wayezibona izithabathaba zemizi ehlala izicebi, kanti kwayena wayengowasebukhosini. ‘Wafundiswa konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe,’ cishe okwakuhlanganisa ubuciko, ulwazi ngezinkanyezi, izibalo nezinye izinhlobo zesayensi. (IzE. 7:22) Phakathi kwezinto ayengaba nazo kwakuyingcebo, igunya nelungelo umuntu ovamile waseGibhithe ayengagcina ngokuphupha nje ngalo!

      2 Nokho, lapho eneminyaka engu-40, uMose wenza isinqumo okumelwe ukuba sawukhungathekisa umndeni wasebukhosini owawumkhulisile. Akazange akhethe ngisho nokuphila impilo “evamile” yabaseGibhithe kodwa wakhetha ukuphila nezigqila! Kungani? UMose wayenokholo. (Funda amaHebheru 11:​24-26.) Ngokholo, uMose wabona ngalé kwezwe ayephila kulo. Njengendoda engokomoya, uMose wayenokholo ‘kuLowo ongabonakali,’ uJehova, nasekugcwalisekeni kwezithembiso zaKhe.​—Heb. 11:27.

  • Lingisa Ukholo LukaMose
    INqabayokulinda—2014 | Ephreli 15
    • 4. Yini uMose ayiqaphela mayelana ‘nenjabulo esonweni’?

      4 Amehlo okholo asiza uMose wabona ukuthi ‘injabulo esonweni’ ingeyesikhashana. Abanye babengase bathi nakuba iGibhithe lalicwile ekukhulekeleni izithombe nasekusebenzelaneni nemimoya, laliwumbuso omkhulu emhlabeni kuyilapho abantu bakaJehova befukuza njengezigqila! Noma kunjalo, uMose wayazi ukuthi uNkulunkulu wayengasiguqula leso simo. Nakuba labo bantu ababetamasa babebonakala bechuma, uMose wayenokholo lokuthi bazoshabalala. Ngenxa yalokho, akazange akhangwe ‘injabulo yesikhashana esonweni.’

      5. Yini eyosisiza ukuba simelane ‘nenjabulo yesikhashana esonweni’?

      5 Ungamelana kanjani ‘nenjabulo yesikhashana esonweni’? Ungalokothi ukhohlwe ukuthi injabulo yesono iyadlula. Ngamehlo okholo, bona ukuthi “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” (1 Joh. 2:​15-17) Zindla ngekusasa lezoni ezingaphenduki. Zimi ‘emhlabathini oshelelayo, ziyoqedwa ngendlela esabisa kakhulu!’ (IHu. 73:​18, 19) Lapho ulingelwa ukuba wenze isono, zibuze, ‘Ngifuna ikusasa elinjani?’

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela