Ungibheka Kanjani UJehova?
1. IBhayibheli lifana kanjani nesibuko?
1 Uvame kangakanani ukuzibuka esibukweni? Iningi lethu lizibuka nsuku zonke ngoba lokho kusisiza sibone izici ezidinga ukulungiswa endleleni esibukeka ngayo. IBhayibheli lifaniswa nesibuko. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu kusisiza sibone umuntu esinguye ngaphakathi, lokho uJehova asibona siyikho. (1 Sam. 16:7; Jak. 1:22-24) IZwi likaNkulunkulu ‘lingaqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.’ (Heb. 4:12) Ukufunda nokuzindla ngeBhayibheli nsuku zonke kungasisiza kanjani sibone izici okufanele sizithuthukise ukuze sibe abashumayeli abaphumelela kakhudlwana?—IHu. 1:1-3.
2. IBhayibheli lingasisiza kanjani ukuba sizihlole?
2 Sebenzisa IBhayibheli Njengesibuko: Ukulandisa kweBhayibheli kwezinceku zikaJehova ezithembekile kusifundisa ngezimfanelo azithandayo. Ngokwesibonelo, uDavide wabonisa intshiseko ngegama likaNkulunkulu. (1 Sam. 17:45, 46) U-Isaya wazinikela ngesibindi ekushumayeleni ensimini elukhuni. (Isaya 6:8, 9) Uthando olujulile lukaJesu ngoYise wasezulwini lwamenza wabheka inkonzo njengomthombo wokuqabuleka nokwaneliseka, hhayi njengomthwalo onzima. (Joh. 4:34) AmaKristu ekhulu lokuqala ayeshumayela ngentshiseko, encike kuJehova futhi ezimisele ukungayekethisi. (IzE. 5:41, 42; 2 Kor. 4:1; 2 Thim. 4:17) Ukuzindla ngalezi zibonelo kusisiza sizibheke sinomgomo wokuthuthukisa izinga lenkonzo yethu engcwele.
3. Kungani kungamelwe sizindele ukwenza izinguquko ezidingekayo?
3 Thatha Isinyathelo Sokulungisa: Ngempela, akusizi ngalutho ukuzibuka esibukweni bese sishalazelela izici okudingeka sizilungise. Singacela uJehova asisize sizihlole ngobuqotho futhi senze izinguquko ezidingekayo. (IHu. 139:23, 24; Luka 11:13) Ngenxa yokuthi isikhathi esisele sinciphile futhi lokhu kusho ukufa nokuphila, akumelwe sizindele lapho kudingeka senze izinguquko.—1 Kor. 7:29; 1 Thim. 4:16.
4. Kwenzekani kumuntu obukisisa iZwi likaNkulunkulu bese ethatha isinyathelo ngalokho akutholayo?
4 Umuntu esinguye ngaphakathi—lokho uJehova akubonayo—ubaluleke kakhulu kunokubukeka kwangaphandle. (1 Pet. 3:3, 4) Kwenzekani kumuntu obukisisa iZwi likaNkulunkulu bese ethatha isinyathelo ngalokho akutholayo? “Akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.” (Jak. 1:25) Yebo, siyojabula futhi sibe izikhonzi eziphumelelayo ngoba “sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova.”—2 Kor. 3:18.