Ungayeki!
“Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—GALATHIYA 6:9.
1, 2. (a) Ingonyama izingela ngaziphi izindlela? (b) Obani kakhulukazi uDeveli azimisele ukubabamba?
INGONYAMA izingela ngezindlela ezihlukahlukene. Ngezinye izikhathi iqamekela isisulu sayo ezindaweni zamanzi noma emizileni esetshenziswa kakhulu. Kodwa ngezinye izikhathi, kusho incwadi ethi Portraits in the Wild, ingonyama “imane isizakale ngesimo esithile—ngokwesibonelo, lapho yelamela inkonyane ledube elilele.”
2 ‘Isitha sethu, uDeveli,’ kuchaza umphostoli uPetru, “sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.” (1 Petru 5:8) Azi ukuthi isikhathi sakhe esisele sifushane, uSathane ucindezela abantu kakhulu kunanini ngaphambili ukuze abayekise ukukhonza uJehova. Nokho, ‘lengonyama ebhongayo’ izimisele ukubamba ikakhulukazi izinceku zikaJehova. (IsAmbulo 12:12, 17) Izindlela zayo zokuzingela zifana nezengonyama yangempela. Kanjani?
3, 4. (a) Yiziphi izindlela uSathane azisebenzisayo ukuze abambe izinceku zikaJehova? (b) Ngenxa yokuthi lezi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” yimiphi imibuzo ephakanyiswayo?
3 Ngezinye izikhathi uSathane uzama ukuqamekela—ukushushisa noma ukuphikisa okuhloselwe ukuba kwephule ubuqotho bethu ukuze siyeke ukukhonza uJehova. (2 Thimothewu 3:12) Kodwa, njengengonyama, ngezinye izikhathi uDeveli umane asizakale ngesimo esithile. Uyalinda size sidumazeke noma sikhathale, abese ezama ukusizakala ngesimo sethu sokucindezeleka ngokomzwelo ukuze asenze siyeke. Akumelwe sivume asibambe kalula!
4 Nokho, siphila enkathini enzima kakhulu kuwo wonke umlando wesintu. Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” abaningi bethu bangazizwa bedumazekile noma becindezelekile ngezikhathi ezithile. (2 Thimothewu 3:1) Singakugwema kanjani-ke ukukhathala uDeveli aze asibambe kalula? Yebo, singasilalela kanjani iseluleko esiphefumulelwe sikamphostoli uPawulu: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali”?—Galathiya 6:9.
Lapho Abanye Besidumaza
5. Yini eyenza uDavide wakhathala, kodwa yini angazange ayenze?
5 Ezikhathini zeBhayibheli, ngisho nezinceku zikaJehova ezikholeke impela kungenzeka zaziye zizizwe zicindezelekile. “Ngikhathele ukububula kwami,” kubhala umhubi uDavide. “Ngimatisa icansi lami njalo ebusuku, ngimatisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. Iso lami liyafiphala ngokudabuka.” Kungani uDavide azizwa ngaleyo ndlela? “Ngenxa yezitha zami zonke,” echaza. Izenzo ezibuhlungu zabanye zabangela uDavide ubuhlungu benhliziyo obunjalo kangangokuba izinyembezi zakhe zazizigelezela. Noma kunjalo, uDavide akazange amfulathele uJehova ngenxa yalokho abanye abantu ababemenze kona.—IHubo 6:6-9.
6. (a) Angasithinta kanjani amazwi nezenzo zabanye? (b) Abanye bazenza kanjani izisulu ezilula zikaDeveli?
6 Ngokufanayo, amazwi noma izenzo zabanye zingasenza sikhathale ngenxa yobuhlungu obukhulu benhliziyo. “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba,” kusho izAga 12:18. Uma lowo muntu ophahlukile engumzalwane noma udade ongumKristu, ‘inxeba’ lingaba likhulu. Ukuthambekela kobuntu kungaba ukuthukuthela, mhlawumbe ukufukamela intukuthelo. Lokhu kuba njalo ikakhulukazi lapho sinomuzwa wokuthi siye sangaphathwa ngomusa noma ngobulungisa. Singase sikuthole kunzima ukukhuluma nalowo osonile; singase simgweme nokumgwema ngamabomu. Becindezelwe yintukuthelo, abanye baye bashiya phansi futhi bayeka ukuya emihlanganweni yobuKristu. Ngokudabukisayo, ngaleyo ndlela ‘bavumela uDeveli athole indawo’ yokuba abenze izisulu kalula.—Efesu 4:27.
7. (a) Singakugwema kanjani ukuvumela uDeveli asizakale ngathi lapho abanye besidumaza noma besiphatha kabi? (b) Kungani kungafanele sifukamele intukuthelo?
7 Singakugwema kanjani ukuvumela uDeveli asizakale ngathi lapho abanye besidumaza noma besiphatha kabi? Kumelwe sizame ukungayifukameli intukuthelo. Kunalokho, masithathe isinyathelo sokubuyisela ukuthula noma sokuxazulula izinkinga ngokushesha ngangokunokwenzeka. (Efesu 4:26) EyabaseKolose 3:13 iyasinxusa: “Qhubekani . . . nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye.” Intethelelo ifaneleka ngokukhethekile lapho lowo owonile evuma iphutha lakhe futhi ezisola ngempela. (Qhathanisa iHubo 32:3-5 nezAga 28:13.) Nokho, kuyosisiza uma sikhumbula ukuthi ukuthethelela akusho ukuzivumela noma ukuzilulaza izinto ezingalungile ezenziwa abanye. Ukuthethelela kuhilela ukuyeka ukuthukuthela. Intukuthelo iwumthwalo okunzima ukuwuthwala. Ingaphazamisa imicabango yethu, isiphuce injabulo. Ingathinta ngisho nempilo yethu. Ngokuphambene, ukuthethelela, lapho kufaneleke khona, kuzuzisa thina. Kwangathi njengoDavide, singelokothe siyeke futhi sifulathele uJehova ngenxa yalokho abanye abaye bakusho noma bakwenza kithi!
Lapho Sishiyeka
8. (a) Kungani abanye bezizwa benecala kakhulu ngezinye izikhathi? (b) Kunayiphi ingozi ukuvumela umuzwa wecala usinqobe size sidikile?
8 “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi,” kusho uJakobe 3:2. Lapho kwenzeka, kungokwemvelo ukuba nomuzwa wecala. (IHubo 38:3-8) Imizwa yecala ingaba namandla ikakhulukazi lapho silwa nobuthakathaka benyama obuthile kodwa ngezinye izikhathi sihluleka.a Omunye umKristu owayebhekene nomzabalazo onjalo wachaza: “Ngangingafuni ukuqhubeka ngiphila, ngingaqiniseki noma ngangenze isono esingenakuthethelelwa yini noma cha. Ngaba nomuzwa wokuthi akusizi ukuzikhandla enkonzweni kaJehova ngoba cishe akusekho engingakwenza.” Lapho sinqotshwa umuzwa wecala size sidikile, sinika uDeveli ithuba—futhi angalisebenzisa ngokushesha! (2 Korinte 2:5-7, 11) Okudingekayo kungase kube umbono olinganiselwe ngokuba necala.
9. Kungani kufanele siqiniseke ngesihe sikaNkulunkulu?
9 Uma sona kuyafaneleka ukuzizwa sinecala ngezinga elithile. Nokho, ngezinye izikhathi imizwa yecala iyaphikelela ngoba umKristu enomuzwa wokuthi akasoze asifanelekela isihe sikaNkulunkulu. Kanti, iBhayibheli lisiqinisekisa ngothando: “Uma sizivuma izono zethu, yena ukholekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi.” (1 Johane 1:9) Ingabe sikhona isizathu esinengqondo sokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akwenze lokho kithi? Khumbula, eZwini lakhe, uJehova uthi ‘[ukulungele, NW] ukuthethelela.’ (IHubo 86:5; 130:3, 4) Njengoba engeke awaqambe amanga, uyokwenza njengoba iZwi lakhe lithembisa, uma siza kuye ngenhliziyo ephendukayo.—Thithu 1:2.
10. Yisiphi isiqinisekiso esijabulisayo INqabayokulinda yangaphambili eyasikhipha ngokulwa nobuthakathaka benyama?
10 Yini okumelwe uyenze uma ulwa nobuthakathaka obuthile kodwa uzithole wehluleka ngezinye izikhathi? Ungayeki! Ukuhluleka akuyenzi ize intuthuko osuyenzile kakade. Ikhophi ka-May 1, 1954 yawo lomagazini, yanikeza lesi siqinisekiso esijabulisayo: “[Singase] sizithole sikhubeka futhi siwa izikhathi eziningi ngenxa yomkhuba omubi oye waba segazini ekuphileni kwethu kwangaphambili kunokuba besiqaphela. . . . Ungadangali. Ungaphethi ngokuthi wenze isono esingenakuthethelelwa. Yileyo ndlela nje uSathane athanda ucabange ngayo. Iqiniso lokuthi uzizwa udabukile futhi ukhathazekile ngawe liwubufakazi bokuthi kusenethemba. Ungakhathali ukuphendukela kuNkulunkulu ngokuthobeka nangobuqotho, ucele intethelelo yakhe nokuhlanzwa nosizo. Yiya kuye njengengane iya kuyise lapho isenkingeni, kungakhathaliseki ukuthi kukangaki ngenxa yobuthakathaka obufanayo, futhi uJehova uyokunika usizo olukhulu ngenxa yomusa wakhe ongafanelwe, futhi uma uqotho, uyokwenza uqaphele ukuthi unonembeza ohlanziwe.”
Lapho Sinomuzwa Wokuthi Asenzi Okwanele
11. (a) Kufanele sizizwe kanjani ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso? (b) Yimiphi imizwa ngokuhlanganyela enkonzweni amanye amaKristu alwa nayo?
11 Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso unendima ebalulekile ekuphileni komKristu, futhi ukuhlanganyela kuwo kuletha injabulo. (IHubo 40:8) Nokho, amanye amaKristu azizwa enecala kakhulu ngokungakwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni. Umuzwa onjalo wecala unganciphisa injabulo yethu futhi usenze siyeke, sicabange ukuthi uJehova unomuzwa wokuthi asikwenzi nanini okwanele. Cabanga ngemizwa abanye abalwa nayo.
“Uyazi ukuthi ubumpofu budla isikhathi kanjani?” kubhala udade othile ongumKristu okhulisa izingane ezintathu enomyeni wakhe. “Kumelwe ngonge noma yikuphi lapho ngingonga khona. Lokhu kusho ukuchitha isikhathi ngifunana nezitolo zamasekeni, izindali, noma ngithunga izingubo zokugqoka. Futhi ngichitha ihora elilodwa noma amabili isonto ngalinye ngisebenza ngamathikithi [okuthenga ukudla ngesaphulelo]—ngiwasika, ngiwahlela kahle, futhi ngihweba ngawo. Ngezinye izikhathi ngizizwa nginecala ngokwenza lezi zinto, ngicabanga ukuthi bekufanele ngisebenzise leso sikhathi enkonzweni yasensimini.”
“Ngangicabanga ukuthi kumelwe ukuba angimthandi ngokwanele uJehova,” kuchaza omunye udade onezingane ezine nomyeni ongakholwa. “Ngakho ngangizabalaza ekukhonzeni kwami uJehova. Ngangizama kanzima impela, kodwa angikaze ngibe nomuzwa wokuthi kwanele. Nganginomuzwa wokuthi angibalulekile, ngakho ngangingaboni ukuthi kungenzeka kanjani uJehova amukele inkonzo engimenzela yona.”
UmKristu owathola kudingeka ayeke inkonzo yesikhathi esigcwele wathi: “Ngangingakwazi ukuwubekezelela umcabango wokuthi ngangihluleka esibophweni sami sokukhonza uJehova isikhathi esigcwele. Awazi ukuthi ngangidumele kanjani! Ngifikelwa yizinyembezi manje uma ngikucabanga.”
12. Kungani amanye amaKristu ezizwa enecala kakhulu ngokuthi awakwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni?
12 Kungokwemvelo ukufuna ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka. (IHubo 86:12) Kodwa kungani abanye bezizwa benecala kakhulu ngokungakwazi ukwenza okwengeziwe? Kwabanye, kubonakala kuhlobene nomuzwa ovamile wokuzizwa bengelutho, mhlawumbe obangelwa yizinto ezibuhlungu ezabehlela ekuphileni. Kwezinye izimo, umuzwa ongafanele wecala ungabangelwa umbono oweqisayo walokho uJehova akulindele kithi. “Nganginomuzwa wokuthi uma kungakabi buhlungu ndawo, kumelwe ukuba awukenzi okwanele,” kuvuma omunye umKristu. Ngenxa yalokho, wayezibekela izindinganiso eziphakeme ngokweqile—abese ezizwa enecala nakakhulu uma ehluleka ukuzifinyelela.
13. UJehova ulindeleni kithi?
13 UJehova ulindeleni kithi? Kalula nje, uJehova ulindele ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke, senze lokho izimo zethu ezikuvumelayo. (Kolose 3:23) Nokho, kungaba nomehluko omkhulu phakathi kwalokho esingathanda ukukwenza nalokho esingakwenza ngempela. Singase siphazanyiswe yizinto ezinjengobudala, impilo, amandla omzimba, noma imithwalo yemfanelo yomkhaya. Noma kunjalo, lapho senza konke esingakwenza, singaqiniseka ukuthi inkonzo yethu kuJehova ingeyomphefumulo wonke—ingeyomphefumulo wonke njengeyalowo ompilo nezimo zakhe zimvumela ukuba abe senkonzweni yesikhathi esigcwele.—Mathewu 13:18-23.
14. Yini ongayenza uma udinga usizo ekunqumeni ukuthi yikuphi ongakulindela kuwe siqu ngaphandle kokweqisa?
14 Unganquma kanjani-ke ukuthi yikuphi ongakulindela kuwe siqu ngaphandle kokweqisa? Ungase uthande ukukhuluma ngalendaba nomngane ongumKristu omethembayo, ovuthiwe, mhlawumbe umdala noma udade onokuhlangenwe nakho, owaziyo amandla akho, ukulinganiselwa kwakho, nemithwalo yakho yemfanelo emkhayeni. (IzAga 15:22) Khumbula ukuthi emehlweni kaNkulunkulu ukubaluleka kwakho njengomuntu akulinganiswa ngokuthi kungakanani okwenza enkonzweni yasensimini. Zonke izinceku zikaJehova ziyigugu kuye. (Hagayi 2:7; Malaki 3:16, 17) Okwenza emsebenzini wokushumayela kungaba ngaphezulu noma ngaphansi kwalokho abanye abakwenzayo, kodwa uma nje kuyikho konke ongakwenza, uJehova uyajabula, futhi akudingekile ukuba uzizwe unecala.—Galathiya 6:4.
Lapho Kufunwa Okuningi Kithi
15. Yiziphi izindlela okufunwa ngazo okuningi kubadala bamabandla?
15 “Wonke umuntu owanikwa okuningi,” kusho uJesu, ‘kuyofunwa okuningi kuye.’ (Luka 12:48) Ngokuqinisekile ‘kufunwa okuningi’ kulabo abakhonza njengabadala bamabandla. NjengoPawulu bayazikhandla ngenxa yebandla. (2 Korinte 12:15) Kunezinkulumo okumelwe bazilungiselele, ukuhambela kokwelusa okumelwe bakwenze, amacala okwahlulela okumelwe bawasingathe—konke bekwenza ngaphandle kokudebesela imikhaya yabo siqu. (1 Thimothewu 3:4, 5) Abanye abadala bamatasa futhi basiza ekwakheni amaHholo OMbuso, bekhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela, futhi besebenza ngokuzithandela emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Lamadoda akhuthele, nazinikelayo angakugwema kanjani ukukhathala ngenxa yokusindwa imithwalo yemfanelo enjalo?
16. (a) Yiliphi ikhambi eliwusizo uJetiro alinika uMose? (b) Iyiphi imfanelo eyokwenza umdala ahlanganyele nabanye imithwalo yemfanelo efanelekayo?
16 Lapho uMose, indoda eyayinesizotha futhi ithobekile, ezikhandla ngokusingatha izinkinga zabanye, umukhwe wakhe, uJetiro, wamnikeza ikhambi eliwusizo: wuhlanganyele namanye amadoda afanelekayo omunye wemithwalo yemfanelo. (Eksodusi 18:17-26; Numeri 12:3) “[Kwabanesizotha, NW] kukhona ukuhlakanipha,” kusho izAga 11:2. Ukuba nesizotha kusho ukuqaphela nokwamukela ukulinganiselwa kwakho. Umuntu onesizotha akangabazi ukuphathisa abanye umsebenzi, futhi akesabi ukuthi ngandlela-thile ulahlekelwa amandla okulawula uma ehlanganyela imithwalo yemfanelo efanelekile namanye amadoda afanelekayo.b (Numeri 11:16, 17, 26-29) Kunalokho, ulangazelela ukuwasiza athuthuke.—1 Thimothewu 4:15.
17. (a) Amalungu ebandla angawenza kanjani umthwalo wabadala ube lula? (b) Yikuphi ukuzidela amakhosikazi abadala akwenzayo, futhi singawabonisa kanjani ukuthi asikuthathi kancane?
17 Amalungu ebandla angenza lukhulu ukuze enze umthwalo wabadala ube lula. Ukuqonda ukuthi abadala banemikhaya yabo siqu okumelwe bayinakekele, abanye ngeke bafune isikhathi nokunakekela kwabadala ngokungacabangeli. Futhi ngeke bakuthathe kalula ukuzidela ngokuzithandela amakhosikazi abadala akwenzayo njengoba ngokungenabugovu ehlanganyela abayeni bawo nebandla. Omunye umama wezingane ezintathu omyeni wakhe ukhonza njengomdala wachaza: “Into engingalokothi ngikhononde ngayo umthwalo owengeziwe engikujabulelayo ukuwuthwala ekhaya ukuze umyeni wami akhonze njengomdala. Ngiyazi ukuthi isibusiso sikaJehova sikhulu emkhayeni wethu ngenxa yokukhonza kwakhe, futhi angikhonondi ngalokho anikela ngakho. Nokho, uma ngiza esimweni esingokoqobo, ngokuvamile kudingeka ngisebenze ngokwengeziwe egcekeni futhi ngiyale izingane zethu ngokuthé xaxa kunalokho ebengiyokwenza ngenxa yokuthi umyeni wami umatasa.” Ngokudabukisayo, lodade wathola ukuthi, esikhundleni sokuba baqaphele umthwalo owengeziwe anawo, abanye banezinkulumo zokungacabangeli njengokuthi, “Kungani ungaphayoni?” (IzAga 12:18) Yeka ukuthi kungcono kanjani ukutusa abanye ngalokho abakwenzayo kunokubagxeka ngalokho abangakwazi ukukwenza!—IzAga 16:24; 25:11.
Ngoba Ukuphela Akukafiki
18, 19. (a) Kungani lesi kungesona isikhathi sokuyeka ukugijima emncintiswaneni wokuphila okumi phakade? (b) Yisiphi iseluleko esasifanelekile umphostoli uPawulu asinikeza amaKristu eJerusalema?
18 Uma umgijimi azi ukuthi usezofika ekupheleni komncintiswano omude, akayeki. Kungenzeka umzimba wakhe usufile ukubekezela—ukhathele, ubulewe ukushisa, futhi ujuluke kakhulu—kodwa njengoba eseseduze kangako nokuqeda akusona isikhathi sokuyeka. Ngokufanayo, njengamaKristu sisemncintiswaneni womklomelo wokuphila, futhi sesizofika entanjeni. Lesi akusona isikhathi sokuba siyeke ukugijima!—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:24; Filipi 2:16; 3:13, 14.
19 AmaKristu ekhulwini lokuqala abhekana nesimo esifanayo. Cishe ngo-61 C.E., umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu eJerusalema. Isikhathi sasiphela—“isizukulwane” esibi, isimiso sezinto samaJuda esihlubukayo, sase ‘sizodlula.’ AmaKristu aseJerusalema kwakumelwe aphaphame futhi akholeke ngokukhethekile; kwakuyodingeka abaleke kulowo muzi lapho ewubona uzungezwe amabutho akanisile. (Luka 21:20-24, 32) Khona-ke, sasifike ngesikhathi iseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe: “Ningakhathali futhi niphele amandla emiphefumulweni yenu.” (Heberu 12:3) Umphostoli uPawulu lapha wasebenzisa izenzo ezimbili ezicacile: esithi “khathala” (kaʹmno) nesithi “phela amandla” (e·klyʹo·mai). Ngokwesinye isazi seBhayibheli, lamagama esiGreki “asetshenziswa u-Aristotle ebhekisela kubagijimi abaphumulayo futhi bawe ngemva kokuba sebefike entanjeni. Abafundi [bencwadi kaPawulu] babesesemncintiswaneni. Akumelwe bayeke kungakabi yisikhathi. Akumelwe bazivumele baquleke futhi bawe ngenxa yokukhathala. Nakulokhu kukhuthazwa ukuphikelela lapho sibhekene nobunzima.”
20. Kungani iseluleko sikaPawulu singesifanelekile kithi namuhla?
20 Yeka ukuthi singesifaneleka kanjani iseluleko sikaPawulu kithi namuhla! Njengoba sibhekene nokucindezela okwandayo, kungaba nezikhathi lapho sizizwa khona njengomgijimi okhathele oyingcuba omilenze yakhe isizohluleka ukuma. Kodwa njengoba sesiseduze kangaka nokuphela komncintiswano, akumelwe siyeke! (2 IziKronike 29:11) Yilokho kanye iSitha sethu, ‘ingonyama ebhongayo,’ esifuna ukuba sikwenze. Siyabonga ngokuthi uJehova uye wenza amalungiselelo anikeza “oyethileyo amandla.” (Isaya 40:29) Ukuthi ayini nokuthi singazuza kanjani kuwo kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwesibonelo, abanye kungenzeka balwa kanzima ukuze balawule ukuthambekela kobuntu osekusegazini, njengolaka, noma ukuze banqobe inkinga yokushaya indlwabu.—Bheka i-Phaphama!, ka-June 8, 1988, amakhasi 11-13 [ngesiNgisi, May 22, 1988, amakhasi 19-21]; eka-May 8, 1982, amakhasi 28-32 [ngesiNgisi, November 8, 1981, amakhasi 16-20], abakhishwa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania; nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, amakhasi 198-211, eyakhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Bheka isihloko esithi “Badala—Phathisani Abanye!” koka-October 15, 1992, umagazini INqabayokulinda, amakhasi 20-3.
Ungaphendula Uthini?
◻ Singakugwema kanjani ukuyeka lapho abanye besidumaza noma besiphatha kabi?
◻ Yimuphi umbono olinganiselwe ngecala oyosisiza ukuba singayeki?
◻ UJehova ulindeleni kithi?
◻ Isizotha singabasiza kanjani abadala bebandla ukuba bagweme ukukhathala?
◻Kungani iseluleko sikaPawulu kumaHeberu 12:3 singesifanelekile kithi namuhla?