-
Qinisa Ukholo Lwakho Ezintweni OzithembayoINqabayokulinda (Efundwayo)—2016 | Okthoba
-
-
10. Iziphi izibonelo esinazo zabakhulekeli bakaNkulunkulu abenqaba ukuphula ubuqotho babo, futhi yini eyabanika amandla okwenza lokho?
10 KumaHebheru isahluko 11, umphostoli uPawulu uchaza izilingo izinceku eziningi zikaNkulunkulu ezingabizwa ngamagama ezabhekana nazo. Ngokwesibonelo, umphostoli ukhuluma ngabesifazane bokholo abashonelwa amadodana abo kodwa kamuva abe esevuswa. Ube esekhuluma ngabanye abangafunanga “ukwamukela ukukhululwa ngesihlengo esithile, ukuze bazuze uvuko olungcono.” (Heb. 11:35) Nakuba singenakuqiniseka ngokuthi uPawulu wayekhuluma ngobani, abanye, njengoNabhoti noZakariya, bakhandwa ngamatshe ngenxa yokulalela uNkulunkulu nokwenza intando yakhe. (1 AmaKh. 21:3, 15; 2 IziKr. 24:20, 21) Ngokucacile uDaniyeli nabangane bakhe babenethuba ‘lokwamukela ukukhululwa’ ngokuphula ubuqotho babo. Esikhundleni salokho, ukholo lwabo emandleni kaNkulunkulu lwabenza bakwazi ‘ukuvala imilomo yezingonyama’ futhi ‘bamisa amandla omlilo.’—Heb. 11:33, 34; Dan. 3:16-18, 20, 28; 6:13, 16, 21-23.
-
-
Qinisa Ukholo Lwakho Ezintweni OzithembayoINqabayokulinda (Efundwayo)—2016 | Okthoba
-
-
12. Ubani owasibekela isibonelo esivelele sokukhuthazelela izilingo, futhi yini eyamsiza ukuba enze kanjalo?
12 Ngemva kokuchaza amadoda nabesifazane bokholo abehlukahlukene, uPawulu waqokomisa isibonelo esivelele kunazo zonke—iNkosi yethu uJesu Kristu. AmaHebheru 12:2 athi: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” Ngempela kufanele ‘sicabangisise’ ngesibonelo sikaJesu sokholo lapho sibhekene nezilingo ezinzima. (Funda amaHebheru 12:3.) NjengoJesu, amaKristu okuqala afela ukholo, njengomfundi u-Antipase, enqaba ukuphula ubuqotho bawo. (IsAm. 2:13) Ayothola umvuzo wokuphila ezulwini—okuludlula kude le “uvuko olungcono” amadoda okholo asendulo ayebheke phambili kulo. (Heb. 11:35) Ngemva kwesikhathi esithile uMbuso uzaliwe ngo-1914, bonke abagcotshiwe abathembekile, ababelele ekufeni, bavuselwa ekuphileni kwasezulwini njengezidalwa zomoya ukuze bahlanganyele noJesu ekubuseni kwakhe abantu.—IsAm. 20:4.
-