Ingabe Ububi Bunqobile?
KUWO wonke umlando, umbono wokuthi emhlabeni kukhona ukudonsisana phakathi kobuhle nobubi uye wabangela imibono engapheli kubabhali nezazi zefilosofi. Nokho, kukhona incwadi enomlando onembile wempi ephakathi kukaNkulunkulu noDeveli. Leyo ncwadi iBhayibheli. Licacisa izimpikiswano ezihilelekile kule mpi lenze sikwazi nokubona ukuthi ubani ngempela onqobile.
Ngemva nje kokudalwa kowesilisa nowesifazane bokuqala, isidalwa esingabonakali, uSathane uDeveli, sakubekela inselele ukubusa kukaNkulunkulu. Kanjani? Ngokugudlisela ngobuqili ukuthi uNkulunkulu wayezigodlele izinto ezinhle izidalwa zakhe nokuthi abantu bangaphila kangcono uma bengabuswa nguye.—Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9.
Kamuva, ezinsukwini zenzalamizi uJobe, uSathane wavusa enye impikiswano. Efuna ukuphula ubuqotho bukaJobe kuNkulunkulu, uSathane wathi: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe.” (Jobe 2:4) Yeka ihaba! Ngokusebenzisa elithi “umuntu” esikhundleni segama likaJobe, uSathane wangabaza ubuqotho babo bonke abantu. Eqinisweni wayethi: ‘Umuntu uyokwenza noma yini ukuze asindise ukuphila kwakhe. Uma unganginika ithuba, ngingabenza bonke abantu bashiye uNkulunkulu.’
Ukuthi ubani onqobile empini ephakathi kukaNkulunkulu noDeveli kunqunywa izimpendulo zale mibuzo emibili: Ingabe umuntu uyakwazi ukuzibusa ngokuphumelelayo? Ingabe uDeveli ubenzile bonke abantu bamshiya uNkulunkulu?
Ingabe Umuntu Angazibusa Ngokuphumelelayo?
Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bezama izindlela ezihlukahlukene zokubusa. Emlandweni kuye kwazanywa izinhlobo ezihlukahlukene zohulumeni, njengokubusa kwamakhosi ohlanga, okwabacebile, okwentando yeningi, okomashiqela, okobuFascist nokobuKhomanisi. Khona kanye ukuthi bekulokhu kunesidingo sokuzama izinhlobo ezihlukahlukene zohulumeni akubonisi yini ukuthi lezi zindlela zokubusa azanelisi?
“Cishe bengazelele, abantu baseRoma bazithola besemzamweni omkhulu wokuthola indlela yokubusa,” kubhala uH. G. Wells encwadini ethi A History of the World, eyakhishwa ngo-1922. Uqhubeka athi: “Wawushintsha njalo, awuzinzanga. Ngamanye amazwi lowo mzamo wabhuntsha. Ngamanye amazwi lowo mzamo usaqhubeka, nanamuhla iYurophu neMelika isasombulula indida yokubusa emhlabeni wonke ekuqaleni eyayixake abantu baseRoma.”
Umzamo wokuthola indlela yokubusa waqhubeka kulo lonke ikhulu lama-20. Ekupheleni kwalelo khulu ukubusa ngentando yeningi yikona okwase kwamukelwa kabanzi kunanini ngaphambili. Kuthiwa ukubusa ngentando yeningi kuhilela wonke umuntu. Kodwa ingabe ukubusa ngentando yeningi kubonise ukuthi umuntu angabusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu? UJawaharlal Nehru owayengundunankulu waseNdiya wathi ukubusa ngentando yeningi kuhle kodwa wanezela: “Lokho ngikusho ngoba ezinye izindlela zimbi kakhulu.” Owayengumongameli waseFrance uValéry Giscard d’Estaing wathi: “Sibona isimo esibucayi ekubuseni ngentando yeningi.”
Ngisho nangekhulu lesihlanu B.C.E., uPlato, isazi sefilosofi esingumGreki, wabona izimfa endleleni yokubusa ngentando yeningi. Ngokwencwadi ethi A History of Political Theory, wagxeka “ukuntula kosombangazwe ulwazi nekhono lokubusa okuyibona buthaka bemibuso ebusa ngentando yeningi.” Osombangazwe abaningi banamuhla bakhala ngobunzima bokuthola abantu abanamakhono abafanelekela ukusebenza kuhulumeni. Abantu “bacasulwa abaholi ababonakala bengenamandla ngesikhathi izinkinga ababhekene nazo zizinkulu kangaka,” kusho i-Wall Street Journal. Iyaqhubeka: “Kuyabanenga ukuthola ukuba manqikanqika nokonakala bebe befuna isiqondiso.”
Manje cabanga ngokubusa kweNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo. UJehova uNkulunkulu wanika uSolomoni ukuhlakanipha okumangalisayo. (1 AmaKhosi 4:29-34) Izinto zazisihambela kanjani isizwe sakwa-Israyeli phakathi nokubusa kukaSolomoni kweminyaka engu-40? “UJuda no-Israyeli babebaningi,” kuphendula iBhayibheli, “bengangezihlabathi ezingasolwandle ngobuningi, bedla bephuza bejabula.” Ukulandisa kuthi futhi: “UJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKhosi 4:20, 25) Njengoba lesi sizwe sasibuswa inkosi ehlakaniphile engummeleli obonakalayo woMbusi Ophakeme ongabonakali, uJehova uNkulunkulu, sazinza, sachuma futhi saba nenjabulo.
Yeka umehluko phakathi kokubusa komuntu nokukaNkulunkulu! Ukhona yini ongasho eqinisile ukuthi uSathane unqobile endabeni yokubusa? Cha, ngoba umprofethi uJeremiya wayenembile lapho ethi: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.
Ingabe USathane Angabenza Bonke Abantu Bashiye UNkulunkulu?
Ingabe kube yiqiniso yini lokho uSathane akusho ukuthi angabenza bonke abantu bashiye uNkulunkulu? Esahlukweni 11 sencwadi yeBhayibheli yamaHebheru, umphostoli uPawulu ubala abesilisa nabesifazane abaningi abathembekile bangaphambi kwezikhathi zobuKristu. Ube esethi: “Isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJefta, uDavide kanye noSamuweli nabanye abaprofethi.” (Hebheru 11:32) UPawulu umane athi lezi zinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ‘ziyifu elikhulu lofakazi.’ (Hebheru 12:1) Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha elisho ‘ifu’ alisho ifu elilodwa, elicacile, elinobukhulu nesimo esiqondile, kodwa ifu elikhulu elingabumbekile kahle. Lokhu kuyafaneleka ngoba izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile esikhathini esidlule zaziziningi kangangokuthi zazinjengefu elikhulu. Yebo, emakhulwini eminyaka, uquqaba lwabantu olungenakubalwa luye lwazikhethela ngokuzithandela ukuthembeka kuJehova uNkulunkulu.—Joshuwa 24:15.
Kunjani esikhathini sethu? Isibalo soFakazi BakaJehova emhlabeni wonke sesande sadlula izigidi eziyisithupha naphezu kokushushiswa nokuphikiswa okubuhlungu ababhekane nakho phakathi nekhulu lama-20. Ezinye izigidi ezingaba ngu-9 zihlanganyela nabo, futhi abaningi kulaba bathatha izinyathelo ezicacile zokwakha ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noNkulunkulu.
Impendulo ezedlula zonke yenselele kaSathane yokuthi angabenza abantu bamshiye uJehova yavela eNdodaneni kaNkulunkulu ngokwayo, uJesu Kristu. Ngisho nobuhlungu obukhulu esigxotsheni sokuhlushwa abubephulanga ubuqotho bakhe. Njengoba uJesu ayephefumula okokugcina, wakhala wathi: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.”—Luka 23:46.
USathane usebenzisa konke angakusebenzisa—kusukela ekulingeni kuya ekushushiseni ngokuqondile—ukuze azame ukugcina abantu belawulwa nguye. Ulwela ukugcina abantu bekude noJehova noma ukubayenga basuke kuye ngokubalinga ‘ngesifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.’ (1 Johane 2:16) USathane futhi uye “waphuphuthekisa izingqondo zabangewona amakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu.” (2 Korinte 4:4) Futhi uSathane akenqeni ukusebenzisa izinsongo nokwesaba abantu ukuze afeze izinjongo zakhe.—IzEnzo 5:40.
Nokho, uDeveli akabanqobi labo abasohlangothini lukaNkulunkulu. Sebeyamazi uJehova uNkulunkulu futhi ‘bamthanda ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo nangayo yonke ingqondo yabo.’ (Mathewu 22:37) Yebo, ukwethembeka okungantengantengi kukaJesu Kristu nokwabantu abangenakubalwa kuyanezela ekunqotshweni okukhulu kukaSathane uDeveli.
Ikusasa Liphetheni?
Ingabe imizamo yomuntu yokubusa iyoqhubeka kuze kube phakade? Umprofethi uDaniyeli wabikezela: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) UMbuso omiswa uNkulunkulu wamazulu unguhulumeni wasezulwini ophethwe uJesu Kristu. Yiwo lowo Mbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:9, 10) Lowo Mbuso uyobhubhisa bonke ohulumeni babantu “empini [ezayo] yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” futhi uyobusa umhlaba wonke.—IsAmbulo 16:14, 16.
USathane yena ulindelwe yini? IBhayibheli lisichaza kanje lesi senzakalo sesikhathi esizayo: “[Ingelosi kaJehova] yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane. Yamjikijela kwalasha, yavala, yabeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe ize iphele iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1-3) UkuBusa kukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyoqala kuphela ngemva kokuba uSathane ejikijelwe kwalasha lapho eyobe engenzi lutho khona.
Umhlaba awuve uyoba indawo ejabulisayo ngaleso sikhathi! Buyobe bungasekho ububi nalabo ababubangelayo. IBhayibheli liyathembisa: “Abenzi bokubi bazonqunywa . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:9-11) Akukho lutho oluyosongela ukuthula kwabo—kungaba umuntu noma isilwane. (Isaya 11:6-9) Ngisho nezigidi ezama ngakuDeveli esikhathini esidlule ngenxa yokungazi nangenxa yokungalitholi ithuba lokwazi ngoJehova, ziyobuyiselwa ekuphileni zifundiswe ngoNkulunkulu.—IzEnzo 24:15.
Kuyothi kuphela ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, umhlaba uyobe usuyipharadesi, futhi isintu sesilethwe ekupheleleni. Ngemva kwalokho uSathane uyokhululwa “isikhashana,” bese ebhujiswa phakade kanye nabo bonke abamelana nokubusa kukaNkulunkulu.—IsAmbulo 20:3, 7-10.
Uzoba Ngakubani?
Ikhulu lama-20 beliyisikhathi lapho uSathane ebebangela umonakalo emhlabeni. Nokho, kunokuba izimo ezisemhlabeni zibonise ukuthi uSathane unqobile, ziyisibonakaliso sokuthi sisezinsukwini zokugcina zaleli zwe elibi. (Mathewu 24:3-14; IsAmbulo 6:1-8) Isici esinqumayo ukuthi ubani onqobile akulona izinga lobubi emhlabeni noma ukuthi iningi licabangani. Okunqumayo ukuthi indlela kabani yokubusa engcono kakhulu nokuthi ingabe bonke abantu baye bakhonza uNkulunkulu ngoba bemthanda yini. Kukho kokubili, nguJehova onqobile.
Uma isikhathi esivunyelwe sesibonisile kakade ukuthi uSathane unamanga, kungani pho uNkulunkulu evumela ububi buqhubeke? UJehova ubonisa ukubekezela “ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Intando kaNkulunkulu “iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Kwangathi lesi sikhathi esisele ungasisebenzisela ukutadisha iBhayibheli ‘nokungenisa ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo amthumileyo, uJesu Kristu.’ (Johane 17:3) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza uthole lolo lwazi ukuze nawe ube phakathi kwezigidi ezimi ziqinile ohlangothini olunqobayo.
[Izithombe ekhasini 5]
Ngokugcina ubuqotho, oFakazi BakaJehova baye banezela ekunqotshweni kukaSathane
[Isithombe ekhasini 7]
UJehova unabantu abaningi abathembekile abangakuye