Yazise Indima KaJesu Eyingqayizivele Enjongweni KaNkulunkulu
“Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—JOH. 14:6.
1, 2. Kungani kufanele sibe nesithakazelo sokuhlola indima kaJesu eyingqayizivele enjongweni kaNkulunkulu?
KUWO wonke umlando, abantu abaningi baye bazama ukuvelela, kodwa bambalwa abaye baphumelela. Bambalwa nakakhulu abangasho kufaneleke ukuthi bahlukile ngezindlela eziphawulekayo. Noma kunjalo, uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, uhlukile ngezindlela eziningi.
2 Kungani kufanele sibe nesithakazelo endimeni kaJesu eyingqayizivele? Ngoba ihilela bona kanye ubuhlobo bethu noBaba wethu osezulwini, uJehova! UJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Joh. 14:6; 17:3) Ake sihlole ezinye zezindlela uJesu ahluke ngazo. Ukwenza kanjalo kuyosenza siyazise indima yakhe enjongweni kaNkulunkulu.
“INdodana Ezelwe Yodwa”
3, 4. (a) Kungani singase sithi uJesu uhlukile endimeni yakhe njengeNdodana ezelwe yodwa? (b) Indima kaJesu ekudaleni yaba kanjani eyingqayizivele?
3 UJesu akayona nje “indodana kaNkulunkulu.” Phela yileyo ndlela uSathane ambiza ngayo lapho emlinga. (Math. 4:3, 6) UJesu ubizwa kufanele ngokuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Joh. 3:16, 18) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ozelwe yedwa’ liye lachazwa ngokuthi “ongowohlobo lwakhe yedwa, owukuphela kwakhe,” “owukuphela kwelungu lomndeni noma ohlotsheni oluthile,” noma ngokuthi “oyingqayizivele.” UJehova unezigidigidi zamadodana omoya. Ngakho-ke, kungamuphi umqondo uJesu ewukuphela kwelungu “lomndeni noma ohlotsheni lwakhe”?
4 UJesu uhlukile ngoba nguye yedwa owadalwa uYise ngokuqondile. UyiNdodana eyizibulo. Eqinisweni, ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ (Kol. 1:15) ‘Uyisiqalo sendalo kaNkulunkulu.’ (IsAm. 3:14) Indima yeNdodana ezelwe yodwa ekudaleni nayo iyingqayizivele. UJesu wayengeyena uMdali noma uMsunguli wendalo. Kodwa uJehova wamsebenzisa njengenxusa noma umuntu okwadalwa ngaye zonke ezinye izinto. (Funda uJohane 1:3.) Umphostoli uPawulu wabhala: “Empeleni kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa uBaba, okuvela kuye zonke izinto, nathi esingabakhe; futhi kukhona iNkosi eyodwa, uJesu Kristu, ezikhona ngayo zonke izinto, nathi esikhona ngayo.”—1 Kor. 8:6.
5. ImiBhalo ikuqokomisa kanjani ukuba kukaJesu ohlukile?
5 Nokho, ukuba kukaJesu ohlukile kuhilela okuningi ngokwengeziwe. ImiBhalo imnika iziqu eziningi eziqokomisa indima yakhe eyingqayizivele enjongweni kaNkulunkulu. Manje ake sihlole ezinye iziqu ezinhlanu ezisetshenziswa kuJesu emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.a
“ULizwi”
6. Kungani kufaneleka ukuba uJesu abizwe ngokuthi “uLizwi”?
6 Funda uJohane 1:14. Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “uLizwi,” noma uLogos? Lesi siqu sichaza umsebenzi aye wawenza kusukela kwadalwa ezinye izidalwa ezihlakaniphile. UJehova wasebenzisa iNdodana yakhe ukuba idlulisele ukwaziswa neziyalezo kwamanye amadodana omoya, njengoba nje ayisebenzisa ekudluliseleni isigijimi sakhe kubantu emhlabeni. Iqiniso lokuthi uJesu unguLizwi, noma uMkhulumeli kaNkulunkulu ligcizelelwa nayilokho akusho ezilalelini zakhe ezingamaJuda: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile. Uma umuntu efisa ukwenza intando yaKhe, uyokwazi ngale mfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu yini noma ngikhuluma okuvela kimi siqu.” (Joh. 7:16, 17) UJesu uyaqhubeka enalesi siqu esithi “uLizwi KaNkulunkulu” nangemva kokubuyela kwakhe enkazimulweni yasezulwini.—IsAm. 19:11, 13, 16.
7. Singakulingisa kanjani ukuthobeka uJesu akubonisa endimeni yakhe ‘njengoLizwi’?
7 Cabanga nje ngomqondo ovezwa yilesi siqu. Nakuba uJesu ehlakaniphe kunazo zonke izidalwa zikaJehova, akathembeli ekuhlakanipheni kwakhe siqu. Ukhuluma lokho uYise amtshela kona. Ngaso sonke isikhathi wenza abantu banake uJehova hhayi yena. (Joh. 12:50) Yeka isibonelo esihle okufanele sisilingise! Nathi siphathiswe ilungelo eliyigugu ‘lokumemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle.’ (Roma 10:15) Ukuqaphela isibonelo sikaJesu sokuthobeka kufanele kusishukumisele ukuba sigweme ukukhuluma okwethu. Lapho sitshela abanye isigijimi esisindisa ukuphila esisemiBhalweni, asifuni ‘ukweqela ngalé kwezinto ezilotshiwe.’—1 Kor. 4:6.
“U-Amen”
8, 9. (a) Igama elithi “amen” lisho ukuthini, futhi kungani uJesu ebizwa ngokuthi “u-Amen”? (b) UJesu wayigcwalisa kanjani indima yakhe ‘njengo-Amen’?
8 Funda isAmbulo 3:14. Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “u-Amen”? Igama elihunyushwa ngokuthi “amen” liwukubhalwa ngesiZulu kwegama lesiHebheru elisho ukuthi “makube njalo,” noma ukuthi “ngokuqinisekile.” Igama lesiHebheru elisuselwa kulo lisho ukuthi “thembeka.” Lona leli gama liye lasetshenziswa ekuchazeni ukwethembeka kukaJehova. (Dut. 7:9; Isaya 49:7) Pho uJesu uhluke ngayiphi indlela lapho ebizwa ngokuthi “u-Amen”? Phawula indlela eyesi-2 Korinte 1:19, 20 ephendula ngayo: “INdodana kaNkulunkulu, uKristu Jesu, okwashunyayelwa ngayo . . . , ayibanga uYebo kodwa ibe inguCha, kodwa uYebo uye waba nguYebo ngokuqondene nayo. Ngoba kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo ngayo. Ngakho-ke no-‘Amen’ ushiwo ngayo kuNkulunkulu ngenjongo yenkazimulo.”
9 UJesu ‘ungu-Amen’ wazo zonke izithembiso zikaNkulunkulu. Inkambo yakhe yokuphila engenasici emhlabeni, kuhlanganise nokufa kwakhe komhlatshelo, kwaqinisekisa futhi kwenza ukuba zonke izithembiso zikaJehova uNkulunkulu zikwazi ukugcwaliseka. Ngokuhlala ethembekile, uJesu wakubonisa kungamanga ukugomela kukaSathane okusencwadini kaJobe, kokuthi izinceku zikaNkulunkulu zaziyomphika lapho zibhekene nokuswela, ukuhlupheka novivinyo. (Jobe 1:6-12; 2:2-7) Kuzo zonke izidalwa zikaNkulunkulu, yiNdodana eyizibulo eyayinganikeza impendulo ewujuqu kulokho kugomela. Ngaphezu kwalokho, uJesu wanikeza ubufakazi obuhle kakhulu obusekela uhlangothi lukaYise empikiswaneni enkulu ngokwengeziwe yokufaneleka kobukhosi bukaJehova bendawo yonke.
10. Singamlingisa kanjani uJesu endimeni yakhe eyingqayizivele ‘njengo-Amen’?
10 Singamlingisa kanjani uJesu kule ndima yakhe eyingqayizivele ‘njengo-Amen’? Ngokuhlala sithembekile kuJehova futhi sisekela ubukhosi bakhe bendawo yonke. Ngokwenza kanjalo, siyobe siyavuma ukwenza lokho uJehova asicela khona kuzAga 27:11: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”
“Umlamuleli Wesivumelwano Esisha”
11, 12. Indima kaJesu njengoMlamuleli ihlukile ngamuphi umqondo?
11 Funda eyoku-1 Thimothewu 2:5, 6. UJesu ‘ungumlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu.’ ‘Ungumlamuleli wesivumelwano esisha.’ (Heb. 9:15; 12:24) Nokho, noMose ubizwa ngokuthi umlamuleli—umlamuleli wesivumelwano soMthetho. (Gal. 3:19) Pho indima kaJesu njengoMlamuleli ihluke kanjani?
12 Igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi “umlamuleli” lisebenza kwezomthetho. Libhekisela kuJesu njengoMlamuleli ongokomthetho (noma, ngomqondo othile, njengommeli) wesivumelwano esisha esenza kwaba nokwenzeka ukuzalwa kwesizwe esisha, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Gal. 6:16) Lesi sizwe sakhiwa amaKristu agcotshwe ngomoya, akha “ubupristi bobukhosi” basezulwini. (1 Pet. 2:9; Eks. 19:6) Isivumelwano soMthetho uMose angumlamuleli waso asikwazanga ukuveza isizwe esinjalo.
13. Yini ehilelekile endimeni kaJesu njengoMlamuleli?
13 Indima kaJesu njengoMlamuleli ihilelani? UJehova usebenzisa inani legazi likaJesu kulabo abangeniswa esivumelwaneni esisha. Ngale ndlela ubatshela ngokusemthethweni ukuthi balungile. (Roma 3:24; Heb. 9:15) Angabe-ke esebafaka esivumelwaneni esisha benethemba lokuba amakhosi nabapristi ezulwini! NjengoMlamuleli wabo, uJesu ubasiza ukuba bahlale benokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu.—Heb. 2:16.
14. Kungani kufanele wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi analiphi ithemba, ayazise ngempela indima kaJesu njengoMlamuleli?
14 Kuthiwani ngalabo abangekho esivumelwaneni esisha, labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni, hhayi ezulwini? Nakuba bengebona abahlanganyeli esivumelwaneni esisha, bayazuza kuso. Bathethelelwa izono zabo futhi kuthiwe balungile njengabangane bakaNkulunkulu. (Jak. 2:23; 1 Joh. 2:1, 2) Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, ngamunye kithi unezizathu ezinhle zokwazisa indima kaJesu njengoMlamuleli wesivumelwano esisha.
‘UmPristi Ophakeme’
15. Indima kaJesu njengoMpristi Ophakeme ihluke kanjani kweyabo bonke abantu abaye bakhonza njengabapristi abaphakeme?
15 Baningi abaye bakhonza njengabapristi abaphakeme esikhathini esidlule, noma kunjalo indima kaJesu njengomPristi Ophakeme iyingqayizivele ngempela. Kanjani? UPawulu uyachaza: “Akadingi, njengalabo bapristi abaphakeme, ukuba anikele nsuku zonke ngemihlatshelo, okokuqala ngenxa yezono zakhe siqu bese kuba ngenxa yezabantu: (ngoba lokhu wakwenza kanye kwaba kuphela lapho ezinikela;) ngoba uMthetho umisa abantu abanobuthakathaka ukuba babe abapristi abaphakeme, kodwa izwi lesifungo esifungiwe eleza ngemva koMthetho limisa iNdodana, ephelelisiwe kuze kube phakade.”—Heb. 7:27, 28.b
16. Kungani umhlatshelo kaJesu uyingqayizivele ngempela?
16 UJesu wayengumuntu ophelele, efana ncamashí no-Adamu engakoni. (1 Kor. 15:45) Ngenxa yalokho, uJesu wayewukuphela komuntu okufanelekelayo ukunikela ngomhlatshelo ophelele—uhlobo lomhlatshelo okwakungadingeki luphindwe. Ngaphansi koMthetho KaMose, kwakunikelwa imihlatshelo nsuku zonke. Nokho, yonke leyo mihlatshelo nezinkonzo zabapristi kwakumane kuyisithunzi salokho uJesu ayezokufeza. (Heb. 8:5; 10:1) Ngakho, njengoba sinamandla kangaka futhi singesaphakade, isikhundla sikaJesu njengomPristi Ophakeme siyingqayizivele.
17. Kungani kufanele siyazise indima kaJesu njengomPristi wethu Ophakeme, futhi singakubonisa kanjani lokhu?
17 Siyazidinga izinkonzo zikaJesu njengomPristi Ophakeme ukuze asisize sibe nokuma okuhle noNkulunkulu. Yeka ukuthi sinomPristi Ophakeme omuhle kangakanani! UPawulu wabhala: “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.” (Heb. 4:15) Ngempela, uma sikwazisa lokhu, kuyosishukumisela ukuba ‘singabe sisaziphilela thina, kodwa siphilele lowo owasifela.’—2 Kor. 5:14, 15; Luka 9:23.
‘Inzalo’ Eyabikezelwa
18. Isiphi isiprofetho esashiwo ngemva kokona kuka-Adamu, futhi kamuva yini eyambulwa ngokuqondene nalesi siprofetho?
18 Emuva le ensimini yase-Edeni, lapho kwakubonakala sengathi isintu sase silahlekelwe yiyo yonke into—ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu, ukuphila okuphakade, injabulo nePharadesi—uJehova uNkulunkulu wabikezela ukuthi kwakuyoba noMkhululi. Wabizwa ngokuthi ‘inzalo.’ (Gen. 3:15) Le Nzalo eyimfihlo yaba into eyinhloko eziprofethweni eziningi zeBhayibheli kuwo wonke umlando. Yayiyoba eyozalo luka-Abrahama, u-Isaka noJakobe. Kwathiwa futhi yayiyovela ohlwini lozalo lweNkosi uDavide.—Gen. 21:12; 22:16-18; 28:14; 2 Sam. 7:12-16.
19, 20. (a) Ubani oyiNzalo ethenjisiwe? (b) Kungani kungase kuthiwe inzalo eyabikezelwa ihlanganisa nabanye ngaphandle kukaJesu?
19 Yayingubani le Nzalo ethenjisiwe? Impendulo yalo mbuzo ungayithola kweyabaseGalathiya 3:16. (Funda.) Nokho, kamuva kuso leso sahluko, umphostoli uPawulu uqhubeka athi kumaKristu agcotshiweyo: “Ngaphezu kwalokho, uma ningabakaKristu, ngempela niyinzalo ka-Abrahama, izindlalifa ngokubhekiselwe esithembisweni.” (Gal. 3:29) Kwenzeka kanjani ukuba uKristu abe iNzalo ethenjisiwe kanti kunabanye futhi abahlanganisiwe kulesi sithembiso?
20 Izigidi zithi zivela ku-Abrahama, abanye baze bazenze abaprofethi. Ezinye izinkolo ziqokomisa kakhulu ukuzisholo kwazo ukuthi abaprofethi bazo bangabozalo luka-Abrahama. Kodwa ingabe bonke laba bayiNzalo ethenjisiwe? Cha. Njengoba umphostoli uPawulu aphefumulelwa ukuba abonise, akubona bonke abozalo luka-Abrahama abangathi bayiNzalo ethenjisiwe. Inzalo yamanye amadodana ka-Abrahama ayizange isetshenziswe ekubusiseni isintu. Inzalo yesibusiso yayizovela ngo-Isaka yedwa. (Heb. 11:18) Ekugcineni, ngumuntu oyedwa kuphela, uJesu Kristu, ohlu lwakhe lozalo olusukela ku-Abrahama lulotshiwe eBhayibhelini, oyingxenye eyinhloko yaleyo nzalo eyabikezelwa.c Bonke abanye ababa ingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama kamuva baba yiyo ngenxa yokuthi ‘bengabakaKristu.’ Yebo, indima kaJesu ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho iyingqayizivele ngempela.
21. Yini ekuhlaba umxhwele endleleni uJesu aye wayifeza ngayo indima yakhe enjongweni kaJehova?
21 Sifundeni kulokhu kubukezwa okufushane kwendima kaJesu eyingqayizivele enjongweni kaJehova? Kusukela ekudalweni kwayo, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa ibilokhu iyingqayizivele ngempela, ingeyohlobo lwayo yodwa. Nokho, le Ndodana kaNkulunkulu eyingqayizivele eyaba uJesu ibilokhu ikhonza ngokwethembeka ngokuvumelana nentando kaYise, ingalokothi izifunele inkazimulo. (Joh. 5:41; 8:50) Yeka ukuthi iyisibonelo esivelele kangakanani kithi namuhla! NjengoJesu, kwangathi singakwenza umgomo wethu ukuba ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’—1 Kor. 10:31.
[Imibhalo yaphansi]
a Ezinye zalezi ziqu zihambisana nomunci ocacile wesiGreki, njengoba kuchaza esinye isazi, obonisa ukuthi leso siqu “ngomqondo othile ‘singesohlobo lwaso sodwa.’”
b Ngokwesinye isazi seBhayibheli, igama elihunyushwe ngokuthi “kanye kwaba kuphela” liveza umqondo obaluleke kakhulu eBhayibhelini “osikisela ukuthi ukufa kukaKristu kwakuwujuqu, kuyingqayizivele noma kuhlukile kokunye.”
c Ngisho namaJuda ekhulwini lokuqala C.E. ayelindele ukuza komuntu oyedwa njengoMesiya, noma uKristu, nakuba ayecabanga ukuthi njengoba ayeyinzalo ka-Abrahama engokoqobo yiwona ayeyisizwe esikhethiwe.—Joh. 1:25; 7:41, 42; 8:39-41.
Uyakhumbula?
• Ufundeni ngendima kaJesu eyingqayizivele eziqwini abizwa ngazo? (Bheka ibhokisi.)
• Ungasilingisa kanjani isibonelo seNdodana kaJehova eyingqayizivele?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]
Ezinye Zeziqu Ezibonisa Indima KaJesu Eyingqayizivele Enjongweni KaNkulunkulu
◼ INdodana Ezelwe Yodwa. (Joh. 1:3) UJesu uyena kuphela owadalwa uYise ngokuqondile.
◼ ULizwi. (Joh. 1:14) UJehova usebenzisa iNdodana yakhe njengoMkhulumeli ukuze adlulisele ukwaziswa neziqondiso kwezinye izidalwa.
◼ U-Amen. (IsAm. 3:14) Inkambo yokuphila kukaJesu engenasici emhlabeni, kuhlanganise nokufa kwakhe komhlatshelo, kwaqinisekisa futhi kwenza ukuba izithembiso zikaJehova uNkulunkulu zikwazi ukugcwaliseka.
◼ UMlamuleli Wesivumelwano Esisha. (1 Thim. 2:5, 6) NjengoMlamuleli ongokomthetho, uJesu uye wenza kwaba nokwenzeka ukuba kuzalwe isizwe esisha, “u-Israyeli kaNkulunkulu,” esakhiwa amaKristu ayoba “ubupristi bobukhosi” ezulwini.—Gal. 6:16; 1 Pet. 2:9.
◼ UmPristi Ophakeme. (Heb. 7:27, 28) UJesu wayengukuphela komuntu owayenganikela ngomhlatshelo ophelele, okwakungadingeki uphindwe. Angasihlanza esonweni futhi asikhulule nasekufeni okuwumphumela waso.
◼ INzalo Ethenjisiwe. (Gen. 3:15) Umuntu oyedwa kuphela, uJesu Kristu, oyingxenye eyinhloko yaleyo nzalo eyabikezelwa. Bonke abanye kamuva ababa ingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama ‘bangabakaKristu.’—Gal. 3:29.