Kwangathi UJehova Angawuthola Umuhle Umlando Wakho
“[Lokhu, kukhumbule ukubale emlandweni wami, NW] Nkulunkulu wami . . . Ngikhumbule Nkulunkulu wami, kube-kuhle kimi.”—NEHEMIYA 13:22, 31.
1. Yini esiza labo abazinikezele kuNkulunkulu ukuba bazenzele umlando omuhle kuJehova?
IZINCEKU zikaJehova zinalo lonke usizo oludingekayo ukuze zizenzele umlando omuhle kuye. Ngani? Ngoba zinobuhlobo obuseduze noNkulunkulu njengengxenye yenhlangano yakhe yasemhlabeni. Uye wazembulela izinjongo zakhe, futhi uye wazinikeza usizo nokuqonda okungokomoya ngomoya wakhe ongcwele. (IHubo 51:11; 119:105; 1 Korinte 2:10-13) Uma sicabangela lezi zimo ezikhethekile, ngothando uJehova ufuna ukuba izinceku zakhe zasemhlabeni zizenzele umlando kuye, kokubili ngalokho eziyikho nangalokho ezikufeza ngamandla akhe nangosizo lomoya wakhe ongcwele.
2. (a) Kungaziphi izindlela uNehemiya azenzela ngazo umlando omuhle kuNkulunkulu? (b) Yimaphi amazwi okunxusa uNehemiya aphetha ngawo incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe?
2 Umuntu owazenzela umlando omuhle kuNkulunkulu uNehemiya, owayephatha indebe yeNkosi yasePheresiya u-Aritahishashita (Longimanus). (Nehemiya 2:1) UNehemiya waba umbusi wamaJuda futhi wakha kabusha izindonga zaseJerusalema ebhekene nezitha kanye nezingozi. Eshisekela ukukhulekela kweqiniso, wagcizelela uMthetho kaNkulunkulu futhi wabonisa ukukhathalela abacindezelwe. (Nehemiya 5:14-19) UNehemiya wanxusa amaLevi ukuba azihlambulule njalo, alinde amasango, futhi angcwelise usuku lweSabatha. Ngakho-ke wayengathandaza: “[Nalokhu, kukhumbule ukubale emlandweni wami, NW] Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.” Futhi, ngokufanelekile, uNehemiya waphetha incwadi yakhe ephefumulelwe ngokwaphezulu ngalokhu kunxusa: “Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube-kuhle kimi.”—Nehemiya 13:22, 31.
3. (a) Ungamchaza kanjani umuntu owenza okuhle? (b) Ukucabanga ngenkambo kaNehemiya kungasenza sizibuze miphi imibuzo?
3 Umuntu owenza okuhle ulungile futhi wenza izenzo ezinhle ezizuzisa abanye. UNehemiya wayeyindoda enjalo. Wayenokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nentshiseko enkulu ngokukhulekela kweqiniso. Ngaphezu kwalokho, wayewazisa amalungelo akhe enkonzweni kaNkulunkulu futhi wazenzela umlando omuhle kuJehova. Ukucabanga ngenkambo yakhe kungase kusenze sizibuze ngokufanele, ‘Ngiwabheka kanjani amalungelo ami nemithwalo yemfanelo engiyinikezwe uNkulunkulu? Hlobo luni lomlando engizenzela lona kuJehova uNkulunkulu nakuJesu Kristu?’
Ulwazi Lusenza Sibe Nesibopho Sokulandisa
4. UJesu wabathumani abalandeli bakhe, futhi yini labo “ababethambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade” abayenza?
4 UJesu wathuma abalandeli bakhe ethi: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Abafundi babeyokwenziwa ngokuthi bafundiswe. Labo abafundiswa kanjalo futhi “ababethambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade” babeyobhapathizwa, njengoJesu. (IzEnzo 13:48; Marku 1:9-11) Isifiso sabo sokugcina zonke izinto ayeyale ngazo sasiyosuka enhliziyweni. Babeyofinyelela eqophelweni lokuzinikezela ngokungenisa ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu nangokulusebenzisa.—Johane 17:3.
5, 6. Kumelwe siyiqonde kanjani ekaJakobe 4:17? Bonisa indlela esebenza ngayo.
5 Lapho ulwazi lwethu olungokomBhalo luya lujula, nesisekelo sokholo lwethu siba ngcono. Ngesikhathi esifanayo, isibopho sethu sokulandisa kuNkulunkulu siyakhula. EkaJakobe 4:17 ithi: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa nokho engakwenzi, kuyisono kuye.” Ngokusobala lamazwi aphelelisa lokho umfundi uJakobe ayesanda kukusho ngokuphathelene nokuqhosha kunokuthembela kuNkulunkulu ngokuphelele. Uma umuntu azi ukuthi ayikho into ehlala njalo angayifeza ngaphandle kosizo lukaJehova kodwa angenzi ngokuvumelana nalokho, kuyisono. Kodwa lamazwi kaJakobe angasebenza nasezonweni zokungenzi lutho. Ngokwesibonelo, emfanekisweni kaJesu wezimvu nezimbuzi, izimbuzi ziyalahlwa, hhayi ngenxa yezenzo ezimbi, kodwa ngenxa yokungabasizi abafowabo bakaKristu.—Mathewu 25:41-46.
6 Enye indoda oFakazi BakaJehova ababeyiqhubela isifundo seBhayibheli yayithuthuka kancane ngokomoya, ngokusobala ngenxa yokuthi yayingakuyeki ukubhema, nakuba yayazi ukuthi kufanele yenze kanjalo. Umdala othile wayicela ukuba ifunde uJakobe 4:17. Ngemva kokuchaza ukubaluleka kwalombhalo, lomdala wathi: “Nakuba ungabhapathiziwe, unesibopho sokulandisa futhi kumelwe uziphendulele ngesinqumo sakho.” Ngokujabulisayo, lendoda yasabela, yayeka ukubhema, futhi ngokushesha yafanelekela ukubhapathizwa njengophawu lokuzinikezela kwayo kuJehova uNkulunkulu.
Sinesibopho Sokulandisa Ngenkonzo Yethu
7. Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukubonga kwethu ‘ngokwazi uNkulunkulu’?
7 Isifiso sethu esisuka enhliziyweni kufanele kube ukujabulisa uMdali wethu. Enye indlela esingabonisa ngayo ukubonga ‘ngokwazi uNkulunkulu’ iwukufeza umyalo wokwenza abafundi beNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lena futhi indlela yokubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane wethu. (IzAga 2:1-5; Mathewu 22:35-40) Yebo, ulwazi lwethu ngoNkulunkulu lusenza sibe nesibopho sokulandisa kuye, futhi kudingeka sibheke abantu esiphila nabo njengabafundi bakusasa.
8. Kungani singathi uPawulu wazizwa enesibopho sokulandisa kuNkulunkulu ngenkonzo yakhe?
8 Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi ukwamukela izindaba ezinhle ngenhliziyo yonke nokuzilalela kuphumela ensindisweni, kanti ukuzenqaba kungaletha imbubhiso. (2 Thesalonika 1:6-8) Ngakho-ke wazizwa enesibopho sokulandisa kuJehova ngenkonzo yakhe. Eqinisweni, uPawulu nabangane bakhe babeyazisa kakhulu inkonzo yabo kangangokuthi baqikelela ukuthi bayakugwema ngisho nokwenza kubonakale sengathi benza imali ngayo. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo kaPawulu yamshukumisela ukuba athi: “Manje, uma mina ngimemezela izindaba ezinhle, akusona isizathu sokuba ngiziqhayise, ngoba kubekwé isidingo phezu kwami. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!”—1 Korinte 9:11-16.
9. Yiliphi icala elibalulekile wonke amaKristu okumelwe alikhokhe?
9 Njengoba siyizinceku zikaJehova ezizinikezele, ‘kubekwé isidingo phezu kwethu, sokumemezela izindaba ezinhle.’ Sithunywe ukuba sishumayele isigijimi soMbuso. Samukela lowo mthwalo wemfanelo lapho sizinikezela kuNkulunkulu. (Qhathanisa noLuka 9:23, 24.) Ngaphezu kwalokho, sinecala okumelwe silikhokhe. UPawulu wathi: “Nginecala kokubili kumaGreki nasemaQabeni, kokubili kwabahlakaniphile nakwabangenangqondo: ngakho kimi kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle nakini lapho eRoma.” (Roma 1:14, 15) UPawulu wayenecala ngoba wayazi ukuthi kuwumsebenzi wakhe ukushumayela ukuze abantu bezwe izindaba ezinhle, basindiswe. (1 Thimothewu 1:12-16; 2:3, 4) Ngakho wazikhandla ukuze afeze ukuthunywa kwakhe futhi akhokhe icala lakhe kubantu ayephila nabo. NjengamaKristu nathi sinecala elinjalo okumelwe silikhokhe. Ukushumayela ngoMbuso nako kuyindlela eyinhloko yokubonisa uthando ngoNkulunkulu, iNdodana yakhe, nangomakhelwane bethu.—Luka 10:25-28.
10. Abanye baye benzani ukuze bandise inkonzo yabo?
10 Enye indlela yokuzenzela umlando owamukelekayo kuNkulunkulu iwukusebenzisa amakhono ethu ukuze sandise inkonzo yethu. Ngokwesibonelo: Eminyakeni yamuva nje kuye kwathutheleka abantu bezizwe eziningi eBrithani. Ukuze afinyelele abantu abanjalo ngezindaba ezinhle, amaphayona (abashumayeli boMbuso besikhathi esigcwele) angaphezu kuka-800 namakhulu abanye oFakazi bafunda izilimi ezihlukene. Lokhu kuye kwaphumela ekusabeleni okuhle enkonzweni. Elinye iphayona elifundisa ikilasi lesiShayina lathi: “Angikaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngifundise abanye oFakazi ulimi lwami, ukuze bahlanganyele iqiniso nabanye ngalendlela. Kuyanelisa ngempela!” Ungayandisa inkonzo yakho ngendlela efanayo?
11. Waba yini umphumela lapho omunye umKristu efakaza ngokwethukela?
11 Cishe ngamunye wethu angenza konke oku-semandleni akhe ukuze asize umuntu ominzayo. Izinceku zikaJehova zikushisekela ngendlela efanayo ukusebenzisa amakhono azo ukuze zifakaze ngawo wonke amathuba. Muva nje uFakazi othile wahlala eduze nowesifazane othile ebhasini futhi wakhuluma naye ngemiBhalo. Ekujabulela ayekuzwa, lona wesifazane wabuza imibuzo eminingi. Lapho uFakazi esezokwehla ebhasini, owesifazane wamcela ukuba okungenani eze kwakhe, ngoba wayesenemibuzo eminingi. UFakazi wavuma. Waba yini umphumela? Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi ezinyangeni eziyisithupha kamuva owesifazane waba ummemezeli woMbuso ongabhapathiziwe. Kungakabiphi wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyisithupha okungezakhe. Yeka umvuzo ojabulisayo wokuba umuntu asebenzise amakhono akhe enkonzweni yoMbuso!
12. Njengezikhonzi amakhono ethu angasetshenziswa kanjani ngokuphumelelayo enkonzweni yasensimini?
12 Amakhono ethu njengezikhonzi angasetshenziswa ngokuphumelelayo enkonzweni ngokusebenzisa izincwadi ezinjengethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade enamakhasi angu-192. Ngo-April 1996, iKomiti Yokubhala yeNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yase inikeze imvume yokuba lencwadi Ulwazi inyatheliswe ngezilimi ezingaphezu kuka-140, futhi ngaleso sikhathi kwase kunyatheliswe amakhophi ayo angu-30 500 000 ngezilimi ezingu-111. Lencwadi yabhalwa ngenjongo yokusiza abafundi beBhayibheli ukuba bafunde okwanele ngeZwi nangezinjongo zikaNkulunkulu ukuze bazinikezele kuJehova futhi babhapathizwe. Njengoba abamemezeli boMbuso bengeke baqhube izifundo zeBhayibheli zasekhaya nomfundi oyedwa iminyaka eminingi, bangaqhuba izifundo nabantu abengeziwe noma bandise ingxenye yabo emsebenzini wendlu ngendlu nakwezinye izici zenkonzo. (IzEnzo 5:42; 20:20, 21) Beqaphela isibopho sabo sokulandisa kuNkulunkulu, badonsela ukunakekela ezixwayisweni zaphezulu. (Hezekeli 33:7-9) Kodwa isithakazelo sabo esikhulu sisekudumiseni uJehova nasekusizeni abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bafunde ngezindaba ezinhle ngesikhathi esifushane esisasalele lesi simiso esibi sezinto.
Ukuzenzela Umlando Omuhle Njengemikhaya
13. Kungani imikhaya ehlonipha uNkulunkulu kufanele ibe nesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke?
13 Umuntu ngamunye, nemikhaya eyamukela ubuKristu beqiniso, unesibopho sokulandisa kuNkulunkulu futhi ngenxa yalokho kufanele ‘aphokophelele ekuvuthweni’ futhi ‘aqine okholweni.’ (Heberu 6:1-3; 1 Petru 5:8, 9) Ngokwesibonelo, labo abaye batadisha incwadi Ulwazi futhi babhapathizwa kudingeka baphelelise ulwazi lwabo olungokomBhalo ngokuba khona njalo emihlanganweni nangokufunda iBhayibheli nezinye izincwadi zobuKristu. Nemikhaya ehlonipha uNkulunkulu kufanele ibe nesifundo somkhaya sasikhathi sonke, ngoba leyo indlela ebalulekile ‘yokuhlala siphapheme, sime siqinile okholweni, siqhubeke njengamadoda, sibe namandla.’ (1 Korinte 16:13) Uma uyinhloko yomkhaya, unesibopho esikhethekile sokulandisa kuNkulunkulu sokuqiniseka ukuthi umkhaya wakho wondliwa kahle ngokomoya. Njengoba nje ukudla okungokwenyama okunomsoco kusekela impilo yomzimba, ngokufanayo ukudla okungokomoya okuyinala nokugelezayo kuyadingeka ukuze wena nomkhaya wakho nihlale ‘niphilile okholweni.’—Thithu 1:13.
14. Baba namuphi umphumela ubufakazi obanikezwa intombazane engumIsrayeli efundiswe kahle?
14 Uma kunezingane emkhayeni wakho, uNkulunkulu uyowuthola umuhle umlando wakho uma uzinikeza imfundo engokomoya enengqondo. Ukufundiswa okunjalo kuyozizuzisa, njengoba kwazuzisa intombazanyana engumIsrayeli eyayithunjwe ama-Aramu ezinsukwini zomprofethi kaNkulunkulu u-Elisha. Yaba incekukazi yenkosikazi yenduna yebutho lase-Aramu eyayinochoko, uNahamani. Nakuba lentombazane yayisencane, yatshela umkankosi yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba-phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.” Ngenxa yobufakazi bayo, uNahamani waya kwa-Israyeli, ekugcineni wenza ngokuvumelana nesiqondiso sika-Elisha sokugeza izikhathi eziyisikhombisa eMfuleni iJordani, futhi wahlanzwa ochokweni lwakhe. Ngaphezu kwalokho, uNahamani waba umkhulekeli kaJehova. Yeka indlela lokhu okumelwe ukuba kwayijabulisa ngayo lentombazanyana!—2 AmaKhosi 5:1-3, 13-19.
15. Kungani kubalulekile ukuba abazali banikeze izingane zabo ukuqeqeshwa okuhle okungokomoya? Bonisa.
15 Akulula ukukhulisa izingane ezesaba uNkulunkulu kulelizwe elingenaso isimilo, elisemandleni kaSathane. (1 Johane 5:19) Nokho, kusukela uThimothewu esewusana, uninakhulu uLowisi nonina, u-Evnike, bamfundisa imiBhalo ngokuphumelelayo. (2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15) Ukutadisha iBhayibheli nezingane zakho, ukuya nazo emihlanganweni yobuKristu njalo, futhi ekugcineni ukuhamba nazo enkonzweni konke kuyingxenye yesibonelo sokuqeqesha okumelwe uzenzele ngaso umlando kuNkulunkulu. Omunye umKristu eWales, osevile eminyakeni engu-80, ukhumbula ukuthi ekuqaleni kwawo-1920, uyise wayemthatha ahambe naye amakhilomitha ayishumi banqamule intaba (amakhilomitha angu-20 ukuya nokubuya) beyosakaza amapheshana eBhayibheli ezakhamuzini zakwesinye isigodi. “Yilezo zikhathi zokuhamba ubaba agxilisa ngazo iqiniso enhliziyweni yami,” esho ngokubonga.
Abadala Bazenzela Umlando—Kanjani?
16, 17. (a) Amadoda amadala avuthiwe ngokomoya ayejabulela maphi amalungelo kwa-Israyeli wasendulo? (b) Uma kuqhathaniswa nesimo kwa-Israyeli wasendulo, kungani namuhla kudingeka okwengeziwe kubadala abangamaKristu?
16 “Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga,” kusho indoda ehlakaniphile uSolomoni. (IzAga 16:31) Kodwa akuyona iminyaka yobudala nje eyenza indoda ihlomele umthwalo wemfanelo ebandleni labantu bakaNkulunkulu. Kwa-Israyeli wasendulo amadoda amadala navuthiwe ngokomoya akhonza njengabahluleli nezinduna zokwenza ubulungisa nokulondoloza ukuthula, ukuhleleka okuhle, nempilo engokomoya. (Duteronomi 16:18-20) Nakuba kunjalo nasebandleni lobuKristu, kudingeka okwengeziwe kubadala njengoba ukuphela kwalesi simiso sezinto kusondela. Ngani?
17 Ama-Israyeli ‘ayengabantu abakhethiwe’ uNkulunkulu abakhulula eGibithe lasendulo. Njengoba amukela uMthetho ngomlamuleli wawo, uMose, inzalo yawo yazalelwa esizweni esizinikezele futhi ayejwayelene nemiyalo kaJehova. (Duteronomi 7:6, 11) Nokho, akekho ozalelwa esizweni esinjalo esizinikezele namuhla, futhi bambalwa uma kuqhathaniswa abakhulela emikhayeni ehlonipha uNkulunkulu ejwayelene kahle neqiniso elingokomBhalo. Ikakhulukazi labo abasanda kuqala ‘ukuhamba eqinisweni’ bangase badinge ukufundiswa indlela yokuphila ngokwezimiso ezingokomBhalo. (3 Johane 4) Ngakho-ke, yeka umthwalo osemahlombe abadala abakholekile njengoba ‘bebamba isibonelo samazwi amahle’ futhi besiza abantu bakaJehova!—2 Thimothewu 1:13, 14.
18. Hlobo luni losizo abadala bebandla okumelwe balungele ukulunikeza, futhi ngani?
18 Ingane encane ecathulayo ingase ikhubeke iwe. Izizwa ingalondekile futhi idinga usizo nesiqinisekiso somzali. Ngokufanayo umuntu ozinikezele kuJehova angase akhubeke noma awe ngokomoya. Ngisho nomphostoli uPawulu wakuthola kudingekile ukuba azabalaze ukuze enze okulungile noma okuhle phambi kukaNkulunkulu. (Roma 7:21-25) Abelusi bomhlambi kaNkulunkulu kudingeka banikeze usizo lothando kumaKristu aye ona kodwa aphenduka ngempela. Lapho abadala behambela owesifazane ozinikezele owayenze iphutha elingathi sína, wathi phambi komyeni wakhe ozinikezele: “Ngiyazi ukuthi nizongisusa ekuhlanganyeleni!” Kodwa wakhala dlí izinyembezi lapho etshelwa ukuthi abadala bafuna ukwazi ukuthi yiluphi usizo oludingekayo ukuze babuyise umkhaya ngokomoya. Beqaphela ukuthi kumelwe balandise, abadala bakujabulela ukusiza lona okholwa nabo ophendukayo.—Heberu 13:17.
Qhubeka Uzenzela Umlando Omuhle
19. Singaqhubeka kanjani sizenzela umlando omuhle kuNkulunkulu?
19 Abadala bebandla nazo zonke ezinye izinceku zikaNkulunkulu kudingeka baqhubeke bezenzela umlando omuhle kuJehova. Lokhu kungenzeka uma sinamathela eZwini likaNkulunkulu futhi senza intando yakhe. (IzAga 3:5, 6; Roma 12:1, 2, 9) Sifuna ukwenza okuhle ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni. (Galathiya 6:10) Nokho, ukuvuna kusekukhulu, futhi izisebenzi zisalokhu zimbalwa. (Mathewu 9:37, 38) Ngakho masenze okuhle kwabanye ngokumemezela isigijimi soMbuso ngenkuthalo. UJehova uyowuthola umuhle umlando wethu uma senza ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu, senza intando yakhe, futhi simemezela izindaba ezinhle ngokukholeka.
20. Yini esiyifundayo ngokucabangela inkambo kaNehemiya?
20 Ngakho-ke masiqhubeke sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi. (1 Korinte 15:58) Futhi senza kahle ngokucabangela uNehemiya, owakha kabusha udonga lwaseJerusalema, wagcizelela uMthetho kaNkulunkulu, futhi wakhuthaza ukukhulekela kweqiniso ngentshiseko. Wathandazela ukuba uJehova uNkulunkulu amkhumbule ngenxa yokuhle ayekwenzile. Kwangathi nawe ungazibonakalisa uzinikele kuJehova, futhi kwangathi angawuthola umuhle umlando wakho.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ UNehemiya wabeka siphi isibonelo?
◻ Kungani ulwazi lusenza sibe nesibopho sokulandisa kuNkulunkulu?
◻ Singazenzela kanjani umlando owamukelekayo kuJehova enkonzweni yethu?
◻ Imikhaya ingenzani ukuze izenzele umlando omuhle kuNkulunkulu?
◻ Abadala abangamaKristu bazenzela kanjani umlando?
[Izithombe ekhasini 18]
NjengoPawulu, singazenzela umlando omuhle kuNkulunkulu njengabamemezeli boMbuso
[Isithombe ekhasini 19]
Ingabe izingane zakho ziqinile okholweni njenge-ntombazanyana engumIsrayeli eyayisemzini kaNahamani?