Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukukhathazeka Kubonisa Ukungabi Nokholo?
“UKUKHATHAZEKA KWENQATSHELWE.” Ngaphansi kwalesi sihloko umfundisi othile wekhulu lama-20 wabhala ukuthi ukukhathazeka ngezinto ezibonakalayo akuyona nje into engalungile kuphela kodwa “kuyisono esingathí sina.” Muva nje, ingqapheli ethile eyayikhuluma ngendaba yokunqoba ukukhathazeka yathi, “Ukukhathazeka kuwuphawu lokuthi asimethembi uNkulunkulu.”
Kuzo zombili lezi zimo laba balobi basekela iziphetho zabo eNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni, athi kuyo: “Yekani ukukhathazeka.” (Mathewu 6:25) Njengoba bebaningi kangaka abantu abakhathazekile namuhla, singase sibuze: Ingabe umKristu kufanele azizwe enecala ngenxa yokuthi ukhathazekile? Ingabe ukukhathazeka kubonisa ukungabi nokholo?
UNkulunkulu Uyakuqonda Ukungapheleli Kwethu
IBhayibheli alifundisi ukuthi konke ukukhathazeka kubangelwa ukuntula ukholo. Njengoba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ cishe akunakwenzeka ukuba singakhathazeki ngezinga elithile. (2 Thimothewu 3:1) AmaKristu athembekile abhekana nokukhathazeka kwansuku zonke okubangelwa impilo ebuthaka, ukuguga, ubunzima bezomnotho, izinkinga zomkhaya, ubugebengu nezinye izinkinga. Ngisho nasezikhathini zasendulo, izinceku zikaNkulunkulu zazifikelwa ukwesaba nexhala.
Cabanga ngokulandisa kweBhayibheli ngoLoti. UNkulunkulu wamyala ukuba abalekele ezintabeni ukuze angabhubhi lapho kuqothulwa iSodoma neGomora. Nokho, uLoti wakhathazeka. Wathi: “Ngiyacela, makungabi njalo, Jehova!” Enqikaza, waqhubeka: “Kodwa—angikwazi ukubalekela esifundeni sezintaba funa ngificwe yinhlekelele ngife nakanjani.” Kungani uLoti ayesaba ukubalekela ezintabeni? IBhayibheli alisho. Kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu, uLoti wazizwa esaba kakhulu. UNkulunkulu wathini? Ingabe uNkulunkulu wamsola uLoti ethi untula ukholo noma akamethembi? Cha. Ngokuphambene, uJehova wabonisa ukucabangela, wavumela uLoti ukuba abalekele emzini oseduze.—Genesise 19:18-22.
Kunezinye izibonelo zeBhayibheli zabakhulekeli abathembekile abakhathazeka kakhulu ngezikhathi ezithile. Umprofethi u-Eliya wesaba wabaleka ngemva kokusongelwa ngokubulawa. (1 AmaKhosi 19:1-4) UMose, uHana, uDavide, uHabakuki, uPawulu namanye amadoda nabesifazane ababenokholo oluqinile nabo babekhathazeka. (Eksodusi 4:10; 1 Samuweli 1:6; IHubo 55:5; Habakuki 1:2, 3; 2 Korinte 11:28) Nokho, uNkulunkulu wabonisa uzwela futhi waqhubeka ebasebenzisa enkonzweni yakhe, kanjalo ebonisa ukuthi wayebaqonda ngempela abantu abangaphelele.
‘Isono Esisithandela Kalula’
Nokho, ukuhlala sikhathazekile kungasenza sibe buthaka bese singabe sisamethemba uNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabiza ukuntula ukholo ngokuthi ‘isono esisithandela kalula.’ (Hebheru 12:1) Ngokuzihlanganisa naye kule nkulumo, uPawulu cishe wayevuma ukuthi naye wayenokuthambekela ‘kokuthandelwa kalula’ ukuntenga kokholo okwakuba khona ngezinye izikhathi.
Mhlawumbe kwakunjalo ngoZakariya lapho engayikholelwa ingelosi eyamtshela ukuthi umkakhe wayezokhulelwa. Ngesinye isikhathi abaphostoli bakaJesu behluleka ukwelapha umuntu ngenxa ‘yokholo lwabo oluncane.’ Nokho, laba bantu baqhubeka bemukeleka kuNkulunkulu.—Mathewu 17:18-20; Luka 1:18, 20, 67; Johane 17:26.
Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli likhuluma nangezibonelo zabantu abaphelelwa ukwethemba uNkulunkulu base bebhekana nemiphumela ebuhlungu. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli amaningi aphuma eGibhithe enqatshelwa ukungena eZweni Lesithembiso ngenxa yokuntula ukholo. Ngesinye isikhathi, aze agxeka noNkulunkulu ngokwakhe, ethi: ‘Usikhuphuleleni wasikhipha eGibhithe ukuze sizofela ehlane? Ngoba akukho sinkwa namanzi.’ Ngenxa yokungajabuli kukaNkulunkulu ngalokhu, wawajezisa ngokuthumela izinyoka ezinesihlungu.—Numeri 21:5, 6.
Izakhamuzi zomuzi wakubo kaJesu, iNazaretha, zaphuthelwa ilungelo lokubona kwenziwa izimangaliso eziningi endaweni yazo ngenxa yokuntula kwazo ukholo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wasigxeka kakhulu isizukulwane esibi sangaleso sikhathi ngenxa yokuntula ukholo. (Mathewu 13:58; 17:17; Hebheru 3:19) Ngokufanele, umphostoli uPawulu waxwayisa: “Qaphelani, bazalwane, funa kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo.”—Hebheru 3:12.
Yebo, ezimweni ezimbi kakhulu, inhliziyo embi ingase ibangele ukuntula ukholo. Kodwa kwakungenjalo ngoZakariya nabaphostoli bakaJesu ezibonelweni ezishiwo ekuqaleni. Ukuntula kwabo ukholo kwakungenxa yobuthakathaka besikhashana. Yonke inkambo yabo yokuphila yabonisa ukuthi ‘babehlanzekile enhliziyweni.’—Mathewu 5:8.
UNkulunkulu Uyazazi Izidingo Zethu
ImiBhalo isisiza ukuba sihlukanise phakathi kokukhathazeka okuvamile kanye nesono sokuntula ukholo. Ukukhathazeka kwansuku zonke noma ngisho nokuntula ukholo isikhashana ngenxa yobuthakathaka bomuntu akufanele kudidaniswe nokungamethembi ngokuphelele uNkulunkulu okubangelwa yinhliziyo embi, engasabeli. Ngakho-ke, akudingeki ukuba amaKristu ahlushwe umuzwa wecala ngoba nje ekhathazeka ngezikhathi ezithile.
Noma kunjalo, kufanele siqaphele ukuba ukukhathazeka kungabi ngaphezu kwamandla bese kubusa ukuphila kwethu. Yingakho amazwi kaJesu ayebonisa ukuhlakanipha lapho ethi: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’” Ngemva kwalokhu washo la mazwi aduduzayo: “UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto. Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.”—Mathewu 6:25-33.
[Isithombe ekhasini 16]
Umphostoli uPawulu wayekhathazeka