-
Lithini IBhayibheli Ngomsebenzi Nemali?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
2. Uyini umbono ofanele ngemali?
Nakuba iBhayibheli livuma ukuthi ‘imali iyisivikelo,’ lisixwayisa nangokuthi imali iyodwa ngeke isenze sijabule. (UmShumayeli 7:12) Ngakho, sikhuthazwa ukuba singayithandi imali, kodwa ‘saneliswe izinto ezikhona.’ (Funda eyamaHebheru 13:5.) Uma saneliswa yizinto esinazo, ngeke sibe nenhliziyo ebuhlungu ebangelwa ukufuna izinto eziningi. Siyazigwema izikweletu ezingadingekile. (IzAga 22:7) Sigwema nezingozi zokugembula nezokufuna ukuceba ngokushesha.
-
-
Lithini IBhayibheli Ngomsebenzi Nemali?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
5. Ukwaneliseka kuyasizuzisa
Abantu abaningi bazama ukuqongelela imali eningi. Kodwa iBhayibheli lisikhuthaza ukuba senze okuhlukile. Fundani eyoku-1 Thimothewu 6:6-8, bese nixoxa ngalo mbuzo:
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba senzeni?
Ngisho noma sinokuncane kakhulu, singajabula. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Nakuba le mindeni inemali encane, yini eyenza ijabule?
Kuthiwani uma sinokuningi kodwa sisafuna okwengeziwe? UJesu wenza umfanekiso obonisa ukuthi kuyingozi lokho. Fundani uLuka 12:15-21, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini oyifundile emfanekisweni kaJesu?—Bheka ivesi 15.
Fundani izAga 10:22 niziqhathanise neyoku-1 Thimothewu 6:10. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:
Yini ocabanga ukuthi ibaluleke kakhulu? Ukuba umngane kaJehova noma ukuba nemali eningi? Kungani usho kanjalo?
Yiziphi izinkinga ezibangelwa ukugijimisa imali?
-