Benza Intando KaJehova
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Wenza Inkonzo Ephansi
UJESU wayazi ukuthi amahora okugcina enabaphostoli bakhe ayeyoba yigugu. Ngokushesha wayezoboshwa, futhi ukholo lwakhe luvivinywe kunanini ngaphambili. UJesu wayeqaphela nokuthi wayelindelwe izibusiso ezinkulu. Ngokushesha wayezophakanyiselwa ngakwesokudla sikaNkulunkulu futhi anikwe “igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi.”—Filipi 2:9, 10.
Nokho, ukukhathazeka ngokufa kwakhe okwase kusondele noma ukulangazelela umvuzo awuthenjisiwe akuzange kumphazamise uJesu ekunakekeleni izidingo zabaphostoli bakhe. Kamuva uJohane wabhala eVangelini lakhe ukuthi “wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.” (Johane 13:1) Futhi kulawo mahora okugcina abaluleke kakhulu okuphila kwakhe njengomuntu ophelele, uJesu wafundisa abaphostoli bakhe isifundo esibalulekile.
Isifundo Sokuthobeka
Abaphostoli babenoJesu egunjini eliphezulu eJerusalema ukuze bagubhe iPhasika. Ngaphambili, uJesu wayebezwe bephikisana ngokuthi ngubani owayemkhulu kunabo bonke phakathi kwabo. (Mathewu 18:1; Marku 9:33, 34) Wayexoxile nabo ngale ndaba futhi wazama ukulungisa umbono wabo. (Luka 9:46) Nokho, kulokhu uJesu wagcizelela lezi zifundo ngokusebenzisa indlela ehlukile. Wakhetha ukungakhulumi nje nabo ngokuthobeka kodwa wabonisa ngesenzo.
UJesu “wavuka esidlweni sakusihlwa futhi wabeka eceleni izingubo zakhe zangaphandle,” kubhala uJohane. “Ethatha ithawula, wabhinca. Ngemva kwalokho wafaka amanzi esitsheni sokugezela waqala ukugeza izinyawo zabafundi nokuzomisa ngethawula ayelibhincile.”—Johane 13:4, 5.
Esimweni sezulu esifudumele saseMpumalanga Ephakathi yasendulo, abantu babevame ukugqoka izingxabulela lapho behamba emigwaqweni ewubhuqu. Lapho bengena ekhaya lomuntu ovamile, babebingelelwa yilowo obamukelayo, owayebalungiselela izitsha namanzi ukuze bageze izinyawo zabo. Emakhaya athe ukuceba, kwakuba yisigqila esasenza lo msebenzi wokugeza izinyawo.—AbAhluleli 19:21; 1 Samuweli 25:40-42.
Egunjini eliphezulu, uJesu nabaphostoli bakhe babengavakashele muntu. Kwakungekho muntu owayezobanika izitsha, futhi kwakungekho zigqila zokubageza izinyawo. Lapho uJesu eqala ukugeza izinyawo zabo, abaphostoli bazizwa benamahloni. UMuntu omkhulu kunabo bonke wenza umsebenzi ophansi kunayo yonke!
UPetru waqale wenqaba ukuba uJesu ageze izinyawo zakhe. Kodwa uJesu wamtshela: “Ngaphandle kokuba ngikugeze, awunasabelo nami.” Lapho uJesu eseqedile ukugeza izinyawo zabo bonke abaphostoli, wathi: “Niyakwazi yini lokho engikwenzé kini? Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi nikhuluma kahle, ngoba ngiyikho. Ngakho-ke, uma mina, nakuba ngiyiNkosi noMfundisi, nginigezé izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo. Ngoba nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani kufanele nenze kanjalo.”—Johane 13:6-15.
UJesu wayengamisi inkambiso yokugeza izinyawo. Kunalokho, wayesiza abaphostoli bakhe ukuba babe nesimo sengqondo esisha—esokuthobeka nesokuzimisela ukwenzela abafowabo imisebenzi ephansi kunayo yonke. Ngokusobala, balithola iphuzu. Cabangela lokho okwenzeka eminyakeni ethile kamuva lapho kuphakama udaba lokusoka. Nakuba kwaba ‘nokuphikisana okukhulu,’ labo ababekhona balondoloza ukuhleleka futhi bayilalela ngenhlonipho imibono yomunye nomunye. Ngaphezu kwalokho, kubonakala sengathi owayengamele kulowo mhlangano kwakungumfundi uJakobe—owayengeyena omunye wabaphostoli, njengoba besingase silindele njengoba babekhona. Lo mniningwane osekulandiseni kwezEnzo ubonisa ukuthi abaphostoli base bethuthuke ngokuphawulekayo ekuboniseni ukuthobeka.—IzEnzo 15:6-29.
Esikufundayo
Ngokugeza izinyawo zabafundi bakhe, uJesu wanikeza isifundo esinamandla sokuthobeka. Ngempela, amaKristu akufanele acabange ukuthi abaluleke kangangokuthi abanye kufanele bahlale bekhonza wona, futhi akufanele alwele ukuthola izikhundla zodumo nokuba ngabalulekile. Kunalokho, kufanele alandele isibonelo esabekwa uJesu, ‘ongezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wakhe ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) Yebo, abalandeli bakaJesu kufanele bazimisele ukwenzelana izinkonzo eziphansi kunazo zonke.
Yingakho uPetru abhala: “Bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “bhincani” lisuselwa egameni elisho “iphinifa lesigqila,” elalibhincwa phezu kwesambatho esixegayo emzimbeni. Ingabe uPetru wayebhekisela esenzweni sikaJesu sokubhinca ithawula nokugeza izinyawo zabaphostoli? Lokhu ngeke kushiwo ngokuqiniseka. Nokho, inkonzo yokuthobeka kaJesu yagxila ngokujulile enhliziyweni kaPetru, njengoba kufanele kube njalo nasezinhliziyweni zabo bonke ababeyoba abalandeli bakaKristu.—Kolose 3:12-14.