UJehova Wenza Ukuthethelela Kube Kukhulu
“Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, . . . ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—ISAYA 55:7.
1. Yini ababusiswa ngayo manje labo abamukela intethelelo kaJehova?
UJEHOVA uyabathethelela abenzi bobubi abaphendukayo futhi manje ubenza bajabulele ukuthula kwengqondo epharadesi elingokomoya. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi bahlangabezana nalezimfuneko: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—Isaya 55:6, 7.
2. (a) Kushiwoni ‘ngokufuna uJehova’ ‘nangokubuyela kuye,’ njengoba kuphawulwe kuIsaya 55:6, 7? (b) Kungani amaJuda ayedingiselwe eBabiloni kwakudingeka abuyele kuJehova, futhi yini eyenzeka kwamanye awo?
2 Ukuze ‘afune uJehova’ futhi ambize ngendlela eyamukelekayo, umuntu omubi kufanele alahle indlela yakhe embi kanye nanoma imuphi umqondo wokulimaza abanye. Isidingo ‘sokubuyela kuJehova’ sibonisa ukuthi umenzi wobubi ubemshiyile uNkulunkulu, lowo ake aba nobuhlobo obuseduze naye. Kwakunjalo ngezakhamuzi zakwaJuda, lezo ukungathembeki kwazo kuNkulunkulu ekugcineni okwaholela ekudingiselweni eBabiloni. Abadingiswa abangamaJuda kwakudingeka babuyele kuJehova ngokuphenduka ezenzweni ezimbi ezazibangele ukuthunjelwa eBabiloni nokuba incithakalo iminyaka engu-70 kwezwe lakubo okwakubikezelwe. Ngo-537 B.C.E., lelozwe laphinde lahlalwa insali yamaJuda eyesaba uNkulunkulu eyayikhululwe eBabiloni ngokwesiyalezo sikahulumeni. (Ezra 1:1-8; Daniyeli 9:1-4) Imiphumela yalokho kubuyiselwa yaba mikhulu kangangokuba izwe lakwaJuda laqhathaniswa nePharadesi lase-Edene.—Hezekeli 36:33-36.
3. Insali kaIsrayeli ongokomoya ibe kanjani nokuhlangenwe nakho okufana nalokho kwabadingiswa abesaba uNkulunkulu ababuyela kwaJuda?
3 AmaIsrayeli angokomoya aye aba nokuhlangenwe nakho okufana nokwamaJuda esaba uNkulunkulu lawo abuyela kwaJuda ngemva kokudingiselwa eBabiloni. (Galathiya 6:16) Insali kaIsrayeli ongokomoya yenza izinguquko endleleni yayo nasekucabangeni kwayo ngemva nje kweMpi Yezwe I. Unyaka ka-1919 waba ukuphela kokudingiselwa kwayo endaweni yeBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, isuswa emseni kaNkulunkulu ophelele. Ngenxa yokuthi yaphenduka ezonweni ezazihilela ukwesaba abantu nokuphola enkonzweni kaJehova, wayikhulula eBabiloni Elikhulu, wayibuyisela esimweni sayo esingokomoya esiyifanele, waphinde wayisebenzisa ekushumayeleni isigijimi soMbuso. Ipharadesi elingokomoya liye lachuma phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kusukela ngalesosikhathi, kwaletha udumo egameni lakhe elingcwele. (Isaya 55:8-13) Khona-ke, emfanekisweni wasendulo nakulokho owawukufanekisela namuhla, sinobufakazi obusobala bokuthi izibusiso zilandela ukuthethelelwa kwaphezulu nokuthi uJehova ngempela wenza ukuthethelela kube kukhulu kwabaphendukayo.
4. Ikuphi ukwesaba ezinye izinceku zikaJehova ezinakho?
4 Ngakho-ke izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla zingathembela entethelelweni yakhe. Nokho, ezinye zazo zidangele ngenxa yamaphutha esikhathi esidlule, futhi imizwa yecala icishe iziqede amandla. Azizicabangeli njengezikufanelekele ukuhlala epharadesi elingokomoya. Empeleni, ezinye zesaba ukuthi zenza isono esingenakuthethelelwa futhi ngeke ziyithole intethelelo kaJehova. Ingabe lokho kungenzeka?
Ezinye Izono Azinakuthethelelwa
5. Kungani kungase kushiwo ukuthi ezinye izono azinakuthethelelwa?
5 Ezinye izono azinakuthethelelwa. UJesu Kristu wathi: “Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.” (Mathewu 12:31) Ngakho-ke, ukuhlambalaza umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla akhe ayisiphekupheku, ngeke kuthethelelwe. Umphostoli uPawulu wabhekisela esonweni esinjalo lapho ebhala: “Akunakwenzeka ukuba labo asebaké bakhanyiswa . . . babuye bahlubuka—akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.”—Heberu 6:4-6.
6. Yini enquma ukuthi isono singathethelelwa noma cha?
6 UNkulunkulu kuphela owaziyo uma umuntu enze isono esingenakuthethelelwa. Nokho, uPawulu wayikhanyisa lendaba lapho ebhala: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa.” (Heberu 10:26, 27) Umuntu onenkani wenza izinto ngamabomu, noma “unenkani ephikelelayo futhi ngokuvamile esontekile.” (Webster’s New Collegiate Dictionary) Noma ubani oqhubeka enza isono ngenkani ngemva kokuba eselazi iqiniso akathethelelwa. Ngakho-ke, ikakhulu akusona isono kodwa isimo senhliziyo, izinga lenkani elihilelekile, okuthinta ukuthi isono singathethelelwa yini noma cha. Ngakolunye uhlangothi, ngokunokwenzeka sisuke siyini isimo lapho umKristu owonile ephazamiseka kakhulu ngokona kwakhe? Ukukhathazeka kwakhe okukhulu cishe kubonisa ukuthi, empeleni, akenzanga isono esingenakuthethelelwa.
Izono Zabo Zazingenakuthethelelwa
7 .Kungani singasho ukuthi abanye babaphikisi bakaJesu abangokwenkolo benza isono esingenakuthethelelwa?
7 Abanye abaholi bamaJuda abangokwenkolo abamelana noJesu benza isono esihlosiwe, futhi kanjalo esingenakuthethelelwa. Nakuba bawubona umoya ongcwele kaNkulunkulu usebenza ngoJesu njengoba ayenza okuhle futhi enza nezimangaliso, labo babhali bathi amandla akhe ayengakaBelzebule, noma uSathane uDeveli. Benza isono bekwazi ngokugcwele ukusebenza komoya kaNkulunkulu. Kanjalo, benza isono esingenakuthethelelwa, ngoba uJesu wathi: “Lowo okhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakulelizwe nakwelizayo.”—Mathewu 12:22-32.
8 .Kungani isono sikaJuda Iskariyothe sasingenakuthethelelwa?
8 Isono sikaJuda Iskariyothe naso sasingenakuthethelelwa. Ukukhaphela kwakhe uJesu kwakuwumvuthwandaba wenkambo ehlosiwe, yangamabomu yobuzenzisi nokungathembeki. Ngokwesibonelo, lapho uJuda ebona uMariya egcoba uJesu ngamafutha abizayo, wabuza: “Yini ukuba lawamafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Umphostoli uJohane wanezela: “[UJuda] washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.” Ngokushesha ngemva kwalokho, uJuda wakhaphela uJesu ngezinhlamvu ezingu-30 zesiliva. (Johane 12:1-6; Mathewu 26:6-16) Yiqiniso, uJuda wazizwa edabukile futhi wazibulala. (Mathewu 27:1-5) Kodwa akazange athethelelwe, njengoba inkambo yakhe yangamabomu, yokuphikelela ebugovwini kanye nesenzo sakhe sobuqili kwabonisa ukona kwakhe umoya ongcwele. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba uJesu abize uJuda ngokuthi “indodana yokulahlwa”!—Johane 17:12; Marku 3:29; 14:21.
Izono Zabo Zathethelelwa
9. Kungani uNkulunkulu azithethelela izono zikaDavide eziphathelene noBati-Sheba?
9 Izono ezihlosiwe zihluke kakhulu emaphutheni alabo abathethelelwa uNkulunkulu. Cabanga ngeNkosi uDavide yakwaIsrayeli njengesibonelo. Yaphinga noBati-Sheba, umkaUriya, futhi kamuva yenza ukuba uJowabe ahlele ukubulawa kukaUriya empini. (2 Samuweli 11:1-27) Kungani uNkulunkulu ambonisa umusa uDavide? Ngokuyinhloko kwakungenxa yesivumelwano soMbuso kodwa futhi kwakungenxa yomusa kaDavide kanye nokuphenduka kwakhe okuqotho.—1 Samuweli 24:4-7; 2 Samuweli 7:12; 12:13.
10. Nakuba uPetru ona ngokungathi sína, kungani uNkulunkulu amthethelela?
10 Cabangela futhi umphostoli uPetru. Wona ngokungathi sína ngokuphika uJesu ngokuphindaphindiwe. Kungani uNkulunkulu amthethelela uPetru? Ngokungafani noJuda Iskariyothe, uPetru wayekade ethembekile enkonzweni kaNkulunkulu noKristu. Isono salomphostoli sasingenxa yobuthakathaka obungokwenyama, futhi waphenduka ngempela futhi “wakhala kamunyu.”—Mathewu 26:69-75.
11. Ungakuchaza kanjani “ukuphenduka,” futhi yini okufanele umuntu ayenze uma ephenduka ngempela?
11 Izibonelo ezingenhla zibonisa ukuthi ngisho nomuntu owona kakhulu angayithola intethelelo kaJehova uNkulunkulu. Kodwa isiphi isimo sengqondo esidingekayo ukuze uthethelelwe? Ukuphenduka kweqiniso kubalulekile ukuze umKristu owonile athethelelwe uNkulunkulu. Ukuphenduka kusho “ukufulathela isono ngenxa yokudabuka ngokona kwangesikhathi esedlule” noma “ukuzisola noma ukuzwa ubuhlungu ngalokho umuntu akwenzile noma angakwenzanga.” (Webster’s Third New International Dictionary) Umuntu ophenduke ngempela uyobonisa ukudabuka nganoma isiphi isihlamba, usizi, noma izinkinga isono sakhe esizilethe egameni likaJehova nasenhlanganweni yakhe. Umenzi wobubi ophendukile futhi uyoveza izithelo ezibonisa lokho, enze imisebenzi efanele ukuphenduka. (Mathewu 3:8; IzEnzo 26:20) Ngokwesibonelo, uma ephambe othile, uyothatha izinyathelo ezifanele ukuze abuyisele okulahlekile. (Luka 19:8) UmKristu onjalo ophendukile unezizathu ezinengqondo ezingokomBhalo zokuqiniseka ukuthi uJehova uyokwenza ukuthethelela kube kukhulu. Yiziphi lezozizathu?
Izizathu Zokuqiniseka Ngokuthethelela KukaNkulunkulu
12. IHubo 25:11 libonisa ukuthi umuntu ophendukayo angathandazela intethelelo ngasiphi isisekelo?
12 Umenzi wobubi ophendukayo angathandaza ngokuqiniseka ecela intethelelo ngesisekelo segama likaJehova. UDavide wanxusa: “Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.” (IHubo 25:11) Umthandazo onjalo, uhambisana nokuphenduka ngenxa yanoma isiphi isihlamba umenzi wobubi aye wasiletha egameni likaNkulunkulu, kufanele futhi usebenze njengesithiyo ekwenzeni isono esikhulu esikhathini esizayo.
13. Umthandazo ufeza yiphi indima entethelelweni yaphezulu?
13 UJehova uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo esuka enhliziyweni yezinceku zakhe ezonayo kodwa ziphenduke. Ngokwesibonelo, uJehova akazange angamlaleli uDavide, owathandaza ngokusuka enhliziyweni ngemva kokuqaphela ubukhulu bezono zakhe ngokuphathelene noBati-Sheba. Empeleni, amazwi kaDavide kumaHubo 51 azwakalisa imizwelo yabaningi abanxusayo. Wanxusa: “Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.”—IHubo 51:1, 2, 17.
14. ImiBhalo ikunikeza kanjani ukuqinisekisa kokuthi uNkulunkulu uthethelela labo ababonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo?
14 UNkulunkulu uyabathethelela labo ababonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu. UPawulu wabhala: “Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono.” (Efesu 1:7) Ngomqondo ofanayo, umphostoli uJohane wabhala: “Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo; yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.”—1 Johane 2:1, 2.
15. Ukuze siqhubeke sijabulela umusa kaNkulunkulu, isoni esiphendukayo kufanele senzeni?
15 Umusa kaJehova unikeza umenzi wobubi ophendukayo isisekelo sokuqiniseka ukuthi angathethelelwa. UNehemiya wathi: “UnguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu.” (Nehemiya 9:17; qhathanisa noEksodusi 34:6, 7.) Njengokulindelekile, ukuze siqhubeke sijabulela umusa waphezulu, isoni kumelwe silwele ukugcina umthetho kaNkulunkulu. Njengoba umhubi asho, “ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.”—IHubo 119:77, 156.
16. Iyiphi induduzo ekhona eqinisweni lokuthi uJehova uyasicabangela isimo sethu sokuba nesono?
16 Iqiniso lokuthi uJehova uyasicabangela isimo sethu sokuba nesono linikeza umenzi wobubi ophendukayo induduzo kanye nesizathu sokuthandaza ngokuqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzomthethelela. (IHubo 51:5; Roma 5:12) Umhubi uDavide wanikeza isiqinisekiso esiduduzayo lapho ethi: “Akasiphathi [uJehova uNkulunkulu] njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:10-14) Yebo, uBaba wethu wasezulwini unomusa nozwela ngisho nangaphezu komzali ongumuntu.
17. Umlando wesikhathi esidlule wenkonzo yokwethembeka kuNkulunkulu uyithinta kanjani intethelelo?
17 Isoni esiphendukayo singathandazela ukuthethelelwa ngokuqiniseka ukuthi uJehova ngeke angawunaki umlando waso wesikhathi esidlule wenkonzo yokwethembeka. UNehemiya wayengaceli ukuba athethelelwe isono sakhe, kodwa washo ukuthi: “Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube-kuhle kimi.” (Nehemiya 13:31) UmKristu ophendukayo angathola induduzo kulamazwi: “UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa ngakulo igama lakhe.”—Heberu 6:10.
Usizo Oluvela Kubadala
18. Yini okufanele yenziwe uma isono somKristu siye samenza wagula ngokomoya?
18 Kuthiwani uma umKristu ezizwa engakufanelekele ukuhlala esepharadesi elingokomoya noma engakwazi ukuthandaza ngenxa yokuthi isono sakhe siye samenza wagula ngokomoya? “Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi,” kubhala umfundi uJakobe. “Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.” Yebo, abadala bebandla bangathandaza ngendlela ekhuthazayo nabakholwa kanye naye ophendukayo noma bamthandazele ngamathemba okumbuyisela empilweni enhle engokomoya.—Jakobe 5:14-16.
19. Uma umuntu eye wasuswa ekuhlanganyeleni, yini okufanele ayenze ukuze athethelelwe futhi abuyiselwe ekuhlanganyeleni?
19 Ngisho nakuba ikomiti yokwahlulela isisusa ekuhlanganyeleni isoni esingaphenduki, lokho akusho ukuthi senze isono esingenakuthethelelwa. Nokho, ukuze sithethelelwe futhi sibuyiselwe ekuhlanganyeleni kufanele ngokuzithoba silalele imithetho kaNkulunkulu, siveze izithelo ezifanele ukuphenduka, futhi sifake isicelo kubadala sokuba sibuyiselwe. Ngemva kokuba othile owayeyisifebe esesusiwe ekuhlanganyeleni ebandleni laseKorinte yasendulo, uPawulu wabhala: “Kumanele onjalo lokhokujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi; kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu. Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando.”—2 Korinte 2:6-8; 1 Korinte 5:1-13.
UNkulunkulu Unikeza Amandla
20, 21. Yini engasiza umuntu okhathazwa ukuthi kungenzeka wenze isono esingenakuthethelelwa?
20 Uma izici ezinjengempilo engeyinhle noma ukucindezeleka zibangela ukukhathazeka kokuthi umuntu wenze isono esingenakuthethelelwa, ukuphumula ngokwanele kanye nokulala kungase kusize. Nokho, kufanele ikakhulukazi ukhumbule amazwi kaPetru: “Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe [uNkulunkulu], ngokuba uyanikhathalela.” Futhi ungamvumeli uSathane akudumaze, ngoba uPetru wanezela: “Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke . . . senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.”—1 Petru 5:6-10.
21 Ngakho uma uzisola kodwa ubulokhu wesaba ukuthi unecala lesono esingenakuthethelelwa, khumbula ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zihlakaniphile, ziwukulunga, futhi ziluthando. Khona-ke, thandaza kuye ngokholo. Qhubeka udla ukudla okungokomoya akulungiselela ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Hlanganyela nokholwa nabo futhi uhlanganyele njalo enkonzweni yobuKristu. Lokhu kuyoqinisa ukholo lwakho futhi kukukhulule kunoma ikuphi ukwesaba kokuthi kungenzeka uNkulunkulu akasithethelelanga isono sakho.
22. Yini esizoyicabangela ngokulandelayo?
22 Izakhamuzi zepharadesi elingokomoya zingaduduzeka ngokwazi ukuthi uJehova wenza ukuthethelela kube kukhulu. Nokho, ukuphila kwazo akukhona okungenazilingo namuhla. Mhlawumbe zicindezelekile ngenxa yokuthi othandekayo ufile noma umngane othandekayo ugulela ukufa. Njengoba sizobona, kulezi nakwezinye izimo, uJehova usiza futhi ahole abantu bakhe ngomoya wakhe ongcwele.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJehova ‘wenza ukuthethelela kube kukhulu’?
◻ Isiphi isono esingenakho ukuthethelelwa?
◻ Izono zomuntu zithethelelwa ngaphansi kwaziphi izimo?
◻ Kungani abenzi bobubi abaphendukayo bengaqiniseka ngentethelelo kaNkulunkulu?
◻ Iluphi usizo olungatholwa abenzi bobubi abaphendukayo?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe uyazi ukuthi kungani uDavide noPetru bathethelelwa kodwa uJuda Iskariyothe wangathethelelwa?
[Isithombe ekhasini 12]
Usizo olunikezwa ngabadala bebandla lungenza okukhulu ekusizeni umKristu ngokomoya