Isahluko Sesishiyagalolunye
Amandla Ethemba Lovuko
1. Ukube belingekho ithemba lovuko, abafileyo bebeyoba kusiphi isimo?
INGABE wake washonelwa abathandekayo? Ngaphandle kovuko, belingeke libe khona ithemba lokuphinde ubabone. Bebeyohlala besesimweni esichazwa yiBhayibheli lapho lithi: “Abafileyo abazi lutho, . . . ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [“eShiyoli,” NW], lapho uya khona.”—UmShumayeli 9:5, 10.
2. Uvuko lunikeza liphi ithemba elimangalisayo?
2 Esebenzisa uvuko, uJehova ngesihe uye wavulela uquqaba lwabantu abafileyo ithuba eliyigugu lokubuya kwelabafileyo bajabulele ukuphila okuphakade. Lokhu kusho ukuthi ungaba nethemba elithokozisayo lokuthi ngolunye usuku, ezweni elisha likaNkulunkulu, uyobuye uhlangane nabathandekayo abalele ekufeni.—Marku 5:35, 41, 42; IzEnzo 9:36-41.
3. (a) Uvuko luye lwaba olubaluleke ngaziphi izindlela ekufezekeni kwenjongo kaJehova? (b) Kunini ngokukhethekile lapho ithemba lovuko liba umthombo wamandla kithi?
3 Ngenxa yovuko, akudingeki sesabe ukufa ngendlela ekhwantabalisayo. UJehova angamvumela uSathane ukuba akhawule lapho ethanda khona ukuze afakazele inkulumo yakhe yenzondo yokuthi ‘konke umuntu anakho uyokunika ngokuphila kwakhe,’ kodwa izinceku zakhe ezithembekile ngeke zilimale phakade. (Jobe 2:4) UJesu wathembeka kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamvusela ekuphileni kwasezulwini. Ngakho, uJesu wakwazi ukuletha inani lomhlatshelo wakhe wobuntu ophelele phambi kwesihlalo sobukhosi sikaYise ezulwini, okwasilethela izinzuzo ezisindisa ukuphila. Ngovuko, ‘abomhlambi omncane,’ njengezindlalifa kanye noKristu, banethemba lokuhlanganiswa naye eMbusweni wasezulwini. (Luka 12:32) Abanye banethemba lokuvuselwa ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:11, 29) Ithemba lovuko liwumthombo wamandla “angaphezu kwavamile” kuwo wonke amaKristu lapho ebhekene nokuvivinywa okuwenza abhekane nokufa.—2 Korinte 4:7.
Okulwenza Lube Yisisekelo Sokholo LobuKristu
4. (a) Uvuko ‘luyimfundiso yokuqala’ ngamuphi umqondo? (b) Izwe kabanzi linamuphi umbono ngovuko?
4 Njengoba kushiwo kumaHeberu 6:1, 2, uvuko ‘luyimfundiso yokuqala.’ Luyingxenye yesisekelo sokholo ebesingenakuba amaKristu avuthiwe ngaphandle kwaso. (1 Korinte 15:16-19) Nokho, imfundiso yeBhayibheli yovuko iyinto eyinqaba ezweni kabanzi. Njengoba bentula umbono ongokomoya, abantu abaningi ngokwandayo babheka lokhu kuphila njengokuwukuphela kwako. Ngakho, baphilela ukuphishekela injabulo. Kukhona nabalandela izinkolo ezivamile—zeLobukholwa nezinye—abacabanga ukuthi banomphefumulo ongafi. Kodwa leyo nkolelo ayivumelani nemfundiso yeBhayibheli yovuko, ngoba belungeke ludingeke uvuko ukube abantu bebenomphefumulo ongafi. Ukuzama ukuvumelanisa le miqondo emibili kumane nje kukwenze udideke kunokuba kukunikeze ithemba. Singabasiza kanjani abanhliziyo ziqotho abafuna ukwazi iqiniso?
5. (a) Ngaphambi kokuba umuntu aqonde uvuko, yini okudingeka ayazi? (b) Yimiphi imibhalo obungase uyisebenzise ekuchazeni umphefumulo? isimo sabafileyo? (c) Yini engase yenziwe uma umuntu enenguqulo yeBhayibheli engalivezi kahle iqiniso?
5 Ngaphambi kokuba abanjalo baqonde ukuthi uvuko luyilungiselelo elihle kangakanani, kufanele bawuqonde ngokufanele umphefumulo nesimo sabafileyo. Ngokuvamile, imibhalo nje embalwa yanele ukucacisela umuntu olambele iqiniso leBhayibheli ngalezi zindaba. (Genesise 2:7; IHubo 146:3, 4; Hezekeli 18:4) Nokho, ezinye izinguqulo zanamuhla nezinhlelo zeBhayibheli ezichazayo ziyalifihla iqiniso mayelana nomphefumulo. Ngakho kungase kudingeke nihlole amagama asetshenziswa ezilimini zokuqala zeBhayibheli.
6. Ungamsiza kanjani umuntu aqonde ukuthi uyini umphefumulo?
6 INguqulo Yezwe Elisha iwusizo ngokukhethekile ekwenzeni lokhu, ngenxa yokuthi ilihumusha ngokungaguquguquki igama lesiHeberu elithi neʹphesh nelesiGreki elifana nalo elithi psy·kheʹ ngokuthi “umphefumulo.” Esithasiselweni sale nguqulo kunohlu lwemibhalo eminingi lapho la magama etholakala khona. Ezinye izinguqulo eziningi zeBhayibheli ziyaguquguquka futhi zingase zingawahumushi la magama okuqala ngokuthi “umphefumulo” kuphela kodwa nangokuthi “isidalwa,” “umuntu,” nokuthi “ukuphila”; inkulumo ethi “i-neʹphesh yami” ingase ihunyushwe ngokuthi “mina,” kanti ethi “i-neʹphesh yakho” kungase kuthiwe “wena.” Ukuqhathanisa ezinye izinguqulo zeBhayibheli ne-Nguqulo Yezwe Elisha kuyosiza umfundi oqotho ukuba aqaphele ukuthi amagama ezilimi zokuqala ahunyushwa ngokuthi “umphefumulo” abhekisela kokubili kubantu nasezilwaneni. Kodwa la magama awanawo nhlobo umqondo wokuthi umphefumulo uyinto engabonakali, engathinteki ephumayo emzimbeni lapho umuntu efa futhi iqhubeke iphila ndawana-thile.
7. Ubungasichaza kanjani ngokweBhayibheli isimo salabo abaseShiyoli? eHayidese? eGehena?
7 INguqulo Yezwe Elisha ayiguquguquki nalapho isebenzisa igama elithi “iShiyoli” ekuhumusheni igama lesiHeberu elithi sheʼohlʹ nasendleleni esebenzisa ngayo elithi “iHayidese” ekuhumusheni elesiGreki elithi haiʹdes, kanye nelithi “iGehena” ekuhumusheni elesiGreki elithi geʹen·na. Elithi “iShiyoli” lifana nelithi “iHayidese.” (IHubo 16:10; IzEnzo 2:27, qhathanisa ne-NW.) IBhayibheli likwenza kucace ukuthi womabili elithi iSheoli nelithi iHayidese abhekisela ethuneni elivamile lesintu futhi ahlobene nokufa, hhayi ukuphila. (IHubo 89:48; IsAmbulo 20:13) ImiBhalo ibuye ikhulume nangethemba lokubuya ethuneni elivamile ngovuko. (Jobe 14:13; IzEnzo 2:31) Ngokuphambene, alikho ithemba lokuphila kwesikhathi esizayo kulabo abaya eGehena, futhi akushiwo ukuthi umphefumulo uyaphila uma ulapho.—Mathewu 10:28.
8. Ukuluqonda ngokufanele uvuko kungasithonya kanjani isimo sengqondo somuntu nezenzo zakhe?
8 Lapho umuntu eseziqonda lezi zindaba, usengasizwa ukuba aqonde ukuthi uvuko lungamthinta kanjani. Angaqala nokwazisa uthando lukaJehova ngokwenza ilungiselelo elimangalisa kangaka. Ubuhlungu obuzwiwa yilabo abashonelwe abathandekayo babo bungadanjiswa yithemba elijabulisayo lokuphinde bahlangane nabo ezweni elisha likaNkulunkulu. Ukuqonda lezi zindaba kuyisihluthulelo sokuqonda nalokho okushiwo ukufa kukaKristu. AmaKristu ekhulu lokuqala aqaphela ukuthi uvuko lukaJesu Kristu luyisisekelo sokholo lobuKristu, luvula indlela yokuba nabanye bathole uvuko. Ashumayela ngentshiseko ngovuko lukaJesu nangethemba olulinikezayo. Nanamuhla, labo abalwazisayo uvuko bamagange ukutshela abanye leli qiniso eliyigugu.—IzEnzo 5:30-32; 10:42, 43.
Ukusebenzisa ‘Isihluthulelo SeHayidese’
9. UJesu uzisebenzisa kanjani okokuqala ‘izihluthulelo zokufa nezeHayidese’?
9 Bonke abayohlanganiswa noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini kufanele bafe ekugcineni. Kodwa bayasazi isiqinisekiso asinikeza lapho ethi: “Ngafa, kodwa, bheka! ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese.” (IsAmbulo 1:18) Wayesho ukuthini? Wayebhekisela kulokho yena abhekana nakho. Naye wafa. Kodwa uNkulunkulu akamshiyanga eHayidese. Ngosuku lwesithathu, uJehova ngokwakhe wamvusela ekuphileni komoya futhi wamnikeza ukungafi. (IzEnzo 2:32, 33; 10:40) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wamnika ‘izihluthulelo zokufa nezeHayidese’ ukuze akhulule abanye ethuneni elivamile lesintu nasemiphumeleni yesono sika-Adamu. Ngenxa yokuthi uJesu unalezo zihluthulelo, uyakwazi ukubavusa ekufeni abalandeli bakhe abathembekile. Uqala ngokuvusa amalungu ebandla lakhe agcotshwe ngomoya, awanike isipho esiyigugu sokuphila okungenakufa ezulwini, njengoba naye asinikwa nguYise.—Roma 6:5; Filipi 3:20, 21.
10. Uvuko lwamaKristu agcotshiwe athembekile lwenzeka nini?
10 AmaKristu agcotshiwe athembekile ayeyoluthola nini lolo vuko lwasezulwini? IBhayibheli libonisa ukuthi kakade seluqalile. Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ayeyovuswa ‘phakathi nokuba khona kukaKristu,’ okwaqala ngonyaka ka-1914. (1 Korinte 15:23) Lapho abathembekile abagcotshiwe beqeda inkambo yabo yasemhlabeni manje phakathi nokuba khona kwakhe, akudingeki ukuba balinde ekufeni kuze kubuye iNkosi yabo. Lapho nje befa, bavuswa bengumoya, ‘bashintshwe, ngomzuzwana, ngokuphazima kweso.’ Ave bejabula, ngoba imisebenzi emihle abayenzile ‘ihamba nabo’!—1 Korinte 15:51, 52; IsAmbulo 14:13.
11. Abantu bebonke bayothola luphi uvuko, futhi luyoqala nini?
11 Kodwa uvuko alugcini ngokuvuselwa kwezindlalifa zoMbuso ekuphileni kwasezulwini. Ukuthi lubizwa ‘ngovuko lokuqala’ kusAmbulo 20:6 kubonisa ukuthi kunolunye okumelwe lulandele. Labo abathola lolu vuko lwakamuva bayoba nethemba elijabulisayo lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Kuyokwenzeka nini lokho? Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi kuyokwenzeka ngemva kokususwa ‘komhlaba nezulu’—isimiso sezinto esibi samanje, kanye neziphathimandla zaso ezibusayo. Lokho kuphela kwalesi simiso esidala sekusondele. Ngemva kwalokho, ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, kuyoqala uvuko lwasemhlabeni.—IsAmbulo 20:11, 12.
12. Obani abayohlanganiswa phakathi kwabathembekile abayovuselwa ekuphileni emhlabeni, futhi kungani lelo kuyithemba elivusa amadlingozi?
12 Lolo vuko lwasemhlabeni luyohlanganisa obani? Phakathi kwabo kuyoba nezinceku zikaJehova ezithembekile zasendulo, amadoda nabesifazane ‘abangafunanga ukwamukela ukukhululwa ngesihlengo esithile’ ngenxa yokholo lwabo oluqinile ovukweni. Lokho kusho ukuthi abazange balahle ubuqotho babo kuNkulunkulu ukuze bagweme ukufa ngesihluku ngaphambi kwesikhathi. Yeka indlela okuyojabulisa ngayo ukubazi ngokoqobo nokubezwa belandisa imininingwane yezenzakalo ezibikwa ngamafuphi nje eBhayibhelini! Abanye abayovuselwa ekuphileni kwasemhlabeni u-Abela, ufakazi wokuqala kaJehova owayethembekile; u-Enoke noNowa, abamemezeli abanesibindi besigijimi sikaNkulunkulu sesixwayiso ngaphambi kukaZamcolo; u-Abrahama noSara, abangenisa izingelosi; uMose, okwadluliselwa ngaye uMthetho eNtabeni YaseSinayi; abaprofethi ababenesibindi njengoJeremiya, owabona ukubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E.; noJohane uMbhapathizi, owezwa uNkulunkulu uqobo ethi uJesu uyiNdodana yaKhe. Ngaphezu kwalokho, kuyoba namanye amadoda nabesifazane abaningi abaqotho abafé phakathi nalezi zinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto esibi samanje.—Heberu 11:4-38; Mathewu 11:11.
13, 14. (a) Kuyokwenzekani ngeHayidese nangabafileyo abakulo? (b) Obani abanye abayovuswa, futhi ngani?
13 Ngokuhamba kwesikhathi, nabanye ngaphandle kwezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu bayovuswa kwabafileyo, kungasali muntu ethuneni elivamile lesintu. Ukuthi lelo thuna liyogeqwa bonke abafileyo abakulo kungabonakala endleleni uJesu ayosisebenzisa ngayo ‘isihluthulelo seHayidese’ ukuze kuzuze isintu. Lokhu kubonakala embonweni owanikezwa umphostoli uJohane, lapho abona khona iHayidese ‘lijikijelwa echibini lomlilo.’ (IsAmbulo 20:14) Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi iHayidese, ithuna elivamile lesintu, libhujiswa ngokuphelele. Liyaqothulwa, ligeqwe kukhishwe bonke abafileyo, ngoba ngaphandle nje kokuvusa bonke abakhulekeli bakaJehova abathembekile, uJesu ngesihe uyovusa ngisho nabangalungile. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
14 Akekho noyedwa kulaba abangalungile ovuselwa ukuba aphinde ahlulelwe ukuba afe. Ezimweni zokulunga eziyoba khona emhlabeni wonke ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bayosizwa ukuba bavumelanise ukuphila kwabo nezindlela zikaJehova. Umbono wabonisa ukuthi kuyovulwa “umqulu wokuphila.” Ngakho, bayoba nethuba lokuba amagama abo alotshwe kuwo. ‘Bayokwahlulelwa umuntu ngamunye ngokwezenzo zabo’ abazenze ngemva kokuvuswa kwabo. (IsAmbulo 20:12, 13) Ngakho-ke, uma kubhekwa umphumela, uvuko lwabo lungaba ‘uvuko lokuphila’ futhi alusoze lwaba ‘uvuko lokwahlulelwa [kokulahlwa].’—Johane 5:28, 29.
15. (a) Obani abangeke bavuswe? (b) Ukwazi iqiniso ngokuphathelene novuko kufanele kusithinte kanjani?
15 Nokho, ngeke kuvuswe bonke abake baphila futhi bafa. Abanye bénza izono ezingenakuthethelelwa. Abanjalo abekho eHayidese, kodwa baseGehena, lapho bebhujiswa khona phakade. Phakathi kwabo kuyoba nalabo abayobulawa ‘osizini olukhulu,’ oluseduze. (Mathewu 12:31, 32; 23:33; 24:21, 22; 25:41, 46; 2 Thesalonika 1:6-9) Ngakho, nakuba uJehova ebonisa isihe esingavamile ngokukhulula abafileyo eHayidese, ithemba lovuko alinikezi sizathu sokungayishayi mkhuba indlela esiphila ngayo manje. Labo abavukela ubukhosi bukaJehova ngamabomu ngeke balubone uvuko. Ukwazi lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sibonise ukuthi siwazisa ngokujulile umusa kaNkulunkulu ongafanelwe ngokuphila ngokuvumelana nentando yakhe.
Ukuqiniswa Yithemba Lovuko
16. Ithemba lovuko lingaba umthombo wamandla ngayiphi indlela?
16 Thina esilikholelwa ngokugcwele ithemba lovuko sithola amandla amakhulu kulo. Okwamanje, lapho sesilengela egodini, siyazi ukuthi asinakukuhlehlisa phakade ukufa—kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinqubo zokwelapha ezisetshenziswayo. (UmShumayeli 8:8) Uma siye sakhonza uJehova ngokwethembeka nenhlangano yakhe, singalindela ikusasa ngethemba elikhulu. Siyazi ukuthi ngovuko, siyophinde sijabulele ukuphila, ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele. Yeka ukuphila okuyoba yiko! Kuyoba “ukuphila kwangempela,” njengoba umphostoli uPawulu asho.—1 Thimothewu 6:19; Heberu 6:10-12.
17. Yini engasisiza ukuba sigcine ubuqotho kuJehova?
17 Ukwazi ukuthi kunovuko nokwazi Lowo ongumthombo walelo lungiselelo kusenza siqine okholweni. Lokhu kusiqinisela ukuba sibe qotho kuNkulunkulu ngisho nalapho abashushisi abanobudlova besongela ngokusibulala. Sekuyisikhathi eside uSathane esebenzisa ukwesaba ukufa ngaphambi kwesikhathi njengendlela yokugqilaza abantu. Kodwa uJesu wayengenakho ukwesaba okunjalo. Wathembeka kuJehova kwaze kwaba sekufeni. Ngomhlatshelo wakhe wesihlengo, uJesu wavula indlela yokukhulula abanye ekwesabeni okunjalo.—Heberu 2:14, 15.
18. Yini eye yasiza izinceku zikaJehova ukuba zizakhele umlando wobuqotho oyingqayizivele kangaka?
18 Ngenxa yokholo lwazo elungiselelweni lomhlatshelo kaKristu nasovukweni, izinceku zikaJehova ziye zazakhela umlando oyingqayizivele njengabagcini bobuqotho. Lapho zicindezelwa, ziye zabonisa ukuthi ‘aziyithandi imiphefumulo yazo’ ngaphezu kokuthanda uJehova. (IsAmbulo 12:11) Ngokuhlakanipha, azizilahli izimiso zobuKristu ukuze zisindise ukuphila kwazo kwamanje. (Luka 9:24, 25) Ziyazi ukuthi nakuba zilahlekelwa ukuphila kwazo manje ngenxa yokusekela ubukhosi bukaJehova ngobuqotho, uyozivuza ngovuko. Ingabe unokholo olunjalo? Uyoba nalo uma umthanda ngempela uJehova futhi ukwazisa ngempela lokho okushiwo uvuko.
Ingxoxo Yokubukeza
• Kungani kufanele umuntu aqonde indaba yomphefumulo nesimo sabafileyo ngaphambi kokuba aqonde uvuko?
• Obani abayobuya kwelabafileyo, futhi ukwazi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
• Ithemba lovuko lisiqinisa kanjani?
[Isithombe ekhasini 84, 85]
UJehova uthembisa ukuthi kuyoba novuko lwabalungile nabangalungile