Indlela Yokwenza Ukufunda Kwakho IBhayibheli Kube Nezithelo
“BABUSISIWE abampofu emoyeni.” Lawo amazwi kaJesu okuvula iNtshumayelo yaseNtabeni eyaziwayo, ngokwamaBhayibheli ahlukahlukene olimi lwesiNgisi. (Mathewu 5:3, Revised Standard Version, izinguqulo zamaProthestani namaKatolika) Ingabe ungaqonda ukuthi uJesu wayesho ukuthini ngokuthi “abampofu emoyeni”? Ingabe wayebhekisele kwabakhubeke emoyeni? Noma kungenzeka wayesho iziwula? Lokhu kokugcina kungase kubonakale kukude nakho, kodwa ngokuqinisekile kubalulekile ukwazi.
OFakazi BakaJehova, abaziwa ngisho nangabagxeki babo njengabafundi beBhayibheli abahle kakhulu, baye bathola ukuthi iNew World Translation of the Holy Scriptures ihlangabezana kahle impela nezimfuneko zokuba ngecacile nengenzi-phutha. Ihumusha lengxenyana yeNtshumayelo yaseNtabeni ngokuthi: “Bayajabula abakhathalela isidingo sabo esingokomoya.”
Abanye abahlaziyi beBhayibheli bayavuma ukuthi lokhu yikho okushiwo ukuba “mpofu emoyeni.” Khona-ke kungani izinguqulo eziningi ezintsha njengeJerusalem Bible yamaKatolika ne-New International Version, ziphikelela ekusebenziseni amazwi athi “abampofu emoyeni”?
Lesibonelo sibonisa ukuthi ukuze umuntu enze ukufunda kwakhe iBhayibheli kube nezithelo, kudingekile ukukhetha inguqulo ethembekile, ecacile, futhi eqondakalayo.
Isimo Esiqondile
Ukufunda iBhayibheli okunezithelo kufuna futhi isimo esiqondile ngakumfundi. Lawomazwi afanayo entshumayelo yaseNtabeni abeka ngamafuphi indlela isimo sethu okumelwe sibe yiyo, okungukuthi: “Bayajabula abakhathalela isidingo sabo esingokomoya.” Ingabe ukuphila kwakho kuntula izinga elingokomoya eliyilo? Ingabe uyaliqaphela iqiniso lokuthi udinga ukondla ingqondo yakho nenhliziyo ngokudla okungokomoya? IBhayibheli lingakusiza ukuba ugcwalise lesosidingo.
Nokho, ngeke ukuthole ukudla kwengqondo nenhliziyo eBhayibhelini uma ulifunda njengoba ungase ufunde noma iyiphi enye incwadi. Akumelwe ulifunde, “njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.” (1 Thesalonika 2:13) Uyobe ungafundi ulwazi lomuntu noma umlando wesizwe, kodwa imiqondo kaNkulunkulu nomlando wokusebenzelana kwakhe nezinceku zakhe emhlabeni. Liqukethe futhi iziprofetho ezimangalisayo, ezinye zalezi sezigcwalisekile kakade, kanti ezinye zigcwaliseka phambi kwamehlo ethu noma zisazogcwaliseka ukuze kuzuziswe isintu ngezinga elikhulu.
Njengoba iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, ukuze alifunde ngokunezithelo umuntu kumelwe afune usizo lwaKhe. Ngakho-ke, ukuthandaza kuNkulunkulu, isandulelo esifanele sokufunda iBhayibheli. Ngamazwi alula, asuka enhliziyweni, mcele ukuba akusize uqonde lokho okufundayo nendlela yokukusebenzisa ekuphileni kwakho siqu. Ngezinye izikhathi sintula ikhono lokusebenzisa ulwazi esilutholile, lelokhono ukuhlakanipha. IBhayibheli ngokwalo liyaluleka: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho.”—Jakobe 1:5, 6.
Ukufunda Ngokholo
Ungase uthi: ‘Ngingathandaza kanjani ngokholo ngifunde ngokholo uma ngintula ukholo?’ Nokho uma ufunda iBhayibheli ‘ukhathalela isidingo sakho esingokomoya,’ ukholo lwakho luyokwanda njengoba uzuza ulwazi ngoJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe ezimangalisayo ezisekelwe kuKristu. Ukholo lweqiniso akumelwe ludidaniswe nokholo lokuthatheka. IBhayibheli ngokwalo lichaza ukholo ngokuthi “ukulindela okuqinisekile izinto ezithenjiwe, ukubonakaliswa okukhanyayo kwezinto ezingokoqobo nakuba zingakabonakali.”—Heberu 11:1, NW.
Ukholo lweqiniso lufuna isisekelo esiyinhloko solwazi, futhi ulwazi olunjalo lwenza izinto ezithenjiswe uNkulunkulu zibe ngokoqobo njengokungathi sezibonakele. Ngakho-ke ukholo into engatholakala. Lulandela ukufunda nokuzwa ngezinto eziphathelene noNkulunkulu nezinjongo zakhe ezimangalisayo ngesintu. Njengoba umphostoli uPawulu ekubeka, “Ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi [eliphathelene noKristu].”—Roma 10:17.a
Njengoba ukholo lwakho lwanda, ukufunda kwakho iBhayibheli kuyoba nezithelo ngokwengeziwe. Ngani? Ngoba ‘ukulindela kwakho izinto ezithenjiwe’ kuyoba ‘okuqiniseke’ ngokwengeziwe. Lokhu kungase kufaniswe nobungane obusha phakathi kwakho nomuye umuntu. Njengoba isikhathi sidlula futhi uqhubeka umazi kangcono lowomuntu, ukwethembela kwakho kuye kuyakhula. Ekugcineni, ngemva kokuphila ezimweni eziningi umngane wakho angazange akuphoxe kuzo, umethemba ngokuphelele lowomuntu. Uma ekubhalela, uyayazi indlela yokuthola umongo walokho okushiwoyo. Ngisho nalapho umusho ungacacile kahle, umazi kahle lomuntu kangangokuthi awunabunzima ekutholeni umqondo. Ufunda leyoncwadi yomngane ngendlela enokwethemba, hhayi ngokusola.
Ngokufanayo, lapho wazi ngokwengeziwe iBhayibheli nomlobi walo, uJehova uNkulunkulu, uyoba nokwethembela okwengeziwe kokubili kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Ngisho nezinye izigigaba zomlando weBhayibheli okungase kubonakale kunzima ukuziqonda, azinakuluzamazamisa lelothemba. Ngokwesibonelo, ngisho nalapho isizathu sesinyathelo esinamandla sikaNkulunkulu kumuntu othile noma isizwe singabonakali ngokushesha, uyoba nethemba lokuthi sasidingekile. Kunjengoba nje ubungase usho ngomngane omethembayo: ‘Nokho, uma akwenza lokho, kumelwe ukuba kwakunesizathu esihle.’
Yebo, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyoqiniswa uma ungathola isizathu sokuthi kungani enza ngaleyondlela noma kungani ngezinye izikhathi ebonakala ephuza ukuthatha isinyathelo ngokumelene nababi. Kodwa ungase udinge usizo. Lokhu kusiletha kwesinye isici esibalulekile sokufunda iBhayibheli okunezithelo.
Isidingo Sosizo
Kuyinto enhle kakhulu ukufunda iBhayibheli lonke. Ngesilinganiso sesahluko esisodwa ngosuku, bekungakuthatha iminyaka engaphezu kwemithathu ukuqeda kokubili imiBhalo yesiHeberu neyesiGreki. Uma ufunda izahluko ezintathu noma ezine ngosuku, kuyokuthatha cishe unyaka. Nokho, ukuze uthole umqondo walokho iBhayibheli elikuqukethe, ungase uqale ngamaHubo nezAga. Khona-ke phindela kuGenesise, kuEksodusi kanye nakuSamuweli wokuQala ngaphambi kokuqhubekela phambili esikhathini sobuKristu, kuMathewu, izEnzo, kanye nezicwadi ezimbalwa ezalotshelwa amaKristu okuqala, njengabaseFilipi, uJakobe, kanye noPetru wokuQala noma weSibili.
Lapho wenza lokhu, uyobona ukuthi ukuze uthole inzuzo engokoqobo nengokomoya eBhayibhelini, kuhle ukuthola lokho elikushoyo ngendaba enikeziwe. Izingxenye eziphathelene nendaba eyodwa zingase zehlukane kakhulu. Ngokunokwenzeka uyobona isidingo sezincwadi zokutadisha iBhayibheli eziyokusiza ukuba ufunde lokho imiBhalo ekushoyo, isihloko ngesihloko. Futhi, njengoba izincwadi zeBhayibheli zingahleliwe ngokulandelana ngokwezikhathi njalo, izincwadi ezinjalo zingakusiza ukuba uthole ukulandelana kwezikhathi. Ulwazi oluyisizinda ngomumo womhlaba nomlando nalo lungaba usizo kakhulu ekuqondeni imiBhalo.
Lungatholakalaphi usizo olunjalo lokutadisha iBhayibheli? Eminyakeni yamuva abalobi bamaKatolika baye basakaza izincwadi eziningi ezenzelwe ngokusobala ukusiza amaKatolika ekufundeni kwawo iBhayibheli. Kodwa abalobi abanjalo bazithola bephakathi kwezinhlangothi ezimbili ezingafiseleki. Uma abalobi abanjalo bewasiza ngempela amaKatolika ukuba aqonde iBhayibheli, amaKatolika ngokushesha athola ukuthi imfundiso eningi yamaKatolika ayitholakali kulo. Ngakolunye uhlangothi, uma abalobi bevumela imfundiso yamaKatolika, balimaza ukwethembela kwabafundi eBhayibhelini ngoba babeka umBhalo ngaphansi kwesiko lesonto.—Qhathanisa noMarku 7:13.
Amaningi amaKatolika aqotho emukela usizo koFakazi BakaJehova. Emazweni amaningi, izinkulungwane zabantu abangamaKatolika zilwa nokufunda iBhayibheli ngokuliqonda kodwa luncane noma alukho usizo abaluthola kubapristi babo. Balingisa induna yase-Etiyopiya eyayifunda incwadi kaIsaya. Lapho umvangeli uFilipi embuza ukuthi wayekuqonda ngempela lokho ayekufunda, umTopiya ngokuzithoba waphendula: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” (IzEnzo 8:31) UFilipi wamsiza, futhi ngemva kwesikhashana lendoda eqotho yaba umKristu obhapathiziwe. Ngokufanayo, njengoba behamba indlu ngendlu oFakazi BakaJehova bahlangana namaKatolika, futhi lapho ethi analo iBhayibheli emakhaya awo, oFakazi babuza ukuthi bangaluthanda yini usizo lokwenza ukufunda kwawo iBhayibheli kube nezithelo ngempela.
Ukufunda Okuthela Izithelo
Emsebenzini wabo wokufundisa iBhayibheli, oFakazi BakaJehova basebenzisa izinhlobo eziningi zezincwadi zokutadisha iBhayibheli njengethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, (izindaba zeBhayibheli eziyi-116 ezibekwe ngolimi olulula zahlelwa ngokulandelana kwezikhathi), Ingabe IBhayibheli Ngempela LiyiZwi LikaNkulunkulu Na? (ukubonisa ngokwesayensi nangokomlando ubufakazi beqiniso leBhayibheli), “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial,” (ukuhlaziywa kwencwadi ngayinye yalokho okuqukethwe iBhayibheli, kanye nokwaziswa okuyisizinda ngokomumo womhlaba nokungokomlando), kanye nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni (ehlanganisa imibhalo ngezihloko ezingama-30 ezibalulekile, kuhlanganisa nethemba elimangalisayo iZwi likaNkulunkulu elilibeka phambi kwabafundi abaqotho beBhayibheli namuhla).
Lezincwadi zokutadisha iBhayibheli, kanye nosizo lomuntu siqu oFakazi BakaJehova abayojabulela ukukunikela lona ngesihle, luyokwenza ukufunda kwakho iBhayibheli kujabulise futhi kube nezithelo. Uyothola isiqondiso ngokuphila kwansuku zonke nethemba elimangalisayo lokuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu oluthenjisiwe, lapho, ekugcineni, intando kaNkulunkulu ‘iyokwenziwa, emhlabeni njengasezulwini.’—Mathewu 6:10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka umbhalo waphansi, weNguqulo Yezikhombo yeNew World Translation of the Holy Scriptures, ka-1984.
[Isithombe ekhasini 7]
UmTopiya waqaphela ukuthi yini eyayidingeka ukuze aqonde iBhayibheli