Hamba NoNkulunkulu Kulezi Zikhathi Zeziyaluyalu
“U-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso. Khona-ke akabange esaba khona, ngoba uNkulunkulu wamthatha.”—GENESISE 5:24.
1. Iziphi ezinye izici zezikhathi zethu ezizenza zibe zimbi?
IZIKHATHI zeziyaluyalu! La mazwi ayichaza kahle iminyaka yeziyaluyalu nobudlova isintu esiye saphila kuyo kusukela kwazalwa uMbuso kaMesiya ngo-1914. Phakathi naso sonke leso sikhathi, abantu bebelokhu ‘besezinsukwini zokugcina.’ Izinto ezibangela usizi ezinjengendlala, izifo, ukuzamazama komhlaba nezimpi ziye zabahlupha ngendlela engakaze ibonwe. (2 Thimothewu 3:1; IsAmbulo 6:1-8) Lesi simo siyabathinta nabakhulekeli bakaJehova. Ngezinga elikhulu noma elincane, sonke kudingeka sibhekane nobunzima noma izimo ezingaqinisekile zezikhathi zethu. Izingcindezi zezomnotho, iziyaluyalu zezombangazwe, ubugebengu nokugula kuphakathi kwezinto ezenza ukuphila kube nzima kakhulu.
2. Izinceku zikaJehova ziye zabhekana naziphi izinselele?
2 Ngaphezu kwalokho, izinceku zikaJehova eziningi ziye zabekezelela amagagasi angapheli oshushiso olunzima njengoba uSathane eye waqhubeka elwa nalabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 12:17) Nakuba singazange sishushiswe sonke ngokuqondile, wonke amaKristu eqiniso kudingeka alwe noSathane uDeveli kanye nomoya awubhebhezelayo esintwini. (Efesu 2:2; 6:12) Kudingeka umuntu ahlale ephapheme ukuze angathonywa yilowo moya, njengoba sihlangabezana nawo emsebenzini, esikoleni, nanomaphi lapho sihlangana khona nabantu abangenaso isithakazelo ekukhulekeleni okuhlanzekile.
Hamba NoNkulunkulu, Hhayi Nezizwe
3, 4. AmaKristu ahluke kanjani ezweni?
3 Emuva ekhulwini lokuqala, amaKristu nawo alwa kanzima ukuze agweme umoya waleli zwe, futhi lokho kwawenza ahluka kakhulu kulabo ababengeyona ingxenye yebandla lobuKristu. UPawulu wawuchaza kanje lowo mahluko: “Ngakho-ke, lokhu ngikusho futhi ngikufakazele eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba nje izizwe zihamba ebuzeni bezingqondo zazo, lapho zisebumnyameni ngengqondo, futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi okukuzo, ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zazo. Njengoba zazingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni okubi ukuze zenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.”—Efesu 4:17-19.
4 Yeka ukuthi lawo mazwi abuchaza kahle kanjani ubumnyama obukhulu obungokomoya nobungokokuziphatha baleli zwe—kokubili osukwini lukaPawulu nolwethu! Njengasekhulwini lokuqala, nanamuhla amaKristu ‘awaqhubeki ehamba njengoba kuhamba izizwe.’ Kunalokho anelungelo elimangalisayo lokuhamba noNkulunkulu. Yiqiniso, abanye abantu bangase bazibuze ukuthi kunengqondo yini ukuthi abantu abaphansi, abangaphelele bahamba noJehova. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi bangakwazi. Ngaphezu kwalokho, uJehova ulindele ukuba bahambe naye. Ekhulwini lesi-8 ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, umprofethi uMika wabhala la mazwi alandelayo aphefumulelwe: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—Mika 6:8.
Sihamba Kanjani NoNkulunkulu Futhi Kungani Kufanele Sihambe Naye?
5. Umuntu ongaphelele angahamba kanjani noNkulunkulu?
5 Singahamba kanjani noNkulunkulu ongabonakali futhi onguMninimandla onke? Kusobala ukuthi ngeke kube ngendlela esihamba ngayo nabanye abantu. EBhayibhelini, igama elithi “ukuhamba” lingasho “ukulandela inkambo ethile.”a Sinalokhu engqondweni, siyaqonda ukuthi umuntu ohamba noNkulunkulu ulandela inkambo yokuphila eyalezwe uNkulunkulu futhi emjabulisayo. Ukuphishekela leyo nkambo kusenza sihluke kubantu abaningi abasizungezile. Noma kunjalo, kuwukuphela kwenkambo efanele umKristu angayikhetha. Ngani? Ngenxa yezizathu eziningi.
6, 7. Kungani ukuhamba noNkulunkulu kuyinkambo engcono kunazo zonke?
6 Okokuqala, uJehova unguMdali wethu, uMthombo wokuphila kwethu, noMlungiseleli wakho konke esikudingayo ukuze siqhubeke siphila. (IsAmbulo 4:11) Ngenxa yalokho, uyena kuphela onelungelo lokusitshela indlela okufanele sihambe ngayo. Ngaphezu kwalokho, ukuhamba noNkulunkulu kuyinkambo ezuzisa kunazo zonke. UJehova wenzele labo abahamba naye ilungiselelo lokuba bathethelelwe izono, futhi ubanikeza ithemba eliqinisekile lokuphila okuphakade. UBaba wethu wasezulwini onothando olukhulu unikeza neseluleko esihlakaniphile esisiza labo abahamba naye ukuba benze ukuphila kwabo kuphumelele kwamanje, naphezu kokuba bengaphelele futhi bephila ezweni elisemandleni kaSathane. (Johane 3:16; 2 Thimothewu 3:15, 16; 1 Johane 1:8; 2:25; 5:19) Esinye isizathu sokuhamba noNkulunkulu ukuthi ukuzimisela kwethu ukwenza kanjalo kunengxenye ekuthuleni nasebunyeni bebandla.—Kolose 3:15, 16.
7 Isizathu sokugcina kodwa esibaluleke kakhulu ukuthi lapho sihamba noNkulunkulu sibonisa uhlangothi esikulo empikiswaneni enkulu eyaphakanyiswa emuva ensimini yase-Edene—impikiswano yobukhosi. (Genesise 3:1-6) Sibonisa ngenkambo esiyilandelayo ekuphileni ukuthi simi ngokuphelele ngasohlangothini lukaJehova, futhi simemezela ngokungesabi ukuthi uyena yedwa okufanelekelayo ukuba uMbusi. (IHubo 83:18) Ngaleyo ndlela senza ngokuvumelana nokuthandazela kwethu ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe futhi intando yakhe yenziwe. (Mathewu 6:9, 10) Yeka ukuhlakanipha kwalabo abakhetha ukuhamba noNkulunkulu! Bangaqiniseka ukuthi bahamba ohlangothini olufanele, njengoba uJehova “kunguye yedwa ohlakaniphileyo.” Akalenzi iphutha nanini.—Roma 16:27.
8. Izikhathi zo-Enoke noNowa zazicishe zifane nezethu ngayiphi indlela?
8 Nokho, kungenzeka kanjani ukuphila ngendlela amaKristu okufanele aphile ngayo izikhathi zibe zineziyaluyalu kangaka nabantu abaningi bengenaso isithakazelo sokukhonza uJehova? Impendulo siyithola lapho sicabanga ngamadoda asendulo ayethembekile agcina ubuqotho bawo ezikhathini ezazinzima kakhulu. Amabili kuwo u-Enoke noNowa. Womabili ayephila ezikhathini ezithi azifane nezethu. Ububi babubhokile. Ngosuku lukaNowa umhlaba wawugcwele ubudlova nokuziphatha okubi. Noma kunjalo, u-Enoke noNowa bamelana nomoya wezwe langesikhathi sabo futhi bahamba noJehova. Bakwazi kanjani ukwenze njalo? Ukuze siphendule lowo mbuzo, kulesi sihloko sizocabangela isibonelo sika-Enoke, bese kuthi kwesilandelayo sicabangele esikaNowa.
U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezikhathini Zeziyaluyalu
9. Ikuphi ukwaziswa esinako ngo-Enoke?
9 U-Enoke ungumuntu wokuqala emiBhalweni ochazwa ngokuthi wahamba noNkulunkulu. Umlando weBhayibheli uthi: “Ngemva kokuzala uMethusela u-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso.” (Genesise 5:22) Khona-ke, ngemva kokusitshela ukuthi u-Enoke waphila isikhathi eside kangakanani—okuyisikhathi eside uma siqhathaniswa nesethu, kodwa esasisifushane ngalezo zinsuku—umlando uthi: “U-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso. Khona-ke akabange esaba khona, ngoba uNkulunkulu wamthatha.” (Genesise 5:24) Ngokusobala, uJehova wamdlulisa u-Enoke ezweni labaphilayo wamlalisa ubuthongo bokufa ngaphambi kokuba abaphikisi bakhe bamthole. (Hebheru 11:5, 13) Ngaphandle kwalawo mavesi amafushane, zimbalwa izikhathi iBhayibheli elibhekisela ngazo ku-Enoke. Noma kunjalo, ngokwalokhu kwaziswa esinakho nezinye izinkomba, singasho ukuthi izikhathi zika-Enoke zazineziyaluyalu.
10, 11. (a) Inkohlakalo yanda kanjani ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva? (b) U-Enoke washumayela siphi isigijimi esiyisiprofetho, futhi kumelwe ukuba abantu basabela kanjani?
10 Ngokwesibonelo, cabanga ukuthi inkohlakalo yabhebhetheka ngokushesha kangakanani ohlangeni lwesintu ngemva kokona kuka-Adamu. IBhayibheli lisitshela ukuthi uKhayini, izibulo lika-Adamu, waba umbulali wokuqala lapho ebulala umfowabo u-Abela. (Genesise 4:8-10) Ngemva kokufa kuka-Abela ngesihluku, u-Adamu no-Eva bazala enye indodana, futhi bayiqamba ngokuthi uSeti. Sifunda lokhu ngaye: “USeti wazalelwa indodana wayiqamba ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi kwaqalwa ukuba kubizwe igama likaJehova.” (Genesise 4:25, 26) Kuyadabukisa ukuthi lokho ‘kubiza igama likaJehova’ kwakwenziwa ngendlela yokuhlubuka.b Eminyakeni eminingi ngemva kokuzalwa kuka-Enoshe, uLameka, wozalo lukaKhayini waqamba ingoma ayinikezela emakhosikazini akhe amabili ewatshela ngayo ukuthi wayebulele insizwa eyayimlimazile. Wabuye waxwayisa: “Uma uKhayini kumelwe aphindiselelwe kasikhombisa, khona-ke uLameka izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa neziyisikhombisa.”—Genesise 4:10, 19, 23, 24.
11 Amaqiniso abekwe ngamafuphi njengalawa asecatshangelwe abonisa ukuthi inkohlakalo uSathane ayisungula ensimini yase-Edene yaholela ngokushesha ekwandeni kobubi enzalweni ka-Adamu. U-Enoke waba ngumprofethi kaJehova ezweni elinjalo futhi amazwi akhe aphefumulelwe nanamandla asasebenza nanamuhla. UJude wabika ukuthi u-Enoke waprofetha lokhu: “Bheka! UJehova wafika namashumi akhe ezinkulungwane ezingcwele, ezokhipha isahlulelo kubo bonke, futhi ezobalahla ngecala bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngenxa yazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu abazenza ngendlela yokungamhloniphi uNkulunkulu, nangenxa yezinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.” (Jude 14, 15) Lawo mazwi ayogcwaliseka okokugcina e-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Noma kunjalo singaqiniseka ukuthi ngisho nasosukwini luka-Enoke, ziningi “izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu” okwazicasula ukuzwa isiprofetho sika-Enoke. Yeka ukuthi kwaba isenzo sothando kangakanani ukuba uJehova amsuse lo mprofethi zingakambambi lezi zoni!
U-Enoke Waqiniswa Yini Ukuze Ahambe NoNkulunkulu?
12. Yini eyenza u-Enoke wahluka kubantu besikhathi sakhe?
12 Emuva ensimini yase-Edene, u-Adamu no-Eva balalela uSathane, futhi u-Adamu wahlubuka kuJehova. (Genesise 3:1-6) Indodana yabo u-Abela yalandela inkambo ehlukile, futhi uJehova wayibheka ngomusa. (Genesise 4:3, 4) Ngokudabukisayo, iningi lenzalo ka-Adamu alizange lifane no-Abela. Nokho, u-Enoke, owazalwa emakhulwini eminyaka kamuva, wafana naye. Wawuyini umahluko phakathi kuka-Enoke nabanye abaningi kangaka benzalo ka-Adamu? Umphostoli uPawulu wawuphendula lo mbuzo lapho ebhala: “Ngokholo u-Enoke wadluliswa ukuze angakuboni ukufa, futhi akatholakalanga ndawo ngoba uNkulunkulu wayemdlulisile; ngoba ngaphambi kokudluliswa kwakhe wafakazelwa ukuthi wayemjabulisile uNkulunkulu.” (Hebheru 11:5) U-Enoke waba ingxenye ‘yefu elikhulu lofakazi’ bangaphambi kwenkathi yobuKristu ababeyizibonelo ezivelele zokholo. (Hebheru 12:1) Ukholo yilona olwenza u-Enoke ukuba akhuthazele enkambweni elungile iminyaka engaphezu kuka-300 yokuphila kwakhe—inkathi ende ngaphezu kokuphindwe kathathu kunenkathi yokuphila yabaningi bethu namuhla!
13. U-Enoke wayenokholo olunjani?
13 UPawulu wachaza ukholo luka-Enoke nolwabanye ofakazi lapho ebhala: “Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Yebo, ukholo luwukulindela ngokuqiniseka, okusekelwe eziqinisekisweni, ukuthi izinto esinethemba lazo zizogcwaliseka. Luwukulindela okuqine kangangokuthi kuthinta nalokho esigxilisa ukuphila kwethu kukho. Ukholo lwalolo hlobo lwamsiza u-Enoke ukuba ahambe noNkulunkulu ngisho noma izwe elalimzungezile lalingenzi kanjalo.
14. Ukholo luka-Enoke kungenzeka ukuthi lwalusekelwe kuluphi ulwazi olunembile?
14 Ukholo lweqiniso lusekelwe olwazini olunembile. Iluphi ulwazi u-Enoke ayenalo? (Roma 10:14, 17; 1 Thimothewu 2:4) Akungabazeki ukuthi wayazi ngokwenzeka e-Edene. Mhlawumbe wayezwile nangokuthi ukuphila kwakunjani ensimini yase-Edene—mhlawumbe eyayisekhona, nakuba abantu base bevinjelwe ukuya kuyo. (Genesise 3:23, 24) Wayazi nokuthi injongo kaNkulunkulu kwakuwukuba inzalo ka-Adamu igcwalise umhlaba futhi yenze umhlaba wonke ube njengePharadesi lokuqala. (Genesise 1:28) Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukuba u-Enoke wayesazisa isithembiso sikaJehova sokuveza iNzalo eyayiyochoboza ikhanda likaSathane futhi iqede yonke imiphumela emibi yenkohliso yakhe. (Genesise 3:15) Eqinisweni, isiprofetho yena u-Enoke aphefumulelwa ukuba asisho, esigcinwe encwadini kaJude, sihlangene nokubhujiswa kwenzalo kaSathane. Njengoba u-Enoke ayenokholo, siyazi ukuthi wayekhulekela uJehova njengoba kunguye ‘oba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ (Hebheru 11:6) Ngakho, nakuba u-Enoke ayengenalo lonke ulwazi esesinalo thina, wayenolwazi olwanele ukuba lwakhe isisekelo sokholo oluqinile. Enalolo kholo, wagcina ubuqotho phakathi nezikhathi zeziyaluyalu.
Lingisa Isibonelo Sika-Enoke
15, 16. Singayilandela kanjani inkambo ka-Enoke?
15 Njengoba nathi sifuna ukujabulisa uJehova njengo-Enoke phakathi nezikhathi zanamuhla zeziyaluyalu, senza kahle ngokulandela isibonelo sakhe. Kudingeka sizuze ulwazi olunembile ngoJehova nangezinjongo zakhe futhi silulonde. Kodwa kudingeka senze okwengeziwe. Kudingeka siluvumele lolo lwazi ukuba luqondise inkambo yethu. (IHubo 119:101; 2 Petru 1:19) Kudingeka siqondiswe ukucabanga kukaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi silwele ukumthokozisa ngemicabango nangezenzo zethu zonke.
16 Asinawo umbhalo wokuthi obani abanye osukwini luka-Enoke ababekhonza uJehova, kodwa kusobala ukuthi kungaba ukuthi wayeyedwa noma kwakunedlanzana elincane nje. Nathi siyidlanzana uma siziqhathanisa nezwe, kodwa lokho akusidumazi. UJehova uyosisekela kungakhathaliseki ukuthi ubani ongase amelane nathi. (Roma 8:31) U-Enoke waxwayisa ngesibindi ngokubhujiswa okuzayo kwabantu ababengamesabi uNkulunkulu. Nathi sinesibindi njengoba sishumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso” naphezu kokuhlekwa usulu, ukuphikiswa nokushushiswa. (Mathewu 24:14) U-Enoke akazange aphile isikhathi eside njengabaningi besikhathi sakhe. Noma kunjalo ithemba lakhe lalingagxilile kulelo zwe. Amehlo akhe ayegxile kokuthile okuhle kakhulu. (Hebheru 11:10, 35) Nathi iso lethu ligxile ekufezekeni kwenjongo kaJehova. Ngakho, asilisebenzisi ngokugcwele leli zwe. (1 Korinte 7:31) Kunalokho, amandla ethu nezinto zethu sikusebenzisela ngokuyinhloko inkonzo kaJehova.
17. Iluphi ulwazi esinalo u-Enoke ayengenalo, ngakho kufanele senzeni?
17 U-Enoke wayenokholo lokuthi iNzalo ethenjiswe uNkulunkulu yayiyovela ngesikhathi sikaJehova esifanele. Manje cishe sekuyiminyaka engu-2 000 kusukela leyo Nzalo—uJesu Kristu—yavela, yakhokha isihlengo, futhi yasivulela indlela thina kanye nofakazi abathembekile basendulo abanjengo-Enoke, yokuba sizuze ifa lokuphila okuphakade. Leyo Nzalo, manje esibekwe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, yaxosha uSathane ezulwini yamphonsa lapha emhlabeni, futhi usizi olusizungezile esilubonayo luwumphumela walokho kuxoshwa kwakhe. (IsAmbulo 12:12) Yebo, luningi kakhulu ulwazi olutholakalayo thina esingaba nalo kunalolo u-Enoke ayengaluthola. Ngakho-ke, kwangathi singaba nokholo oluqinile njengaye. Kwangathi ukuqiniseka esinakho ngokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu kungathonya yonke into esiyenzayo. Njengo-Enoke, kwangathi singahamba noNkulunkulu, nakuba siphila ezikhathini zeziyaluyalu.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka umQulu 1, ikhasi 220, isigaba 6, kwethi Insight on the Scriptures, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Ngaphambi kwezinsuku zika-Enoshe, uJehova wakhuluma no-Adamu. U-Abela wenza umnikelo owamukeleka kuJehova. UNkulunkulu wakhuluma ngisho nanoKhayini ngaphambi kokuba intukuthelo ebangelwa umhawu imqhubele ekubulaleni. Ngakho lokhu kuqala ‘ukubiza igama likaJehova’ kumelwe ukuba kwenziwa ngenye indlela, hhayi yokukhulekela okuhlanzekile.
Ungaphendula Kanjani?
• Kusho ukuthini ukuhamba noNkulunkulu?
• Kungani ukuhamba noNkulunkulu kuyinkambo engcono kunazo zonke?
• Yini eyasiza u-Enoke ukuba ahambe noNkulunkulu nakuba ayephila ezikhathini zeziyaluyalu?
• Singamlingisa kanjani u-Enoke?
[Isithombe ekhasini 15]
Ngokholo, “u-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso”
[Isithombe ekhasini 17]
Sikholelwa ngokuqinile ukuthi izithembiso zikaJehova zizogcwaliseka
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Woman, far right: FAO photo/B. Imevbore; collapsing building: San Hong R-C Picture Company