Ingabe Wenza Intando KaNkulunkulu?
ENKONZWENI yabo yendlu ngendlu, oFakazi BakaJehova ababili bathola umfundisi weSonto LikaMoya. Wayebonakala engumuntu okahle, onentshebe, oneminyaka ecishe ibe ngu-60 ubudala, egqoke isikibha esibhalwe igama lesonto lakhe. Edonsa umoya, wathi: “Ngifisa sengathi ngabe amalungu esonto lami ashiseka njengani ekusakazeni iZwi, kodwa kuyomelwe nginicele ukuba ningaphinde nivakashele emzini wami.”
Yebo, kunabantu abaningi abawazisayo umsebenzi woFakazi BakaJehova futhi ababatusayo ngentshiseko yabo. Nokho, abanasithakazelo nakancane kulokho oFakazi abakwenzayo, futhi abacabangi ukwenza lomsebenzi bona. Nokho, lesisimo sezinto esibonakala siphambene asisisha. UJesu wasiphawula ngosuku lwakhe, futhi wagcizelela ngokunamandla leliphuzu ngomfanekiso oshukumisa ingqondo.
“Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini. Yaphendula yathi: Angithandi; kodwa ngasemuva yaguquka, yaya. Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: Ngiyaya, nkosi; kepha kayiyanga. Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?”—Mathewu 21:28-31.
Impendulo isobala. Njengesixuku esasilalele uJesu, sasingaphendula ngokuthi, “Eyokuqala.” Kodwa ngalé kwalokho okwakusobala, ngalowomfanekiso, uJesu wayeqondisa ukunakekela kwethu ekutheni ukwenza lokho uyise akufunayo yikhona okubalulekile. Nakuba indodana yokuqala yathi yayingafuni ukuhamba, kodwa yaya futhi yatuswa ngalokho. Ukwenza uhlobo oluqondile lomsebenzi nakho kubaluleke ngendlela efanayo. Indodana yokuqala yasabela ngokusebenza esivinini sikayise; ayizange iyosebenza esivinini sayo siqu.
Konke lokhu kusho ukuthini kithi? Yini uNkulunkulu ayilindele kubakhulekeli bakhe namuhla? Yini esingayifunda ekuphileni kukaJesu eyosisiza ukuba senze intando kaYise? Lena yimibuzo ebalulekile, futhi ukuthola kwethu izimpendulo eziqondile kuyosho inhlalakahle yaphakade, njengoba “owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17; Efesu 5:17.
Iyini “Intando KaNkulunkulu”?
Ibizo elithi “intando” livela izikhathi ezingaphezu kuka-80 kuyi-Comprehensive Concordance of the New World Translation of the Holy Scriptures. Ezikhathini ezicishe zibe ngu-60 lapho livela khona (noma amaphesenti acishe abe ngu-75 alezizikhathi) libhekisela entandweni kaNkulunkulu. Izinkulumo ezinjengethi “intando kaNkulunkulu,” nethi “intando kaBaba,” zivela izikhathi ezingaphezu kuka-20. Singabona kulokhu ukuthi intando yaphezulu kufanele ibe ebaluleke kakhulu kithi. Ukwenza intando kaNkulunkulu kufanele sikukhathalele ngokuyinhloko ekuphileni kwethu.
NgesiZulu ibizo elithi “intando” lisho ‘isifiso, ukuzimisela, okuthile okufiselekayo, ikakhulukazi ukuzikhethela noma ukuzimisela kwalowo onegunya noma amandla.’ Khona-ke, uJehova, iGunya Eliphakeme, unentando, isifiso noma ukuzimisela. Iyini? Ngokwengxenye imiBhalo isitshela ukuthi “[intando kaNkulunkulu] ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) UJesu Kristu namaKristu akuqala basebenza ngomphefumulo wonke ukuze balethele abanye lolulwazi oluqondile.—Mathewu 9:35; IzEnzo 5:42; Filipi 2:19, 22.
Ubani owenza intando kaNkulunkulu namuhla? Phakathi kwabantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili abathi bangabalandeli bakaJesu Kristu, bangaki abafana nendodana endala emfanekisweni kaJesu, abaye baphuma futhi benza intando kayise? Akunzima ukuthola impendulo. Abalandeli bezinyathelo zikaJesu Kristu bangempela babeyokwenza umsebenzi athi babeyowenza: “Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.” (Marku 13:10) OFakazi BakaJehova, abacishe babe izigidi ezine nengxenye emhlabeni wonke, bashumayela ngenkuthalo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi bafundisa abanye, bekhomba eMbusweni njengowukuphela kwethemba lesintu lokuthula nokulondeka. Ingabe uhlanganyela ngokugcwele ekwenzeni intando kaNkulunkulu? Ingabe ushumayela izindaba ezinhle zoMbuso njengoba kwenza uJesu?—IzEnzo 10:42; Heberu 10:7.
Ukujatshuliswa Ukwenza Intando KaNkulunkulu
Nakuba kujabulisa ukufunda lokho intando kaBaba eyikho, kujabulisa ngokwengeziwe ukufundisa abanye intando kaNkulunkulu. UJesu wakujabulela ukufundisa abantu ngoYise. Kwakunjengokudla kuye. (Johane 4:34) Nathi siyoba nenjabulo yangempela uma senza njengoba kwenza uJesu, okungukuthi, ukushumayela nokufundisa izinto azifundisa, izinto ayezithole kuYise. (Mathewu 28:19, 20) Njengoba uJesu athembisa, “uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.”—Johane 13:17.
Ngokwesibonelo: Umama osanda kungenela kabusha inkonzo yamaphayona esikhathi esigcwele wathi: “Ukubona ubuso bomuntu ofunda naye iBhayibheli buchachamba njengoba amaqiniso ahlukahlukene eBhayibheli ethinta inhliziyo kujabulisa kakhulu! Kungijabulisa ngempela ukubona umfundi othile oyedwa ebhala ngokugcwele yonke imibhalo ngaphambi kwesifundo futhi ebhala amaphuzu phakathi nesifundo ukuze akwazi ukuphendula noma yimiphi imibuzo yokubukeza kamuva.” Omunye wabantu afunda nabo iBhayibheli wayethole iqiniso lapho esanda kweva eshumini nambili. Njengoba manje eseshadile futhi ekhathazeka ngezinkinga ezithile zomuntu siqu, wayelangazelela ukuthola oFakazi. Yeka ukuthi wajabula kanjani lapho lodade oyiphayona emthola! Lowesifazane osemusha wakujabulela ukuqala kabusha isifundo sakhe seBhayibheli.
Ukulondoloza Injabulo Yokwenza Intando KaNkulunkulu
INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yayingomunye owafuna ukwenza intando kaNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakhe. Naphezu kwakho konke ukuhlupheka nezinto ezicindezelayo okwakuyehlela, yaphefumlelwa ukuba ithi: “Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” (IHubo 40:8) Ukwenza intando kaJehova kwakusemphefumlweni kaDavide, ngaphakathi kuye. Yilokho-ke okwamenza waba nenjabulo engapheli ekukhonzeni uJehova. Ukwenza intando kaNkulunkulu kwakungebona ubunzima kuDavide. Kunalokho, kwakuyinjabulo, okuthile okwakusuka enhliziyweni yakhe. Kukho konke ukuphila kwakhe, walwela ukwenza konke ayengakwenza ukuze akhonze uNkulunkulu wakhe, uJehova, ngisho nakuba ngezinye izikhathi ona futhi washiyeka.
Ngezinye izikhathi, injabulo yethu ingancipha. Singakhathala noma sidangale. Mhlawumbe sikhathazwa izinto ezenzeka ngokwedlule, unembeza wethu usihluphe ngenxa yesenzo esibi esasenza esikhathini esidlule. Ngokuvamile, singayinqoba lemizwa ngokutadisha ngokujulile iZwi likaNkulunkulu. Singazibekela umgomo wokuloba umthetho kaNkulunkulu ‘enhliziyweni’ yethu, njengoba kwenza uDavide. Uma sizama ukwenza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo wonke, okungukuthi, ngamandla ethu onke, uyosivuza ngokufanelekile ngoba uthembekile.—Efesu 6:6; Heberu 6:10-12; 1 Petru 4:19.
Ngokuthakazelisayo, kumaHeberu 10:5-7, umphostoli uPawulu wacaphuna amazwi kaDavide kumaHubo 40:6-8 futhi wawasebenzisa kuJesu Kristu. Ngokwenza kanjalo, uPawulu waveza indlela uJesu ayesondelene ngayo noYise. Igama lesiHeberu elisho “intando” empeleni lisho ‘ukuthanda, isifiso, umusa, noma injabulo.’ Khona-ke, iHubo 40:8 lifundeka kanje ngokuphathelene noKristu: “Ngiyathanda ukukujabulisa, Nkulunkulu wami.”a UJesu wayefuna ukwenza lokho okujabulisa uYise. UJesu wadlulela ngalé kokwenza lokho ayekuceliwe ukuba akwenze. Wenza okwakusenhliziyweni kaYise, futhi wayekujabulela ukukwenza.
Konke ukuphila kukaJesu kwakugxile ekufundiseni abanye lokho intando kaNkulunkulu eyikho nalokho okumelwe bakwenze ukuze bazuze isibusiso sikaNkulunkulu. Wayewumshumayeli nomfundisi wesikhathi esigcwele futhi wakujabulela kakhulu ukwenza lowomsebenzi. Ngakho-ke kunengqondo ukuphetha ngokuthi lapho senza umsebenzi kaJehova ngokwengeziwe, yilapho siyothola injabulo eyengeziwe. Ingabe nawe ungakhonza isikhathi esigcwele emsebenzini wokushumayela ukuze neyakho injabulo yande?
Okunye okungasisiza silondoloze injabulo ekwenzeni intando kaNkulunkulu ukuhlala sicabanga ngesikhathi esizayo. Yilokho uJesu akwenza. “Ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa engalinaki ihlazo.” Injabulo yakhe yayisekuzibonakaliseni ethembekile kuNkulunkulu kuze kube sekupheleni futhi kamuva azuze umvuzo wobukhosi ngakwesokunene sikaYise.—Heberu 12:2.
Cabanga ngenjabulo yesikhathi esizayo eyotholwa yilabo abaqhubeka benza intando kaNkulunkulu. Bayobona ukubhujiswa kwalabo abaphikelela ukwenza intando yabo siqu yobugovu ngisho nakuba lokhu kubabangela ukuhlupheka labo abazimisele ukwenza intando kaNkulunkulu. (2 Thesalonika 1:7, 8) Cabanga ngenjabulo yabathandekayo abavusiwe lapho bethola ithuba lokufunda nokwenza intando kaNkulunkulu. Noma cabanga ngenjongo kaNkulunkulu yokubuyisela umhlaba ekubeni yiPharadesi. Futhi ekugcineni, cabanga ngenkululeko eyoba umphumela wokubhujiswa ngokuphelele kukaSathane, umphikisi wentando kaJehova.
Yebo, ukwenza intando kaNkulunkulu namuhla kungaletha injabulo enkulu manje nenjabulo engapheli esikhathini esizayo. Kungakhathaliseki ukuthi kuyini ukusabela esikuthola emsebenzini wokushumayela, masilingise isibonelo sikaJesu sokujabulela ukwenza intando kaYise.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka umbhalo waphansi kumaHubo 40:8, NW.