Ukholo LwamaKristu Luyovivinywa
“Ukholo alulona olwabo bonke abantu.”—2 THESALONIKA 3:2.
1. Umlando uye wabonisa kanjani ukuthi akuwona wonke umuntu onokholo lweqiniso?
KUWO wonke umlando, kuye kwaba nabesilisa, abesifazane nezingane, abanokholo lweqiniso. Isiphawulo esithi “lweqiniso” siyafaneleka ngoba izigidi zabanye ziye zabonisa uhlobo lokholo oluye lwafana nokuthatheka, ukuzimisela ukukholelwa izinto ngaphandle kwesisekelo noma isizathu esizwakalayo. Kaningi ukholo olunjalo luye lwahilela onkulunkulu bamanga noma izinhlobo zokukhulekela ezingavumelani noMninimandla onke, uJehova neZwi lakhe elambuliwe. Umphostoli uPawulu wabhala kanje: “Ukholo alulona olwabo bonke abantu.”—2 Thesalonika 3:2.
2. Kungani kubalulekile ukuba sihlole olwethu ukholo?
2 Kodwa amazwi kaPawulu asikisela ukuthi emuva ngaleso sikhathi abathile babenalo ukholo lweqiniso, futhi singasho ukuthi nanamuhla abanye banalo. Abaningi babafundi balo magazini bayafisa ukuba nokholo olunjalo lweqiniso nokukhula kulo—ukholo oluvumelana nolwazi olunembile lweqiniso laphezulu. (Johane 18:37; Heberu 11:6) Ingabe kunjalo nangawe? Khona-ke kubalulekile ukuba ukuqaphele futhi ukulindele ukuthi ukholo lwakho luyovivinywa. Kungani kungase kushiwo kanjalo?
3, 4. Kungani kufanele sibheke kuJesu ngokuqondene nokuvivinywa kokholo?
3 Kumelwe sivume ukuthi uJesu Kristu usemqoka okholweni lwethu. Eqinisweni, iBhayibheli likhuluma ngaye njengonguMphelelisi wokholo lwethu. Lokho kungenxa yalokho uJesu akusho nakwenza, ikakhulukazi indlela agcwalisa ngayo iziprofetho. Waqinisa isisekelo abantu abangakhela kuso ukholo lweqiniso. (Heberu 12:2; IsAmbulo 1:1, 2) Nokho, sifunda ukuthi uJesu ‘wavivinywa ezicini zonke njengathi, kodwa wayengenasici.’ (Heberu 4:15) Yebo, ukholo lukaJesu lwavivinywa. Kunokuba lokhu kusidangalise noma kusesabise, kufanele kusiduduze.
4 Ngokubhekana nokuvivinywa okukhulu kwaze kwaba seqophelweni lokufa esigxotsheni, uJesu “wafunda ukulalela.” (Heberu 5:8) Wabonisa ukuthi abantu bangaphila ngokholo lweqiniso naphezu kwanoma yiluphi uvivinyo olungase lubehlele. Lokhu kuba nencazelo ekhethekile lapho sicabanga ngalokho uJesu akusho ngabalandeli bakhe: “Khumbulani izwi engiye ngalisho kini, Isigqila asisikhulu kunenkosi yaso.” (Johane 15:20) Eqinisweni, ngokuqondene nabalandeli bakhe esikhathini sethu, uJesu wabikezela: “Niyoba izinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.”—Mathewu 24:9.
5. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi siyobhekana novivinyo?
5 Ngasekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, ukwahlulela kwaqala ngendlu kaNkulunkulu. ImiBhalo yabikezela: “Yisikhathi esimisiwe sokuba ukwahlulela kuqale ngendlu kaNkulunkulu. Manje uma kuqala ngathi kuqala, kuyoba yini ukuphela kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle zikaNkulunkulu? ‘Futhi uma umuntu olungileyo esindiswa kanzima, uyobonakalaphi umuntu ongamhloniphi uNkulunkulu nesoni?’”—1 Petru 4:17, 18.
Ukholo Luyavivinywa—Ngasiphi Isizathu?
6. Kungani ukholo oluvivinyiwe lubaluleke kakhulu?
6 Ngomqondo othile, ukholo olungavivinyiwe ngeke kuthiwe lufanelekile, futhi izinga lalo lihlala lingaziwa. Ungase ulufanise nesheke elingakashintshwa. Kungenzeka uye wathola isheke ngomsebenzi owenzile, izimpahla ozithengisile, noma ngisho nanjengesipho. Lingase libonakale lisebenza leli sheke, kodwa ingabe liyasebenza ngempela? Ingabe ikhona ngempela le mali ebhalwe kulo? Ngokufanayo, ukholo lwethu kumelwe lube okungaphezu nje kwalokho okubonakalayo noma ukuzisholo nje. Kumelwe luvivinywe uma sifuna ukubona ukuthi lungokoqobo futhi lusezingeni elihle. Lapho ukholo lwethu luvivinywa, singase sithole ukuthi luqinile futhi lusezingeni elihle. Uvivinyo lungase luveze nanoma iziphi izindawo ukholo lwethu oludinga ukucwengisiswa noma ukuqiniswa kuzo.
7, 8. Ukuvivinywa kokholo kuvela kumuphi umthombo?
7 UNkulunkulu uyaluvumela ushushiso nokunye ukuvivinywa kokholo ukuba kusehlele. Siyafunda: “Uma engaphansi kokulingwa, umuntu makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ubani, noma, yini ebangela uvivinyo olunjalo? USathane, izwe nenyama yethu engaphelele.
8 Singase sivume ukuthi uSathane unethonya elinamandla phezu kwezwe, ekucabangeni kwalo nasezindleleni zalo. (1 Johane 5:19) Futhi cishe siyazi ukuthi ugqugquzela ukushushiswa kwamaKristu. (IsAmbulo 12:17) Kodwa ingabe siqiniseka ngendlela efanayo ukuthi uSathane uzama ukusidukisa ngokuyenga inyama yethu engaphelele, abeke izinto zezwe ezikhangayo phambi kwethu, enethemba lokuthi sizoyengeka, singamlaleli uNkulunkulu, futhi sigcine sesilahliwe uJehova? Yebo, izindlela zikaSathane akufanele zisimangaze, ngoba wasebenzisa amaqhinga afanayo lapho ezama ukulinga uJesu.—Mathewu 4:1-11.
9. Singazuza kanjani ezibonelweni zokholo?
9 NgeZwi lakhe nangebandla lobuKristu, uJehova usinikeza izibonelo ezinhle zokholo esingazilingisa. UPawulu wayala: “Ngobunye yibani abalingisi bami, bafowethu, futhi niqaphele labo abahamba ngendlela evumelana nesibonelo eninaso esiyithi.” (Filipi 3:17) Njengenye yezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe ngekhulu lokuqala, uPawulu wayehola ekwenzeni imisebenzi yokholo naphezu kokulingwa okukhulu ayebhekana nakho. Njengoba sisekupheleni kwekhulu lama-20 leminyaka, asiziswele izibonelo zokholo ezifanayo. Amazwi eyamaHeberu 13:7 manje asasebenza ngokunamandla ngendlela efanayo nangesikhathi uPawulu ewabhala: “Khumbulani labo abaholayo phakathi kwenu, abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise ukholo lwabo.”
10. Yiziphi izibonelo zokholo zamuva esinazo?
10 Leso siyalo siba namandla ngokukhethekile lapho sicabanga ngomphumela wokuziphatha kwensali egcotshiwe. Singacabangisisa ngesibonelo sayo futhi silingise ukholo lwayo. Ukholo lwayo luwukholo lweqiniso oluye lwacwengisiswa ukulingwa. Kusukela esiqalweni esincane emuva ngawo-1870, kuye kwakheka ubuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke. Njengezithelo zokholo nokukhuthazela kwabagcotshiwe kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezinhlanu nengxenye manje bashumayela futhi bafundise ngoMbuso kaNkulunkulu. Ibandla lembulunga yonke labakhulekeli beqiniso abashisekayo elikhona manje liwubufakazi bokholo oluvivinyiwe.—Thithu 2:14.
Ukholo Lwavivinywa Ngokuphathelene No-1914
11. U-1914 wawubaluleke ngayiphi indlela kuC. T. Russell nababebambisene naye?
11 Kusasele iminyaka ethile ngaphambi kokugqashuka kwempi yezwe yokuqala, insali egcotshiwe yayimemezela ukuthi u-1914 wawuyoba unyaka obalulekile esiprofethweni seBhayibheli. Nokho, ezinye zezinto eyayizilindele kwakungakabi yisikhathi sazo, futhi umbono wayo ngalokho okwakuzokwenzeka wawunganembile. Ngokwesibonelo, uC. T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, nababebambisene naye babebona ukuthi kwakudingeka kwenziwe umsebenzi omkhulu wokushumayela. Babefunda ukuthi: “Leli vangeli lombuso liyoshunyayelwa kulo lonke izwe ukuze kube ubufakazi kuzo zonke izizwe; bese-ke kufika ukuphela.” (Mathewu 24:14, King James Version) Nokho, iqembu labo elalilincane ngokuqhathaniswa, lalingakwenza kanjani lokho?
12. Omunye wababebambisene noRussell wasabela kanjani eqinisweni leBhayibheli?
12 Cabangela indlela lokhu okwamthinta ngayo u-A. H. Macmillan, owayebambisene noRussell. EngowaseCanada ngokuzalwa, uMacmillan wayengakayihlanganisi iminyaka engu-20 ubudala lapho ethola incwadi kaRussell ethi The Plan of the Ages (1886). (Le ncwadi, ebizwa nangelithi The Divine Plan of the Ages, yaba uMqulu 1 emiqulwini eyasakazwa kabanzi ethi Studies in the Scriptures. UMqulu 2, othi The Time Is at Hand [1889], wakhomba ku-1914 njengowokuphela ‘kwezikhathi zabezizwe.’ [Luka 21:24, Kwelivamile]) Ngabo kanye ubusuku uMacmillan aqala ngabo ukufunda, wacabanga: “Phela, lokhu kuzwakala kuyiqiniso!” Ehlobo lango-1900, wahlangana noRussell emhlanganweni wama-Bible Student, njengoba babebizwa kanjalo oFakazi BakaJehova. Ngokushesha uMacmillan wabhapathizwa futhi waqala ukusebenza noMfoweth’uRussell endlunkulu yeNhlangano eNew York.
13. Iyiphi inkinga eyabonwa uMacmillan nabanye mayelana nokugcwaliseka kukaMathewu 24:14?
13 Ngokusekelwe ekufundeni kwawo iBhayibheli, lawo maKristu agcotshiwe akhomba ku-1914 njengoyisikhathi senguquko mayelana nenjongo kaNkulunkulu. Kodwa uMacmillan nabanye babezibuza ukuthi ukushunyayezwa kwezizwe okubikezelwe kuMathewu 24:14 kwakuyofezwa kanjani esikhathini esincane esase sisele. Kamuva wathi: “Ngikhumbula ngixoxa kaningi ngalokho noMfoweth’uRussell, abese ethi, ‘Phela, mzalwane, khona la eNew York kunamaJuda amaningi kunalawo aseJerusalema. Kunabantu base-Ireland abaningi lapha kunalabo abaseDublin. Futhi kunamaNtaliyane amaningi kunalawo aseRome. Ngakho uma sibafinyelela lapha, lokho kuyobe kuwukufinyelela izwe lonke ngesigijimi.’ Kodwa lokho kwakungasanelisi. Ngakho kwacatshangwa nge-‘Photo-Drama.’”
14. Ngaphambi kuka-1914, yimuphi umsebenzi ovelele owenziwa?
14 Yeka ukuthi i-“Photo-Drama of Creation” yaba umsebenzi owacaba indlela entsha kanjani! Yayihlanganisa izithombe ezinyakazayo nama-slide engilazi enemibala, kuhambisana nezinkulumo zeBhayibheli nomculo okukumarekhodi egilamafoni. Mayelana nomhlangano owawuse-Arkansas, e-U.S.A., ngo-1913 INqabayokulinda (yesiNgisi) yathi: “Kwanqunywa ngazwi-linye ukuthi sesifikile isikhathi sokusebenzisa izithombe ezinyakazayo ekufundiseni amaqiniso eBhayibheli. . . . [URussell] wachaza ukuthi kwakuphele iminyaka emithathu ehlela kona kanye lokhu futhi manje wayesenamakhulu ezithombe ezinhle okwase kusele kancane zilunge, ngokungangabazeki ezazizokhanga izixuku ezinkulu futhi zimemezele iVangeli, futhi zisize umphakathi ubuyele ekubeni nokholo kuNkulunkulu.”
15. I-“Photo-Drama” yaba namiphi imiphumela?
15 I-“Photo-Drama” yenza kona kanye lokho ngemva kokudlalwa kwayo lapho yethulwa ngo-January 1914. Okulandelayo yimibiko ekuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-1914:
April 1: “Ngemva kokubona izingxenye ezimbili, umfundisi wathi, ‘Ngibone isigamu kuphela se-PHOTO-DRAMA OF CREATION, kodwa kuyo sengifunde okuningi ngeBhayibheli kunalokho engakufunda ezifundweni zami zeminyaka emithathu esikoleni sokufundela ubufundisi.’ Ngemva kokuyibona, umJuda othile wathi, ‘Ngihamba sengiwumJuda ongcono kunangesikhathi ngingena.’ Abapristi abaningana bamaKatolika nezindelakazi baye bayobona le DRAMA futhi bathi bayazisa kakhulu. . . . Kusaphele amasethi ayishumi nambili kuphela e-DRAMA . . . Nokho kakade sesifinyelele futhi sakhonza amadolobha angamashumi amathathu nanye . . . Abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu ngosuku bayabona, bezwe, batuse, bacabange futhi babusiswe.”
June 15: “Lezi zithombe ziye zangenza ngakushisekela ngokwengeziwe ukusakaza iQiniso, futhi ziye zakhulisa uthando lwami ngoBaba Wasezulwini nangoMfowethu Omdala othandekayo uJesu. Nsuku zonke ngithandazela ukuba uNkulunkulu ayibusise kakhulu i-PHOTO-DRAMA OF CREATION nabo bonke abahilelekile ekubonisweni kwayo . . . Yimi inceku yenu kuYe, uF. W. KNOCHE.—Iowa.”
July 15: “Siyajabula ukuqaphela indlela lezi zithombe eziye zaba nethonya elihle ngayo kuleli dolobha, futhi sizizwa siqiniseka ukuthi lokhu kufakaza ezweni kusetshenziselwa nokubutha abaningi abanikeza ubufakazi bokuba amagugu akhethwe iNkosi uqobo. Sazi abafundi beBhayibheli abaqotho abayinani elibhekile asebehlanganyela neKilasi lalapha ngenxa yomsebenzi we-Photo-Drama. . . . Udadewenu eNkosini, u-EMMA L. BRICKER.”
November 15: “Sizizwa siqiniseka ukuthi nizojabula ukuzwa ngobufakazi obumangalisayo obunikezwa nge-PHOTO-DRAMA OF CREATION eLondon Opera House, eKingsway. Isandla seNkosi esiqondisayo siye sabonakala ngokumangalisayo kuzo zonke izici zalo mbukiso kangangokuthi abazalwane bajabula kakhulu . . . Izethameli zethu bezingabantu bazo zonke izigaba nezinhlobo; siphawule abefundisi abaningi abebekhona. Omunye umfundisi . . . wacela amathikithi ukuze baphinde bazoyibona nomkakhe. Sekuyizikhathi eziningana uMphathi-sifunda weSonto LaseSheshi eba khona kuyi-DRAMA, futhi . . . uye wafika nabaningi babangane bakhe ukuze bazoyibona. Kuye kwaba khona nababhishobhi ababili, nabantu abaningana abanezikhundla.”
December 1: “Mina nomkami simbonga ngempela uBaba wethu Wasezulwini ngesibusiso esikhulu nesingenakuqhathaniswa esisithole ngokusetshenziswa kwenu. Yi-PHOTO-DRAMA yenu enhle ebangele ukuba sibone futhi samukele iQiniso . . . Sinemiqulu yenu eyisithupha ethi STUDIES IN THE SCRIPTURES. Iwusizo olukhulu.”
Ukusabela Ovivinyweni Emuva Ngaleso Sikhathi
16. Kungani u-1914 aletha ukuvivinywa kokholo?
16 Nokho, kwenzekani lapho amaKristu aqotho nazinikele kanjalo ethola ukuthi ukulindela kwawo ukuhlanganiswa neNkosi ngo-1914 kwakungafezeki? Laba abagcotshiwe babhekana nenkathi evivinya kakhulu. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1, 1914, yathi: “Masikhumbule ukuthi sisenkathini yokuvivinywa.” Mayelana nalokhu, incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu (yango-1993) ithi: “Ngempela, iminyaka esukela ku-1914 kuya ku-1918 yaba ‘inkathi yokuvivinywa’ kubaFundi BeBhayibheli.” Ingabe babeyovumela ukholo lwabo ukuba lucwengisiswe futhi ukucabanga kwabo kulungiswe ukuze bakwazi ukwamukela umsebenzi omkhulu owawuseza?
17. Abagcotshiwe abakholekile basabela kanjani lapho beqhubeka besemhlabeni ngemva kuka-1914?
17 INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-September 1, 1916, yathi: “Sasicabanga ukuthi umsebenzi wokuVuna wokubuthela ndawonye iBandla [abagcotshiwe] wawuyophela ngaphambi kokuphela kweZikhathi Zabezizwe; kodwa akukho lutho eBhayibhelini olwalusho njalo. . . . Ingabe sizizwa kabuhlungu ngokuthi umsebenzi wokuVuna usaqhubeka? . . . Isimo sethu sengqondo samanje, bafowethu abathandekayo, kufanele sibe esokumbonga kakhulu uNkulunkulu, ukukhulisa ukwazisa ngeQiniso elihle asinikeze ilungelo lokuba silibone futhi saziwe ngalo, futhi sandise intshiseko ekusizeni abanye ukuba balazi lelo Qiniso.” Ukholo lwabo lwaluvivinyiwe, kodwa babebhekane nalolo vivinyo ngokuphumelelayo. Kodwa thina maKristu kufanele siqaphele ukuthi ukuvivinywa kokholo kungase kube kuningi futhi kuhlukahluke.
18, 19. Yikuphi okunye ukuvivinywa kokholo okwafikela abantu bakaNkulunkulu ngemva nje kokushona kukaMfoweth’uRussell?
18 Ngokwesibonelo, olunye uhlobo lovivinyo lwehlela insali ngemva nje kokushona kukaMfoweth’ uCharles T. Russell. Kwakuwuvivinyo lobuqotho nokholo lwayo. Ubani ‘owayeyisigqila esikholekile’ sikaMathewu 24:45? Abanye babenomuzwa wokuthi kwakunguMfoweth’uRussell uqobo, futhi benqaba ukubambisana namalungiselelo amasha enhlangano. Uma kunguye owayeyisigqila, base bezokwenzenjani abazalwane njengoba ayeseshonile? Ingabe kwakufanele balandele umuntu othile owayesanda kumiswa, noma ingabe manje kwase kuyisikhathi sokuqaphela ukuthi uJehova wayengasebenzisi nje umuntu oyedwa, kodwa lonke iqembu lamaKristu njengethuluzi noma isigaba sesigqila?
19 Olunye uvivinyo lwehlela amaKristu eqiniso ngo-1918 lapho iziphathimandla zezwe, zishoshozelwa abefundisi beLobukholwa, ‘ziceba ukuyikhinyabeza ngomthetho’ inhlangano kaJehova. (IHubo 94:20, KJ) Kwakhankaselwa ukushushisa ama-Bible Student ngobudlova kokubili eNyakatho Melika naseYurophu. Lokhu kuphikiswa okwakugqugquzelwa abefundisi kwafinyelela umvuthwandaba ngo-May 7, 1918, lapho uhulumeni wase-United States ukhipha amasamanisi okuba kuboshwe uJ. F. Rutherford kanye nedlanzana lababebambisene naye eduze, kuhlanganise no-A. H. Macmillan. Bamangalelwa ngamanga ngokuvukela umbuso, futhi iziphathimandla zakushaya indiva ukusho kwabo ukuthi abanacala.
20, 21. Njengoba kwabikezelwa kuMalaki 3:1-3, yimuphi umsebenzi owénziwa phakathi kwabagcotshiwe?
20 Nakuba kwakungabhekwa kanjalo ngaleso sikhathi, kwakuqhubeka umsebenzi wokuhlanza, njengoba uchazwe kuMalaki 3:1-3: “Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba [isithunywa sesivumelwano] sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi. Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule namadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.”
21 Lapho iMpi Yezwe I iya ngasekupheleni, abanye bama-Bible Student babhekana nokunye ukuvivinywa kokholo—mayelana nokuthi babeyolondoloza ukungathathi-hlangothi ngokuphelele yini ezindabeni zempi zezwe. (Johane 17:16; 18:36) Abanye abazange. Ngakho, ngo-1918, uJehova wathumela ‘isithunywa sesivumelwano,’ uKristu Jesu, elungiselelweni laKhe lethempeli elingokomoya ukuba siyohlanza izisihla zezwe eqenjini elincane labakhulekeli baKhe. Labo ababezinikele ekuboniseni ukholo lweqiniso bafunda kulokhu futhi baphokophela phambili, baqhubeka beshumayela ngentshiseko.
22. Mayelana nokuvivinywa kokholo, yini okusamelwe icatshangelwe?
22 Lokhu esiye sakucabangela akuwona nje umlando othakazelisayo odlulayo. Kuhlobene ngokuqondile nesimo esingokomoya samanje sebandla likaJehova lomhlaba wonke. Kodwa esihlokweni esilandelayo masicabangele okunye kokuvivinywa kokholo abantu bakaNkulunkulu ababhekana nakho namuhla bese sibona indlela esingase sikunqobe ngayo.
Uyakhumbula?
◻ Kungani abantu bakaJehova kufanele bakulindele ukuthi ukholo lwabo luyovivinywa?
◻ Yimiphi imizamo yokusakaza isigijimi sikaNkulunkulu eyayenziwa ngaphambi kuka-1914?
◻ Yayiyini i-“Photo-Drama,” futhi yaba namiphi imiphumela?
◻ Izenzakalo zenkathi yango-1914-18 zabavivinya kanjani abagcotshiwe?
[Isithombe ekhasini 12]
Ngasekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, emazweni amaningi abantu babetadisha iBhayibheli ngosizo lwezincwadi i-“Millennial Dawn,” kamuva ezabizwa ngokuthi i-“Studies in the Scriptures”
[Isithombe ekhasini 13]
Incwadi eyayivela kuC. T. Russell enamazwi ayeyisethulo senkulumo eqoshiwe ayethi kuyo: “I-‘Photo Drama of Creation’ ilungisele-lwe yi-IBSA—i-International Bible Students Association. Injongo yayo iwukufundisa umphakathi ngokuphathelene nenkolo nesayensi, ngendlela evikela iBhayibheli”
[Isithombe ekhasini 15]
UDemetrius Papageorge wayehamba ebonisa i-“Photo-Drama of Creation.” Kamuva, waboshelwa ukungathathi-hlangothi kobuKristu