Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Badala—Vikelani Enikuphathisiweyo
    INqabayokulinda—1989 | Septhemba 15
    • 12. Isiphi iseluleko esake sakhishwa kulomagazini esiyosiza umdala ukuba agweme ukusebenzisa kabi ulimi?

      12 Futhi, vikela okuphathisiwe njengomdala ngokugwema izihibe. Esinye salezi siwukusebenzisa kabi ulimi njengomfundisi. Isidingo sokuqapha ngokuqondene nalokhu sekuyisikhathi eside sigcizelelwa inhlangano kaJehova. Ngokwesibonelo, ekhophini yawo yesiNgisi kaMay 15, 1897, lomagazini wakhulumela uJakobe 3:1-13 wase uthi ngabadala ngokukhethekile: “Uma benolimi oluqephuzayo lungaba umzila wesibusiso esikhulu, luyisa abaningi eNkosini, iqiniso nendlela yokulunga; noma, ngakolunye uhlangothi, uma lonakaliswe iphutha, ulimi lungenza umonakalo ongenakulinganiswa—umonakalo okholweni, ekuziphatheni, nasemisebenzini emihle. Kuyiqiniso ngempela, ukuthi noma ubani osebenzisa isiphiwo sokufundisa uzenza atholakalele imithwalo yemfanelo eyengeziwe phambi kukaNkulunkulu nabantu. . . . Noma ubani oyoba umthombo okuphuma kuwo iZwi laphezulu, eliphethe isibusiso nokuqabuleka namandla, kufanele aqikelele ukuthi amanzi ababayo, izimfundiso ezingamanga ezingabangela isiqalekiso, umonakalo—ezihlazisa uNkulunkulu nezihlanekezela iZwi lakhe—azitholi kuye umzila wokuphunyiselwa. Ekukhetheni abaholi bemihlangano imfanelo ‘yolimi,’ njengoba ishiwo lapha akufanele inganakwa. Abanolimi oluhlabayo akufanele bakhethwe, kodwa kufanele kube kuphela abathobekile, abalinganiselayo ekukhulumeni, ababamba izindimi zabo ‘ngamatomu’ nabakulwela ngokucophelela ‘ukukhuluma njengezitsha zikaNkulunkulu.’” Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba umdala asebenzise ulimi lwakhe ngokufanele!

  • Badala—Vikelani Enikuphathisiweyo
    INqabayokulinda—1989 | Septhemba 15
    • 17, 18. Isiphi iseluleko esakhishwa kulomagazini eminyakeni engaba ngama-80 edlule esisasebenza kubadala abangamaKristu?

      17 Eminyakeni engaphezu kwengama-80 edlule, iWatch Tower (March 1, 1909) yacaphunela abadala leseluleko sikaPawulu esandulelayo yase ithi: “Abadala kuyo yonke indawo badinga ukulalela ngokukhethekile; ngoba kulo lonke uvivinyo abathandwa kakhulu nabavelele kakhulu baba nezinhlupheko novivinyo olunzima kakhulu. Ngakho [uJakobe] uyeluleka: ‘Ningabi-ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.’ Nathi, ngokufanayo, seluleka bonke abaDala abamsulwa, abangenabugovu ezinhliziyweni, ukuba bangabi nalutho ngaphandle kothando nezifiso ezinhle ngesintu, nokuba baqhubeke begcwala izithelo nomusa woMoya ongcwele, futhi benakekela umhlambi. Khumbulani, ukuthi umhlambi ungoweNkosi nokuthi ninomthwalo wemfanelo eNkosini nakuwo. Khumbulani, ukuthi kumelwe niqaphe imiphefumulo (izithakazelo) yawo njengabamelwe ukulandisa kuMalusi oMkhulu. Khumbulani, ukuthi into eyinhloko uThando, kubo bonke; futhi, nakuba ningazidebeseleli izimfundiso, nakelelani ngokukhethekile ukuthuthuka koMoya weNkosi phakathi kwamalungu ahlukahlukene oMzimba wayo, ukuze ngaleyondlela ‘afanelekele ifa labangcwele ekukhanyeni,’ futhi, ngokwentando yaPhezulu, angahlushwa aze akhubeke kulolusuku olubi, kodwa, esenze konke ame ephelele kuKristu, umzimba wakhe, amaLungu akhe, abaziDela Kanye Naye, iziNdlalifa kanye naye.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela