Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
“Inkolo emsulwa neyangempela emehlweni kaNkulunkulu uBaba iyozibonakalisa ngezinto . . . ezinjengokuzigcina komuntu engangcolisiwe yizwe.”—JAKOBE 1:27, Phillips.
1. Inkolo iye yachazwa kanjani, futhi ngubani ngokunengqondo onelungelo lokunquma umehluko phakathi kwenkolo yamanga neyeqiniso?
INKOLO iye yachazwa ngokuthi “ukubonakaliswa kwenkolelo yomuntu emandleni angaphezu kwawomuntu abhekwa njengomdali nombusi wendawo yonke nokuhlonipha kwakhe lawomandla.” Khona-ke, ngubani ngokunengqondo onelungelo lokunquma umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso nenkolo yamanga? Ngokuqinisekile kumelwe kube yiLowo okukholelwa kuye futhi ohlonishwayo, uMdali. UJehova uye wakuveza ngokucacile eZwini lakhe ukuma kwakhe ngokuqondene nenkolo yeqiniso neyamanga.
Igama Elithi “Inkolo” EBhayibhelini
2. Izichaza-mazwi zilichaza kanjani igama lokuqala lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “uhlobo lokukhulekela” noma “inkolo,” futhi lingasetshenziswa kuziphi izinhlobo zokukhulekela?
2 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “uhlobo lokukhulekela,” noma “inkolo,” lithi thre·skeiʹa. IGreek-English Lexicon of the New Testament ichaza leligama ngokuthi “ukukhulekelwa kukaNkulunkulu, inkolo, ikakh[ulukazi] uma izibonakalisa enkonzweni engokwenkolo, noma ihlelo.” ITheological Dictionary of the New Testament inikeza imininingwane eyengeziwe, ithi: “Kuyaphikiswana ngemvelaphi yalo; . . . izazi zanamuhla zikhetha ukuxhumana kwalo nelithi therap- (‘ukukhonza’). . . . Ukwehlukahlukana kwencazelo nakho futhi kungase kuphawulwe. Umqondo walo omuhle uthi ‘intshiseko engokwenkolo’ . . . , ‘ukukhulekelwa kukaNkulunkulu,’ ‘inkolo.’ . . . Kodwa kukhona futhi nomqondo walo omubi, ongukuthi, ‘ukweqisa okungokwenkolo,’ ‘ukukhulekela okungeyikho.’” Ngaleyondlela, elithi thre·skeiʹa lingase lihunyushwe ngokuthi “inkolo” noma ngokuthi “uhlobo lokukhulekela,” oluhle noma olubi.
3. Umphostoli uPawulu walisebenzisa kanjani igama elihunyushwe ngokuthi “uhlobo lokukhulekela” futhi yimaphi amazwi athakazelisayo ashiwoyo ngokuhunyushwa kweyabaseKolose 2:18?
3 Leligama livela izikhathi ezine kuphela emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Umphostoli uPawulu walisebenzisa kabili ebhekisele enkolweni yamanga. KuzEnzo 26:5 (NW), ucashunwa ethi ngaphambi kokuba abe ngumKristu, “ngokwehlelo eliqinile lohlobo lwethu lokukhulekela [“inkolo,” Phillips] ngangingumFarisi.” Encwadini yakhe eya kwabaseKolose, waxwayisa: “Makungabikho-muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile [nohlobo lokukhulekelwa kwezingelosi, NW].” (Kolose 2:18) Ukukhulekelwa kwezingelosi okunjalo ngokusobala kwakuvamile eFrigiya ngalezozinsuku, kodwa kwakuwuhlobo lwenkolo yamanga.a Ngokuthakazelisayo, nakuba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha elithi thre·skeiʹa ngokuthi “inkolo,” kweyabaseKolose 2:18 eziningi zisebenzisa igama elithi “ukukhulekela.” INew World Translation ngokungaguquki ihumusha elithi thre·skeiʹa ngokuthi “uhlobo lokukhulekela,” umbhalo waphansi kuyiReference Bible isikhathi ngasinye uyaphawula ukuthi okunye ukuhumusha ngokuthi “inkolo” kusetshenzisiwe ezinguqulweni zesiLatini.
“Okumhlophe Okungenabala” Ngokombono KaNkulunkulu
4, 5. (a) NgokukaJakobe, okukabani ukuma okubaluleke kakhulu ngokuqondene nenkolo? (b) Yini engenza uhlobo lokukhulekela komuntu lube yize, futhi lisho ukuthini igama elihunyushwe ngokuthi “ize”?
4 Ezinye izindawo ezimbili lapho igama elithi thre·skeiʹa livela khona zisencwadini eyalotshwa umfundi uJakobe, ilungu lendikimba ebusayo yebandla lobuKristu lekhulu lokuqala. Wabhala: “Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, [“ukuthi ‘uthanda inkolo,’” Phillips] engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza [uhlobo lokukhulekela, NW] [“inkolo,” Phillips] kwalowo kuyize. Ukukhonza [uhlobo lokukhulekela, NW] [“inkolo,” Phillips] okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi-yicala lokwezwe.”—Jakobe 1:26, 27.
5 Yebo, ukuqaphela ukuma kukaJehova ngenkolo kubalulekile uma sifuna ukuvunyelwa nguye futhi sisindele ezweni elisha alithembisile. (2 Petru 3:13) UJakobe ubonisa ukuthi umuntu angase azibone ezinikele ngempela enkolweni kodwa uhlobo lwakhe lokukhulekela lube yize. Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “ize” lisho futhi “okungasebenzi, okungenalutho, okungenazithelo, okungenalusizo, okungenamandla, okuntula iqiniso.” Lokhu bekungaba njalo uma umuntu othi ungumKristu abengabambi ulimi lwakhe ngetomu futhi alusebenzisele ukudumisa uNkulunkulu nokwakha amaKristu akanye nawo. Ubeyobe ‘ukhohlisa inhliziyo yakhe’ futhi akaqhubi “inkolo emsulwa neyangempela emehlweni kaNkulunkulu.” (Phillips) Umbono kaJehova yiwona obalulekile.
6. (a) Siyini isihloko sencwadi kaJakobe? (b) Iyiphi imfuneko yokukhulekela okumsulwa uJakobe ayigcizelela, futhi yini eye yashiwo iNdikimba Ebusayo yosuku lwanamuhla ngalokhu?
6 UJakobe akazibali zonke izinto uJehova azifunayo ngokuqondene nokukhulekela kweqiniso. Ngokuvumelana nesihloko sencwadi yakhe, esiwukholo olubonakaliswa ngemisebenzi nesidingo sokugwema ubungane nezwe likaSathane, uqokomisa izimfuneko ezimbili kuphela. Enye ‘iwukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.’ Lokhu kuhilela uthando lobuKristu lweqiniso. Ngaso sonke isikhathi uJehova uye wabonisa ukukhathalela kothando ngezintandane nabafelokazi. (Duteronomi 10:17, 18; Malaki 3:5) Esinye sezenzo zokuqala zendikimba ebusayo yekhulu lokuqala yebandla lobuKristu senzelwa abafelokazi abangamaKristu. (IzEnzo 6:1-6) Umphostoli uPawulu wanikeza iziyalezo eziningiliziwe zokulungiselela ukunakekela kothando ngabafelokazi asebekhulile abasele dengwane ababezibonakalise bethembekile iminyaka eminingi futhi ababengenayo imikhaya engabasiza. (1 Thimothewu 5:3-16) INdikimba Ebusayo yosuku lwanamuhla yoFakazi BakaJehova ngokufanayo iye yakhipha iziyalezo eziqondile mayelana ‘Nokunakekela Abampofu,’ ithi: “Ukukhulekela kweqiniso kuhilela ukunakekela abathembekileyo nabaqotho abangase badinge usizo lwezinto ezibonakalayo.” (Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 122-3.) Izindikimba zabadala noma amaKristu ngamanye azibonakalisa engenandaba kulokhu ashiya isici esibalulekile sohlobo lokukhulekela okuhlanzekile nokungenabala ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu.
‘Ukungabi Necala Lokwezwe’
7, 8. (a) Iyiphi imfuneko yesibili yenkolo yeqiniso uJakobe akhuluma ngayo? (b) Ingabe abefundisi nabapristi bayahlangabezana nalemfuneko? (c) Yini engashiwo ngoFakazi BakaJehova?
7 Imfuneko yesibili yenkolo yeqiniso ephawulwe uJakobe ‘iwukuzigcina komuntu engenacala lokwezwe.’ UJesu wathi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe”; ngokungaguquki, abalandeli bakhe beqiniso babengeke ‘babe ngabezwe.’ (Johane 15:19; 18:36) Ingabe lokhu kungashiwo ngabefundisi nabapristi banoma iziphi zezinkolo zalelizwe? Basekela iZizwe Ezihlangene. Iningi labaholi bazo lasemukela isimemo sikapapa sokuhlangana eAssisi, eItaly, ngo-October 1986 ukuze babe munye ekuthandazeleni kwabo impumelelo ‘yoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke’ owawugqugqezelwe yiUN. Nokho, imizamo yabo ayiphumelelanga, uma kubhekwa izigidi zababulawa ezimpini zangalowonyaka naseminyakeni eyalandela. Abefundisi ngokuvamile bazihlanganisa neqembu lezombangazwe elibusayo, kuyilapho ngobuqili benza izivumelwano ngasese neqembu eliphikisayo ukuze kuthi noma yiliphi eliyobusa libabheke ‘njengabahlobo.’—Jakobe 4:4.
8 OFakazi BakaJehova baye bazenzela idumela njengamaKristu angathathi-hlangothi ezindabeni zezombangazwe nasezingxabanweni zalelizwe. Balondoloza lokhu kuma kuwo wonke amazwekazi nakuzo zonke izizwe, njengoba kufakazelwa imibiko yamaphephandaba nemibhalo yanamuhla engokomlando kuzo zonke izingxenye zomhlaba. ‘Abanalo’ ngempela “icala lokwezwe.” Eyabo inkolo ‘iyinkolo emsulwa neyangempela emehlweni kaNkulunkulu.’—Jakobe 1:27, Phillips.
Ezinye Izimpawu Zenkolo Yeqiniso
9. Iyiphi imfuneko yesithathu yenkolo yeqiniso, futhi ngani?
9 Uma inkolo ‘iwukuhlonipha amandla angaphezu kwawomuntu abhekwa njengomdali nombusi wendawo yonke,’ ngokuqinisekile inkolo yeqiniso kumelwe iqondise ukukhulekela kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Akumelwe ifiphaze ukuqonda kwabantu uNkulunkulu ngokufundisa imiqondo yobuqaba enjengonkulunkulu ongumthath’ emunye lapho uBaba ehlanganyela ubuninimandla onke, inkazimulo, nobuphakade bakhe nabanye abantu ababili kuZiqu-zintathu oyimfihlakalo. (Duteronomi 6:4; 1 Korinte 8:6) Kumelwe futhi ilenze laziwe igama likaNkulunkulu elingenakuqhathaniswa, elithi Jehova, futhi ilihloniphe lelogama, yebo ibizwe ngegama likaNkulunkulu njengabantu abahlelekile. (IHubo 83:18; IzEnzo 15:14) Kulokhu abaqhubi bayo kumelwe balandele isibonelo sikaKristu Jesu. (Johane 17:6) Ibaphi abantu namuhla abahlangabezana nalemfuneko ngaphandle koFakazi BakaJehova abangamaKristu?
10. Ukuze inkolo inikeze ukusindela ezweni elisha likaNkulunkulu, yini okumelwe iyenze, futhi ngani?
10 Umphostoli uPetru wathi: “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama [elithi Jesu Kristu] phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” (IzEnzo 4:8-12) Ngakho-ke, inkolo emsulwa eyonikeza ukusindela ezweni elisha likaNkulunkulu kumelwe yakhe ukholo kuKristu nasenanini lomhlatshelo wesihlengo. (Johane 3:16, 36; 17:3; Efesu 1:7) Ngaphezu kwalokho, kumelwe isize abakhulekeli beqiniso ukuba bazithobe kuKristu njengeNkosi kaJehova ebusayo nomPristi Omkhulu ogcotshiwe.—IHubo 2:6-8; Filipi 2:9-11; Heberu 4:14, 15.
11. Inkolo yeqiniso kumelwe isekelwe phezu kwani, futhi kuyini ukuma koFakazi BakaJehova kulendaba?
11 Inkolo emsulwa kumelwe isekelwe entandweni eyambuliwe kaNkulunkulu oyedwa weqiniso futhi ingasekelwa neze emasikweni noma kumafilosofi enziwe abantu. Sasingeke sazi lutho ngoJehova nezinjongo zakhe ezimangalisayo, noma ngoJesu nomhlatshelo wesihlengo, ukuba kwakungengenxa yeBhayibheli. OFakazi BakaJehova bagxilisa kubantu ukuthembela okungenakunyakaziswa eBhayibhelini. Futhi babonakalisa ngokuphila kwabo kwansuku zonke ukuthi bayavumelana namazwi omphostoli uPawulu: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, . . . ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Inkolo Yeqiniso—Indlela Yokuphila
12. Ngaphezu kokholo, yini edingekayo ukuze ukukhulekela kube okweqiniso, futhi inkolo yeqiniso iyindlela yokuphila ngaziphi izici?
12 UJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya, abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ngakho-ke, inkolo yeqiniso, noma uhlobo lokukhulekela, ayikhona ukubonakaliswa kwangaphandle kokwesaba uNkulunkulu okuwumcikilisho, okuyisiko. Ukukhulekela okumsulwa kungokomoya, kusekelwe okholweni. (Heberu 11:6) Nokho, lolokholo kumelwe lusekelwe yimisebenzi. (Jakobe 2:17) Inkolo yeqiniso iyayilahla imikhuba ethandwayo. Inamathela ezindinganisweni zeBhayibheli zokuziphatha okuhle nenkulumo ehlanzekile. (1 Korinte 6:9, 10; Efesu 5:3-5) Abaqhubi bayo balwela ngobuqotho ukukhiqiza izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwemikhaya yabo, emsebenzini wabo wokuziphilisa, esikoleni, ngisho nasekuzijabuliseni kwabo. (Galathiya 5:22, 23) OFakazi BakaJehova bazama ukungasikhohlwa nakancane iseluleko somphostoli uPawulu, esithi: “Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.” (1 Korinte 10:31) Inkolo yabo ayikhona ukugcina icala nje; iyindlela yokuphila.
13. Ukukhulekela kweqiniso kuhilelani, futhi kungani kungathiwa oFakazi BakaJehova bangabantu abazinikele enkolweni ngempela?
13 Yebo, inkolo yeqiniso ihilela imisebenzi engokomoya. Lena ihlanganisa ukuthandaza ngokomuntu siqu nanjengomkhaya, ukutadisha njalo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zokutadisha iBhayibheli, nokuya emihlanganweni yebandla lamaKristu eqiniso. Lemihlangano ivulwa futhi ivalwe ngezingoma zokudumisa uJehova nangemithandazo. (Mathewu 26:30; Efesu 5:19) Izindaba ezingokomoya ezakhayo zihlolwa ngezinkulumo nangezingxoxo zemibuzo nezimpendulo ngokwaziswa okulotshiwe bonke abakwaziyo ukukuthola. Imihlangano enjalo ngokuvamile iba semaHholo OMbuso acocekile kodwa angesibo ubucwazicwazi, asetshenziselwa ngokukhethekile izinjongo ezingokwenkolo: imihlangano yasikhathi sonke, imishado, izinkonzo zemingcwabo. OFakazi BakaJehova bayawahlonipha amaHholo OMbuso abo namaHholo Omhlangano amakhudlwana njengezindawo ezinikezelwe ekukhulekelweni kukaJehova. Ngokungafani namasonto amaningi eLobukholwa, amaHholo OMbuso awazona izinkundla zomphakathi.
14. Ukukhulekela kwakusho ukuthini kubantu abakhuluma isiHeberu, futhi yimuphi umsebenzi ohlukanisa oFakazi BakaJehova namuhla?
14 Sibonile ngaphambili ukuthi izazi zihlanganisa igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “uhlobo lokukhulekela” noma “inkolo” nesenzo esithi “ukukhonza.” Ngokuthakazelisayo, igama lesiHeberu elisho okufanayo, elithi ʽavoh·dhahʹ, lingahunyushwa ngokuthi “inkonzo” noma “ukukhulekela.” (Qhathanisa nemibhalo yaphansi kuEksodusi 3:12 no-10:26 kuyiNW.) KumaHeberu, ukukhulekela kwakusho inkonzo. Futhi kusho lokho kubakhulekeli beqiniso namuhla. Uphawu olubaluleke kakhulu noluhlukanisa inkolo yeqiniso luwukuthi bonke abayiqhubayo bahlanganyela enkonzweni yokwesaba uNkulunkulu yokushumayela “lelivangeli lombuso . . . ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14; IzEnzo 1:8; 5:42) Iyiphi inkolo eyaziwa emhlabeni wonke ngokufakaza kwayo obala ngoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu?
Amandla Amahle, Ahlanganisayo
15. Isiphi isici esivelele senkolo yeqiniso?
15 Inkolo yamanga iyehlukanisa. Iye yabangela inzondo nokuchitheka kwegazi, futhi namanje isakubangela. Ngokuphambene nalokho, inkolo yeqiniso iyahlanganisa. UJesu wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Uthando oluhlanganisa oFakazi BakaJehova lunqamula imingcele yobuzwe, ezenhlalo, ezomnotho, neyobuhlanga ehlukanisa bonke abantu. OFakazi ‘bami beqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye balwela inkolo yevangeli.’—Filipi 1:27.
16. (a) Yiliphi ‘ivangeli’ oFakazi BakaJehova abalishumayelayo? (b) Iziphi iziprofetho ezigcwaliseka kubantu bakaJehova, futhi yiziphi izibusiso eziye zalandela?
16 “Ivangeli” abalishumayelayo liwukuthi ngokushesha injongo kaNkulunkulu engaguquki izofezeka. Intando yakhe izokwenziwa, “emhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Igama likaJehova elikhazimulayo lizongcweliswa, futhi umhlaba uzoba yipharadesi, lapho abakhulekeli beqiniso beyokwazi khona ukuhlala kuze kube phakade. (IHubo 37:29) Izigidi zabantu kuwo wonke amazwe zihlanganyela noFakazi BakaJehova, zithi, ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” (Zakariya 8:23) UJehova uyababusisa abantu bakhe. “Ophansi” ngokuqinisekile useye waba “isizwe esinamandla,” ibandla lomhlaba wonke elinobunye ngokuphelele kuzo zonke izici—ngomcabango, ngomsebenzi, ngokukhulekela. (Isaya 60:22) Lokhu kungokuthile noma iyiphi inkolo yamanga engakwazanga nhlobo ukukufeza.
Ukunqoba Kwenkolo Emsulwa
17. Yini egcinelwe iBabiloni Elikhulu, futhi lokhu kuyokwenziwa kanjani?
17 IZwi likaNkulunkulu liye labikezela ukubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga, ngokomfanekiso obizwa ngokuthi “iBabiloni Elikhulu.” IBhayibheli futhi lifanekisa “amakhosi,” noma ababusi bezombangazwe, bomhlaba ngophawu lwezimpondo zesilo sasendle. Lisitshela ukuthi uNkulunkulu uyofaka ezinhliziyweni zalababusi injongo yokugumbuqela nokubhubhisa ngokuphelele lenhlangano kaSathane uDeveli enjengesifebe.—Bheka IsAmbulo 17:1, 2, 5, 6, 12, 13, 15-18.b
18. Yisiphi isizathu esiyinhloko iBhayibheli elisinikezayo sokubhubhisa iBabiloni Elikhulu, futhi inkolo yamanga yayiqala nini lenkambo enyantisayo?
18 Kungani iBabiloni Elikhulu lifanelwe ukubhujiswa? IBhayibheli liyaphendula: “Kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Ebonisa ukuthi lelicala legazi lenkolo yamanga lihlehlela emuva ngisho nangaphambi kokuba kube neBabiloni, uJesu walahla abaholi bobuJuda, ababezihlanganise neBabiloni Elikhulu, lapho ethi: “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na? . . . [Kuyakufika] phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo.” (Mathewu 23:33-35) Yebo, inkolo yamanga, eyaqala emhlabeni ngesikhathi sokuhlubuka e-Edene, kumelwe iziphendulele ngenxa yecala layo legazi elinyantisayo.
19, 20. (a) Yini abakhulekeli beqiniso abayoyenza ngemva kokuba isahlulelo sesikhishiwe eBabiloni Elikhulu? (b) Yini eyokwenzeka ngemva kwalokho, futhi yiliphi ithemba eliyovulekela bonke abakhulekeli beqiniso?
19 Ngemva kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, abakhulekeli beqiniso emhlabeni bayohlanganisa amazwi abo neqembu labahlabeleli basezulwini abahlabelela bathi: “Haleluya . . . ngokuba isifebe esikhulu . . . uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso. . . . Nomusi waso wenyuka kuze kube-phakade naphakade.”—IsAmbulo 19:1-3.
20 Khona-ke ezinye izingxenye ezakha inhlangano kaSathane ebonakalayo ziyobhujiswa. (IsAmbulo 19:17-21) Ngemva kwalokhu, uSathane, umsunguli wayo yonke inkolo yamanga, namademoni akhe bayophonswa kwalasha. Ngeke besaphinde bakhululeke ukuba bashushise abakhulekeli beqiniso bakaJehova. (IsAmbulo 20:1-3) Inkolo emsulwa iyobe iyinqobile eyamanga. Amadoda nabesifazane abathembekile abalalela isixwayiso saphezulu sokuphuma manje eBabiloni Elikhulu bayoba nethuba lokusinda futhi bangene ezweni elisha likaNkulunkulu. Lapho, bayokwazi ukuqhuba inkolo yeqiniso futhi bakhonze uJehova ngokumkhulekela kuze kube phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole incazelo ngokukhulekelwa kwezingelosi okukhulunywe ngakho kweyabaseKolose 2:18, bheka INqabayokulinda, kaJuly 15, 1985, amakhasi 12-13.
b Ukuze uthole incazelo egcwele yalesiprofetho, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., izahluko 33-6.
Vivinya Inkumbulo Yakho
◻ Okukabani ukuma okubaluleke kakhulu ngokuqondene nenkolo, futhi ngani?
◻ Yiziphi izimfuneko ezimbili zenkolo yeqiniso uJakobe azigcizelela?
◻ Yiziphi ezinye izimfuneko zokukhulekela okumsulwa?
◻ Yiliphi “ivangeli” oFakazi BakaJehova abalishumayelayo?
◻ Inkolo yeqiniso iyoyinqoba kanjani eyamanga?
[Isithombe ekhasini 17]
Abaholi benkolo behlangene eAssisi, eItaly, ngo-October 1986
[Isithombe ekhasini 19]
Inkolo yeqiniso ihilela ukuhlangana ndawonye ngenjongo yokukhulekela