Qhubeka Uhamba Njengoba UJesu Kristu Ahamba
“Lowo othi uhlala emunye [noNkulunkulu] ungaphansi kwesibopho ngokwakhe sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo [uJesu] ahamba.”—1 JOHANE 2:6.
1, 2. Yini ehilelekile ekugxiliseni amehlo kuJesu?
“MASIWUGIJIME ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu,” kubhala umphostoli uPawulu, “njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.” (Hebheru 12:1, 2) Ukulandela inkambo yokwethembeka kudinga ukuba sigxilise amehlo ethu kuJesu Kristu.
2 Olimini lokuqala, igama elisho ‘ukugxilisa amehlo’ elisetshenziswe emiBhalweni YamaKristu YesiGreki lisho “ukunaka ngaphandle kokuphazamiseka,” “ukususa amehlo entweni ethile ukuze ubone enye,” “ukuthi njó.” Enye incwadi ithi: “Lapho nje umgijimi ongumGreki enkundleni eyeka ukunaka umzila [wakhe] nomgomo aphokophele kuwo, anake izihlwele ezibukele, ijubane lakhe liyancipha. Kunjalo nangomKristu.” Iziphazamiso zingathiya intuthuko yethu engokomoya. Kumelwe sigxilise amehlo ethu kuJesu Kristu. Yini esiyibhekayo kuMmeli Oyinhloko? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ummeli oyinhloko” lisho “umholi oyinhloko, umuntu oholayo kunoma yini kanjalo abeke isibonelo.” Ukugxilisa amehlo ethu kuJesu kudinga ukuba silandele isibonelo sakhe.
3, 4. (a) Yini okudingeka siyenze ukuze sihambe njengoba uJesu Kristu ahamba? (b) Imiphi imibuzo okufanele sicabange ngayo?
3 IBhayibheli lithi: “Lowo othi uhlala emunye [noNkulunkulu] ungaphansi kwesibopho ngokwakhe sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo [uJesu] ahamba.” (1 Johane 2:6) Kumelwe sihlale simunye noNkulunkulu ngokugcina imiyalo kaJesu njengoba naye agcina ekaYise.—Johane 15:10.
4 Ngakho, ukuze sihambe njengoba uJesu ahamba kudingeka simbhekisise njengoMholi Oyinhloko futhi silandele izinyathelo zakhe eduze. Imibuzo ebalulekile okufanele sicabange ngayo kule ndaba yilena: UKristu usihola kanjani namuhla? Ukulingisa indlela ahamba ngayo kufanele kusithinte kanjani? Ziyini izinzuzo zokunamathela esibonelweni esabekwa uJesu Kristu?
Indlela UKristu Ahola Ngayo Abalandeli Bakhe
5. Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, uJesu wabathembisani abalandeli bakhe?
5 Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, uJesu Kristu ovusiwe wabonakala kubafundi bakhe futhi wabanika umsebenzi obalulekile. Wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” Kuleso senzakalo, uMholi Oyinhloko wathembisa nokuthi uyoba nabo lapho befeza lesi sabelo, wathi: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:19, 20) UJesu Kristu unabalandeli bakhe ngamuphi umqondo kulesi sikhathi sesiphelo sesimiso sezinto?
6, 7. UJesu usihola kanjani ngomoya ongcwele?
6 “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami,” kusho uJesu, “wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” (Johane 14:26) Umoya ongcwele, othunyelwa egameni likaJesu, uyasiqondisa futhi usiqinise namuhla. Uyasikhanyisela ngokomoya, usisize siqonde ‘ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Ngaphezu kwalokho, izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezihlanganisa “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba” ‘ziyizithelo zomoya.’ (Galathiya 5:22, 23) Ngosizo lomoya ongcwele, singazihlakulela lezi zimfanelo.
7 Njengoba sitadisha imiBhalo futhi sizama ukukusebenzisa lokho esikufundayo, umoya kaJehova uyasisiza ukuba sikhule ekuhlakanipheni, ekuqondeni, olwazini, ekwahluleleni nasekhonweni lokucabanga. (IzAga 2:1-11) Umoya ongcwele usisiza nokuba sikhuthazelele izilingo nezinhlupheko. (1 Korinte 10:13; 2 Korinte 4:7; Filipi 4:13) AmaKristu akhuthazwa ukuba ‘azihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, ephelelisa ubungcwele.’ (2 Korinte 7:1) Singayifinyelela yini ngempela imfuneko kaNkulunkulu yokuba sibe ngcwele, noma sihlanzeke, ngaphandle kosizo lomoya ongcwele? Enye yezindlela uJesu azisebenzisayo namuhla ukuze asihole ngumoya ongcwele, uJehova uNkulunkulu agunyaze iNdodana yakhe ukuba iwusebenzise.—Mathewu 28:18.
8, 9. UKristu uyisebenzisa kanjani “inceku ethembekileyo neqondayo” ekuholeni?
8 Cabanga ngenye indlela uKristu ahola ngayo ibandla namuhla. Ekhuluma ngokuba khona kwakhe nangesiphelo sesimiso sezinto, uJesu wathi: “Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele? Iyajabula leyo nceku okuyokuthi lapho inkosi yayo ifika iyithole yenza kanjalo. Ngiqinisile ngithi kini, Iyoyimisa phezu kwakho konke okungokwayo.”—Mathewu 24:3, 45-47.
9 “Inkosi” nguJesu Kristu. “Inceku” ngamaKristu agcotshiwe asemhlabeni njengeqembu. Lesi sigaba senceku siphathiswe ukuba sinakekele impahla kaJesu esemhlabeni futhi silungiselele ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi. Iqembu elincane lababonisi abafanelekayo phakathi ‘kwenceku ethembekileyo neqondayo’ lakha iNdikimba Ebusayo, enjengommeleli waleso sigaba senceku. Leli qembu elincane liqondisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke nowokulungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. Kanjalo uKristu uhola ibandla esebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo” egcotshwe ngomoya kanye neNdikimba yayo Ebusayo.
10. Kufanele sibabheke kanjani abadala, futhi ngani?
10 Enye futhi indlela ukuhola kukaKristu okubonakala ngayo yilungiselelo ‘lezipho ezingabantu’—abadala abangamaKristu, noma ababonisi. Sibaphiwe ukuze ‘kulungiswe abangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu.’ (Efesu 4:8, 11, 12) AmaHebheru 13:7 athi ngabo: “Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise ukholo lwabo.” Abadala bayahola ebandleni. Njengoba belingisa uKristu Jesu, ukholo lwabo luyakufanelekela ukulingiswa. (1 Korinte 11:1) Singabonisa ukuthi siyalazisa ilungiselelo labadala ngokuzilalela lezi “zipho ezingabantu” futhi sizithobe kuzo.—Hebheru 13:17.
11. Iziphi izindlela uKristu ahola ngazo abalandeli bakhe namuhla, futhi kuhilelani ukuhamba njengoba ahamba?
11 Yebo, namuhla uJesu Kristu uhola abalandeli bakhe ngomoya ongcwele, ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ nangabadala bebandla. Ukuhamba njengoba uKristu ahamba kudinga siqonde indlela yakhe yokuhola futhi sizithobe kuyo. Kudingeka futhi silingise indlela yakhe yokuhamba. Umphostoli uPetru wabhala: “Nabizelwa kule nkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Ukulandela isibonelo sikaJesu esiphelele kufanele kusithinte kanjani?
Bonisa Ukucabangela Lapho Usebenzisa Igunya
12. Isiphi isici esibonelweni sikaKristu esibathinta ngokukhethekile abadala ebandleni?
12 Nakuba uJesu ayethole igunya elingenakulinganiswa nelamuntu kuYise, wayelisebenzisa ngendlela ebonisa ukucabangela. Wonke umuntu ebandleni—ikakhulu ababonisi—kufanele enze ‘ukucabangela kwakhe kwaziwe yibo bonke abantu.’ (Filipi 4:5; 1 Thimothewu 3:2, 3) Njengoba abadala benegunya elithile ebandleni, kubalulekile ukuba balandele izinyathelo zikaKristu lapho belisebenzisa.
13, 14. Abadala bangamlingisa kanjani uKristu njengoba bekhuthaza abanye ukuba bakhonze uNkulunkulu?
13 UJesu wayekucabangela ukulinganiselwa kwabafundi bakhe. Wayengafuni kubo okungaphezu kwamandla abo. (Johane 16:12) Ngaphandle kokubacindezela, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba ‘bazikhandle ngamandla’ ekwenzeni intando kaNkulunkulu. (Luka 13:24) Lokhu wakwenza ngokubahola nangokushukumisa izinhliziyo zabo. Ngokufanayo, abadala abangamaKristu namuhla ababesabisi abanye, babenze bakhonze uNkulunkulu benamahloni noma benomuzwa wecala. Kunalokho, babakhuthaza ukuba bakhonze uJehova ngoba bemthanda yena noJesu, nomakhelwane.—Mathewu 22:37-39.
14 UJesu akazange alisebenzise kabi igunya aliphathisiwe ngokulawula ukuphila kwabantu. Akazange abeke izindinganiso ezingafinyeleleki noma abeke inqwaba yemithetho. Wayeshukumisa abanye ngokubafinyelela izinhliziyo esebenzisa izimiso ezisekelwe emithethweni eyayinikezwe ngoMose. (Mathewu 5:27, 28) Belingisa uJesu Kristu, abadala bayakugwema ukubeka eyabo imithetho noma ukugcizelela imibono yabo siqu. Ezindabeni zokugqoka nokuzilungisa noma ukuzilibazisa nokuzijabulisa, abadala bazama ukufinyelela izinhliziyo besebenzisa izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu njengalezo ezikuMika 6:8; 1 Korinte 10:31-33; nakweyoku-1 Thimothewu 2:9, 10.
Yiba Nozwela Futhi Uthethelele
15. UJesu wawasingatha kanjani amaphutha abafundi bakhe?
15 UKristu wasishiyela isibonelo sokuba sisilandele endleleni asingatha ngayo ukushiyeka namaphutha abafundi bakhe. Cabanga ngezenzakalo ezimbili ezenzeka ngobusuku bakhe bokugcina esemhlabeni njengomuntu. Esefikile eGetsemane, uJesu “wathatha uPetru noJakobe noJohane wahamba nabo” wathi ‘mabahlale belindile.’ Khona-ke, ‘eya phambili kancane wawela emhlabathini wathandaza.’ Lapho ebuya, “wabathola belele.” Wenzenjani? Wathi: “Yebo, umoya uzimisele, kodwa inyama ibuthakathaka.” (Marku 14:32-38) Kunokuba abakhuze ngokhahlo oPetru, uJakobe, noJohane, wabonisa uzwela! Ngabo lobo busuku, uPetru waphika uJesu kathathu. (Marku 14:66-72) UJesu wamphatha kanjani uPetru ngemva kwalokho? ‘INkosi yavuswa futhi yabonakala kuSimoni,’ uPetru. (Luka 24:34) IBhayibheli lithi uKristu “wabonakala kuKhefase, kwase kuba kwabayishumi nambili.” (1 Korinte 15:5) Kunokuba amthukuthelele, uJesu wamthethelela lo mphostoli owayephendukile futhi wamqinisa. Kamuva, uJesu waphathisa uPetru imithwalo yemfanelo emikhulu.—IzEnzo 2:14; 8:14-17; 10:44, 45.
16. Singahamba kanjani ngendlela uJesu ahamba ngayo lapho esikholwa nabo besidumaza noma besona ngandlela-thile?
16 Lapho esikholwa nabo besidumaza noma besona ngandlela-thile ngenxa yokungapheleli kobuntu, akufanele yini nathi sibe nozwela futhi sithethelele njengoJesu? UPetru wanxusa akholwa nabo: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni, ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka, kodwa, ngokuphambene nalokho, nibusisa.” (1 Petru 3:8, 9) Kuthiwani uma omunye umuntu engasiphathi ngendlela uJesu abengasiphatha ngayo, engafuni ukubonisa uzwela noma ukuthethelela? Ngisho nalapho sinesibopho sokuzama ukulingisa uJesu, senze ngendlela abengenza ngayo.—1 Johane 3:16.
Beka Izithakazelo ZoMbuso Kuqala
17. Yini ebonisa ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kwakuza kuqala ekuphileni kukaJesu?
17 Kukhona enye futhi indlela okudingeka sihambe njengoJesu Kristu ngayo. Ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwakuyinto esemqoka ekuphileni kukaJesu. Ngemva kokushumayeza owesifazane ongumSamariya ngasemzini waseSikhari eSamariya, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Ukwenza intando kaYise kwakumnika amandla uJesu; kwakumondla, kumanelisa, futhi kumqabula njengokudla. Ukulingisa uJesu ngokuhlala sigxilile ekwenzeni intando kaNkulunkulu ngeke yini kuholele ekuphileni okunenjongo nokwanelisa ngempela?
18. Iziphi izibusiso ezilethwa ukukhuthaza izingane ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele?
18 Lapho abazali bekhuthaza izingane zabo ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele, bona nezingane zabo bathola izibusiso eziningi. Ubaba othile wabafana abangamawele wayebakhuthaza ukuba angenele inkonzo yokuphayona kusukela eseyizingane. Ngemva kokuqeda isikole, nembala la mawele aba amaphayona. Ecabanga ngenjabulo aye wayithola ngenxa yalokhu, lo baba uyabhala: “Abafana bethu abazange basidumaze. Singasho ngokwazisa ukuthi, ‘Abantwana bayifa elivela kuJehova.’” (IHubo 127:3) Izingane zona kuzizuzisa kanjani ukuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele? Umama wezingane ezinhlanu uthi: “Ukuphayona kuye kwasiza zonke izingane zami ukuba zibe nobuhlobo obuseduze kakhulu noJehova, kwathuthukisa imikhuba yazo yokutadisha, kwazisiza zafunda ukusebenzisa isikhathi sazo ngokuhlakanipha, futhi kwazisiza ukuba zibeke izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwazo. Nakuba zonke kwadingeka zenze izinguquko eziningi, azikho kuzo ezizisolayo ngenkambo ezikhethe ukuyithatha.”
19. Yini okufanele intsha iyihlelele ikusasa ngokuhlakanipha?
19 Basha, yini eniyihlelele ikusasa? Ingabe nifuna ukuvelela emsebenzini othile? Noma ingabe nizama ukwenza inkonzo yesikhathi esigcwele ibe yiwona msebenzi wenu? UPawulu wayala: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” Wanezela: “Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.”—Efesu 5:15-17.
Yiba Qotho
20, 21. UJesu wayeqotho ngayiphi indlela, futhi singabulingisa kanjani ubuqotho bakhe?
20 Ukuhamba njengoba uJesu ahamba kudinga ukuba silingise ubuqotho bakhe. IBhayibheli lithi ngobuqotho bukaJesu: ‘Nakuba ayephila ngesimo sikaNkulunkulu, akakucabangelanga ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazidela, wathatha isimo senceku wafana nabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.’ UJesu wabusekela ngobuqotho ubukhosi bukaJehova ngokuzithoba kulokho okwakuyintando kaNkulunkulu ngaye. Wazithoba kwaze kwaba sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Kumelwe ‘sibe nalesi simo sengqondo,’ sizithobe ngobuqotho ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Filipi 2:5-8.
21 UJesu wabonisa ubuqotho nakubaphostoli bakhe abathembekile. Naphezu kobuthakathaka nokungapheleli kwabo, uJesu wabathanda “kwaze kwaba sekupheleni.” (Johane 13:1) Nathi ngokufanayo akufanele sivumele ukungapheleli kwabafowethu kusenze sithande ukugxeka.
Namathela Esibonelweni Esabekwa UJesu
22, 23. Ziyini izinzuzo zokunamathela esibonelweni esabekwa uJesu?
22 Yebo, njengabantu abangaphelele asikwazi ukuhamba ngokungenaphutha ezinyathelweni zeSibonelo sethu esiphelele. Nokho, singalwela ukulandela izinyathelo zaso eduze. Ukuze senze kanjalo kudingeka siqonde indlela uKristu ahola ngayo, sizithobe kuyo, futhi sinamathele esibonelweni asibeka.
23 Ukuba abalingisi bakaKristu kuholela ezibusisweni eziningi. Ukuphila kwethu kuba nenjongo futhi kwanelise ngokwengeziwe ngoba sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu kuneyethu. (Johane 5:30; 6:38) Siba nonembeza ohlanzekile. Indlela esihamba ngayo iba isibonelo. UJesu wabiza bonke abakhandlekayo nabasindwayo ukuba beze kuye bazotholela imiphefumulo yabo ukuqabuleka. (Mathewu 11:28-30) Lapho silandela isibonelo sikaJesu, nathi singabaqabula abanye ngobudlelwane bethu. Ngakho-ke, masiqhubeke sihamba njengoba uJesu ahamba.
Uyakhumbula?
• UKristu ubahola kanjani abalandeli bakhe namuhla?
• Abadala bangakulandela kanjani ukuhola kukaKristu lapho besebenzisa igunya abalinikwe uNkulunkulu?
• Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu ekusingatheni amaphutha abanye?
• Intsha ingazibeka kanjani izithakazelo zoMbuso kuqala?
[Isithombe ekhasini 23]
Abadala abangamaKristu bayasisiza ukuba silandele ukuhola kukaKristu
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Basha, yini eniyihlelayo ukuze nibe nokuphila kobuKristu okujabulisayo?