Baqeqeshelwe Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele
“Nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IZENZO 1:8.
1, 2. Imuphi umsebenzi uPetru ayewuthunyiwe, futhi ubani owamthuma?
“UJESU waseNazaretha . . . wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele bokuthi lo nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.” (IzEnzo 10:38, 42) Ngalawo mazwi, umphostoli uPetru wachazela uKorneliyu nomkhaya wakhe umsebenzi ayewuthunyiwe—ukuba umvangeli.
2 UJesu wabathuma nini lowo msebenzi abafundi bakhe? Kungenzeka ukuthi uPetru wayekhumbula lokho uJesu akusho ngemva kokuvuswa kwakhe ngaphambi nje kokunyukela ezulwini. Ngaleso sikhathi, uJesu wathi kubafundi bakhe abathembekile: “Nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Nokho, kwase kuyisikhathi esithile uPetru azi ukuthi njengoba engumfundi kaJesu, kuzodingeka akhulume nabanye ngokholo lwakhe kuJesu.
Iminyaka Emithathu Yokuqeqeshwa
3. Yisiphi isimangaliso uJesu asenza, futhi wabamema wathini oPetru no-Andreya?
3 Ngemva kwezinyanga ezithile ebhapathiziwe ngo-29 C.E., uJesu wayeshumayela lapho uPetru nomfowabo u-Andreya babedoba khona oLwandle LwaseGalile. Babesebenze ubusuku bonke bengabambi lutho. Noma kunjalo, uJesu wathi kubo: “Sukani niye lapho kujule khona, nehlise amanetha enu ukuze nibambe.” Lapho bekwenza lokho uJesu ayekushilo, “babamba izinhlanzi eziningi kakhulu. Eqinisweni, amanetha abo aqala ukudabuka phakathi.” Lapho ebona lesi simangaliso, uPetru wafikelwa ukwesaba, kodwa uJesu wakuqeda lokho kwesaba, ethi: “Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.”—Luka 5:4-10.
4. (a) UJesu wabalungiselela kanjani abafundi bakhe ukunikeza ubufakazi? (b) Yayizoba ngakanani inkonzo yabafundi bakaJesu uma iqhathaniswa neyakhe?
4 Ngokushesha, uPetru no-Andreya—kanye noJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu—bashiya izikebhe zabo balandela uJesu. Bahamba noJesu iminyaka ecishe ibe mithathu emsebenzini wakhe wokushumayela ebaqeqeshela ukuba abavangeli. (Mathewu 10:7; Marku 1:16, 18, 20, 38; Luka 4:43; 10:9) Ekupheleni kwaleso sikhathi, ngoNisani 14, 33 C.E., uJesu wathi kubo: “Obonisa ukholo kimi, lowo uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale.” (Johane 14:12) Abafundi bakaJesu babezonikeza ubufakazi obuphelele njengoba uJesu ayenzile, kodwa ngezinga elikhulu kakhulu. Njengoba babona ngokushesha, bona kanye nabafundi ababezobenza babezonikeza ubufakazi kuzo “zonke izizwe,” kuze kube “isiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 28:19, 20.
5. Singazuza ngaziphi izindlela ekuqeqesheni uJesu akunika abalandeli bakhe?
5 Siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Ngokungafani nalabo bafundi bokuqala, thina asikwazi ukuhamba noJesu simbukele eshumayela kubantu. Noma kunjalo, sisengazuza ekuqeqesheni kwakhe ngokufunda eBhayibhelini indlela ayeshumayela ngayo neziyalezo azinika abalandeli bakhe. (Luka 10:1-11) Nokho, lesi sihloko sizokhuluma ngenye into ebalulekile uJesu ayibonisa abafundi bakhe—isimo sengqondo esifanele ngomsebenzi wokushumayela.
Ukukhathalela Abantu
6, 7. Iyiphi imfanelo kaJesu éyenza ukuba inkonzo yakhe iphumelele, futhi singamlingisa kanjani kulesi sici?
6 Kungani uJesu ayephumelela kangaka ekufakazeni? Esinye sezizathu kwakuyisithakazelo sakhe esijulile kubantu nokubakhathalela. Umhubi wabikezela ukuthi uJesu ‘wayeyohawukela ophansi nompofu.’ (IHubo 72:13) Ngempela wasigcwalisa leso siprofetho. Mayelana nesinye isenzakalo, iBhayibheli lithi: “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Ngisho nezoni ezinkulu zazikuzwa ukukhathalela kwakhe futhi zisondele kuye.—Mathewu 9:9-13; Luka 7:36-38; 19:1-10.
7 Nathi namuhla siyophumelela uma sibakhathalela kanjalo abantu. Ngaphambi kokuba uye enkonzweni yasensimini, kunganjani uke ume kancane ucabange ngendlela abantu abakudinga ngayo ukwaziswa obaphathele kona? Cabanga ngezinkinga okungenzeka banazo eziyoxazululwa uMbuso kuphela. Zimisele ukuba nombono omuhle ngawo wonke umuntu, ngoba awazi ukuthi ubani ozosamukela isigijimi. Mhlawumbe umuntu olandelayo ozokhuluma naye ubethandazela ukuba kufike umuntu onjengawe azomsiza!
Bashukunyiswa Uthando
8. NjengoJesu, yini eshukumisa abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle?
8 Izindaba ezinhle uJesu ayezimemezela zaziphathelene nokufezwa kwentando kaJehova, ukungcweliswa kwegama laKhe nokulwelwa kobukhosi baKhe—izimpikiswano ezibaluleke kunazo zonke isintu esibhekene nazo. (Mathewu 6:9, 10) Ngenxa yokuthi uJesu wayemthanda uYise, washukumiseleka ukuba agcine ubuqotho kuze kube sekugcineni futhi anikeze ubufakazi obuphelele ngoMbuso, ozoxazulula zonke lezo zimpikiswano. (Johane 14:31) Ngenxa yokuthi abalandeli bakaJesu namuhla bashukunyiswa yinto efanayo, bayenza ngenkuthalo inkonzo. Umphostoli uJohane wathi: “Ngoba yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe,” kuhlanganise nomyalo wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi.—1 Johane 5:3; Mathewu 28:19, 20.
9, 10. Ngaphandle kothando ngoNkulunkulu, iluphi olunye uthando olusibangela ukuba sinikeze ubufakazi obuphelele?
9 UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Uma ningithanda, niyogcina imiyalo yami. Lowo onemiyalo yami futhi oyigcinayo, lowo nguye ongithandayo.” (Johane 14:15, 21) Ngakho, uthando ngoJesu kufanele lusibangele ukuba sifakazele iqiniso futhi sigcine nezinye izinto uJesu ayala ngazo. Ngesinye isikhathi abonakala ngaso ngemva kokuvuswa kwakhe uJesu wakhuthaza uPetru: “Yondla amawundlu ami. . . . Yalusa amawundlu ami. . . . Yondla amawundlu ami.” Yini okwakufanele ibangele uPetru ukuba enze kanjalo? UJesu wayibonisa impendulo lapho ebuza kuPetru ngokuphindaphindiwe: “Uyangithanda na? . . . Uyangithanda na? . . . Uyangithanda na?” Yebo, uthando lukaPetru ngoJesu lwaluyomshukumisela ukuba anikeze ubufakazi obuphelele, athole “amawundlu” kaJesu, ngemva kwalokho abe ngumalusi wawo ongokomoya.—Johane 21:15-17.
10 Thina namuhla asijwayelene eduze noJesu njengoPetru. Noma kunjalo, sikuqonda kahle lokho uJesu asenzela kona. Izinhliziyo zethu zishukunyiswa yilolo thando olukhulu olwamenza ‘wanambitha ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.’ (Hebheru 2:9; Johane 15:13) Sizizwa njengoPawulu lapho ebhala: “Uthando uKristu analo luyasiqhubezela . . . Wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele lowo owabafela.” (2 Korinte 5:14, 15) Sibonisa ukuthi siyalwazisa uthando lukaJesu nokuthi siyamthanda ngokuwenza ngobuqotho umsebenzi asithume wona wokunikeza ubufakazi obuphelele. (1 Johane 2:3-5) Asifuni neze ukuwuthatha kalula umsebenzi wokushumayela, njengokungathi umhlatshelo kaJesu siwubheka njengento evamile.—Hebheru 10:29.
Ukugxila Kokubalulekile
11, 12. UJesu wezela yiphi injongo ezweni, futhi wahlala kanjani egxile kuyo?
11 Ngesikhathi uJesu ephambi kukaPontiyu Pilatu, wathi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) UJesu akavumelanga lutho ukuba lumphazamise ekufakazeleni iqiniso. Yilokho okwakuyintando kaNkulunkulu ngaye.
12 USathane wamvivinya ngempela uJesu kulesi sici. Ngemva nje kokubhapathizwa kukaJesu, uSathane wamthembisa ukumenza umuntu omkhulu ezweni, wathi uzomnika “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Mathewu 4:8, 9) Kamuva, amaJuda afuna ukumenza inkosi. (Johane 6:15) Abanye bangase bacabange ngezinzuzo ezazingatholakala ukube uJesu wazamukela lezo zikhundla, bethi njengenkosi engumuntu, wayengasenzela izinto eziningi ezinhle isintu. UJesu nokho wakwenqaba ukucabanga okunjalo. Wayegxile ekufakazeleni iqiniso.
13, 14. (a) Yini engazange ikwazi ukuphazamisa uJesu kulokho ayegxile kukho? (b) Nakuba uJesu ayempofu ngokwezinto ezibonakalayo, yini ayifeza?
13 Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange aphazanyiswe ukufuna ingcebo. Ngenxa yalokho, akazange aphile ukuphila kobucebi. Wayengenawo ngisho nomuzi wakhe. Ngesinye isikhathi wathi: “Izimpungushe zinemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Mathewu 8:20) Lapho uJesu efa, ukuphela kwento ayenayo okubikwa ukuthi yayinenani eliphezulu kwakuyingubo amasosha amaRoma enza inkatho ngayo. (Johane 19:23, 24) Ingabe-ke uJesu wayeyisehluleki ekuphileni? Lutho neze!
14 UJesu wafeza okungaphezu kwanoma isiphi isicebi esithanda abantu esingakufeza. UPawulu wathi: “Niyawazi umusa ongafanelwe weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba yayicebile yaba mpofu ngenxa yenu, ukuze nicebe ngobumpofu bayo.” (2 Korinte 8:9; Filipi 2:5-8) Nakuba ayempofu ngokwezinto ezibonakalayo, uJesu wavula ithuba lokuba abantu abathobekile bathole ukuphila okuphakade bephelele. Asive simbonga. Futhi yeka indlela esijabula ngayo ngomvuzo awuthola ngenxa yokuhlala egxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu!—IHubo 40:8; IzEnzo 2:32, 33, 36.
15. Yini enenzuzo ngaphezu kwengcebo?
15 Namuhla lawo maKristu alwela ukulingisa uJesu nawo awavumi ukuphazanyiswa ukufuna ingcebo. (1 Thimothewu 6:9, 10) Ayavuma ukuthi ingcebo ingakwenza ukuphila kuthokomale, kodwa ayazi ukuthi ngeke iwatholele ukuphila okuphakade. Lapho umKristu efa, ingcebo yakhe yezinto ezibonakalayo ayibe isaba nanzuzo njengoba nje nengubo kaJesu ingamzuzisanga ngalutho lapho efa. (UmShumayeli 2:10, 11, 17-19; 7:12) Lapho umKristu efa, yinye kuphela into enenzuzo yangempela asuke enayo—ubuhlobo bakhe noJehova noJesu Kristu.—Mathewu 6:19-21; Luka 16:9.
Abadangaliswa Ukuphikiswa
16. UJesu wabhekana kanjani nokuphikiswa?
16 Ukuphikiswa akumphazamisanga uJesu ekufakazeleni iqiniso. Ngisho nokwazi ukuthi inkonzo yakhe yasemhlabeni yayizophetha ngokuba afe njengomhlatshelo akuzange kumdangalise. Ekhuluma ngoJesu, uPawulu wathi: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Hebheru 12:2) Phawula ukuthi uJesu ‘wadelela ihlazo.’ Kwakungamkhathazi okwakucatshangwa abaphikisi bakhe ngaye. Wayegxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu.
17. Yini esingayifunda ekukhuthazeleni kukaJesu?
17 Ebonisa lokho amaKristu akufundayo ngokukhuthazela kukaJesu, uPawulu uyawakhuthaza: “Cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu, ukuze ningakhathali niphele amandla emiphefumulweni yenu.” (Hebheru 12:3) Yiqiniso, kungaba yinto ekhathazayo ukubhekana nokuphikiswa noma ukuhlekwa usulu usuku nosuku. Kungaqeda amandla ukulokhu silwisana nokuheha kwezwe, okungenzeka ukuthi ngokwenza kanjalo sidumaza izihlobo ezisikhuthaza ukuba “sibe utho.” Nokho, njengoJesu sithembela kuJehova ukuthi uyosisekela njengoba sizimisele ukubeka uMbuso phambili ekuphileni kwethu.—Mathewu 6:33; Roma 15:13; 1 Korinte 2:4.
18. Isiphi isifundo esihle esisithola emazwini kaJesu kuPetru?
18 Ukungavumi kukaJesu ukuphazanyiswa kwabonakala lapho eqala ukutshela abafundi bakhe ngokufa kwakhe okwakusondela. UPetru wakhuthaza uJesu ukuba ‘abe nomusa’ kuye ngokwakhe futhi wagomela ukuthi ‘ngeke neze abe nalesi siphetho.’ UJesu akavumanga ukulalela lutho olwalungase lwenze buthaka ukuzimisela kwakhe ukwenza intando kaJehova. Wamfulathela uPetru wathi: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.” (Mathewu 16:21-23) Kwangathi njalo singazimisela ngendlela efanayo ukwenqaba imicabango yabantu. Kunalokho, masiqondiswe njalo imicabango kaNkulunkulu.
Uyoletha Izinzuzo Zangempela
19. Nakuba ayenza izimangaliso, yini eyayiyingxenye ebalulekile yenkonzo kaJesu?
19 UJesu wenza izimangaliso eziningi ukuze abonise ukuthi wayenguMesiya. Wavusa ngisho nabafileyo. Leyo misebenzi yaheha izixuku zabantu, kodwa uJesu wayengezelanga nje ukuzokwenza umsebenzi wezenhlalakahle emhlabeni. Wayezele ukuzofakazela iqiniso. Wayazi ukuthi noma yini ebonakalayo ayengayenzela abantu yayingeyesikhashana. Ngisho nalabo ayebavusile babezophinde bafe. Yinye kuphela indlela ayengasiza ngayo abathile ukuba bathole ukuphila okuphakade—ukufakazela iqiniso.—Luka 18:28-30.
20, 21. Alinganisela kanjani amaKristu eqiniso endabeni yokwenza imisebenzi emihle?
20 Namuhla, abanye abantu bazama ukulingisa imisebenzi emihle kaJesu ngokuvula izibhedlela noma ngokwenzela abampofu izinto ezithile. Abanye bangena ezindlekweni ezinkulu ukuze benze lokhu, futhi buyatuseka ubuqotho babo; kodwa noma iluphi usizo abalunikezayo lungolwesikhashana. UMbuso kuphela oyoletha ikhambi laphakade. Ngakho, njengoJesu, oFakazi BakaJehova bagxila ekufakazeleni iqiniso eliphathelene nalowo Mbuso.
21 Yiqiniso, amaKristu eqiniso ayayenza imisebenzi emihle. UPawulu wabhala: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Lapho kuvele izinhlekelele noma othile eswele, asingabazi ‘ukwenza okuhle’ komakhelwane bethu noma kubafowethu abangamaKristu. Noma kunjalo, sihlala sigxile kulokho okufanele sigxile kukho—ukufakazela iqiniso.
Funda Esibonelweni SikaJesu
22. Kungani amaKristu eshumayela komakhelwane bawo?
22 UPawulu wabhala: “Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!” (1 Korinte 9:16) Wayengazithathi kalula izindaba ezinhle ngoba ukuzishumayela kwakusho ukuphila kuye nakwababemlalela. (1 Thimothewu 4:16) Nathi siyibheka kanjalo inkonzo yethu. Sifuna ukusiza omakhelwane bethu. Sifuna ukubonisa uthando lwethu ngoJehova. Sifuna ukunikeza ubufakazi bokuthi siyamthanda uJesu nokuthi siyalwazisa uthando lwakhe olukhulu ngathi. Ngakho sishumayela izindaba ezinhle, ngaleyo ndlela ‘singabe sisaphilela izifiso zabantu, kodwa intando kaNkulunkulu.’—1 Petru 4:1, 2.
23, 24. (a) Isiphi isifundo esisifunda esimangalisweni sezinhlanzi? (b) Obani namuhla abanikeza ubufakazi obuphelele?
23 NjengoJesu, asichezukiswa emsebenzini wethu oyinhloko lapho abanye besihleka usulu noma besenqaba ngentukuthelo isigijimi sethu. Sifunda isifundo esimangalisweni uJesu asenza lapho ebiza uPetru no-Andreya ukuba bamlandele. Siyabona ukuthi uma simlalela uJesu, futhi sehlisela amanetha ethu ngisho nasemanzini abonakala engenazinhlanzi, ukudoba kwethu kungaba nemiphumela. Abadobi abaningi abangamaKristu baye babamba izinhlanzi eziningi ngemva kweminyaka bedoba emanzini abebonakala engenazinhlanzi. Abanye baye bakwazi ukuthuthela lapho izinhlanzi ziziningi khona futhi babamba eziningi. Noma ngabe senzani, ngeke siyeke ukwehlisa amanetha ethu. Siyazi ukuthi akukho ngxenye yomhlaba uJesu asethé umsebenzi wokushumayela usuphelile kuyo.—Mathewu 24:14.
24 OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha manje bamatasa emazweni angaphezu kuka-230. INqabayokulinda ka-February 1, 2005, izoba nombiko womhlaba wonke womsebenzi wabo wonyaka wenkonzo ka-2004. Lowo mbiko uzobonisa isibusiso sikaJehova esikhulu emsebenzini wokushumayela. Kwangathi kulesi sikhathi esisalele lesi simiso sezinto, singaqhubeka silalela amazwi kaPawulu ashukumisayo: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma.” (2 Thimothewu 4:2) Kwangathi singaqhubeka sinikeza ubufakazi obuphelele uJehova aze athi umsebenzi uphelile.
Kusukela kulo nyaka, uMbiko Wonyaka Wenkonzo WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke ngeke usavela kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1. Usuzovela kweka-February 1.
Ungaphendula?
• Singazuza kanjani ekuqeqeshweni uJesu akunika abafundi bakhe?
• Sasiyini isimo sengqondo sikaJesu ngabantu ayeshumayela kubo?
• Yini esishukumisela ukuba sinikeze ubufakazi obuphelele?
• Singahlala kanjani sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu, njengoba kwenza uJesu?
[Isithombe ekhasini 15]
Siyophumelela enkonzweni yethu uma sikhathalela abantu njengoJesu
[Isithombe ekhasini 16, 17]
UJesu weza emhlabeni ngokuyinhloko ukuzofakazela iqiniso
[Izithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova bagxile ekunikezeni ubufakazi obuphelele