Umbono WeBhayibheli
Ukugqoka Nokuzilungisa Kwakho—Ingabe Kunendaba KuNkulunkulu?
“Nengoba uhlu lwezikhombo lusitshela okuqukethwe yincwadi, . . . kanjalo ukubukeka kwangaphandle nezingubo, emadodeni nabesifazane, kusivezela isimo sabo sengqondo.” —Umlobi wemidlalo waseNgilandi uPhilip Massinger.
EKHULWINI lesithathu C.E., umlobeli wesonto uTitus Clemens wabhala uhlu olude lwemithetho eyayizoqondisa ukugqoka nokuzilungisa. Imihlobiso nezindwangu zekhethelo noma ezimibalabala kwakunqatshelwe. Abesifazane kwakungamelwe bashintshe umbala wezinwele zabo noma “bagcobe ubuso babo ngezinto zokuyenga ngobuqili,” okuwukuthi, “ukupenda ubuso.” Amadoda ayalwa ukuba aphuce izinwele ngoba “ikhanda eliphuciwe . . . linika indoda isithunzi,” kodwa intshebe kwakungamelwe igundwe, ngoba “ihloniphisa ubuso futhi inika ubaba isithunzi.”a
Emakhulwini eminyaka kamuva umholi ongumProthestani uJohn Calvin washaya imithetho eyayichaza ngokucacile ukuthi imiphi imibala nohlobo lwezingubo abalandeli bakhe ababengazigqoka. Amatshe ayigugu noleyisi kwakubhekwa kabi, futhi owesifazane wayengagqunywa ejele ngokulungisa izinwele zakhe zibe “ubude obungalungile.”
Imibono enjalo eyeqisayo, eye yasekelwa abaholi benkolo phakathi neminyaka eminingi, iye yabangela ukuba abantu abaningi abaqotho bazibuze, Ingabe uNkulunkulu unendaba ngempela ngokuthi ngigqokani? Ingabe akazivumeli izimfashini ezithile noma ukusebenzisa izimonyo? IBhayibheli lifundisani?
Indaba Yomuntu Siqu
Ngokuthakazelisayo, njengoba kulotshwe kuJohane 8:31, 32, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma nihlala ezwini lami, . . . niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” Yebo, amaqiniso uJesu awafundisa ayezokhulula abantu emithwalweni ecindezelayo eyayilethwe amasiko nezimfundiso zamanga. Ayeklanyelwe ukuqabula labo ‘ababekhandleka nababesindwa.’ (Mathewu 11:28) UJesu noYise, uJehova uNkulunkulu, abakuthandi ukulawula ukuphila kwabantu baze bangakwazi ngisho nokuzenzela izinqumo futhi bazicabangele bona ezindabeni zomuntu siqu. UJehova ufuna babe abantu abavuthiwe abathi “ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—Heberu 5:14.
Ngakho-ke, iBhayibheli alinayo imithetho eningiliziwe yokugqoka nokuzilungisa noma yokusetshenziswa kwezimonyo, ngaphandle kwemithetho eqondile yokugqoka eyayinikezwe amaJuda ngoMthetho kaMose eyayihloselwe ukuwasiza ahlale ehlukile ezizweni ezaziwazungezile nasethonyeni lazo lokuziphatha okubi. (Numeri 15:38-41; Duteronomi 22:5) Ngaphansi kwelungiselelo lobuKristu, ukugqoka nokuzilungisa ngokuyisisekelo kuyindaba yokuzikhethela komuntu siqu.
Nokho, lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu akanandaba nalokho esikugqokayo noma ukuthi ‘kukwathelawayeka.’ Ngokuphambene, iBhayibheli lineziqondiso ezinengqondo eziveza umbono kaNkulunkulu ngokugqoka nokuzilungisa.
“Ngesizotha Nangokuhluzeka Kwengqondo”
Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi abesifazane abangamaKristu kufanele “bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amaparele noma ngemvunulo ebiza kakhulu.” Ngokufanayo, uPetru uxwayisa ‘ngokwaluka izinwele kwangaphandle nokokufaka imihlobiso yegolide.’—1 Thimothewu 2:9; 1 Petru 3:3.
Ingabe uPetru noPawulu babonisa ukuthi amadoda nabesifazane abangamaKristu kufanele bagweme ukuthuthukisa ukubukeka kwabo? Phinde! Empeleni, iBhayibheli likhuluma ngamadoda nabesifazane abakholekile ababesebenzisa izinto zokuhloba eziyigugu noma amafutha okugcoba namakha. Ngaphambi kokuyobona iNkosi u-Ahashiveroshi, u-Esteri waqholwa ukuze abe muhle ngamafutha anamakha futhi wabhucungwa. Futhi uJosefa wagqokiswa izingubo zelineni elicolekileyo nomnaka wegolide.—Genesise 41:42; Eksodusi 32:2, 3; Esteri 2:7, 12, 15.
Inkulumo ethi “nangokuhluzeka kwengqondo,” njengoba isetshenziswe uPawulu, isisiza ukuba siqonde lesi siyalo. Igama lesiGreki lokuqala libonisa ukuba mnene nokuzithiba. Lisho ukuzicabangela ngesizotha, ungafuni ukunakwa ngokungadingekile. Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha leli gama ngokuthi “ngokuqonda,” “ngokuhlakanipha,” “ngokuhlanzeka,” noma “ngokuzithiba.” Le mfanelo iyimfuneko ebalulekile kubadala abangamaKristu.—1 Thimothewu 3:2.
Ngakho-ke, lapho isitshela ukuthi kumelwe sigqoke futhi sizilungise ngendlela enesizotha, imiBhalo isikhuthaza ukuba sigweme noma iziphi izitayela ezeqisayo ezingakhubekisa abanye futhi zilethe isihlamba edumeleni lethu nelebandla lobuKristu. Kunokuba badonsele ukunakekela ekubukekeni kwabo ngokuzihlobisa, labo abathi besaba uNkulunkulu kufanele babonise ukuhluzeka kwengqondo futhi banake kakhulu “umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya othule nomnene.” UPetru uphetha ngokuthi lokhu ‘kungokwenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.’—1 Petru 3:4.
AmaKristu ‘awumbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni.’ Kumelwe aqaphele umbono awunika abanye, ikakhulukazi ecabangela umyalo awunikeziwe wokushumayela izindaba ezinhle. (1 Korinte 4:9; Mathewu 24:14) Ngakho-ke, ngeke avumele noma yini, kuhlanganise nokubukeka kwawo, ukuba kuphazamise abanye ekulaleleni leso sigijimi esibalulekile.—2 Korinte 4:2.
Nakuba izitayela zokugqoka zihlukahluka ezindaweni ngezindawo, iBhayibheli linikeza abantu ngabanye iziqondiso ezicacile, ezinengqondo ezibasiza ukuba bakhethe ngokuhlakanipha. Uma nje benamathela kulezi zimiso, uNkulunkulu uvumela bonke ngokukhululeka nangothando ukuba bazikhethele endabeni yokugqoka nokuzilungisa.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwenziwa umzamo wokusekela le mithetho ngokusonta imiBhalo. Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngento enjalo, isazi semfundiso yenkolo esinogazi uTertullian safundisa ukuthi njengoba owesifazane abangela “isono sokuqala, nokuqalekiswa . . . okwabangela ukulahlwa kwesintu,” abesifazane kumelwe “bahambe njengo-Eva belila futhi bedabukile.” Empeleni, sagcizelela ukuthi owesifazane omuhle ngokwemvelo kufanele aze afihle ngisho nobuhle bakhe.—Qhathanisa neyabaseRoma 5:12-14; 1 Thimothewu 2:13, 14.