Ingabe Uyoqhubeka Uhamba Eqinisweni?
“ANGINAYO intokozo enkulu kunaleyo [yokuthi] . . . abantwana bami bahamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Washo njalo umphostoli uJohane ngasekupheleni kwenkambo yakhe ende yokuphila. Ukubekezela okuqhubekayo ‘kwabantwana bakhe,’ ayebalethe “eqinisweni,” kwamlethela injabulo enkulu. NoJehova futhi uyajabula lapho abakhulekeli bakhe behlala eqinisweni. Yeka ukuthi kumelwe ukuba ujabula kanjani namuhla ngokubona inhlangano echichimayo, ebalelwa ezigidini, ilandela leyonkambo yokuhlakanipha!—IzAga 27:11.
Nokho, nakuba abantu bakaNkulunkulu bonkana benamathela eqinisweni ngokungagudluki, amanye amaKristu ngamanye ehlisa izinga lawo lentshiseko noma akushiye ngisho nokukhulekela okumsulwa. Lokhu akukhona okungalindelekile, ngoba into efanayo yenzeka ekhulwini lokuqala. (2 Thimothewu 4:10; Heberu 2:1) Nokho, iphuzu lokuthi abanye kuyenzeka behlise izinga lentshiseko ligcizelela isidingo sokuba bonke baqaphe ingokomoya labo siqu. UPawulu wakhuthaza wonke amaKristu: “Nizivivinye nina.” (2 Korinte 13:5) UmKristu ngamunye kumelwe azibuze lombuzo: ‘Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngiyoqhubeka ngihamba eqinisweni?’
Abanye baye behlisa izinga lentshiseko noma bayeka ngisho nokuhamba eqinisweni ngenxa yokuthi badumazeka—mhlawumbe yizinkinga zempilo noma ukungezwani kobuntu. Abanye baye behlisa izinga lentshiseko ngenxa yokuthi baye baphambukiswa. Bafuna ukujabulela ezinye zezithelo zalesimiso sezinto njengoba sisekhona. Singakugwema kanjani ukwehlisa izinga lethu lentshiseko? Ukuze siphendule, ake sicabangele isibonelo uJesu asishiyela sona.
Landela Isibonelo SikaJesu
UJesu wayebhekene nezinkinga eziningi ezinzima. Kwakumelwe asingathe ukungezwani kobuntu phakathi kwabalandeli bakhe, kanye nokubekezelela inzondo nendelelo yezitha zakhe. Kwakumelwe futhi amelane nezilingo zalelizwe. Yebo, wathenjiswa ukunikwa ingcebo nodumo ngesilinganiso esingakaze sibonwe. (Mathewu 4:8-11; Johane 6:14, 15) Nokho, uJesu waqhubeka ehamba eqinisweni. Yini eyamsiza ukuba enze njalo?
Umphostoli uPawulu uyasitshela lapho ebhala: “Sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala [isigxobo sokuhlushwa] engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heberu 12:1, 2, qhathanisa neNW.) Endabeni kaJesu, ukukhumbula njalo ‘intokozo ayibekelweyo,’ umvuzo ophakeme owawumlindele, kwamsiza ukuba aqhubeke ehamba eqinisweni. ‘Lentokozo ayibekelweyo’ yayikwedlula kude ukudumazeka kwesikhashana noma izikhubekiso okwakumelwe abhekane nazo.
Ukukhumbula njalo umvuzo kungasisiza ukuba sibekezele, njengoba kwenzeka nakuJesu. (IsAmbulo 22:12) Ngokwesibonelo, cabanga ngomhambi ohamba ngendlela ebucayi yasezintabeni. Uyakhathala futhi adumazeke. Isinyathelo ngasinye siwumzabalazo, nendlela ibonakala ingenamkhawulo. Khona-ke ufika esiqongweni segquma futhi laphaya kude abone idolobha aya kulona. Ngokushesha uhambo uluzwa luba ludlana. Umbono okhanyayo walapho eya khona umsiza ukuba akhohlwe ukukhathala kwakhe. NomKristu ngokufanayo uyokuthola kulula ukuqhubeka ehamba eqinisweni uma egcina umbono walapho eya khona ucacile engqondweni.
Lingisa Umphostoli UPawulu
Omunye owakhuthazelela okuningi okwakungase kumdumaze kwakungumphostoli uPawulu. Kwakumelwe asingathe ukwehlukana nokungezwani kobuntu phakathi kwabazalwane, kanye nokubhekana nenkinga enzima yempilo, ukushushiswa, ubunzima obungokomzimba, nezinkinga ngisho nokuphikiswa phakathi emabandleni. (1 Korinte 1:10; 2 Korinte 10:7-12; 11:21-29; 12:7-10) Kungani uPawulu engadumazekanga kwaze kwafika ephuzwini lokuyeka? Uyachaza: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Akazange alinge ukuzithwalela imithwalo yakhe eyedwa. Kunalokho, uPawulu wabheka kuJehova ukuze amsekele.—IHubo 55:22.
Umthombo waphezulu wamandla uPawulu awucela ukuba umsize abekezele uyatholakala futhi nanamuhla. IBhayibheli lithi: “[UJehova] omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) Uma sibheka kuJehova ukuba asinike amandla ngesifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, ukushisekela umsebenzi wobuKristu, kanye—ikakhulukazi—nangomkhuleko, siyokwazi ukukhuthazelela izilingo nokudumazeka okungase kuphakame ngezikhathi ezithile.—IHubo 1:1-3; Roma 10:10; 1 Thesalonika 5:16, 17; Heberu 10:23-25.
Izigidi Zilungiselela Ukuphila EPharadesi
USathane ungunkulunkulu walesimiso sezinto, lapho amaKristu eyizihambi ngempela khona, abafokazi. (2 Korinte 4:4) Ngaleyondlela, akumelwe simangale uma ngezinye izikhathi sibhekana nokudumazeka noma iziphazamiso. UPawulu wabhala encwadini yamaHeberu: “Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.” (Heberu 13:14) Ukukhumbula ukuthi ithemba lethu alikho kulelizwe elidala kodwa likulelo elizayo nakho kuyasisiza ukuba singehlisi izinga lethu lentshiseko.
Ngezinye izindlela, amaKristu anjengabafuduki abashiya izwe lakubo beyofuna ukuphila okungcono kwenye indawo. Ngokuvamile, lokhu kuyisinyathelo esinzima ukusithatha. Kuhilela ukuqoqa noma ukuchitha konke anakho futhi avalelise ekhaya abeselijwayele, kanye nakubangane nezihlobo. Kuhlanganisa futhi nokuya ezweni angalazi, ukuhlala nabantu abangase bangamemukeli, nokufunda ulimi olusha nendlela yokuphila engajwayelekile. Nokho, abaningi benza ushintsho olunjalo ngenxa nje yamathemba okwenza ngcono isimo sabo sezinto ezibonakalayo kulelizwe.
Labo abathuthayo, ngomqondo ongokomfanekiso, kulesimiso sezinto esidala futhi babe ingxenye yabantu bakaNkulunkulu babhekene nezinselele ezifanayo. Benza izinguquko ezingokwamasiko ukuze baphile ngokuvumelana nezindinganiso zeZwi likaNkulunkulu ezihlanzekile futhi, bafunda “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso. (Zefaniya 3:9, qhathanisa neNW; 1 Korinte 6:9-11) Futhi, basebenza kanzima ukuze bakhonze iNkosi enkulu yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Ngaphezu kwalokho, ezimweni eziningi izihlobo zabo nabangane bakuqala bayazehlukanisa nabo, kangangokuthi, empeleni, kumelwe bavalelise kubo.
Kodwa amaKristu anokuningi kakhulu angakuthola kunalabo abathutha ngenxa yezizathu ezingokomnotho. Ngokwesibonelo, beza emphakathini obathandayo nobanakekelayo. (Luka 18:29, 30) Okubaluleke nangaphezulu, bafinyelela ebuhlotsheni obuseduze noJehova, uNkulunkulu wendawo yonke. Bazuza ukuthula kwengqondo nokuqiniseka ngokuqondene nekusasa njengoba bebheke phambili ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo. (Filipi 4:8, 9) Labo abanokwazisa kwangempela ngalamaphuzu ngeke bavumele ukudumazeka nokuphazamiseka kubenze behlise izinga labo lentshiseko unomphela. Ngeke baphambukiswe endleleni eyingcingo eholela ekuphileni.—Mathewu 7:13, 14; 1 Johane 2:15-17.
Nakekela Impilo Yakho Engokomoya
Uma sinakekela impilo yethu engokomzimba ngaso sonke isikhathi sinethuba elingcono lokumelana nezifo. Noma kungenzeka sigule, silulama masinya kakhulu. Ngokufanayo, uma siyinakekela impilo yethu engokomoya, sizigcina sinombono ocacile ngezibusiso esizijabulela manje nalezo ezisilindele, futhi uma sifunda ukuncika emandleni kaJehova kunawethu siyoba sesimweni esingcono sokusingatha izinkinga eziphakamayo. Ngeke sizigweme ngokuphelele iziphazamiso noma izimo ezidumazayo. Kodwa uma siyinakekele ngokuyikho impilo yethu engokomoya kusengaphambili, izinto ezinjalo ngeke zisehlule.
Khumbula, uJehova uyajabula lapho abakhulekeli bakhe bebekezela. Ngakho masilethe injabulo enhliziyweni yakhe ngokuqhubeka sihamba eqinisweni.