Bonisa Ukholo Olusekelwe Eqinisweni
“Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”—HEBERU 11:6.
1, 2. Ukholo luka-Adamu lwavivinywa kanjani, futhi kwaba namuphi umphumela?
UKHOLO ludinga okwengeziwe kunokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Umuntu wokuqala, uAdamu, wayengakungabazi ukuba khona kukaJehova uNkulunkulu. UNkulunkulu wayekhulumisene noAdamu, ngokunokwenzeka kakhulu ngeNdodana yaKhe, uLizwi. (Johane 1:1-3; Kolose 1:15-17) Nokho, uAdamu walahlekelwa ithemba lokuphila okuphakade ngenxa yokuthi wahluleka ukulalela uJehova nokubonisa ukholo kuye.
2 Injabulo ka-Adamu yesikhathi esizayo yabonakala isengozini lapho umkakhe, uEva, engamlaleli uJehova. Phela, wona kanye umcabango wokulahlekelwa nguye wavivinya ukholo lwalomuntu wokuqala! Ingabe uNkulunkulu wayeyoxazulula lenkinga ngendlela yokuthi aqikelele ukuthi uAdamu uyaqhubeka enenjabulo nenhlala-kahle? Ngokuhlanganyela noEva ekoneni, uAdamu wabonisa ukuthi ngokusobala wayengacabangi kanjalo. Wazama ukuxazulula lenkinga ngendlela yakhe, kunokufuna ngobuqotho ukuqondisa kwaphezulu. Ehluleka ukubonisa ukholo kuJehova, uAdamu wazilethela ukufa yena nayo yonke inzalo yakhe.—Roma 5:12.
Luyini Ukholo?
3. Incazelo yeBhayibheli ngokholo ihluke kanjani kuleyo enikezwa esinye isichazamazwi?
3 Esinye isichazamazwi sichaza ukholo ngokuthi “ukukholelwa ngokuqinile kokuthile okungenabo ubufakazi.” Nokho, esikhundleni sokuba lisekele lowombono iBhayibheli ligcizelela khona kanye okwehlukile. Ukholo lusekelwe emaqinisweni, ezintweni ezingokoqobo. ImiBhalo ithi: “Ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” (Heberu 11:1) Umuntu onokholo unesiqinisekiso sokuthi konke okuthenjiswe uNkulunkulu kufana nosekugcwalisekile. Ubufakazi obuqinisekisayo bezinto ezingokoqobo ezingabonakali bunamandla kangangokuba ukholo kuthiwa lulingana nalobobufakazi.
4. Enye incwadi iyisekela kanjani incazelo yeBhayibheli yokholo?
4 KuyiNew World Translation, impambosi yokwenziwa yesenzo sesiHeberu selithi ʼa·manʹ ngezinye izikhathi ihunyushwa ngokuthi “bonisa ukholo.” NgokweTheological Wordbook of the Old Testament, “ekujuleni kwencazelo yalomsuka kunomqondo wokuqiniseka . . . ngokuphambene nemiqondo yanamuhla yokuthi ukholo lungokuthile okungenzeka, okungaba yiqiniso, kodwa okungaqinisekile.” Yona lencwadi ithi: “Igama elisuselwa kwelinye elithi ’āmēn elisho ukuthi ‘ngokuqinisekile’ lidluliselwe eTestamenteni Elisha ngegama elithi amēn, ngesiNgisi okuyigama elithi ‘amen.’ UJesu walisebenzisa kaningi leligama (Mt 5:18, 26, njll.) ukuze agcizelele ukuqiniseka kwendaba ethile.” Igama elihunyushwe ngokuthi “ukholo” emiBhalweni YamaKristu YesiGreki lisho futhi ukukholelwa kokuthile okusekelwe ngokuqinile eqinisweni.
5. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukulindela okuqinisekile” kumaHeberu 11:1 (NW), lalisetshenziswa kanjani ezincwadini zebhizinisi zasendulo, futhi ikuphi ukubaluleka lokhu okunakho kumaKristu?
5 Igama lesiGreki (hy·poʹsta·sis) elihunyushwe ngokuthi “ukulindela okuqinisekile” kumaHeberu 11:1 (NW) ngokuvamile lalisetshenziswa ezincwadini zebhizinisi zasendulo zepapyrus ukuze lidlulisele umqondo wokuthile okuqinisekisa ukuba nokuthile esikhathini esizayo. Izazi uMoulton noMilligan zisikisela lencazelo: “Ukholo luyitayitela lezinto ezithenjwayo.” (Vocabulary of the Greek Testament) Ngokusobala, uma umuntu enetayitela lendawo, angaba ‘nokulindela okuqinisekile’ kokuthi ngelinye ilanga ithemba lakhe lokuyithola liyofezeka.
6. Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukubonakaliswa okusobala” kumaHeberu 11:1 (NW)?
6 KumaHeberu 11:1 (NW), igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukubonakaliswa okusobala” (eʹleg·khos) lidlulisela umqondo wokuveza ubufakazi ukuze kubonakaliswe okuthile, ikakhulukazi okuthile okuphambene nalokho okubonakala kuyikho. Ubufakazi obuqondile noma obuqinile bukwenza kube sobala lokho ngaphambili okwakungaqashelwanga, ngaleyondlela buphikise lokho okwakumane kubonakala kuyikho. Ngakho, kokubili emiBhalweni yesiHeberu neyesiGreki, ngokuqinisekile ukholo alukhona “ukukholelwa ngokuqinile kokuthile okungenabo ubufakazi.” Ngokuphambene nalokho, ukholo lusekelwe eqinisweni.
Lusekelwe Emaqinisweni Ayisisekelo
7. UPawulu noDavide babachaza kanjani labo abaphika ukuba khona kukaNkulunkulu?
7 Umphostoli uPawulu washo iqiniso eliyisisekelo lapho eloba ukuthi “okungabonwayo” koMdali “kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze [abaphikisi beqiniso] bangabi-nakuzilandulela.” (Roma 1:20) Yebo, “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,” ‘nomhlaba ugcwele izidalwa zakhe.’ (IHubo 19:1; 104:24) Kodwa kuthiwani uma umuntu engazimisele ukucabangela ubufakazi? Umhubi uDavide wathi: “Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe [“ngokuqhosha kwakhe,” The New English Bible] uthi: Akanaki-lutho; akakho uNkulunkulu.” (IHubo 10:4; 14:1) Ngokwengxenye, ukholo lusekelwe eqinisweni eliyisisekelo lokuthi uNkulunkulu ukhona.
8. Labo ababonisa ukholo bakwazi ukuba nasiphi isiqinisekiso nokuqonda?
8 Akukhona nje ukuthi uJehova ukhona; unokwethenjelwa futhi, futhi singancika ezithembisweni zakhe. Uye wathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba-njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo.” (Isaya 14:24; 46:9, 10) Lawa akuwona amazwi angasho lutho. Kunobufakazi obusobala bokuthi amakhulukhulu eziprofetho ezilotshwe eZwini likaNkulunkulu aye agcwaliseka. Benalokhu kukhanyiselwa, labo ababonisa ukholo bayakwazi futhi ukuqonda ukugcwaliseka okuqhubekayo kwezinye iziprofetho zeBhayibheli eziningi. (Efesu 1:18) Ngokwesibonelo, babona ukugcwaliseka ‘kwesibonakaliso’ sokuba khona kukaJesu, kuhlanganise nokushunyayelwa okusheshayo koMbuso omisiwe, kanye nokwanda okwabikezelwa kokukhulekela kweqiniso. (Mathewu 24:3-14; Isaya 2:2-4; 60:8, 22) Bayazi ukuthi ngokushesha izizwe zizomemeza zithi “Ngukuthula nokuhlala-kahle!” nokuthi ngokushesha ngemva kwalokho uNkulunkulu ‘uzobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (1 Thesalonika 5:3; IsAmbulo 11:18) Yeka isibusiso okuyiso ukuba nokholo olusekelwe emaqinisweni angokwesiprofetho!
Isithelo Somoya Ongcwele
9. Buyini ubuhlobo phakathi kokholo nomoya ongcwele?
9 Iqiniso ukholo olusekelwe kulo litholakala eBhayibhelini, umkhiqizo womoya ongcwele kaNkulunkulu. (2 Samuweli 23:2; Zakariya 7:12; Marku 12:36) Khona-ke, ngokunengqondo ukholo alunakukwazi ukuba khona ngaphandle kokusebenza komoya ongcwele. Yingakho uPawulu ayengabhala: “Izithelo zikaMoya [zihlanganisa] . . . nokukholeka [ukholo].” (Galathiya 5:22) Kodwa abaningi bayalenqaba iqiniso laphezulu, bengcolisa ukuphila kwabo ngezinkanuko zenyama nemibono ewudabukisayo umoya kaNkulunkulu. Ngaleyondlela, “ukukholwa akusikho okwabo bonke,” ngoba abanaso isisekelo abangakwakhela phezu kwaso.—2 Thesalonika 3:2; Galathiya 5:16-21; Efesu 4:30.
10. Ezinye izinceku zikaJehova zakuqala zakuveza kanjani ukuthi zazibonisa ukholo?
10 Nokho, phakathi kwenzalo ka-Adamu abantu abathile baye balubonisa ukholo. EyamaHeberu isahluko 11 ikhuluma ngoAbela, uEnoke, uNowa, uAbrahama, uSara, uIsaka, uJakobe, uJosefa, uMose, uRahabi, uGideyoni, uBaraki, uSamsoni, uJefta, uDavide, noSamuweli, kuhlanganise nezinye izinceku zikaJehova eziningi ezingashiwongo ngamagama, ‘ezafakazelwa ngokukholwa.’ Phawula lokho okwenziwa “ngokukholwa.” Kwakungokholo uAbela “anikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo” futhi uNowa “akha umkhumbi.” Ngokholo uAbrahama “walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe-yifa lakhe.” Futhi ngokholo, uMose “washiya iGibithe.”—Heberu 11:4, 7, 8, 27, 29, 39.
11. IzEnzo 5:32 zibonisani mayelana nabantu abamlalelayo uNkulunkulu?
11 Ngokusobala, zonke lezozinceku zikaJehova zenza okwengeziwe kunokukholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Zibonisa ukholo, zathembela kuye njengaLowo ‘ongumvuzi walabo abamfunayo.’ (Heberu 11:6) Zenza lokho umoya kaNkulunkulu owawuziqondisa ukuba zikwenze, zenza ngokuvumelana nolwazi oluqondile lweqiniso olwalutholakala ngalesosikhathi, nakuba lwalulinganiselwe. Yeka ukuthi zihluke kanjani kuAdamu! Akazange enze ngokuvumelana nokholo olusekelwe eqinisweni noma ukuqondisa komoya ongcwele. UNkulunkulu umoya wakhe uwunika labo abamlalelayo kuphela.—IzEnzo 5:32.
12. (a) Yini uAbela ayenokholo kuyo, futhi wakubonisa kanjani lokhu? (b) Naphezu kokholo lwabo, yini ofakazi bakaJehova bangezikhathi zangaphambi kobuKristu abangazange bayithole?
12 Ngokungefani noyise uAdamu, uAbela owesaba uNkulunkulu wayenokholo. Wezwa ngesiprofetho sokuqala ngqá esake sakhulunywa, ngokusobala esizwa kubazali bakhe: “[Mina Jehova uNkulunkulu] ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo [imbewu, NW] yakho nenzalo [imbewu, NW] yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Ngaleyondlela uNkulunkulu wathembisa ukuqeda ububi nokubuyisela ukulunga. Ukuthi lesiprofetho sasiyogcwaliseka kanjani, uAbela wayengazi. Kodwa ukukholelwa kwakhe ekutheni uNkulunkulu unguMvuzi walabo abamfuna ngobuqotho lwaluqine ngokwanele ukuba lumshukumisele ekubeni anikele ngomhlatshelo. Ngokunokwenzeka wayecabangisisile ngalesiprofetho futhi ekholelwa ukuthi ukuthululwa kwegazi kwakuyoba okudingekile ukuze kugcwaliseke lesithembiso futhi kuphakanyiselwe isintu ekupheleleni. Kanjalo, umhlatshelo ka-Abela wesilwane wawufaneleka. Nokho, naphezu kokholo lwabo uAbela nabanye ofakazi bakaJehova bangezikhathi zangaphambi kobuKristu “abazuzanga isithembiso.”—Heberu 11:39.
Ukuphelelisa Ukholo
13. (a) Yini uAbrahama noDavide abayifunda ngokuphathelene nokugcwaliseka kwesithembiso? (b) Kungani kungase kushiwo ukuthi ‘iqiniso lavela ngoJesu Kristu’?
13 Ngezikhathi ezithile phakathi namakhulu eminyaka, uNkulunkulu wembula iqiniso elengeziwe mayelana nokuthi isithembiso esiphathelene ‘nembewu yowesifazane’ sasiyogcwaliseka kanjani. UAbrahama watshelwa: “Ngenzalo [imbewu, NW] yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:18) Kamuva, iNkosi uDavide yatshelwa ukuthi iMbewu ethenjisiwe yayiyofika ngohlu lwayo lobukhosi. Ngo-29 C.E., leyoMbewu yabonakala ingumuntu uJesu Kristu. (IHubo 89:3, 4; Mathewu 1:1; 3:16, 17) Ngokungefani noAdamu ongenalukholo, “uAdamu wokugcina,” uJesu Kristu, wayeyisibonelo esihle ekuboniseni ukholo. (1 Korinte 15:45) Waphila ukuphila kwenkonzo yokuzinikela kuJehova futhi wagcwalisa iziprofetho eziningi ezazibikezela ngoMesiya. Ngaleyondlela uJesu wenza iqiniso eliphathelene neMbewu ethenjisiwe lakhanya ngokwengeziwe futhi wenza izinto ezazifanekiselwa uMthetho kaMose zaba ngokoqobo. (Kolose 2:16, 17) Ngakho-ke kwakungashiwo ukuthi ‘iqiniso lalivele ngoJesu Kristu.’—Johane 1:17.
14. UPawulu wababonisa kanjani abaseGalathiya ukuthi ukholo lwase lunezici ezintsha?
14 Njengoba iqiniso lalivele ngoJesu Kristu, kwase kunesisekelo esandisiwe ukukholelwa ‘esithembisweni’ okwakungasekelwa phezu kwaso. Ukholo lwase lwenziwe lwaqina ngokwengeziwe, kunjengokungathi lwase lunezici ezintsha. Ngokuqondene nalokhu uPawulu watshela amaKristu agcotshiwe akanye nawo: “Umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. Njalo-ke umthetho sewaba-ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi. Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.”—Galathiya 3:22-26.
15. Iyiphi indlela okuwukuphela kwayo ukholo olwalungapheleliswa ngayo?
15 AmaIsrayeli ayebonise ukholo ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu nawo ngesivumelwano soMthetho. Kodwa manje lolukholo lwaludinga ukukhuliswa. Kanjani? Ngokubonakalisa ukholo kuJesu ogcotshwe ngomoya uMthetho owawuklanyelwe ukuba uwaholele kuye. Yileyondlela kuphela ukholo lwangezikhathi zangaphambi kobuKristu olwalungapheleliswa ngayo. Yeka ukuthi kwakubaluleke kangakanani ngalawomaKristu okuqala ukuba ‘abheke kuJesu, uMqalisi noMphelelisi wokukholwa kwawo’! (Heberu 12:2) Ngempela, wonke amaKristu kudingeka enze kanjalo.
16. Umoya ongcwele wafika kanjani ngendlela eyandisiwe, futhi ngasiphi isizathu?
16 Ngenxa yolwazi olwandisiwe lweqiniso laphezulu nokholo oluphelelisiwe oluba umphumela walokho, ingabe umoya ongcwele nawo wawuzofika ngendlela ekhulisiwe? Yebo. NgePentekoste lika-33 C.E., umoya kaNkulunkulu, umsizi othenjisiwe uJesu ayekhulume ngawo, wathululelwa kubafundi bakhe. (Johane 14:26; IzEnzo 2:1-4) Umoya ongcwele wabe ususebenza kubo ngendlela entsha ngokuphelele njengabafowabo bakaKristu abagcotshiwe. Ukholo lwabo, oluyisithelo somoya ongcwele, lwaqiniswa. Lokhu kwabahlomisela umsebenzi omkhulu wokwenza abafundi owawungaphambili.—Mathewu 28:19, 20.
17. (a) Iqiniso liye lafika kanjani futhi ukholo lwapheleliswa kanjani kusukela ngo-1914? (b) Ibuphi ubufakazi esinabo bokusebenza komoya ongcwele kusukela ngo-1919?
17 Ukholo lwafika ngenkathi uJesu eziletha njengeNkosi Emisiwe eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule. Kodwa manje njengoba eseyiNkosi ebusayo yasezulwini, isisekelo sethu sokholo—iqiniso elembuliwe—siye sakhula kakhulu, ngaleyondlela siphelelisa ukholo lwethu. Ngokufanayo, ukusebenza komoya ongcwele kuye kwakhula. Kwaba nobufakazi obukhanyayo balokhu ngo-1919, ngenkathi umoya ongcwele uvusa izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele esimweni sokungasebenzi. (Hezekeli 37:1-14; IsAmbulo 11:7-12) Khona-ke kwabekwa isisekelo sepharadesi elingokomoya, lelo emashumini eminyaka alandela eliye laba sobala ngokwengeziwe futhi laba elikhazimula ngokwengeziwe unyaka nonyaka. Ingabe bukhona ubufakazi obedlula lobo bokusebenza komoya kaNkulunkulu?
Kungani Kumelwe Sihlaziye Ukholo Lwethu?
18. Izinhloli ezingamaIsrayeli zazehluke kanjani kwenye nenye ngokholo?
18 Ngokushesha ngemva kokuba amaIsrayeli ekhululiwe ebugqilini eGibithe, kwathunywa amadoda angu-12 ukuba ayohlola izwe laseKhanani. Nokho, ayishumi kuwo ayentula ukholo, engabaza ikhono likaJehova lokugcwalisa isithembiso sakhe sokunikeza uIsrayeli lelozwe. Ayeshukunyiswa izinto ezibonwa ngamehlo, ezingokwenyama. Kulawomadoda angu-12, uJoshuwa noKalebi kuphela ababonisa ukuthi bahamba ngokukholwa, hhayi ngokubona. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 5:7.) Ngenxa yokubonisa ukholo, yibona kuphela phakathi kwalawomadoda abaphila ukuze bangene eZweni Lesithembiso.—Numeri 13:1-33; 14:35-38.
19. Kungani isisekelo sokwakhela ukholo sijule ngokwengeziwe namuhla kunanini ngaphambili, kodwa nokho yini okufanele siyenze?
19 Namuhla, simi emngceleni wezwe likaNkulunkulu elisha lokulunga. Ukuze singene kulo, ukholo lubalulekile. Ngokujabulisayo, isisekelo seqiniso okumelwe kusekelwe lolokholo kuso sijulile kunanini ngaphambili. Sinalo lonke iZwi likaNkulunkulu, isibonelo sikaJesu Kristu nabalandeli bakhe abagcotshiwe, ukusekela kwezigidi zabazalwane nodade abangokomoya, nokusekela komoya ongcwele kaNkulunkulu ngesilinganiso esingakaze sibonwe. Nokho, senza kahle ngokuhlaziya ukholo lwethu futhi sithathe izinyathelo zokuluqinisa lapho sisenokukwazi.
20. Yimiphi imibuzo okungaba okufanelekile ukuzibuza yona?
20 ‘Oh, ngiyakholwa ukuthi leli yiqiniso,’ ungase usho. Kodwa luqine kangakanani ukholo lwakho? Zibuze: ‘Ingabe uMbuso kaJehova wasezulwini ungokoqobo kimi njengoba kunjalo ngohulumeni wabantu? Ingabe ngiyayiqaphela futhi ngiyisekele ngokugcwele inhlangano kaJehova ebonakalayo neNdikimba yayo Ebusayo? Ngamehlo okholo, ingabe ngiyabona ukuthi izizwe manje ziqonde ekumeni kokugcina eArmagedoni? Ingabe ukholo lwami luqhathaniseka kahle nalolo ‘lwefu elikhulu lofakazi’ okukhulunywe ngalo kumaHeberu isahluko 11?’—Heberu 12:1; IsAmbulo 16:14-16.
21. Ukholo lubashukumisa kanjani labo abanalo, futhi babusiswa kanjani? (Hlanganisa nokukhulumela okusebhokisini ekhasini 13.)
21 Labo abanokholo olusekelwe eqinisweni bashukunyiselwa ukuba bathathe isinyathelo. Njengomhlatshelo owamukelekayo owenziwa uAbela, imihlatshelo yabo yokudumisa iyamthokozisa uNkulunkulu. (Heberu 13:15, 16) NjengoNowa, umshumayeli wokulunga owalalela uNkulunkulu, baphishekela inkambo elungile njengabashumayeli boMbuso. (Heberu 11:7; 2 Petru 2:5) NjengoAbrahama, labo abanokholo olusekelwe eqinisweni balalela uJehova naphezu kokuphathwa kabi futhi ngisho nangaphansi kwezimo ezilinga kakhulu. (Heberu 11:17-19) Njengezinceku zikaJehova ezithembekile zangesikhathi sasendulo, labo abanokholo namuhla babusiswa ngokucebile futhi banakekelwe uBaba wabo osezulwini onothando.—Mathewu 6:25-34; 1 Thimothewu 6:6-10.
22. Ukholo lungaqiniswa kanjani?
22 Uma uyinceku kaJehova kodwa uthola ukuthi ukholo lwakho luyantenga ngandlela-thile, yini ongayenza? Qinisa ukholo lwakho ngokutadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu futhi uvumele umlomo wakho ukuba uphuphume amanzi eqiniso lawo ayogcwalisa inhliziyo yakho. (IzAga 18:4) Uma ukholo lwakho lungaqiniswa njalo, lungase lube ntekenteke, lungasebenzi, lufe ngisho nokufa. (1 Thimothewu 1:19; Jakobe 2:20, 26) Zimisele ukuba lokhu kungenzeki okholweni lwakho. Nxusa usizo lukaJehova, ukhuleke: “Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!”—Marku 9:24, NW.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Luyini ukholo?
◻ Kungani lungeke lube khona ukholo ngaphandle kweqiniso nomoya ongcwele?
◻ UJesu waba kanjani uMphelelisi wokholo lwethu?
◻ Kungani kufanele sihlaziye ukuthi ukholo lwethu luqine kangakanani?
[Ibhokisi ekhasini 13]
LABO ABANOKHOLO. . .
◻ Bakhuluma ngoJehova.—2 Korinte 4:13.
◻ Benza imisebenzi efana nekaJesu.—Johane 14:12.
◻ Bayimithombo yesikhuthazo kwabanye.—Roma 1:8, 11, 12.
◻ Banqoba izwe.—1 Johane 5:5.
◻ Abanaso isizathu sokwesaba.—Isaya 28:16.
◻ Basesimweni sokuzuza ukuphila okuphakade.—Johane 3:16.