Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Uma umfazi othembekile ongumKristu edivoswe yindoda yakhe, nakuba engekho phakathi kwabo onecala lokuphinga, ingabe kuyoba ngokufanelekile ngokomBhalo ngaye ukuhlanganyela umbhede womshado nayo uma ivakashela umkhaya?
IZwi likaNkulunkulu libonisa ngokukhanyayo ukuthi ubuhlobo bobulili bufanelekile phakathi kwendoda nomfazi, hhayi phakathi kwabantu abangashadile. Ngakho-ke, umbhangqwana odivosile akumelwe ube nobuhlobo bobulili, ngoba lokhu kufana nokuhlobonga, kodwa akubakhululi ukuba babuye bashade.
AmaKristu, ngokuqondakalayo, akhathalela ngokuyinhloko imibono neziqondiso zikaNkulunkulu. IZwi laKhe liluleka ngokuqondile: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Masicabangele ukuthi kunakuthintana kuni lokho nesimo esiphakanyiswe embuzweni.
Ezingxenyeni eziningi zomhlaba kujwayelekile ngendoda nowesifazane ukuhileleka ebuhlotsheni bobulili ngaphandle komshado. Abanye bathi lokhu kungokufanelekile ekuziphatheni okuhle futhi kuyamukeleka kuNkulunkulu uma nje ababili be“thandana” noma benze isibopho omunye komunye. Nokho, lowo akuwona umbono wobuKristu. Ngokuqaphela ukuthi “izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela,” amaKristu afuna ukugwema kokubili ukuphinga nobufebe.
Uma indoda nowesifazane beshada baqinisa phambi kwabo bonke ukuthi bahlangene njengendoda nomfazi. Phambi komthetho, umphakathi noNkulunkulu, banelungelo lokuhlanganyela amalungelo omshado, kuhlanganise nobuhlobo bomshado. Eqinisweni imiBhalo, inxusa abangane abashadile ukuba bangagodlelani okufanele ngokobulili: “Indoda kumelwe yanelise umkayo ngokobulili. Ngendlela efanayo, umfazi kumelwe anelise izidingo zendoda yakhe ezingokobulili.”—1 Korinte 7:3, Simple English Bible.
Kuthiwani-ke uma umbhangqwana uthola isihlukaniso [esingeyona idivosi], esitholakala ngokomthetho kwamanye amazwe? Njengoba baseyindoda nomfazi ngokomthetho nangokomBhalo, akumelwe bahlangayele ubuhlobo bomshado nanoma ubani omunye, ngoba ukwenze njalo kuyoba ukuphinga ‘okuyongcolisa umbhede womshado.’ Kodwa umbhangqwana ohlukene usenokukhetha ukubuyisana futhi uhlale ndawonye njengombhangqwana oshadile njengoba unjalo, ngemva kokwesula ngokomthetho ukwehlukana kwawo.—1 Korinte 7:10, 11.
Cabanga ngesimo esilandelayo lapho omunye umngane womshado, ngokwesibonelo indoda, indaba iyiqhubekisela phambili kunokwehlukana futhi ithole idivosi. Umfazi othembekile ongumKristu kamuva ozwa ukuthi (ngaphambi noma ngemva kokumdivosa) yayingathembekile ekuziphatheni angabuye ashade, ebheka umshado wakhe wokuqala njengophelile ngokomthetho nasemehlweni kaJehova uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uma kwakunedivosi engokomthetho kodwa kungekho kuphinga, idivosi ngokwayo ayinakuwuqeda umshado emehlweni kaNkulunkulu, ngoba iBhayibheli libonisa ukuthi ukungaziphathi kahle komunye umngane okuwukuphela kwesisekelo esizwakalayo sedivosi.—Mathewu 19:6, 9.
Yilesi isimo sendaba esikhuluma ngayo, ngoba kushiwo ngokukhanyayo ukuthi akukho kuziphatha okubi okwenzekile. Indoda yashiya umkayo futhi yazitholela idivosi engeyona engokombhalo. Ngenxa yaledivosi abaseyona indoda nomfazi ngomqondo ogcwele, ngoba iwunqamulile umshado ngokomthetho. Ngakho kuthiwani uma ivakashele umkhaya wayo futhi ifuna ukwanelisa izidingo zayo noma zakhe zobulili? Ngabo ukuba nobuhlobo bobulili, ngokomthetho nasemehlweni omphakathi, kuyoba okungafanelekile njengokufanayo nabantu ababili abangashadile ababa nobuhlobo bobulili; kuyofana nokufeba.
Kulesosimo akekho owesithathu ohilelekile, njengoba bekungadingeka ukuze kube nesizathu esingokomBhalo esinezela ekudivoseni okungokomthetho; ngakho kuNkulunkulu indoda nowesifazane bayobe bengakhululekile ukushada nabanye. (1 Korinte 6:16-18) Kodwa ukuba nobuhlobo bobulili kwabo ngokuqinisekile kuyoba ukungasinaki iseluleko sikaNkulunkulu; ngezinga elithile bayobe bengcolisa umbhede womshado njengoba umshado wabo ngokomthetho waphela ngedivosi. Inkambo enjalo iyoletha isihlamba kubo nasebandleni lobuKristu owesifazane ayingxenye yalo. Ngakho-ke, ngaye ukuze ahlale ebandleni, kumelwe abugweme ubuhlobo bobulili ngaphandle kokuba umshado wenziwe ngokomthetho futhi. Kumelwe anamathele ekumeni okuqondile okungokomBhalo nokokuziphatha okuhle kokuthi ubuhlobo bobulili kumelwe bube kuphela kubangane abashade ngokomthetho. Kanjalo uyonezela enhloniphweni iBhayibheli elibonisa ukuthi umshado uyifanele.