-
Ingabe UNkulunkulu Ufuna Sivume Izono?INqabayokulinda—2010 | Septhemba 1
-
-
Encwadini kaJakobe sithola la mazwi akhuthazayo: “Ingabe ukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu? Makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:14, 15.
-
-
Ingabe UNkulunkulu Ufuna Sivume Izono?INqabayokulinda—2010 | Septhemba 1
-
-
Okokuqala, kufanele ‘amgcobe ngamafutha.’ Lokhu kusho ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu elinamandla okuphulukisa. Umphostoli uPawulu wathi “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo,” kanjalo lingene lijule engqondweni nasenhliziyweni yomuntu. (Hebheru 4:12) Ngokusebenzisa iBhayibheli ngekhono, amadoda amadala angasiza umuntu ogula ngokomoya ukuba abone imbangela yenkinga futhi athathe izinyathelo ezifanele ukuze alungise izinto phambi kukaNkulunkulu.
-