Ingabe Uyisilaleli Esinozwela?
AKE sithi ubungase ukwazi ukupha bonke abantu obaziyo isipho esibizayo. Yeka indlela labobantu abebengajabula futhi babe nokwazisa ngayo! Eqinisweni, ungabanikeza abanye isipho esikhethekile, okuthile abakudinga ngempela. Ngeke kukubize nesenti. Kuyini lokho? Ukubanaka. Abantu abaningi bayafuna ukunakwa futhi basabela ngokwazisa lapho bekuthola. Nokho, ukuze ukunaka kwakho kuzuzise, kumelwe ube isilaleli esinozwela.
Uma ungumzali noma umqashi noma usesikhundleni lapho abantu beza kuwe befuna iseluleko noma isiqondiso, kudingeka ulalele ngozwela. Uma ungakwenzi lokho, abantu bayokuqaphela ukuntula kwakho uzwela, bese beyeka ukukwethemba.
Ngisho noma ungase ungacelwa njalo ukuba unikeze iseluleko, kusadingeka ubalalele ngozwela abantu, njengalapho umngane eza kuwe edinga induduzo. Njengoba isaga seBhayibheli sisho, ukuhluleka ukulalela ngaphambi kokuba ukhulume kungaphumela ekudumazekeni. (IzAga 18:13) Yiziphi-ke ezinye izindlela ongabonisa ngazo ukuthi uyisilaleli esinozwela?
Gxilisa Ingqondo
Siyini isilaleli esinozwela? I-Webster’s New Collegiate Dictionary ichaza “uzwela” ngokuthi: “Ikhono lokuhlanganyela imizwa noma imibono yomunye.” Sona lesisichazamazwi sichaza elithi “lalela” ngokuthi: “Ukuzwa ngokunaka okuqotho.” Ngakho isilaleli esinozwela senza okungaphezu kokuzwa okushiwo othile. Siyanaka bese sihlanganyela imicabango nemizwa yalowo.
Lokhu kudinga ukuba ugxilise ingqondo kulokho okuzwayo, ungayivumeli ukuba izulazule. Ngisho nokucabanga ukuthi uzophendula uthini kuyakuphazamisa ekulaleleni. Zifundise ukuhlale ugxilise ingqondo kulokho omunye umuntu akushoyo.
Mbheke ezinhlamvwini zamehlo umuntu okhuluma nawe. Uma uqalaza, uyobonakala ungenasithakazelo. Qaphela ukushukuma kwakhe nesimo sakhe somzimba. Ingabe uyamamatheka noma uhwaqabele? Amehlo akhe abonisa injabulo, ukudumala, noma ukwesaba yini? Ingabe ayekayo ukukusho kubalulekile? Ungakhathazeki ngokuthi uzophendula uthini; kuyozizela ngenxa yokulalelisisa kwakho.
Njengoba ulalele, cishe uyonqekuzisa ikhanda futhi usho amazwi okuvuma, anjengokuthi ‘Ngiyabona’ nokuthi ‘Ngiyaqonda.’ Lokhu kungabonisa ukuthi ingqondo yakho isagxilile. Nokho, ungacabangi ukuthi ukunqekuzisa ikhanda nokusho amazwi okuvuma kuyokwenza abantu bacabange ukuthi ulalele lapho ngempela ungalalele. Empeleni, ukulokhu unqekuzisa ikhanda ngokushesha kungabonisa ukungabekezeli. Kunjengokungathi uthi, ‘Sheshisa. Khuluma masinyane. Qeda.’
Nokho, akudingekile ukuba ukhathazeke ngokweqile ngezindlela zokulalela. Mane nje ulalele ngobuqotho, futhi ukusabela kwakho kuyobonisa ubuqotho bakho.
Ukubuza imibuzo emihle nakho kubonisa ukuthi ingqondo yakho igxilile. Kubonisa ukuthi unesithakazelo. Cela ukucaciselwa amaphuzu angashiwongo noma angacacile. Buza imibuzo eyenza omunye umuntu enabe kabanzi futhi aqhubeke eveza imizwa yakhe. Ungakhathazeki ngokuthi ungase umngene emlonyeni ngezikhathi ezithile, kodwa ungakwenzi ngokweqile. Ukuqonda izinto kahle kuyingxenye yenqubo yokulalela. Uma ungamngeni emlonyeni ngokweqile, lowomuntu uyosazisa isifiso sakho sokuqonda ngokugcwele konke akushoyo.
Bonisa Ukuqonda
Lokhu kungaba ingxenye enzima kakhulu, ngisho noma umzwela ngempela umuntu okhuluma naye. Lapho umuntu ocindezelekile eza kuwe, ingabe uyaphamazela umtshele ngokusikisela okunikeza ithemba namakhambi? Ingabe ngokugagamela umtshela ukuthi isimo asisibi kangako uma siqhathaniswa nokuhlupheka komunye umuntu? Lokhu kungase kubonakale kuwusizo, kodwa kungaba nomphumela ongathandeki.
Kunezizathu eziningana ezingakwenza uthambekele ekuyekeni ukulalela bese uqala ukuxazulula. Ungase ucabange ukuthi ukusikisela kwakho kwentshiseko kuyilokho kanye okudingekayo ukuze wenze lowomuntu azizwe engcono. Noma ungaba nomuzwa wokuthi kuwumsebenzi wakho “ukulungisa” noma yini “engalungile” nokuthi uma ungakwenzi lokho, uyobe awunalo usizo noma “awuwenzi umsebenzi wakho.”
Nokho, ukunikeza inqwaba yamakhambi zisuka nje, ngokuvamile kudlulisela izigijimi ezidumazayo, ezinjengokuthi, ‘Inkinga yakho ngiyibona ilula kabi kunalokho othi iyikho.’ Noma, ‘Nginesithakazelo kakhulu edumeleni lami njengomxazululi wezinkinga kunasenhlalakahleni yakho.’ Noma, mhlawumbe, ‘Ngimane nje angiqondi—futhi angifuné kuqonda.’ Ukuqhathanisa inkinga yomuntu neyabanye ngokuvamile kusho ukuthi, ‘Kufanele ube namahloni ngokuzizwa ukhathazekile kuyilapho abanye abantu behlupheka ngaphezu kwakho.’
Uma udlulisela izigijimi ezinjalo ezidumazayo ungaqaphele, umngane wakho uyoba nomuzwa wokuthi awuzange umuzwe ngempela, ukuthi awumqondi. Angase aphethe nangokuthi ucabanga ukuthi ungcono kunaye. Esikhathini esilandelayo, uyoya komunye umuntu uma edinga induduzo.—Filipi 2:3, 4.
Kuthiwani uma umngane wakho ekhathazeke ngokungadingekile? Ngokwesibonelo, angase abe nomuzwa wecala ngaphandle kwesizathu esiqinile. Kufanele yini ukuba umtshele lokho ngokushesha ukuze aqale ukuzizwa kahle? Cha, ngoba uma ungazange uqale umlalele, isiqinisekiso sakho ngeke simduduze. Kunokuba azizwe ekhululekile, uyoba nomuzwa wokuthi akakawethuli umthwalo wakhe, ukuthi usenecala. Njengoba isazi sefilosofi sekhulu le-19 uHenry David Thoreau sikubeka, “ukukhuluma iqiniso kudinga abantu ababili: oyedwa olikhulumayo nomunye olilalelayo.”
Yeka indlela isiqondiso seBhayibheli esifaneleka ngayo: ‘Shesha ukuzwa, uphuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) Futhi kubalulekile nokulalela ngozwela! Hlanganyela imizwa yalowo okhuluma nawe. Buvume ubunzima benkinga yakhe, ukujula kokucindezeleka kwakhe. Ungayilulazi inkinga yakhe ngamazwi anjengokuthi, ‘Kuzodlula’ noma, ‘Izinto azizimbi kangako ngempela.’ Ngokumangalisayo, ukululaza okunjalo kungase kwenze imizwa yakhe ikhathazeke ngisho nakakhulu. Uyokhungatheka ngoba awukuthathi ngokungathi sína akushoyo. Ngakho ukusabela kwakho makubonise ukuthi uyakuzwa okushiwoyo nokuthi uyakwamukela ukuthi yilendlela azizwa ngayo ngezinto okwamanje.
Ukuze ulalele ngozwela akudingekile ukuba uvumelane nomuntu okhuluma nawe. Ungase ukholelwe ukuthi lowomuntu akufanele athi, “Ngiyawuzonda umsebenzi wami!” Kodwa uma usabela ngokungavumi (‘Akufanele uzizwe kanjalo’) noma ngokuphika (‘Awuqondile ukusho lokho ngempela’), uyophetha ngokuthi awuqondi. Okushoyo kufanele kubonise ukuthi uyaqonda. Kumuntu owuzondayo umsebenzi wakhe, ungase uthi, ‘Kumelwe ukuba uyakucindezela.’ Ngemva kwalokho cela imininingwane ecacisayo. Ngaleyondlela awuvumi ngempela ukuthi kufanele azonde umsebenzi wakhe kodwa umane uvuma ukuthi yileyondlela azizwa ngayo okwamanje. Ngaleyondlela umenza aneliseke ngokuthi uzwakele, ukuthi uyiveze ngokugcwele imizwa yakhe. Ngokuvamile, ukuhlanganyela inkinga kungase kuyinciphise.
Ngokufanayo, umuntu othi, “Umkami uyoxilongwa namuhla,” kungenzeka uqonde ukuthi, “Ngikhathazekile.” Indlela osabela ngayo mayibonise ukuthi uyakuqaphela lokhu. Kubonisa ukuthi ukulalele okuqondwe amazwi akhe, okududuza kakhulu kunokungakunaki akuqondile, ukukuphika, noma ukuzama ukumlungisa ngokumtshela ukuthi angakhathazeki.—Roma 12:15.
Izilaleli Ezinhle Nazo Ziyakhuluma!
I-Art of Conversation ikhuluma ngalabo abalalelayo kodwa basho okuncane kakhulu, “becabanga ukuthi kubenza babonakale bezigodla ngendlela ehloniphekile.” Lokhu kuphoqelela omunye umuntu ukuba kube uyena yedwa oxoxayo, okuyinto embi. Ngakolunye uhlangothi, kubi futhi kuyakhathaza, ukuba umuntu omlalele akhulume undendende engakuvumeli ukuba uveze imizwa yakho. Ngakho, nakuba kudingeka ube isilaleli esihle, ungase ufune nokutshela omunye umuntu ukuthi unokuthile okuwusizo ofisa ukukusho.
Yini ongayisho? Njengoba ngenhlonipho usulalele okushiwo umngane wakho, sekufanele unikeze iseluleko yini? Uma ufaneleka ukusinikeza, mhlawumbe ungasinikeza. Uma unekhambi enkingeni yomngane wakho, ngokuqinisekile mazise lelokhambi. Amazwi akho ayoba nesisindo ngandlela-thile, njengoba usebenzise isikhathi walalela kuqala. Uma ungenalo igunya elidingekile lokunikeza umngane wakho uhlobo aludingayo lwesiqondiso noma usizo, zama ukumxhumanisa nothile osesimweni sokwenza kanjalo.
Nokho, kwezinye izimo, iseluleko sisuke singadingekile futhi singaceliwe. Ngakho qaphela ukululaza umphumela omuhle wokulalela kwakho ngokusho amazwi amaningi. Kungenzeka ukuthi kudingeka umngane wakho amane nje akhuthazelele isimo esingalawuleki noma azinike isikhathi sokunqoba imizwa yakhe ephambene. Uze kuwe ukuze akhiphe ukukhathazeka kwakhe. Umlalele. Uhlanganyele imizwa yakhe, wamqinisekisa ukuthi ukhathazekile nokuthi uzocabanga ngaye umkhumbule nasemithandazweni yakho. Mazise ukuthi ukhululekile ukuba aphinde eze kuwe nokuthi uyozigcina ziyimfihlo izinkinga zakhe. Kungenzeka ukuthi udinga induduzo enjalo kunokuba afune ukuba ulungise inkinga yakhe.—IzAga 10:19; 17:17; 1 Thesalonika 5:14.
Kungakhathaliseki ukuthi ukulalela kuhambisana neseluleko noma cha, kubazuzisa bobabili abahilelekile. Okhulumayo uba nokwaneliseka kokuthi uyezwakala futhi uyaqondwa. Uyaduduzeka ngokwazi ukuthi othile umkhathalela ngokwanele ukuba alalele konke akushoyo. Isilaleli naso siyavuzwa. Abanye bayakwazisa ukukhathalela kwaso. Uma sinikeza iseluleko, sithenjelwa ngisho nakakhulu ngoba asikhulumi singakasiqondi ngokugcwele isimo esilethwa ekunakekeleni kwaso. Kuyiqiniso ukuthi ukulalela ngozwela kudinga isikhathi. Kodwa yeka ukuthi kuwumsebenzi ofaneleka kanjani! Ngempela ngokubanaka kwakho abantu, ubapha isipho esikhethekile.