-
IBhayibheli Liwumyalezo KaNkulunkulu Oze KithiPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
1. Uma kungabantu ababhala iBhayibheli, kungani sithi livela kuNkulunkulu?
IBhayibheli labhalwa abantu abangaba ngu-40, kwabathatha iminyaka ecishe ibe ngu-1 600 ukuba baliqede. Incwadi yokuqala yabhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, eyokugcina yabhalwa eminyakeni engaba ngu-1 900 edlule. Abantu abalibhala babevela ezindaweni ezihlukahlukene, abanye becebile futhi befundile, abanye bempofu. Noma kunjalo, zonke izincwadi zeBhayibheli ziyavumelana. Kubangelwa yini lokho? Kubangelwa ukuthi livela kuNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.) Abalibhala babengabhali imicabango yabo. Kunalokho, “bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”a (2 Petru 1:21) UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze enze abantu babhale imicabango yakhe.—2 Thimothewu 3:16.
-
-
Unjani UJehova?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
4. Umoya ongcwele ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo
Njengoba nje sisebenzisa izandla zethu ukuze sisebenze, noJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele. IBhayibheli liveza ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu, kodwa ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo ukuze enze izinto. Fundani uLuka 11:13 nezEnzo 2:17, bese nixoxa ngale mibuzo:
UNkulunkulu ‘uzothululela’ umoya wakhe ongcwele kulabo abawucelayo. Ngakho ucabanga ukuthi umoya ongcwele ungumuntu, noma ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo? Kungani usho kanjalo?
UJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze enze izinto ezinhle. Fundani iHubo 33:6 neyesi-2 Petru 1:20, 21, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yiziphi ezinye zezindlela uJehova asebenzise ngazo umoya wakhe ongcwele?
-