Unalo Ngempela Ukholo Ezindabeni Ezinhle?
“Umbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani, nibe nokholo ezindabeni ezinhle.”—MARKU 1:15.
1, 2. Ungamchaza kanjani uMarku 1:14, 15?
KWAKUNGUNYAKA KA-30 C.E. UJesu Kristu wayeseqale inkonzo yakhe ebalulekile eGalile. Wayeshumayela “izindaba ezinhle zikaNkulunkulu,” futhi abantu abaningi baseGalile bashukunyiswa yila mazwi akhe: “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani, nibe nokholo ezindabeni ezinhle.”—Marku 1:14, 15.
2 Sase sifikile “isikhathi esimisiwe” sokuba uJesu aqale inkonzo yakhe nesokuba abantu benze isinqumo esasiyobenza bamukelwe uNkulunkulu. (Luka 12:54-56) ‘Umbuso kaNkulunkulu wawususondele’ ngoba uJesu wayelapho njengeNkosi Emisiwe. Umsebenzi wakhe wokushumayela washukumisela abanhliziyo zilungile ukuba baphenduke. Kodwa babonisa kanjani ukuthi ‘banokholo ezindabeni ezinhle’ futhi thina singakubonisa kanjani?
3. Yini abantu abaye bayenza ukuze babonise ukuthi banokholo ezindabeni ezinhle?
3 NjengoJesu, umphostoli uPetru wakhuthaza abantu ukuba baphenduke. Ekhuluma namaJuda eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E., uPetru wathi: “Phendukani, yilowo nalowo kini abhapathizwe egameni likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa kwezono zenu, khona-ke nizokwamukela isipho sesihle somoya ongcwele.” Izinkulungwane zaphenduka, zabhapathizwa futhi zaba abalandeli bakaJesu. (IzEnzo 2:38, 41; 4:4) Ngo-36 C.E., abeZizwe ababephendukile bathatha izinyathelo ezifanayo. (IzEnzo 10:1-48) Osukwini lwethu, ukholo ezindabeni ezinhle lushukumisela izinkulungwane ukuba ziphenduke ezonweni zazo, zizinikezele kuNkulunkulu futhi zibhapathizwe. Ziye zazamukela izindaba ezinhle zensindiso futhi zibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. Ngaphezu kwalokho, zenza ukulunga futhi ziye zathatha uhlangothi loMbuso kaNkulunkulu.
4. Luyini ukholo?
4 Kodwa luyini ukholo? Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Ukholo lwethu lusenza siqiniseke ukuthi konke uNkulunkulu akuthembisayo eZwini lakhe kufana nosekwenzekile. Kunjengokungathi sinetayitele elifakazela ukuthi singabanikazi bendawo ethile. Ukholo lubuye lube “ukuboniswa okusobala,” noma ubufakazi bokuqiniseka, ngezinto ezingabonakali. Ukubona ngeso lengqondo nokwazisa ngenhliziyo kusenza siqiniseke ukuthi izinto ezinjalo zingokoqobo, nakuba singazange sizibone.—2 Korinte 5:7; Efesu 1:18.
Siyaludinga Ukholo!
5. Kungani ukholo lubaluleke kangaka?
5 Sazalwa sinesidingo esingokomoya kodwa singenalo ukholo. Empeleni, “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Nokho, amaKristu kumelwe abe nokholo ukuze azuze izithembiso zikaNkulunkulu. (Hebheru 6:12) Ngemva kokubala izibonelo eziningi zokholo, uPawulu wabhala: “Ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisihaqileyo, nathi masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.” (Hebheru 12:1, 2) Siyini lesi “sono esisithandela kalula”? Ukuntula ukholo, ngisho nokulahlekelwa ukholo esasinalo. Ukuze silondoloze ukholo oluqinile, kumelwe ‘sigxilise amehlo kuJesu’ futhi silandele isibonelo sakhe. Kudingeka futhi sikwenqabe ukuziphatha okubi, silwe nemisebenzi yenyama, futhi sigweme ukuthanda izinto ezibonakalayo, amafilosofi ezwe namasiko angqubuzana nemiBhalo. (Galathiya 5:19-21; Kolose 2:8; 1 Thimothewu 6:9, 10; Jude 3, 4) Ngaphezu kwalokho, kumelwe sikholelwe ukuthi uNkulunkulu unathi nokuthi iseluleko esiseZwini lakhe siyasebenza ngempela.
6, 7. Kungani kufaneleka ukuluthandazela ukholo?
6 Asikwazi ukuzakhela ukholo ngamandla ethu okuzimisela. Ukholo lungesinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu ongcwele, noma amandla akhe asebenzayo. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho, kuthiwani uma ukholo lwethu ludinga ukuqiniswa? UJesu wathi: “Uma nina . . . nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:13) Yebo, masithandazele umoya ongcwele, ngoba ungaveza kithi ukholo oludingekayo ukuze senze intando kaNkulunkulu ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinya kakhulu.—Efesu 3:20.
7 Kuyafaneleka ukuthandazela ukholo olwengeziwe. Lapho uJesu ayesezokhipha idemoni kumfana omncane, uyise walo mfana wanxusa: “Nginalo ukholo! Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!” (Marku 9:24) Abafundi bakaJesu bathi: “Siphe ukholo olwengeziwe.” (Luka 17:5) Ngakho-ke, masithandazele ukholo, siqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo enjalo.—1 Johane 5:14.
Ukholo EZwini LikaNkulunkulu Lubalulekile
8. Ukholo eZwini likaNkulunkulu lungasisiza kanjani?
8 Ngaphambi nje kokufa kwakhe okuwumhlatshelo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. Bonisani ukholo kuNkulunkulu, nibonise ukholo nakimi.” (Johane 14:1) NjengamaKristu, sinokholo kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe. Kodwa kuthiwani ngeZwi likaNkulunkulu? Lingaba ithonya elinamandla ekuphileni kwethu uma silitadisha futhi silisebenzise, siqiniseka ngokugcwele ukuthi lineseluleko nesiqondiso esingcono kakhulu esingasithola.—Hebheru 4:12.
9, 10. Ungakuchaza kanjani lokho okushiwo ngokholo kuJakobe 1:5-8?
9 Ukuphila kwethu njengabantu abangaphelele kugcwele izinkathazo. Nokho, ukholo eZwini likaNkulunkulu lungasisiza ngempela. (Jobe 14:1) Ngokwesibonelo, ake sithi asazi ukuthi singabhekana kanjani novivinyo oluthile. IZwi likaNkulunkulu lisinikeza lesi seluleko: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona. Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, engangabazi neze, ngoba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha. Eqinisweni, lowo muntu makangacabangi ukuthi uyokwamukela utho kuJehova; ungumuntu omanqikanqika, ongagxilile ezindleleni zakhe zonke.”—Jakobe 1:5-8.
10 UJehova uNkulunkulu ngeke asisole ngokuntula ukuhlakanipha nokukuthandazela. Kunalokho, uyosisiza silubheke ngendlela efanele lolo vivinyo. Labo esikholwa nabo bangase basiqaphelise imibhalo ewusizo, noma singayiqaphela lapho sitadisha iBhayibheli. Noma singase siqondiswe umoya kaJehova ongcwele ngenye indlela. UBaba wethu osezulwini uyosinika ukuhlakanipha ukuze sibhekane novivinyo uma ‘siqhubeka sicela ngokholo, singangabazi neze.’ Uma sinjengegagasi lolwandle eliqhutshwa umoya, asinakulindela ukuthola utho kuNkulunkulu. Ngani? Ngoba lokhu bekungase kusho ukuthi simanqikanqika futhi asigxilile emthandazweni noma ngezinye izindlela—yebo, ngisho nasekuboniseni ukholo. Ngakho-ke kudingeka sibe nokholo oluqinile eZwini likaNkulunkulu nasesiqondisweni elisinikezayo. Ake sihlole ezinye zezibonelo zendlela elinikeza ngayo usizo nesiqondiso.
Ukholo Nokokudla
11. Ukholo eZwini likaNkulunkulu lusenza siqiniseke ngani ngokuqondene nezidingo zethu zansuku zonke?
11 Kuthiwani uma manje siswele noma sihlupheka? Ukholo eZwini likaNkulunkulu lusinika ukulindelwa okuqinisekisiwe kokuthi uJehova uyozinakekela izidingo zethu zansuku zonke futhi ekugcineni uyobapha ngesandla esivulekile bonke abamthandayo. (IHubo 72:16; Luka 11:2, 3) Kungase kusikhuthaze ukuzindla ngendlela uJehova ondla ngayo umprofethi wakhe u-Eliya lapho kunendlala. Kamuva, ngokuyisimangaliso uNkulunkulu wawenza wangaphela ufulawa namafutha, okwenza owesifazane, indodana yakhe no-Eliya baqhubeka bephila. (1 AmaKhosi 17:2-16) Ngokufanayo uJehova wondla umprofethi uJeremiya lapho iJerusalema livinjezelwe iBhabhiloni. (Jeremiya 37:21) Nakuba uJeremiya no-Eliya babengenakudla okutheni, uJehova wabanakekela. Wenza okufanayo kulabo abanokholo kuye namuhla.—Mathewu 6:11, 25-34.
12. Ukholo lungasisiza kanjani ukuba sibe nokokudla?
12 Ukholo oluhambisana nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngeke lusenze sicebe ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa luyosisiza ukuba sithole okokudla. Ngokwesibonelo: IBhayibheli liseluleka ukuba sibe abantu abathembekile, abanekhono nabakhuthele. (IzAga 22:29; UmShumayeli 5:18, 19; 2 Korinte 8:21) Akufanele neze sikuthathe kalula ukubaluleka kokuba isisebenzi esinedumela elihle. Ngisho nasezindaweni lapho imisebenzi ekahle iyindlala, izisebenzi ezithembekile, ezinekhono nezikhuthele kuzihambela kangcono kunezinye. Nakuba lezo zisebenzi zingase zingabi nalutho olutheni ngokwezinto ezibonakalayo, ngokuvamile ziba nezidingo eziyisisekelo nokwaneliseka kokudla ukudla ezikusebenzele.—2 Thesalonika 3:11, 12.
Ukholo Lusisiza Ukuba Sikhuthazelele Usizi
13, 14. Ukholo lusisiza kanjani ukuba sikhuthazelele usizi lokushonelwa?
13 IZwi likaNkulunkulu libhekana namaqiniso ngokubonisa ukuthi kungokwemvelo ukuba lusizi lapho kushona othandekayo. Inzalamizi ethembekile u-Abrahama yakhala ngemva kokushona komkayo othandekayo, uSara. (Genesise 23:2) UDavide waba lusizi lapho ezwa ngokufa kwendodana yakhe u-Absalomu. (2 Samuweli 18:33) Ngisho nomuntu ophelele, uJesu, wakhala ngenxa yokufa komngane wakhe uLazaru. (Johane 11:35, 36) Lapho sishonelwa othandekayo, singase sifikelwe usizi oluthi alusiqede amandla, kodwa ukholo ezithembisweni eziseZwini likaNkulunkulu lungasisiza ukuba silukhuthazelele lolo sizi.
14 UPawulu wathi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Kudingeka sibe nokholo elungiselelweni likaNkulunkulu lokuba kuvuswe izigidi ziphinde ziphile. (Johane 5:28, 29) Phakathi kwazo kuyobe kuno-Abrahama noSara, u-Isaka noRebheka, uJakobe noLeya—bonke abalele ekufeni manje futhi abalindele ukuvuselwa ezweni elisha likaNkulunkulu. (Genesise 49:29-32) Yeka injabulo eyoba khona lapho abathandekayo bevuswa ebuthongweni bokufa ukuze baphile lapha emhlabeni! (IsAmbulo 20:11-15) Okwamanje, ukholo ngeke lulususe lonke usizi, kodwa luyosigcina siseduze noNkulunkulu, osisiza ukuba sikhuthazelele ukushonelwa.—IHubo 121:1-3; 2 Korinte 1:3.
Ukholo Luqinisa Abacindezelekile
15, 16. (a) Kungani singase sithi ukucindezeleka akuyona into entsha kulabo abanokholo? (b) Yini esingayenza ukuze sibhekane nokucindezeleka?
15 IZwi likaNkulunkulu libonisa nokuthi ngisho nalabo abanokholo bangaba izisulu zokucindezeleka. Lapho ebhekene novivinyo olunzima, uJobe waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu umshiyile. (Jobe 29:2-5) Ukuba yincithakalo kweJerusalema nezingange zalo kwenza uNehemiya wadangala. (Nehemiya 2:1-3) Ngemva kokuphika uJesu, uPetru waphatheka kabi kangangokuthi “wakhala kamunyu.” (Luka 22:62) Futhi uPawulu wakhuthaza ayekholwa nabo ebandleni laseThesalonika ukuba ‘bakhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Ngakho, ukucindezeleka kwalabo abanokholo namuhla akuyona into entsha. Yini-ke esingayenza ukuze sibhekane nako?
16 Kungenzeka sicindezeleké ngenxa yokuthi sibhekene nezinkinga eziningana ezinzima. Kunokuba sizibheke njengosizi olulodwa olukhulu, singase sikwazi ukuzixazulula ngayinye ngayinye ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Lokhu kungase kusize ekunciphiseni ukucindezeleka kwethu. Ukulinganisela kwesikwenzayo nokuphumula ngokwanele nakho kungase kusisize. Nakhu esiqiniseka ngakho: Ukholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe luthuthukisa inhlalakahle yethu engokomoya ngoba lusenza siqiniseke nakakhulu ukuthi uyasikhathalela ngempela.
17. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyasikhathalela?
17 UPetru usinika lesi siqinisekiso esiduduzayo: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele; kuyilapho niphonsa zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) Umhubi wahlabelela: “UJehova usekela bonke abawayo, futhi uvusa bonke abakhotheme.” (IHubo 145:14) Kufanele sizikholelwe lezi ziqinisekiso, ngoba ziseZwini likaNkulunkulu. Nakuba ukucindezeleka kungase kuphikelele, akuve kuluqinisa ukholo ukwazi ukuthi singaphonsa konke ukukhathazeka kwethu kuBaba wethu osezulwini onothando!
Ukholo Nezinye Izilingo
18, 19. Ukholo lusisiza kanjani ukuba sibhekane nokugula nokuba siduduze esikholwa nabo abagulayo?
18 Singase sibhekane nesilingo esikhulu sokholo lwethu lapho thina noma abathandekayo bethu begula kakhulu. Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi amaKristu anjengo-Ephafrodithu, uThimothewu noTrofimu elapheka ngokuyisimangaliso, akungabazeki ukuthi uJehova wawasiza ukuba akhuthazele. (Filipi 2:25-30; 1 Thimothewu 5:23; 2 Thimothewu 4:20) Ngaphezu kwalokho, ekhuluma ‘ngomuntu owenza ngokumcabangela ophansi,’ umhubi wahlabelela: “UJehova uqobo uyomsekela okhukhweni lokugula; ngokuqinisekile wonke umbhede wakhe uyowushintsha phakathi nokugula kwakhe.” (IHubo 41:1-3) La mazwi omhubi angasisiza kanjani ukuba siduduze esikholwa nabo abagulayo?
19 Enye yezindlela zokubasiza ngokomoya abagulayo ukuthandaza nabo futhi sibathandazele. Nakuba singaceli ukwelashwa okuyisimangaliso namuhla, singamcela uNkulunkulu ukuba abanike amandla okubhekana nokugula kwabo namandla angokomoya adingekayo ukuze bakhuthazelele lobo buthakathaka. UJehova uyobasekela, nokholo lwabo luyoqina lapho bebheka phambili esikhathini lapho eyobe ‘engasekho oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Akuve kududuza ukwazi ukuthi ngoJesu Kristu ovusiwe nangoMbuso kaNkulunkulu, isintu esilalelayo siyokhululwa unomphela esonweni, ekuguleni nasekufeni! Ngenxa yala mathemba amangalisayo siyambonga uJehova, ‘oyophulukisa zonke izifo zethu.’—IHubo 103:1-3; IsAmbulo 21:1-5.
20. Kungani singase sithi ukholo lungasisiza sikhuthazelele “izinsuku eziyinhlekelele” zokuguga?
20 Ukholo lungasisiza futhi ukuba sikhuthazelele “izinsuku eziyinhlekelele” zokuguga, lapho impilo namandla kuncipha. (UmShumayeli 12:1-7) Ngakho asebekhulile phakathi kwethu bangathandaza njengoba kwenza umhubi owayesekhulile owahlabelela wathi: “Wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova . . . Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho nje amandla ami ephela.” (IHubo 71:5, 9) Umhubi wayezizwa edinga ukusekelwa uJehova, njengoba kwenza namaningi amaKristu esikholwa nawo asegugele enkonzweni kaNkulunkulu. Ngenxa yokholo lwawo, angaqiniseka ukuthi izingalo zikaJehova ziyowasekela njalo.—Duteronomi 33:27.
Londoloza Ukholo EZwini LikaNkulunkulu
21, 22. Uma sinokholo, buthinteka kanjani ubuhlobo bethu noNkulunkulu?
21 Ukholo ezindabeni ezinhle nakulo lonke iZwi likaNkulunkulu lusisiza ukuba sisondele nakakhulu kuJehova. (Jakobe 4:8) Yiqiniso, uyiNkosi yethu enguMbusi, kodwa futhi unguMdali noBaba wethu. (Isaya 64:8; Mathewu 6:9; IzEnzo 4:24) Umhubi wahlabelela wathi: “Wena unguBaba, uNkulunkulu wami neDwala lensindiso yami.” (IHubo 89:26) Uma sibonisa ukholo kuJehova naseZwini lakhe eliphefumulelwe, nathi singambheka ‘njengeDwala lensindiso yethu.’ Yeka ilungelo elijabulisayo!
22 UJehova unguBaba wamaKristu agcotshwe ngomoya nabangane bawo abanethemba lasemhlabeni. (Roma 8:15) Futhi ukholo kuBaba wethu osezulwini alulokothi luholele ekudumazekeni. UDavide wathi: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” (IHubo 27:10) Ngaphezu kwalokho, sinalesi siqinisekiso: “UJehova ngeke abalahle abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu.”—1 Samuweli 12:22.
23. Yini edingekayo ukuze sibe nobuhlobo obuhlala njalo noJehova?
23 Yiqiniso, ukuze sibe nobuhlobo obuhlala njalo noJehova kumelwe sibe nokholo ezindabeni ezinhle futhi samukele imiBhalo ngokwalokho ngempela eyikho—iZwi likaNkulunkulu. (1 Thesalonika 2:13) Kumelwe sibe nokholo olugcwele kuJehova futhi sivumele iZwi lakhe likhanyise indlela yethu. (IHubo 119:105; IzAga 3:5, 6) Ukholo lwethu luyokhula njengoba sithandaza kuye siqiniseka ukuthi uyosibonisa isihawu nomusa futhi asisekele.
24. Yimuphi umcabango oduduzayo okumaRoma 14:8?
24 Ukholo lwasishukumisela ukuba sizinikezele phakade kuNkulunkulu. Njengoba sinokholo oluqinile, ngisho noma singafa, siyizinceku zakhe ezizinikezele ezinethemba lovuko. Yebo, “kokubili uma siphila noma sifa, singabakaJehova.” (Roma 14:8) Masiwugcine ezinhliziyweni zethu lowo mcabango oduduzayo njengoba siqhubeka silethemba iZwi likaNkulunkulu futhi sinokholo ezindabeni ezinhle.
Ungaphendula Kanjani?
• Luyini ukholo, futhi kungani siyidinga le mfanelo?
• Kungani kubalulekile ukuba sibe nokholo ezindabeni ezinhle nakulo lonke iZwi likaNkulunkulu?
• Ukholo lusisiza kanjani ukuba sibhekane nezilingo ezihlukahlukene?
• Yini eyosisiza silondoloze ukholo?
[Izithombe ekhasini 12]
UJehova wabasekela oJeremiya no-Eliya ngoba babenokholo
[Izithombe ekhasini 13]
UJobe, uPetru noNehemiya babenokholo oluqinile
[Izithombe ekhasini 15]
Ukuze sibe nobuhlobo obuhlala njalo noJehova, kumelwe sibe nokholo ezindabeni ezinhle