Yeka Indlela Elibabazeka Ngayo Igama LikaJehova!
“Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!”—IHUBO 8:1, 9.
1. Kungani uJehova enza ukuba izwe ‘lihlanze’ abantu baseKhanani?
EKUGCINENI, ngo-1473 B.C.E., uIsrayeli wama ezweni lesithembiso. Kodwa kuseneminyaka ethile yezimpi ezingokwasezulwini esengaphambili, ngoba kumelwe bakhukhule izakhamuzi ezonakele ezikulelozwe. Ingabe ngempela labobantu baseKhanani babebabi ngaleyondlela? Ngempela kunjalo! Ukukhulekela kwabo izithombe nendlela yabo yokuphila eyonakele kwakunengeka emehlweni kaJehova futhi kuyingozi kubantu bakaNkulunkulu. Ngakho-ke, uNkulunkulu wayaleza uMose ukuba amemezele ukuthi Yena wayeyosebenzisa isizwe saKhe esingcwele, uIsrayeli, njengombulali okhethwe nguYe. Ngakho-ke, uJehova wayeyokwenza ukuba izwe ‘lihlanze’ lezozizwe ezingcolile.—Levitikusi 18:1-30; Duteronomi 12:29-32.
2. Iziphi “izithelo” izimiso zezwe ezingokwenkolo eziye zaziveza?
2 Namuhla, futhi, singabuza umbuzo, Ingabe lelizwe libi kangangokuthi lifanelwe ukubhujiswa? Nokho, kuthiwani ngezimiso zezwe ezingokwenkolo? Ngokudabukisayo, lezi ziyehluleka ukudumisa uMdali, uJehova uNkulunkulu. Abantu kweLobukholwa baye bamshiya yena, “[ongumthombo wamanzi aphilileyo, bazigumbele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.” (Jeremiya 2:13) Izinkolelo zabo azinawo “amanzi” eqiniso. Baye bazibonakalisa beyingxenye yezwe ngokusekela izimpi nezombangazwe zalo nangokubambisana nokuziphatha kwalo kobulili. Njengoba uJesu asho, kumelwe baziwe “ngezithelo zabo.”—Mathewu 7:16, 17; qhathanisa nabaseGalathiya 6:7, 8.
3. Uye waba yini umphumela wokwephula kwezwe umthetho kaNkulunkulu?
3 Kuthiwani ngokuziphatha kwalelizwe? Eminyakeni yamuva, ukukhishwa kwezisu, ukukhulelwa kwentsha, nemikhaya ehlukene kuye kwadlondlobala emhlabeni wonke, ikakhulukazi emazweni abizwa ngokuthi angawobuKristu. Kwamanye amazwe, amaphesenti alinganiselwa kwangama-50 ayo yonke imishado agcina ngedivosi. “Inguquko engokobulili” yawo-1960 iye yaba neminye imiphumela elimazayo. Enye yalezi yacashunwa kuyiThe New York Times ka-June 13, 1986, ngaphansi kwesihloko esikhulu sangaphandle esithi: “KULINDELEKE UKWANDA OKUPHINDWE KASHUMI KWABABULAWA YIAIDS NGO-91.” Isihloko sabonisa ukuthi ngo-1991, inani leziguli zeAIDS (Acquired Immune Deficiency Syndrome) eUnited States kuphela lingaba ngaphezu kwezi-100 000, kanye nezindleko zezokwelapha zaminyaka yonke ezifinyelela ezigidini eziyizinkulungwane ezingama-40 zamaRandi. Lesifo esibulalayo sithathelwana ikakhulukazi ngobungqingili, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, nokumpontshelwa kwegazi—konke lokhu okuwukwephulwa komthetho kaNkulunkulu.—1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21; IzEnzo 15:19, 20.
4. (a) Impi yethu ihluke kanjani kuleyo kaIsrayeli osukwini lukaJoshuwa? (b) Kumelwe sizihlanganise ngaliphi izinga nabantu bezwe, futhi ngani?
4 Ngosuku lukaJoshuwa, uJehova wathuma isizwe saKhe esingcwele ukuba sihlanze iZwe Lesithembiso ngezimpi ezingokoqobo. Namuhla, impi yethu ingokomoya. (2 Korinte 10:3, 4) Thina boFakazi asenzi izenzo zobudlova ukuze sisuse labo abangalinaki iZwi likaNkulunkulu. UJehova uyobasusa ngesikhathi sakhe esifanele nangendlela yakhe. (Duteronomi 32:41, 43) Abantu abangenazimiso asibenzi abangane bethu abaseduze, nakuba singabonisa uthando lwangempela ngokubazisa izindaba ezinhle zoMbuso. (1 Korinte 15:33) Singatadisha nabo iZwi likaNkulunkulu futhi sibakhuthaze ukuba ‘baphenduke, baguquke, ukuze bahlangulwe izono zabo.’—IzEnzo 3:19; Mathewu 21:31, 32; Luka 5:27-32.
URahabi Nendlu Yakhe
5, 6. (a) Kungani izinhloli zaya eJeriko nasendlini kaRahabi? (b) Namuhla, uJehova uye wakuphendula kanjani ukukhalela usizo? (c) URahabi wazibonisa kanjani ‘engumngane wokuthula’?
5 Ngisho nangaphambi kokuba uIsrayeli awele uMfula iJordani, uJehova waqondisa ukunakekela emzini waseJeriko. UJoshuwa wathuma izinhloli ezimbili, ezazimelele wonke uIsrayeli, futhi wazitshela: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Kungani kwakumelwe kuhlolwe iJeriko? Nakuba lowomuzi wawumncane futhi ungenakulinganiswa nempi yakwaIsrayeli, wawulawula okwakungena eKhanani. Njengoba kwenzeka, ukuba khona kwezinhloli lapho kwakunikeza labo baseJeriko ithuba elithile lokuzibonakalisa ngokusobala ukuthi bangabakaJehova noma bamelene naye. “Basuka [izinhloli], bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.” (Joshuwa 2:1-7) Akungabazeki ukuthi ukuqondisa kwaphezulu kwaholela lezozinhloli endlini kaRahabi, njengoba nje ukuqondisa kwezingelosi namuhla ngokuvamile kuholela oFakazi BakaJehova kubantu abathandazela usizo olungokomoya! “Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.”—IHubo 34:15; bheka futhi eyesi-2 IziKronike 16:9.
6 Kungani lezozinhloli zaziyongena endlini yesifebe? Kwakungeve kungenxa yezinjongo zokuziphatha okubi kodwa mhlawumbe ukuze zidukise umkhondo wezingqapheli zaseKhanani. Amazwi kaRahabi ezinhlolini abonisa ukuthi wayengenaso isithakazelo sokuziphatha okubi kuzo. Azi ukuthi zaziyizinceku zikaJehova, wayengazitshela ngesifiso sakhe esibukhali sokuba umkhulekeli kaJehova. Waze wafaka ngisho nokuphila kwakhe engozini ngokuzifihla ophahleni lwakhe. ‘Wayenjengezimvu’ zomfanekiso kaJesu, ezibonisa umusa ‘kubafowabo’ beNkosi. (Mathewu 25:31-46) Nakuba benza ngokuhlakanipha, oFakazi BakaJehova namuhla abangabazi ukuvakashela nokutadisha iBhayibheli ‘nabangane bokuthula’ abanjalo abanesithakazelo.—Luka 10:5-7, qhathanisa neNW.
7. (a) URahabi walubonisa kanjani ukholo lwakhe kuJehova? (b) Isiphi isimo abasha okumelwe basibonise namuhla, futhi kumelwe bathathe siphi isinyathelo?
7 URahabi wayezwile ngezenzo zamandla zikaJehova. Wayengabonisa ukholo ezinhlolini ezazicashile, ethi: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.” Ngemva kokuxoxa ngombiko awuzwile ngezenzo zamandla zikaJehova, uRahabi waqhubeka: “UJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo.” (Joshuwa 2:9-13) NjengoRahabi, abasha abafunda iqiniso likaNkulunkulu namuhla akusadingekile ukuba bazizwe besaba ngenxa yesahlulelo esizokhishwa ‘ngosuku lukaJehova.’ (Zefaniya 1:14-18) Kunalokho, bayaphenduka ezindleleni zezwe futhi bafune usizo loFakazi BakaJehova ngokuzuza insindiso.—IHubo 3:6-8; IzAga 18:10.
8. (a) Ukubeka kukaRahabi “intambo ebomvu” efasiteleni lakhe kufana nani namuhla? (b) Kungani uRahabi alungisiswa, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 Isibonakaliso izinhloli ezasinika uRahabi sasiwuhlobo ‘lwentambo ebomvu’ okwakumelwe ayibophe efasiteleni izinhloli ezehla ngalo. (Joshuwa 2:17-21) Ngokubeka kukaRahabi lesibonakaliso obala, indlu yakhe yayiyoshiywa lapho iJeriko libhujiswa. Ngokufanayo namuhla, labo ababonisa ukholo olunjengolukaRahabi baphawulelwe ukusinda njengabakhulekeli bakaJehova abazinikezele, babhapathizwa. IsAmbulo 7:9, 10, 14 sibachaza ‘njengesixuku esikhulu esihlanze izingubo zaso sazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ Banokholo egazini lomhlatshelo kaJesu futhi babasekela ngemisebenzi yobuKristu. (Roma 10:9, 10) KuJakobe 2:24, 25 siyafunda: “Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?”
9. (a) Yayihlanganisani “imisebenzi” kaRahabi? (b) Uye waba yini umphumela wokufakaza ngesibindi namuhla?
9 ‘Imisebenzi’ kaRahabi yahlanganisa ukuvikela izinhloli ezimbili nokuqoqela abanye endlini yakhe ukuze basindiswe. Ngokufanayo, “isixuku esikhulu” sezikhathi zanamuhla simatasatasa ekusekeleni ngokwethembeka “inceku ethembekileyo neqondayo” egcotshiwe njengoba leliqembu lilungiselela ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi sakho’ futhi liqondisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke. (Mathewu 24:45-47) Ngokwakhe, uRahabi wayengesabi ukufakaza endlini kayise—umsebenzi owawuyingozi, ngoba wayengakhashelwa. (Qhathanisa noMathewu 10:32-36.) Ngokufanayo, emazweni amaningi lapho kunokuphikisa namuhla, oFakazi BakaJehova kumelwe babe nesibindi ekunikezeni ubufakazi. Lokhu kuye kwaphumela ekuqoqeni okukhulu, futhi ngokuvamile yonke imikhaya iye yaphuma eBabiloni Elikhulu ukuba ithathe ukuma kwayo kokukhulekela okuhlanzekile kukaJehova.—IHubo 73:28; 107:21, 22.
IJeriko—Endulo Nanamuhla
10. Ikuphi ukunakekela okukhethekile okwakumelwe kunikezwe iJeriko?
10 Ake sizibheke ngakolunye uhlangothi lezizenzakalo. “IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwaIsrayeli; kwakungaphumi-muntu, kungangeni-muntu.” Lona kwakungumuzi wokuqala waseKhanani ukuba ube ngaphansi kwenkemba kaJehova yokwahlulela. Ngenxa yalesosizathu, njengolibo olwalunikelwe kuNkulunkulu, kwakumelwe uthole ukunakekela okukhethekile. UJoshuwa wachaza: “Umuzi kumelwe ube yinto enikelwe ekubhujisweni; wona nakho konke okukuwo kungokukaJehova.”—Joshuwa 6:1, 17 qhathanisa neNW; qhathanisa noEksodusi 22:29; Levitikusi 27:26.
11. (a) Imuphi umfuziselo ophawulekayo esiwubonayo namuhla? (b) Yisho isibonelo ‘sokwesaba’ kweBabiloni Elikhulu.
11 Yeka indlela lokhu okufanelana kahle ngayo neBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga oye wafinyelela umvuthwandaba wobubi bawo kulelikhulu lama-20 elingcoliswe yigazi! Liye lazama ukuvala amasango alo ukuba oFakazi BakaJehova bangangeni. Ngokwamazwi kaRahabi, liye lehlelwa ‘ukubesaba’ abantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iphephandaba laseItaly iLa Repubblica kaNovember 12, 1985, lalinesihloko esikhulu esithi “UKUKHALA KWESONTO KOKWESABA OFAKAZI BAKAJEHOVA.” Lesihloko sabika ngomhlangano owenzelwa eBologna, okwakukhona kuwo isikhulu samaRoma Katolika ukuze ulwisane “nokusongela” koFakazi BakaJehova. Upapa wathumela incwadi yocingo yesikhuthazo nokusekela. Kwamenyezwa: “Kakade sebegcwele umhlaba wonke,” futhi kwamenyezelwa ukuthi “manje isonto selizoziviva” ukuze lihlangabezane ‘nalengozi.’ Kodwa ingabe liyophumelela?—Jeremiya 1:17-19.
12. (a) Umqondo weBabiloni Elikhulu ‘ngonkulunkulu’ uphambana kanjani neqiniso? (b) Kungani uJehova eyolwela ofakazi bakhe?
12 IBabiloni Elikhulu lamukela onkulunkulu abaningi ngokukhungathekisayo, abasukela kuZiqu-zintathu weLobukholwa oyindida kuya ezigidini zonkulunkulu bezinkolo zaseMpumalanga. Ngaphambi kokuthuma uJoshuwa, uMose wayememezele: “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye.” Namuhla, oFakazi BakaJehova babodwa ekuphakamiseni ‘loNkulunkulu munye, uYise.’ (Duteronomi 6:4; Efesu 4:6) UJehova uyosilwela njengoba enza ezinsukwini zikaJoshuwa nabanye abaholi abathembekile bakwaIsrayeli.—2 IziKronike 20:15, 17; 32:7, 8; Isaya 54:17.
Ukukhishwa Kwesahlulelo
13. (a) Iziphi izenzakalo ezaholela ekuhlaselweni kweJeriko? (b) Imiphi imifuziselo esiyiphawulayo namuhla?
13 UJoshuwa wakulungiselela kahle ukuhlaselwa kweJeriko. Amadoda ayekhulele ehlane asokwa. Lokhu kwakufanekisela ukubekela kwawo eceleni yonke into eyayingawavimbela ekuzinikeleni ngenhliziyo yonke kuJehova. (Duteronomi 10:16; 30:5, 6) Kwaqaliswa ukugujwa kwePhasika. Abantu baqala ukondliwa umkhiqizo wezwe njengoba imana eyayilungiselelwe ngokuyisimangaliso yanqamuka. Ngaphezu kwalokho, ‘isikhulu sebandla likaJehova,’ ngokungangabazeki uLizwi owayengakabi umuntu, sabonakala kuJoshuwa, samqinisekisa. Futhi uJoshuwa wakuvuma ngokuzithoba ukuba khona kwaLowo. Kukho konke lokhu, singabona imifuziselo kokuhlangenwe nakho koFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla njengoba bezinikele emsebenzini abawenzayo. Ukudla kwethu okungokomoya kuye kwahlukahluka kakhulu futhi kwaba okucebe ngokwengeziwe njengoba “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yaqhubekela phambili ngokuthuthukayo ngaphansi kokuhola kweNkosi uJesu Kristu.—Joshuwa 5:1-15.
14. Imaphi amasu ayinqaba uJehova awanikezayo ngokuhlaselwa kweJeriko?
14 Manje ake ubheke enkundleni yempi. UJehova uye wasebenzisa amasu ayinqaba ngempela! Kanye usuku ngalunye kwaze kwaphela izinsuku eziyisithupha, abapristi bakwaIsrayeli bazungeza iJeriko, bethwele uMphongolo, omelele ukuba khona kukaJehova. Bandulelwa abapristi abayisikhombisa ababetha amacilongo eJubili, kanye namasosha akwaIsrayeli ahamba ngaphambili nangemva kwabo. Kodwa ngosuku lwesikhombisa bavuka “ukuntwela kokusa,” futhi bazungeza umuzi izikhathi eziyisikhombisa. Yeka indlela labobantu baseJeriko okumelwe ukuba bathuthumela ngayo!—Joshuwa 6:2-15.
15. Imuphi umfuziselo obonakala emsebenzini woFakazi BakaJehova namuhla?
15 Kulokhu sithola umfuziselo ophawulekayo ngalokho oFakazi BakaJehova abakwenzayo namuhla emhlabeni wonke. Muva nje, kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo komsebenzi wethu woMbuso. Kusukela eminyakeni eyisihlanu kuze kube u-1985, izinhlu zamaphayona zanda ngamaphesenti ayi-134. Ibutho lamaphayona nabanye abamemezeli abathembekile boMbuso bavuka “ukuntwela kokusa,” ngokuvamile ngomqondo ongokoqobo, futhi bahlanganyele ngentshiseko ekumemezeleni izahlulelo zikaJehova. Kubaholi bezinkolo zeLobukholwa, laboFakazi babonakala ‘bengabantu abaningi abanamandla.’ Abefundisi “bayathuthumela” njengoba bephawula indlela ukumenyezelwa kweqiniso okubangela ngayo abantu abaningi abaqotho ukuba babashiye futhi bathathe ukuma kwabo ngakuJehova.—Joweli 2:1-3, 6.
16. (a) Iziphi izimangaliso eziphawula ukuwa kweJeriko? (b) Ukholo lukaRahabi luvuzwa kanjani?
16 Ekugcineni uJoshuwa uyala abantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.” Kuzwakala ukukhamuluka okukhulu kwempi. Umhlaba uyazamazama futhi—isimangaliso sezimangaliso—izindonga zeJeriko ziyawa. Ngokulalela amaIsrayeli agijimela ukuyobhubhisa yonke into ephilayo kulowomuzi. Ayishisa ngomlilo. Kodwa bheka! Ingxenye eyodwa encane odongeni olungaphandle isamile, futhi efasiteleni layo kunentambo ebomvu. URahabi nendlu kayise baholwa ngaphandle kokulinyazwa. Ngesikhathi esifanele, ukholo lukaRahabi luvuzwa ngokwengeziwe ngokuba abe umkaSalimoni ongumIsrayeli nokhokhokazi kaJesu Kristu.—Joshuwa 6:16-26; Mathewu 1:5.
17. Lezimangaliso zifanekiselani?
17 “UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.” Ngendlela efanayo, igama likaJehova elibabazekayo liyolwelwa lapho iBabiloni Elikhulu libhujiswa futhi lamukwa ingcebo nodumo lwalo ekugqashukeni ‘kosizi olukhulu.’—Joshuwa 6:27; IsAmbulo 17:16; 18:9, 10, 15-17; Mathewu 24:21, 22.
Isihlubuki Siyehluleka
18. (a) Kungani “izinhliziyo zabantu zaphela amandla”? (b) UJoshuwa wasabela kanjani kulolosizi?
18 Ngokushesha ngemva kokunqoba okubabazekayo eJeriko, kwenzeka into emangalisayo. Ibutho elihlaselayo uJoshuwa alithuma ukuba licekele phansi umuzi waseAyi ongumakhelwane lanqotshwa! “Izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba-njengamanzi.” UJoshuwa okhathazekile wathandaza ekhala: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! . . . Uyakwenzela-ntoni igama lakho elikhulu na?”—Joshuwa 7:2-9.
19, 20. (a) UJehova wabudalula kanjani ubuwula buka-Akani, futhi kwaba nasiphi isiqinisekiso kuJoshuwa? (b) Imuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla ongaphawulwa?
19 Khona-ke uJehova wembulela uJoshuwa ukuthi kuye kwenziwa “ubuwula obuhlazisayo” kwaIsrayeli. Kwatholakala kungu-Akani wesizwe sakwaJuda oyisoni. Empangweni yaseJeriko wayebe ingubo “enhle” yaseBabiloni, kanye negolide nesiliva. UJehova ‘wamhlupha’ uAkani, futhi yena nendlu yakhe bakhandwa ngamatshe. Khona-ke bona nempahla yabo bashiswa ngomlilo. Njengobufakazi obuhlala njalo balokho kukhishwa kwesahlulelo sikaJehova, kwabekwa inqwaba yamatshe phezu kuka-Akani ngokwakhe, futhi leyondawo yabizwa ngokuthi “isigodi saseAkori,” okusho “Inhlupho; Inkathazo.” Futhi, uJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi-naluvalo.” Igama likaJehova laphakanyiswa ngokuthi uJoshuwa akaphindanga wahlulwa empini.—Joshuwa 7:10–8:1, qhathanisa neNW.
20 Ingabe ukhona umfuziselo wosuku lwanamuhla wesono sika-Akani? Yebo, ukhona. Umphostoli uPawulu waxwayisa ‘ngezimpisi ezihahayo’ ezaziyolushaya indiva uhlelo olungokwasezulwini futhi ziphishekele indlela yazo yobugovu. Kusukela ngo-1919, abantu abanjalo abahahayo baye babonakala ngokuphindaphindiwe phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo samuva, phakathi nawo-1970 abadala abathile abavelele baqala ukungeneliswa. ‘Kwakubehlisa’ ukufakaza endlini ngendlu, bememezela isigijimi soMbuso ngokulandela isibonelo sabaphostoli bakaJesu. (IzEnzo 5:42; 20:20, 21, 29, 30) Kwakubonakala kukuhle kubo ukubuyela ezimfundisweni zeBabiloni. Ngobuqili bazama ukuvusa ukungabaza “ngezinsuku zokugcina” nokwehlisa umsebenzi woFakazi BakaJehova. (2 Petru 3:3, 4) Ekugcineni, kwadingeka ukuba bakhishwe ekuhlanganyeleni.—2 Johane 10, 11; qhathanisa nabaseFilipi 1:15-17; Heberu 6:4-8.
21. (a) Kubonakala ukuthi sasiyini esinye isizathu sokuphela amandla ngasekupheleni kwawo-1970? (b) Yini okungenzeka yasiza ‘ekusheshiseni’ umsebenzi kusukela ngalesosikhathi?
21 INqabayokulinda kaJanuary 15, 1980, yaphuma ibonisa ngokungagungciyo isisekelo esingokomBhalo senkonzo yethu yendlu ngendlu nokubaluleka kwayo. OFakazi abaqotho baqhubekela phambili ngentshiseko eminyakeni yawo-1980! Cishe ukuba khona kwesibalo esincane sezihlubuki kwakube nengxenye ekwehliseni umsebenzi kaJehova phakathi nengxenye yokugcina yawo-1970—lapho isilinganiso sokwanda kwaminyaka yonke ezinhlwini zoFakazi BakaJehova abakhuthele sehla saba ngaphansi kwephesenti elilodwa. Nokho, ukwanda kwaminyaka yonke eminyakeni eyisihlanu edlule kuye kwaba nesilinganiso samaphesenti angaphezu kwayi-6. Ngo-1985 abamemezeli boMbuso bafinyelela inani eliphakeme lomhlaba wonke lezi-3 024 131, uma kuqhathaniswa nezi-2 179 256 ngo-1975. UJehova uyaqhubeka ‘esheshisa’ umsebenzi wakhe!—Isaya 54:2, 3; 60:22.
22. Njengoba siqhubeka nokuhlola incwadi kaJoshuwa, yini okumelwe siyiqaphele ngegama likaJehova?
22 Iqiniso, igama likaJehova liye lababazeka kuwo wonke umhlaba! Kodwa ‘umemezela’ okuningi ngokwengeziwe ngencwadi kaJoshuwa, njengoba sizobona.—Isaya 42:8, 9.
Encwadini KaJoshuwa—
◻ Imuphi umfuziselo wezwe lanamuhla esiwutholayo?
◻ Yini esiyifundayo endabeni ephathelene noRahabi?
◻ Yini esiyitholayo ewumfuziselo womsebenzi wethu othuthukile?
◻ Ukuwa kweJeriko kufanekiselani?
◻ Ukusingathwa kwesono sika-Akani kubonisani?