-
Ingabe Ulingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye?INqabayokulinda—2007 | Juni 15
-
-
Ukukhathalela kukaJehova kothando kuyabonakala ebandleni lobuKristu. Njengoba eyiNhloko yebandla, uJesu Kristu uqondisa abadala ukuba banakekele umhlambi wakhe. (Johane 21:15-17) Igama lesiGreki elithi umbonisi lihlobene nesenzo esisho “ukuqaphelisisa.” Egcizelela indlela lokhu okufanele kwenziwe ngayo, uPetru uyala abadala: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.”—1 Petru 5:2, 3.
-
-
Ingabe Ulingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye?INqabayokulinda—2007 | Juni 15
-
-
Nokho, amazwi kaPetru angenhla asiqaphelisa ingozi—yokuba abadala ‘bazenze izingqongqo phezu’ kwebandla. Enye indlela okungabonakala ngayo lokhu yilapho umdala enza imithetho engadingekile. Eshukunyiswa umuzwa onamandla wesibopho sokuvikela umhlambi, umdala angase eqise. Kwelinye ibandla ezweni laseMpumalanga, abadala bamisa imithetho yendlela yokubingelela abanye eHholo LoMbuso—enjengokuthi ubani okufanele akhulume kuqala—bekholelwa ukuthi ukusebenzisa le mithetho kwakuyokwenza ibandla libe nokuthula. Nakuba ngokungangabazeki babenezisusa ezinhle, ingabe labo badala babelingisa ukukhathalela kukaJehova abantu bakhe? Ngokuphawulekayo, isimo sengqondo somphostoli uPawulu sabonakala emazwini akhe: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ukuze nijabule, ngoba nimi ngokholo lwenu.” (2 Korinte 1:24) UJehova uyabethemba abantu bakhe.
-