-
Bheka Ngalé Kwezinto Ozibonayo!INqabayokulinda—1996 | Febhuwari 15
-
-
Ngaphandle kosizi lwabanye, uJesu naye wabhekana nolwakhe. (Heberu 5:7, 8) Kodwa ngamehlo angokomoya aphelele, wabheka ngalé kwalo ukuze abone umvuzo wokukhushulelwa ekuphileni kokungafi ngenxa yenkambo yakhe yobuqotho. Khona-ke njengeNkosi YobuMesiya, wayeyoba nelungelo lokuphakamisa isintu esihluphekayo asikhiphe esimweni saso sokwehliswa asibuyisele ekupheleleni uJehova ayekujongile ekuqaleni. Ukugcina amehlo akhe egxile kulamathemba esikhathi esizayo angabonakali kwamsiza ukuba alondoloze injabulo enkonzweni yokuhlonipha uNkulunkulu naphezu kosizi ayebhekana nalo usuku nosuku. Kamuva uPawulu wabhala: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”—Heberu 12:2.
-
-
Bheka Ngalé Kwezinto Ozibonayo!INqabayokulinda—1996 | Febhuwari 15
-
-
Lapho ekhuluma ngalokho okwenza uJesu wakwazi ukukhuthazela, uPawulu waveza nenkambo okumelwe siyilandele lapho ebhala: “Masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.” (Heberu 12:1, 2) Yebo, ukuze sigijime ngempumelelo nangenjabulo enkambweni yobuKristu, kumelwe sibheke ngalé kwezinto ezilapha phambi kwethu. Kodwa ‘singawagxilisa kanjani amehlo’ ethu kuJesu, futhi kuyosenzelani?
Phakathi kokunye, ngo-1914, uJesu wamiswa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, futhi uyabusa esezulwini. Yebo, konke lokhu akubonakali emehlweni ethu angokwenyama. Nokho, uma ‘sigxilisa amehlo’ ethu kuJesu, amehlo ethu angokomoya ayosisiza ukuba sibone ukuthi manje uselungele ukuthatha isinyathelo ukuze aphelise lesi simiso sezinto esibi abese esusa uSathane noquqaba lwakhe lwamademoni abenze bangakwazi ukwenza lutho. Uma siqhubeka sibheka, amehlo ethu angokomoya ayokwembula izwe elisha elihle lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 19:11-16; 20:1-3; 21:4.
Ngakho-ke, esikhundleni sokusindwa usizi lwesikhashana okungase kudingeke sibhekane nalo usuku ngalunye, kungani singagxilisi amehlo ethu ezintweni ezingunaphakade? Ngamehlo okholo, kungani singabheki ngalé kokugula nokuhaha kulomhlaba owonakele ukuze sibone ipharadesi eligcwele abantu abanempilo, abajabulile, nabakhathalelayo? Kungani singabheki ngalé kwezisihla zethu ezingokwenyama nezingokomoya, bese sizibona sezisuswe zonke kithi ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu? Kungani singabheki ngalé kokubulala okubangelwe yimpi, ubugebengu, nobudlova futhi sibone abantu abasanda kuvuswa befundiswa ngokuthula nokulunga kukaJehova?
Ngaphezu kwalokho, ‘ukugxilisa amehlo’ kuJesu kungahlanganisa nokugxilisa amehlo ethu angokomoya kulokho uMbuso, nakuba ungabonakali, osukufezile kakade phakathi kwabantu bakaNkulunkulu emhlabeni: ubunye, ukuthula, uthando, ukusondelana kobuzalwane, nokuchuma okungokomoya. Omunye wesifazane ongumKristu eJalimane, ngemva kokubukela i-video ethi United by Divine Teaching, wabhala: “Le-video izongisiza ngokwengeziwe ukuba ngikhumbule ukuthi kunabazalwane nodade abangamaKristu abaningi emhlabeni wonke abakhonza uJehova ngobuqotho ngawo kanye lomzuzu—futhi lokhu bakwenza naphezu kokuphikiswa umphakathi. Yeka indlela ubunye bethu bobuzalwane obuyigugu ngayo ezweni elinobudlova nenzondo!”
Ingabe nawe “uyambona” uJehova, uJesu, izingelosi ezithembekile, nezigidi zamaKristu okanye nawo bemi eceleni kwakho? Uma kunjalo, ngeke ukhathazeke ngokweqile ‘ngezinkathazo zalesisimiso sezinto’ ezingakwenza udumale futhi zikubangele ukuba ube “ongatheli” enkonzweni yobuKristu. (Mathewu 13:22) Ngakho ‘gxilisa amehlo’ kuJesu ngokugxilisa amehlo akho angokomoya eMbusweni kaNkulunkulu omisiwe nasezibusisweni zawo, kokubili zamanje nezesikhathi esizayo.
-