-
Umusa—Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkuluINqabayokulinda—2012 | Septhemba 1
-
-
Njengoba umusa ungagcini ngokuba ubuntu kodwa futhi uNkulunkulu ewazisa kakhulu, yingakho kufaneleka ukuba athi ‘masibe nomusa komunye nomunye.’ (Efesu 4:32) Siphinde sikhunjuzwe: “Ningakukhohlwa ukungenisa izihambi.”—Hebheru 13:2.
-
-
Umusa—Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkuluINqabayokulinda—2012 | Septhemba 1
-
-
Ngemva kokukhuluma ngokubonisa umusa kubantu esingabazi, umphostoli uPawulu wathi: “Abanye, bengazi, babungaza izingelosi.” Cabanga nje ukuthi ungazizwa kanjani uma unganikezwa ithuba lokubungaza izingelosi? Kodwa uPawulu waqala ngegama elithi “bengazi.” Ngamanye amazwi, iphuzu lakhe liwukuthi uma sijwayele ukubonisa umusa kwabanye, kuhlanganise nabantu esingabazi, singavuzwa ngezindlela esingazilindele.
Izinguqulo zeBhayibheli eziningi ezinezikhombo zihlobanisa amazwi kaPawulu nendaba ka-Abrahama noLoti ekuGenesise izahluko 18 no-19. Kuzo zombili lezi zindaba, sifunda ngezingelosi ezafika kubo zingabantu abangaziwa ababephethe umyalezo obalulekile. Endabeni ka-Abrahama, umyalezo wawuphathelene nokugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu sokuzalwa kwendodana, endabeni kaLoti umyalezo wawuphathelene nokusindiswa ekubhujisweni kwemizi yaseSodoma naseGomora.—Genesise 18:1-10; 19:1-3, 15-17.
Uma ufunda le miBhalo ekhonjwe ngenhla, uzophawula ukuthi bobabili u-Abrahama noLoti babonisa umusa kubantu abangabazi ababezidlulela nje. Yiqiniso, ezikhathini zeBhayibheli ukungenisa izihambi kubantu abadlulayo—kungakhathaliseki ukuthi abangane, izihlobo noma abantu ongabazi—kwakuyisiko nesibopho. Eqinisweni, uMthetho KaMose wawuthi ama-Israyeli angazizibi izidingo zabangewona ama-Israyeli ezweni lawo. (Duteronomi 10:17-19) Noma kunjalo, kuyacaca ukuthi u-Abrahama noLoti benza okungaphezu kwalokho okwaba imfuneko yomthetho kamuva. Benza umzamo omkhulu ukuze babonise umusa kubantu abangabazi, futhi babusiswa ngokwenza kanjalo.
Izenzo zomusa zika-Abrahama azigcinanga ngokulethela yena yedwa izibusiso ngokuthi athole indodana, kodwa nathi sabusiswa. Kanjani? U-Abrahama nendodana yakhe u-Isaka baba nendima ebalulekile ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Baba abantu abayinhloko ozalweni olwaluzoveza uMesiya, uJesu. Futhi inkambo yabo yokwethembeka yafanekisela indlela insindiso yesintu eyayizotholakala ngayo ngenxa yothando lukaNkulunkulu nomusa ongafanelwe.—Genesise 22:1-18; Mathewu 1:1, 2; Johane 3:16.
-