Ukuhlala Ugxilile Lapho Ingane Ivukela
OWESIFAZANE ongumKristu esizombiza ngokuthi uJoy wazama ukukhulisa indodana yakhe ukuba ithande uJehova uNkulunkulu. Nokho, lapho isizohlanganisa iminyaka engamashumi amabili, yavukela futhi yahamba ekhaya. UJoy uthi: “Ngangiqala ukuzwa ubuhlungu obunjeya. Ngazizwa ngidumele, ngilusizi futhi ngikhungathekile. Ngadliwa imicabango emibi.”
Mhlawumbe nawe uye wazama ukukhulisa abantabakho ukuze bathande futhi bakhonze uNkulunkulu—kamuva oyedwa noma abengeziwe bayeka ukumkhonza. Ungabhekana kanjani nalokho kudumazeka okubuhlungu? Yini ezokusiza ukuba uhlale ugxilile enkonzweni yakho kuJehova?
Lapho Amadodana KaJehova Evukela
Isinyathelo sokuqala siwukwazi ukuthi uJehova uyazi kahle indlela ozizwa ngayo. Ku-Isaya 49:15 siyafunda: “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe? Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” Yebo, uJehova unemizwa efana neyobaba nomama. Ngakho, cabanga ukuthi kumelwe ukuba wayejabule kangakanani ngesikhathi wonke amadodana akhe ayizingelosi emdumisa futhi emkhonza. Lapho ephendula inzalamizi uJobe “esivunguvungwini,” uJehova wakhumbula izikhathi ezijabulisayo enomkhaya wakhe womoya onobunye. Wathi: “Wawukuphi lapho ngisekela umhlaba? . . . Lapho izinkanyezi zokusa zikhamuluka kanyekanye ngenjabulo, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu eqala ukumemeza ehalalisa?”—Jobe 38:1, 4, 7.
Ngokuhamba kwesikhathi, enye yamadodana kaNkulunkulu weqiniso aphelele ayizingelosi yamvukela yaba uSathane, okusho “uMphikisi.” UJehova waphinde wabona indodana yakhe yokuqala engumuntu, u-Adamu nomkayo ophelele, u-Eva, bevukela. (Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9) Kamuva, nezinye izingelosi “zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” futhi zavukela uNkulunkulu.—Jude 6.
ImiBhalo ayisitsheli ukuthi uJehova wazizwa kanjani lapho amanye amadodana akhe aphelele evukela. Nokho, iBhayibheli lisho ngokuqondile: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi. UJehova wadabuka ngokuthi wayebenzile abantu emhlabeni, futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:5, 6) Ukuvukela kwabantu bakaJehova abakhethiwe, u-Israyeli, nakho kwamzwisa “ubuhlungu.”—IHubo 78:40, 41.
Akungabazeki ukuthi uJehova uyabazwela abazali abasosizini lokuvukela kwabantwana. EZwini lakhe, iBhayibheli, uye wanikeza iseluleko esiwusizo nesikhuthazo esihle esingasiza labo bazali bakwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nesimo abakuso. UNkulunkulu ubanxusa ukuba baphonse izinkathazo zabo kuye, bazithobe futhi bamelane noSathane uDeveli. Ake sibone indlela ukulalela lesi seluleko okungakusiza ngayo ukuba uhlale ugxilile lapho umntanakho evukela.
Phonsa Izinkathazo Zakho KuJehova
UJehova uyazi ukuthi abazali bakhathazeka kakhulu lapho benomuzwa wokuthi izingane zabo zisengozini yokuzilimaza noma yokulinyazwa abanye. Umphostoli uPetru uveza enye indlela yokubhekana nalokhu nezinye izinkathazo. Uyabhala: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaJehova, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) Kungani lesi simemo nesiqinisekiso sifaneleka ikakhulu kubazali abanengane evukelayo?
Ngesikhathi ingane yakho isencane, wawuqaphile ukuze uyivikele ezingozini, futhi kungenzeka ukuthi yayilalela lapho uyiqondisa ngothando. Nokho, njengoba ikhula kungenzeka ukuthi ayisalinaki kangako izwi lakho, kodwa isifiso sakho esiqotho sokuyivikela ekulimaleni sisekhona. Empeleni, kungenzeka ukuthi sesisikhulu kakhulu kunanini ngaphambili.
Ngakho, lapho ingane yakho ivukela bese ilimala ngokomoya, ngokomzwelo noma ngokomzimba, ungase uzibeke icala. UJoy, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wazizwa ngale ndlela. Uthi: “Usuku ngalunye ngangihlushwa umuzwa wokuba isehluleki, ngangihlala ngicabanga ngezenzakalo zesikhathi esidlule.” Kungalezo zikhathi lapho uJehova efuna khona ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe.’ Uma wenza kanjalo, uzokusiza. Umhubi wathi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” (IHubo 55:22) UJoy wayithola leyo nduduzo. Uyachaza: “Ngatshela uJehova yonke into eyayingaphakathi kimi. Ngathulula yonke imizwa yami, futhi lokho kwaba impumuzo enkulu.”
Njengomzali ongaphelele, kungenzeka uye wawenza amaphutha ngenkathi ukhulisa ingane yakho. Kodwa kungani kufanele ugxile kulawo maphutha? Kusobala ukuthi uJehova akakwenzi lokhu ngoba umhubi ophefumulelwe wahlabelela: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHubo 130:3) Ngisho noma ungazange uwenze amaphutha, kungenzeka ukuthi ibiyovukela noma kunjalo. Ngakho, thandaza utshele uJehova imizwa yakho, futhi uzokusiza ukuba ubhekane nalesi simo. Nokho, ukuze uhlale ugxilile ekukhonzeni uJehova futhi ugweme ukuba isisulu sikaSathane, kumelwe wenze okwengeziwe.
Zithobe
UPetru wabhala: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.” (1 Petru 5:6) Kungani kudingeka ukuthobeka lapho ingane yakho ivukela? Ngaphezu kokukubangela umuzwa wecala nobuhlungu, ukuba nengane evukelayo kungase kukubangele amahloni. Ungase ukhathazeke ngokuthi izenzo zengane yakho zonakalise idumela lomkhaya wakho, ikakhulukazi uma kuye kwadingeka ukuba isuswe ebandleni lobuKristu. Ukuzisola namahloni kungase kukudikibalise ungabe usaya emihlanganweni yobuKristu.
Lapho ubhekene naleso simo, kudingeka uhlakulele ukuhlakanipha okusebenzayo. IzAga 18:1 ziyaxwayisa: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” Ngokuya njalo emihlanganweni yobuKristu naphezu kosizi onalo, uyokwazi ukuzuza emthonjeni obalulekile wesiyalo nesikhuthazo. UJoy uyavuma: “Ekuqaleni, ngangingafuni ukuhlangana nabantu. Kodwa ngazikhumbuza ukuthi isimiso sami esingokomoya sibalulekile. Ngaphandle kwalokho, ukube ngahlala ekhaya, ngangiyogxila ezinkingeni zami. Imihlangano yangisiza ngagxila ezintweni ezingokomoya ezakhayo. Ngijabula kakhulu ngokuthi angizange ngizahlukanise bese ngingakutholi ukusekela kothando kwabafowethu nodadewethu.”—Hebheru 10:24, 25.
Khumbula nokuthi yilowo nalowo ekhaya kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo’ wemfanelo wobuKristu. (Galathiya 6:5) UJehova ulindele ukuba abazali bathande futhi bayale izingane zabo. Ulindele nokuba izingane zilalele futhi zihloniphe abazali bazo. Uma abazali benza konke abangakwenza ukuze bakhulise izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,” bayoba nedumela elihle kuNkulunkulu. (Efesu 6:1-4) Uma ingane ivukela isiyalo sabazali esinothando, yidumela layo eliyokonakala. IzAga 20:11 zithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” Ukuvukela kukaSathane akulonakalisanga nakancane idumela likaJehova kulabo abawaziyo amaqiniso.
Melana NoDeveli
UPetru uyaxwayisa: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Petru 5:8) Njengengonyama, uDeveli uvame ukuhlasela intsha engenakho okuhlangenwe nakho. Endulo, izingonyama zazizulazula kwa-Israyeli futhi zaziyingozi emfuyweni. Uma iwundlu lidukelana nomhlambi, laliba isisulu esilula. Ngokwemvelo, unina angase afake ukuphila kwakhe engozini ukuze alivikele. Nokho, ngisho nemvu endala yayingeke ilwe nengonyama. Ngakho, kwakudingeka abelusi abanesibindi ukuze bavikele imihlambi.—1 Samuweli 17:34, 35.
Ukuze avikele izimvu zakhe ezingokomfanekiso ‘engonyameni ebhongayo,’ uJehova uye walungiselela abelusi abangokomoya ukuba banakekele umhlambi ngaphansi ‘kukamalusi omkhulu,’ uJesu Kristu. (1 Petru 5:4) UPetru uyawanxusa lawo madoda amisiwe: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.” (1 Petru 5:1, 2) Uma abazali bebambisana nabo, laba belusi bangakwazi ukusiza osemusha ukuba alungise ingokomoya lakhe.
Lapho kudingeka ukuba abelusi abangamaKristu baluleke ingane yakho evukelayo, ungase uzizwe ufuna ukuyivikela. Nokho, ukwenza lokho kungaba iphutha elingathí sina. UPetru uthi: “Melanani [noDeveli]”—hhayi nabelusi abangokomoya.—1 Petru 5:9.
Lapho Ithola Isiyalo Esiqinile
Uma ingane yakho ingumKristu obhapathiziwe futhi ingaphenduki, ingase ithole isiyalo esiqine kunazo zonke—ukususwa ekuhlanganyeleni. Kusukela lapho, izinga oyoxhumana nayo ngalo liyoxhomeka eminyakeni yayo yobudala nakwezinye izimo.
Uma ingane isencane futhi isahlala ekhaya, kulindelekile ukuba uqhubeke uyondla. Isadinga nokuqeqeshwa nokuyalwa, futhi kungumthwalo wakho wemfanelo ukwenza lokhu. (IzAga 1:8-18; 6:20-22; 29:17) Ungase ukhethe ukuyiqhubela isifundo seBhayibheli, esihilela yona ngokuqondile. Ungayenza iphawule imiBhalo ehlukahlukene nokushiwo izincwadi ezikhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45) Ungase uye nayo emihlanganweni yobuKristu futhi uhlale nayo. Konke lokhu ungakwenza ngethemba lokuthi iyosamukela iseluleko esingokomBhalo.
Isimo siba esihlukile uma ingane esusiwe isikhulile futhi ingasahlali ekhaya. Umphostoli uPawulu wayala amaKristu aseKorinte lasendulo: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.” (1 Korinte 5:11) Nakuba ukunakekela izindaba zomkhaya kungase kudinge ukuthintana okuthile nengane esusiwe, umzali ongumKristu kufanele alwele ukukugwema ukuzihlanganisa nayo ngokungenasidingo.
Lapho ingane eyonile iyalwa abelusi abangamaKristu, kuyoba ubuwula ukusenqaba noma ukusithela ngamanzi isiyalo sabo esisekelwe eBhayibhelini. Ukuthatha uhlangothi lwengane yakho evukelayo ngeke kuyivikele kuDeveli. Empeleni, uyobe ufaka elakho ingokomoya engozini. Ngakolunye uhlangothi, uma usekela imizamo yabelusi, uyohlala ‘uqinile okholweni’ futhi uyonikeza ingane yakho usizo olungcono kakhulu.—1 Petru 5:9.
UJehova Uzokusekela
Uma kungenzeka ingane yakho ivukele, khumbula ukuthi awuwedwa. Abanye abazali abangamaKristu baye babhekana nesimo esifanayo. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nakuphi ukulingwa, uJehova angasisekela.—IHubo 68:19.
Ncika kuJehova ngomthandazo. Hlanganyela njalo nebandla lobuKristu. Sekela isiyalo sabelusi abamisiwe. Ngokwenza lokho, uyokwazi ukuhlala ugxilile. Isibonelo sakho esihle singase sisize ingane yakho ukuba ilalele isimemo sothando esivela kuJehova sokubuyela kuye.—Malaki 3:6, 7.
[Izithombe ekhasini 18]
Thola amandla ngomthandazo nangebandla lobuKristu