-
Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristuINqabayokulinda—1993 | Septhemba 15
-
-
Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
“Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela.”—2 PETRU 1:5, 6.
1, 2. Kungani kumelwe sonke sikhuthazele kuze kube sekupheleni?
UMBONISI ojikelezayo nomkakhe babevakashele umKristu abakanye naye oseminyakeni yakhe yawo-90. Wayesebenzise amashumi amaningi eminyaka enkonzweni yesikhathi esigcwele. Njengoba babexoxa, lomzalwane osekhulile wakhumbula amanye amalungelo ayewajabulela eminyakeni eminingi edlule. “Kodwa,” ekhala njengoba izinyembezi zaziqala ukwehla ebusweni bakhe, “manje angisakwazi ukwenza lutho olwengeziwe.” Umbonisi ojikelezayo wavula iBhayibheli lakhe wafunda uMathewu 24:13, lapho uJesu Kristu ecashunwa khona ethi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” Khona-ke lombonisi ojikelezayo wabheka lomzalwane othandekayo wayesethi: “Isabelo sokugcina sonke esinaso, kungakhathaliseki ukuthi singenza okuningi noma okuncane kangakanani, ukukhuthazela kuze kube sekupheleni.”
2 Yebo, njengamaKristu sonke kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni kwalesimiso sezinto noma ekupheleni kokuphila kwethu. Ayikho enye indlela yokuthola ukuvunyelwa uJehova ukuze sisinde. Sisemncintiswaneni wokuphila, futhi kumelwe “sigijime ngokubekezela” kuze kube sekupheleni. (Heberu 12:1) Umphostoli uPetru wagcizelela ukubaluleka kwalemfanelo lapho enxusa amaKristu akanye nawo: “Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela.” (2 Petru 1:5, 6) Kodwa kuyini ngempela ukukhuthazela?
Ukukhuthazela—Lokho Okukushoyo
3, 4. Kusho ukuthini ukukhuthazela?
3 Kusho ukuthini ukukhuthazela? Isenzo sesiGreki esithi “khuthazela” (hy·po·meʹno) ngokwezwi nezwi sisho “ukuqhubeka noma ukungayeki.” Sivela izikhathi ezingu-17 eBhayibhelini. Ngokwabalobi bezichazamazwi uW. Bauer, F. W. Gingrich, noF. Danker sisho “ukuqhubeka esikhundleni sokubaleka . . . , ukuma uqinile, ukuqhubeka ungahlulwa.” Ibizo lesiGreki elisho “ukukhuthazela” (hy·po·mo·neʹ) livela izikhathi ezingaphezu kuka-30. Ngokuphathelene nakho, i-New Testament Wordbook, kaWilliam Barclay, ithi: “Kuwumoya ongabekezelela izinto, hhayi ngokuzilahla amathambo nje, kodwa ngethemba elivuthayo . . . Kuyimfanelo egcina umuntu emile ebhekene nomoya ovunguzayo. Kungubuhle obungaguqula uvivinyo olunzima lube udumo ngoba ngalé kobuhlungu kubona umgomo.”
4 Khona-ke, ukukhuthazela kusenza sikwazi ukuma siqinile futhi singalahlekelwa yithemba naphezu kwezithiyo noma ubunzima. (Roma 5:3-5) Kubheka ngalé kobuhlungu besikhathi samanje, emgomweni—umklomelo, noma isipho sokuphila okuphakade, kungakhathaliseki ukuthi ezulwini noma emhlabeni.—Jakobe 1:12.
Ukukhuthazela—Kungani?
5. (a) Kungani wonke amaKristu ‘edinga ukukhuthazela’? (b) Ukuvivinywa kwethu kungahlukaniswa ngaziphi izigaba ezimbili?
5 NjengamaKristu, sonke ‘sidinga ukukhuthazela.’ (Heberu 10:36, NW) Ngani? Ngokuyinhloko ngoba ‘sehlelwa yizilingo ngezilingo.’ Umbhalo wesiGreki lapha kuJakobe 1:2 usikisela ukubhekana nesimo esingalindelekile noma esingathandeki, njengalapho umuntu enqwamana nomphangi. (Qhathanisa noLuka 10:30.) Sihlangabezana nokuvivinywa okungase kuhlukaniswe izigaba ezimbili: lokho okuvamile kubantu ngenxa yesono esizuzwe ngefa, nalokho okulethwa ukuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu. (1 Korinte 10:13; 2 Thimothewu 3:12) Yikuphi okunye kwalokhu kuvivinywa?
6. Omunye uFakazi wakhuthazela kanjani lapho ebhekene nesifo esibuhlungu?
6 Ukugula okungathi sína. NjengoThimothewu, amanye amaKristu kumelwe akhuthazelele ‘ubuthakathaka obuvamile.’ (1 Thimothewu 5:23) Sidinga ukukhuthazela, ukuma siqinile, ngosizo lukaNkulunkulu futhi singalahlekelwa umbono wethemba lethu lobuKristu ikakhulukazi lapho sibhekene nokugula okungamahlalakhona, mhlawumbe okubuhlungu kakhulu. Cabangela isibonelo somunye uFakazi oseminyakeni yakhe yokweva emashumini amahlanu owalwisana kanzima isikhathi eside nesimila esasikhula ngokushesha. Phakathi nokuhlinzwa kabili wama eqinile esinqumweni sakhe sokungakwamukeli ukumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Kodwa lesimila savela futhi kwesingezansi sakhe futhi saqhubeka sikhula eduze komhlandla wakhe. Njengoba sasikhula, wayezwa ubuhlungu obungokomzimba obungenakuqhathaniswa okwakungekho muthi owawungabudambisa. Nokho, wayebheka ngalé kobuhlungu bamanje emklomelweni wokuphila ezweni elisha. Waqhubeka ehlanganyela ithemba lakhe elivuthayo nodokotela, abahlengikazi, nezivakashi. Wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni—ekupheleni kokuphila kwakhe. Inkinga yakho yempilo ingase ingabi esongela ukuphila noma ebuhlungu njengaleyo lowomzalwane othandekayo abhekana nayo, kodwa isengaletha ukuvivinywa okukhulu kokukhuthazela.
7. Ukukhuthazela kuhilela luphi uhlobo lobuhlungu kwabanye abafowethu nodadewethu abangokomoya?
7 Ubuhlungu obungokomzwelo. Ngezinye izikhathi, abanye babantu bakaJehova babhekana ‘nosizi lwenhliziyo’ oluphumela ‘emoyeni ochotshoziwe.’ (IzAga 15:13) Ukucindezeleka okukhulu kuvamile ‘kulezikhathi ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1) I-Science News ka-December 5, 1992, yabika: “Amazinga okucindezeleka okukhulu, ngokuvamile okuthena amandla aye anda esizukulwaneni ngasinye esilandelayo esazalwa kusukela ngo-1915.” Izimbangela zokucindezeleka okunjalo ziyahlukahluka, zisukela ezicini ezingokomzimba kuya kokuhlangenwe nakho okubuhlungu ngendlela engathandeki. Kwamanye amaKristu, ukukhuthazela kuhilela umzabalazo wansuku zonke wokuma eqinile lapho ebhekene nobuhlungu obungokomzwelo. Nokho, awadangali. Ahlala ethembekile kuJehova naphezu kwezinyembezi.—Qhathanisa neHubo 126:5, 6.
8. Yikuphi ukuvivinywa okungokwezimali esingase sibhekane nakho?
8 Ukuvivinywa okuhlukahlukene esibhekana nakho kungase kuhlanganise izinkinga ezingokomnotho ezingathi sína. Lapho umzalwane othile eNew Jersey, e-U.S.A., ezithola elahlekelwa umsebenzi ngokungalindelekile, ngokuqondakalayo wayekhathazeke ngokondla umkhaya wakhe nokungalahlekelwa umuzi wakhe. Nokho, akazange alahlekelwe umbono wethemba loMbuso. Lapho esafuna omunye umsebenzi, walisebenzisa ngokunenzuzo lelithuba ukuze akhonze njengephayona elisizayo. Ekugcineni, wawuthola umsebenzi.—Mathewu 6:25-34.
9 .(a) Ukulahlekelwa othandekayo ngokufa kungakubizela kanjani ukukhuthazela? (b) Yimiphi imibhalo ebonisa ukuthi akukhona okungalungile ukukhala izinyembezi zosizi?
9 Uma uye wabhekana nokulahlekelwa othandekayo ngokufa, udinga ukukhuthazela okuhlala njalo ngemva kokuba labo abakuzungezile bebuyele enqubweni yabo evamile. Ungase ukuthole kunzima ngisho nakakhulu ngawe unyaka ngamunye ngesikhathi othandekayo wakho afa ngaso. Ukukhuthazelela ukulahlekelwa okunjalo akusho ukuthi akulungile ukukhala izinyembezi zosizi. Kungokwemvelo ukulila ngenxa yokufa kothile esimthandayo, futhi lokhu akukubonisi nakancane ukuntula ukholo ethembeni lovuko. (Genesise 23:2; qhathanisa namaHeberu 11:19.) UJesu “wakhala izinyembezi” ngemva kokufa kukaLazaru, nakuba ayetshele uMarta ngesibindi ukuthi: “Umnewenu uzakuvuka.” Futhi uLazaru wavuka!—Johane 11:23, 32-35, 41-44.
10. Kungani abantu bakaJehova benesidingo esiyingqayizivele sokukhuthazela?
10 Ngaphandle kokukhuthazelela ukuvivinywa okuvamile kubo bonke abantu, abantu bakaJehova banesidingo esiyingqayizivele sokukhuthazela. “Niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami,” kuxwayisa uJesu. (Mathewu 24:9) Futhi wathi: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Kungani kunalenzondo nokushushiswa? Ngoba njengezinceku zikaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi kulomhlaba, uSathane uzama ukwephula ubuqotho bethu kuJehova. (1 Petru 5:8; qhathanisa nesAmbulo 12:17.) Ukuze afeze lokhu uSathane ngokuvamile uye wabangela ukushushiswa okunzima, ebeka ukukhuthazela kwethu ekuvivinyweni okukhulu.
11, 12. (a) OFakazi BakaJehova nezingane zabo babhekana nakuphi ukuvivinywa kokukhuthazela ngawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940? (b) Kungani oFakazi BakaJehova bengasishayeli isifanekiselo sezwe indesheni?
11 Ngokwesibonelo, ngawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940, oFakazi BakaJehova nezingane zabo e-United States naseCanada baba yizisulu zokushushiswa ngoba benqaba ukushayela isifanekiselo sezwe indesheni ngenxa yezizathu zikanembeza. OFakazi bayasihlonipha isifanekiselo sezwe abahlala kulo, kodwa balalela isimiso esibekwe eMthethweni kaNkulunkulu ku-Eksodusi 20:4, 5: “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.” Lapho ezinye izingane zesikole ezingoFakazi zixoshwa ngenxa yokuthi zazifisa ukuqondisa ukukhulekela kwazo kuJehova uNkulunkulu kuphela, oFakazi bamisa ama-Kingdom School ukuze zifundiswe. Labafundi babuyela ezikoleni zomphakathi lapho iNkantolo Ephakeme yase-United States iqaphela ukuma kwabo okungokwenkolo, njengoba amazwe akhanyiselwe enza namuhla. Nokho, ukukhuthazela ngesibindi kwalentsha kusebenza njengesibonelo esihle kakhulu, ikakhulukazi entsheni engamaKristu namuhla engase ibhekane nokugconwa nokuhlekwa usulu ngoba izama ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli.—1 Johane 5:21.
12 Izinhlobonhlobo zokuvivinywa esibhekana nakho—lokho okuvamile kubantu nalokho esibhekana nakho ngenxa yokholo lwethu lobuKristu—kubonisa isizathu esenza ukuba sidinge ukukhuthazela. Kodwa singakhuthazela kanjani?
Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni—Kanjani?
13. UJehova ukunikeza kanjani ukukhuthazela?
13 Abantu bakaNkulunkulu banenzuzo eqinisekile kunalabo abangamkhulekeli uJehova. Ukuze sithole usizo, singanxusa “uNkulunkulu wokubekezela.” (Roma 15:5) Nokho, uJehova ukunikeza kanjani ukukhuthazela? Enye indlela akwenza ngayo lokho ingezibonelo zokukhuthazela ezilotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. (Roma 15:4) Njengoba sicabanga ngalezi, asikhuthazwa nje kuphela ukuba sikhuthazele kodwa futhi sifunda okuningi ngendlela esingakhuthazela ngayo. Cabangela izibonelo ezimbili ezivelele—ukukhuthazela ngesibindi kukaJobe nokukhuthazela okungenasici kukaJesu Kristu.—Heberu 12:1-3; Jakobe 5:11.
14, 15. (a) Yikuphi ukuvivinywa uJobe akukhuthazelela? (b) UJobe wakwazi kanjani ukukhuthazelela ukuvivinywa abhekana nakho?
14 Yiziphi izimo ezavivinya ukukhuthazela kukaJobe? Wabhekana nezinkinga ezingokomnotho lapho elahlekelwa yimpahla yakhe eningi. (Jobe 1:14-17; qhathanisa noJobe 1:3.) UJobe wezwa ubuhlungu bokulahlekelwa lapho zonke izingane zakhe eziyishumi zibulawa isivunguvungu. (Jobe 1:18-21) Waphathwa isifo esingathi sína, esibuhlungu kakhulu. (Jobe 2:7, 8; 7:4, 5) Umkakhe wamcindezela ukuba ashiye uNkulunkulu. (Jobe 2:9) Abangane bakhe abaseduze basho izinto ezilimazayo, ezingenamusa, nezingelona iqiniso. (Qhathanisa noJobe 16:1-3 noJobe 42:7.) Nokho, kukho konke lokhu uJobe wama eqinile, egcina ubuqotho. (Jobe 27:5) Izinto azikhuthazelela ziyefana nokuvivinywa abantu bakaJehova abahlangabezana nakho namuhla.
15 UJobe wakwazi kanjani ukukhuthazelela konke lokho kuvivinywa? Enye into eyaqinisa uJobe ngokukhethekile kwakuyithemba. Wathi: “Kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.” (Jobe 14:7) UJobe wayenaliphi ithemba? Njengoba kuphawulwe emavesini ambalwa kamuva, wathi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? . . . Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela [noma ufise] umsebenzi wezandla zakho.” (Jobe 14:14, 15) Yebo, uJobe wabona ngalé kobuhlungu bakhe bangalesosikhathi. Wayazi ukuthi ukuvivinywa kwakhe kwakungayikuhlala phakade. Wayengakhuthazela kuze kube sezingeni lokufa. Ayekulindele ngethemba kwakungukuthi uJehova, onesifiso sothando sokuvusa abafileyo, wayeyomvusa.—IzEnzo 24:15.
16. (a) Yini esiyifundayo ngokukhuthazela esibonelweni sikaJobe? (b) Kumelwe libe ngokoqobo kangakanani kithi ithemba loMbuso, futhi ngani?
16 Yini esiyifundayo ngokukhuthazela kukaJobe? Ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, akumelwe silahlekelwe umbono wethemba lethu. Futhi, khumbula ukuthi ukuqinisekiswa kwethemba loMbuso kusho ukuthi noma yikuphi ukuhlupheka esihlangabezana nakho ‘kungokomzuzwana.’ (2 Korinte 4:16-18) Ithemba lethu eliyigugu lisekelwe ngokuqinile esithembisweni sikaJehova sesikhathi esizayo esiseduze lapho ‘eyokwesula izinyembezi zonke emehlweni [ethu]; ukufa kungasayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu kungasayikuba-khona.’ (IsAmbulo 21:3, 4) Lelothemba ‘elingajabhisi,’ kumelwe lilondoloze ukucabanga kwethu. (Roma 5:4, 5; 1 Thesalonika 5:8) Kumelwe libe ngokoqobo kithi—libe ngokoqobo kangangokuba ngamehlo okholo, sizibone sisezweni elisha—singasalwisani nokugula nokucindezeleka kodwa usuku ngalunye sivuka sinempilo enhle nengqondo ekhululekile; singasakhathazekile ngezinkinga ezinkulu ezingokomnotho kodwa sihlala ngokulondeka; singasakhaleli ukufa kwabathandekayo kodwa sijabulela umuzwa ovusa amadlingozi wokubabona bevusiwe. (Heberu 11:1) Ngaphandle kwethemba elinjalo singase sinqotshwe kakhulu ukuvivinywa kwethu kwesikhathi samanje size sidangale. Njengoba sinethemba lethu, yeka isisusa esinamandla esinaso sokuqhubeka silwa, siqhubeke sikhuthazela kuze kube sekupheleni!
17. (a) Yikuphi ukuvivinywa uJesu akukhuthazelela? (b) Cishe kungabonakala kuliphi iqiniso ukuhlupheka okukhulu uJesu akukhuthazelela? (Bheka umbhalo waphansi.)
17 IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sibheke’ kuJesu futhi ‘simqonde.’ Yikuphi ukuvivinywa akukhuthazelela? Okunye kwakho kwakubangelwa isono nokungapheleli kwabanye. UJesu akazange nje akhuthazelele ‘ukuphikwa yizoni’ kodwa futhi nezinkinga ezaziphakama phakathi kwabafundi bakhe, kuhlanganise nezimpikiswano zabo ezivuthayo zokuthi ngubani owayemkhulu kunabo bonke. Ngaphezu kwalokho, wabhekana nokuvivinywa kokholo okungenakuqhathaniswa. “Wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.” (Heberu 12:1-3, NW; Luka 9:46; 22:24) Kunzima ngisho nokucabanga ngokuhlupheka okungokwengqondo nokungokomzimba okuhilelekile ebuhlungwini bokubethelwa nehlazo lokubulawa njengomhlambalazi.a
18. Ngokukamphostoli uPawulu, yiziphi izinto ezimbili ezaqinisa uJesu?
18 Yini eyenza ukuba uJesu akwazi ukukhuthazela kuze kube sekupheleni? Umphostoli uPawulu uphawula izinto ezimbili ezaqinisa uJesu: ‘imikhuleko, nokunxusa’ kanye ‘nentokozo ayeyibekelwe.’ UJesu, iNdodana kaNkulunkulu ephelele, wayengenamahloni okucela usizo. Wathandaza ‘ngokudazuluka okukhulu nezinyembezi.’ (Heberu 5:7; 12:2) Wakuthola kudingekile ukuthandazela amandla ngokuphindaphindiwe nangobuqotho ikakhulukazi lapho ukuvivinywa kwakhe okukhulu kakhulu kwakusondela. (Luka 22:39-44) Lapho ephendula imikhuleko kaJesu, uJehova akazange akususe ukuvivinywa, kodwa waqinisa uJesu ukuze akukhuthazelele. UJesu wakhuthazela futhi ngoba wayebheke ngalé kwesigxobo sokuhlushwa emvuzweni wakhe—injabulo ayezoba nayo ekuhlanganyeleni ekukhazinyulisweni kwegama likaJehova nokuhlengwa komkhaya wesintu ekufeni.—Mathewu 6:9; 20:28.
19, 20. Isibonelo sikaJesu sisisiza kanjani ukuba sibe nombono wangempela walokho ukukhuthazela okukuhilelayo?
19 Esibonelweni sikaJesu, sifunda izinto eziningana ezisisiza ukuba sibe nombono wangempela walokho ukukhuthazela okukuhilelayo. Inkambo yokukhuthazela ayilula. Uma sikuthola kunzima ukukhuthazelela ukuvivinywa okuthile, kuyinduduzo ukwazi ukuthi kwakungokufanayo ngisho nangoJesu. Ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, kumelwe sithandazele amandla ngokuphindaphindiwe. Ngezinye izikhathi lapho singaphansi kokuvivinywa singase sizizwe singafaneleki ukuba sithandaze. Kodwa uJehova usimema ukuba sithululele izinhliziyo zethu kuye ‘ngoba uyasikhathalela.’ (1 Petru 5:7) Futhi ngenxa yalokho uJehova akuthembisile eZwini lakhe, uye waqinisekisa ukunikeza ‘amandla angaphezu kwavamile’ kulabo abacela kuye ngokholo.—2 Korinte 4:7-9, qhathanisa ne-NW.
20 Ngezinye izikhathi kumelwe sikhuthazele ngezinyembezi. NgoJesu ubuhlungu besigxobo sokuhlushwa ngokwabo babungesona isizathu sokujabula. Kunalokho, injabulo yayisemvuzweni owawubekwe phambi kwakhe. Endabeni yethu akulona iqiniso ukulindela ukuthi ngaso sonke isikhathi sizozizwa sijabule futhi sizigqaja lapho singaphansi kokuvivinywa. (Qhathanisa namaHeberu 12:11.) Nokho, ngokubheka phambili emvuzweni, singase sikwazi ‘ukuthi kungukuthokoza kodwa’ ngisho noma sibhekana nezimo ezivivinya kakhulu. (Jakobe 1:2-4; IzEnzo 5:41) Into ebalulekile ukuthi sihlale siqinile—ngisho noma ngabe kumelwe kube ngezinyembezi. Phela, uJesu akazange athi, ‘Lowo okhala izinyembezi uyakusindiswa’ kodwa, “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.”—Mathewu 24:13.
21. (a) Kweyesi-2 Petru 1:5, 6, yini esinxuswa ukuba siyelekele ekukhuthazeleni kwethu? (b) Yimiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
21 Ngakho ukukhuthazela kubalulekile ukuze sisindiswe. Nokho, kweyesi-2 Petru 1:5, 6, sinxuswa ukuba selekele ekukhuthazeleni kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu? Kuhlobene kanjani nokukhuthazela, futhi ungakuzuza kanjani? Lemibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuhlupheka okukhulu uJesu akukhuthazelela cishe kungabonakala eqinisweni lokuthi umzimba wakhe ophelele wafa ngemva nje kwamahora ambalwa esigxotsheni, kuyilapho abenzi bobubi ababebethelwe eceleni kwakhe kwadingeka ukuba baphulwe imilenze ukuze basheshe bafe. (Johane 19:31-33) Babengazange babhekane nokuhlupheka okungokwengqondo nokungokomzimba uJesu akuzwiswa phakathi nosizi lokuqwasha ubusuku bonke bangaphambi kokubethelwa, mhlawumbe kuze kube seqophelweni lapho ayengenakukwazi ngisho nokuthwala isigxobo sakhe sokuhlushwa.—Marku 15:15, 21.
-
-
Nelekele Ekukhuthazeleni Kwenu Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkuluINqabayokulinda—1993 | Septhemba 15
-
-
Nelekele Ekukhuthazeleni Kwenu Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
“Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.”—2 PETRU 1:5, 6.
1, 2. (a) Kusukela ngawo-1930, yini eyenzeka koFakazi BakaJehova emazweni angaphansi kokulawula kobuNazi, futhi ngani? (b) Baphumelela kanjani abantu bakaJehova ngaphansi kwalokuphathwa ngonya?
KWAKUYINKATHI emnyama emlandweni wekhulu lama-20. Kusukela ngawo-1930, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova emazweni angaphansi kokulawula kobuNazi zaboshwa ngokungafanele futhi zafakwa emakamu okuhlushwa. Ngani? Ngoba azizange zilokothe zithathe uhlangothi futhi zenqaba ukuthi heil Hitler. Zaphathwa kanjani? “Alikho elinye iqembu leziboshwa . . . elalivulekele ekuphathweni ngonya amabutho ama-SS njengoba kwakunjalo ngabaFundi BeBhayibheli [oFakazi BakaJehova]. Kwakuwunya olwedlulele olwalugcwele uchungechunge olungapheli lokuhlukunyezwa okungokomzimba nokungokwengqondo, okungekho nkulumo emhlabeni engaluchaza.”—UKarl Wittig, owayeyisikhulu sikahulumeni waseJalimane.
2 Baphumelela kanjani oFakazi? Encwadini yakhe ethi The Nazi State and the New Religions: Five Case Studies in Non-Conformity, uDkt. Christine E. King waphawula: “OFakazi kuphela [uma kuqhathaniswa namanye amaqembu angokwenkolo] uhulumeni angazange aphumelele ukumelana nabo.” Yebo, oFakazi BakaJehova bebonke bama beqinile, ngisho nakuba lokhu kwakusho ukukhuthazela kuze kube seqophelweni lokufa ngamakhulu amaningi abo.
3. Yini eye yenza ukuba oFakazi BakaJehova bakwazi ukukhuthazelela ukuvivinywa okunzima?
3 Yini eye yenza ukuba oFakazi BakaJehova bakwazi ukukhuthazelela ukuvivinywa okunjalo hhayi nje kuphela eJalimane lobuNazi kodwa emhlabeni wonke? UYise wabo wasezulwini uye wabasiza ukuba bakhuthazele ngenxa yokuzinikela kwabo kokwesaba uNkulunkulu. “INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni [abanokuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu,” kuchaza umphostoli uPetru. (2 Petru 2:9) Ngaphambili encwadini efanayo, uPetru wayeluleke amaKristu: “Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.” (2 Petru 1:5, 6) Ngakho ukukhuthazela kuhlobene eduze nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Eqinisweni, ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, kumelwe ‘siphishekele [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu’ futhi sikubonakalise. (1 Thimothewu 6:11) Kodwa kuyini ngempela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
Lokho Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Okuyikho
4, 5. Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
4 Ibizo lesiGreki elisho “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” (eu·seʹbei·a) ngokwezwi nezwi lingase lihunyushwe ngokuthi “ukubonisa inhlonipho ejulile efanele.”a (2 Petru 1:6, Kingdom Interlinear) Libonisa umuzwa ofudumele ojulile ngakuNkulunkulu. NgokukaW. E. Vine, isiphawulo esithi eu·se·besʹ, ngokwezwi nezwi esisho “okuhlonipheke ngokufanele,” sibonisa “amandla abonakaliswa emsebenzini wokuzinikela, eqondiswa ukwesaba uNkulunkulu okungcwele.”—2 Petru 2:9, Int.
5 Ngakho-ke inkulumo ethi “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” ibhekisela enhloniphweni ejulile noma ukuzinikela ngenxa kaJehova okusishukumisela ekwenzeni okumjabulisayo. Lokhu kwenziwa ngisho naphezu kokuvivinywa okunzima ngoba sithanda uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni. Kuwubuhlobo obuseduze bokwethembeka, bomuntu siqu noJehova obubonakala endleleni esiphila ngayo ukuphila kwethu. AmaKristu eqiniso anxuswa ukuba athandazele ukuba “ahlale kahle nangokuthula, [ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuphelele].” (1 Thimothewu 2:1, 2) Ngokusho kwabalobi bezichazamazwi uJ. P. Louw no-E. A. Nida, “ezilimini eziningi elithi [eu·seʹbei·a] kweyoku-1 Tm 2.2 lingase lihunyushwe ngokufanelekile ngokuthi ‘ukuphila ngendlela uNkulunkulu afuna ukuba siphile ngayo’ noma ‘ukuphila ngendlela uNkulunkulu asitshele ukuba siphile ngayo.’”
6. Kuhlobene ngani ukukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
6 Manje singakuqonda kangcono ukuhlobana phakathi kokukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Ngenxa yokuthi siphila ngendlela uNkulunkulu afuna ukuba siphile ngayo—ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu—sizilethela inzondo yezwe, okuletha ukuvivinywa kokholo okungapheli. (2 Thimothewu 3:12) Kodwa ayikho indlela ebesiyoshukunyiselwa ngayo ukuba sikhuthazelele ukuvivinywa okunjalo uma besingenabo ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noBaba wethu wasezulwini. Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasabela ekuzinikeleni okunjalo okuqotho. Cabanga nje ukuthi kumenza azizwe kanjani lapho ebheka phansi esemazulwini futhi abone labo abalwa kanzima ukuze bamjabulise naphezu kwazo zonke izinhlobo zokuphikiswa, ngenxa yokuzinikela kwabo kuye. Yingakho ezimisele “ukuhlangulisa ekulingweni [abantu abanokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu]”!
7. Kungani kumelwe sihlakulele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
7 Nokho, asizalwa sinokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, futhi asikuzuzi ngokuzenzekelayo kubazali abesaba uNkulunkulu. (Genesise 8:21) Kunalokho, kumelwe kuhlakulelwe. (1 Thimothewu 4:7, 10) Kumelwe sisebenzele ukwelekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekukhuthazeleni nasokholweni lwethu. UPetru uthi lokhu kudinga “inkuthalo.” (2 Petru 1:5) Khona-ke, singakuzuza kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
Singakuzuza Kanjani Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu?
8. Ngokukamphostoli uPetru, siyini isihluthulelo sokuzuza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
8 Umphostoli uPetru wachaza isihluthulelo sokuzuza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Wathi: “Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila [nokuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.” (2 Petru 1:2, 3) Ngakho ukuze selekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okholweni nasekukhuthazeleni kwethu, kumelwe sikhule olwazini oluqondile, okungukuthi, olugcwele, noma oluphelele, lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.
9. Kungaboniswa kanjani ukuthi ukuba nolwazi oluqondile ngoNkulunkulu noKristu kuhilela okungaphezu nje kokwazi ukuthi bangobani?
9 Kusho ukuthini ukuba nolwazi oluqondile lukaNkulunkulu noKristu? Ngokusobala, kuhilela okungaphezu kokwazi nje ukuthi bangobani. Ngokwesibonelo: Ungase wazi ukuthi umakhelwane wakho ungubani futhi ungase umbingelele ngisho nangegama. Kodwa ingabe ubungamboleka isamba esikhulu semali? Ubungamnika kuphela uma umazi ngempela ukuthi uluhlobo luni lomuntu. (Qhathanisa nezAga 11:15.) Ngokufanayo, ukwazi uJehova noJesu ngokuqondile, noma ngokugcwele, kusho okungaphezu nje kokukholelwa ukuthi bakhona nokwazi amagama abo. Ukuze sizimisele ukukhuthazelela ukuvivinywa ngenxa yabo kuze kube naseqophelweni lokufa, kumelwe sibazi ngokuseduze ngempela. (Johane 17:3) Kuhilelani lokhu?
10. Yiziphi izinto ezimbili ukuba nolwazi oluqondile ngoJehova noJesu okuzihilelayo, futhi ngani?
10 Ukuba nolwazi oluqondile, noma oluphelele, lukaJehova noJesu kuhilela izinto ezimbili: (1) ukubazi njengabantu—izimfanelo, imizwa, nezindlela zabo—kanye (2) nokulingisa isibonelo sabo. Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuhilela ubuhlobo obujulile, bomuntu siqu noJehova futhi kucaciswa yindlela esiphila ngayo ukuphila kwethu. Ngakho-ke, ukuze sikuzuze kumelwe sazi uJehova ngokomuntu siqu futhi sizijwayelanise ngokugcwele nentando kanye nezindlela zakhe ngangokusemandleni ethu obuntu. Ngempela ukuze simazi uJehova, esadalwa ngomfanekiso wakhe, kumelwe silusebenzise ulwazi olunjalo futhi silwele ukuba njengaye. (Genesise 1:26-28; Kolose 3:10) Futhi njengoba uJesu amlingisa ngokuphelele uJehova kulokho akusho nakwenza, ukwazi uJesu ngokuqondile kuwusizo olubalulekile ekuhlakuleleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.—Heberu 1:3.
11. (a) Singaluzuza kanjani ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu noKristu? (b) Kubaluleke ngani ukuzindla ngalokho esikufundayo?
11 Nokho, singaluzuza kanjani ulwazi olunjalo oluqondile ngoNkulunkulu noKristu? Ngokutadisha iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ngenkuthalo.b Nokho, ukuze isifundo sethu seBhayibheli somuntu siqu siphumele ekuzuzeni kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kubalulekile ukuba sizinike isikhathi sokuzindla, okungukuthi, ukucabangisisa, noma ukucabanga ngokujulile, ngalokho esikufundayo. (Qhathanisa noJoshuwa 1:8.) Kungani lokhu kubalulekile? Khumbula ukuthi ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuwumuzwa ofudumele, ojulile ngoNkulunkulu. EmiBhalweni, ukuzindla kuhlanganiswa ngokuphindaphindiwe nenhliziyo engokomfanekiso—umuntu wangaphakathi. (IHubo 19:14; 49:3; IzAga 15:28) Lapho sizindla ngokwazisa ngalokho esikufundayo, kungena kujule kumuntu wangaphakathi, kanjalo kuvuse imizwa yethu, kuthinte imizwelo yethu, futhi kuthonye ukucabanga kwethu. Kungaleyondlela kuphela ukufunda okungaqinisa ngayo ubuhlobo bethu bomuntu siqu noJehova futhi kusishukumisele ukuba siphile ngendlela ejabulisa uNkulunkulu ngisho naphezu kwezimo ezibekela inselele noma ukuvivinywa okunzima.
Ukubonakalisa Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Ekhaya
12. (a) NgokukaPawulu, umKristu angakubonakalisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya? (b) Kungani amaKristu eqiniso enakekela abazali abagugile?
12 Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kumelwe kubonakaliswe ekhaya kuqala. Umphostoli uPawulu uthi: “Uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha [ukubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, NW] indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:4) Ukunakekela abazali abagugile, njengoba uPawulu esho, kuwukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. AmaKristu eqiniso awanikezi ukunakekela okunjalo ngenxa nje yomuzwa womthwalo wemfanelo obophayo kodwa ngenxa yokuthanda abazali bawo. Nokho, ngaphezu kwalokho, ayaqaphela ukuthi uJehova ukubheka njengokubalulekile ukunakekela umkhaya womuntu. Ayaqaphela ukuthi ukulahla abazali bawo ngesikhathi sokuswela kuyafana ‘nokulahla ukholo lobuKristu.’—1 Thimothewu 5:8.
13. Kungani ukubonakalisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya kungase kube inselele yangempela, kodwa yikuphi ukwaneliseka umuntu akutholayo ngokunakekela abazali bakhe?
13 Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ukubonakalisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya. Amalungu omkhaya angase ahlukaniswe amabanga amade. Izingane esezikhulile kungenzeka zikhulisa imikhaya yazo futhi zithwele kanzima ngokomnotho. Ubungako noma izinga lokunakekelwa umzali akudingayo kungase kuyikhandle impilo engokomzimba, engokwengqondo nengokomzwelo yalabo abanikeza lokho kunakekela. Nokho, kungaletha ukwaneliseka kwangempela ukwazi ukuthi ukunakekela abazali bakho akugcini nje kuphela ‘ekubakhokheleni okubafaneleyo’ kodwa futhi kujabulisa Lowo “eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni.”—Efesu 3:14, 15.
14, 15. Landisa ngesibonelo sabantwana sokunakekela umzali ngokokwesaba uNkulunkulu.
14 Cabangela isibonelo esithinta inhliziyo ngempela. U-Ellis nabafowabo nodadewabo abahlanu babhekene nenselele yangempela yokunakekela uyise ekhaya. U-Ellis uyachaza: “Ngo-1986 ubaba waba nesifo sohlangothi, esamshiya ekhubazeke ngokuphelele.” Lezingane eziyisithupha zihlanganyela ekunakekeleni izidingo zikayise, kusukela ekumgezeni kuya ekuqikeleleni ukuthi uguqulwa njalo embhedeni ukuze angavelwa izilonda ezibangelwa ukulala kakhulu. “Siyamfundela, sixoxe naye, simdlalele umculo. Asiqiniseki noma uyakuqaphela yini okwenzeka endaweni emzungezile, kodwa simphatha njengokungathi uyakubona konke okwenzekayo.”
15 Kungani lezingane zinakekela uyise njengoba zenza? U-Ellis uyaqhubeka: “Ngemva kokufa kukamama ngo-1964, uBaba wasikhulisa eyedwa. Ngalesosikhathi, sasineminyaka esukela kwemihlanu kuya kwengu-14. Wayekhona futhi ezimisele ukusisiza ngalesosikhathi; sikhona futhi sizimisele nathi ukumsiza manje.” Ngokusobala, akulula ukunikeza ukunakekela okunjalo, futhi izingane ziyadumala ngesinye isikhathi. “Kodwa siyaqaphela ukuthi isimo sikababa siyinkinga yesikhashana,” kusho u-Ellis. “Sibheke phambili esikhathini lapho ubaba eyobuyiselwa empilweni enhle futhi siphinde sihlangane nomama.” (Isaya 33:24; Johane 5:28, 29) Ngokuqinisekile, ukukhathalela umzali ngokuzinikela okunjalo kumelwe ukuba kujabulisa inhliziyo yaLowo oyala izingane ukuba zazise abazali bazo!c—Efesu 6:1, 2.
Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Nenkonzo
16. Kufanele sibe yini isizathu esiyinhloko salokho esikwenza enkonzweni?
16 Lapho samukela isimemo sikaJesu ‘sokumlandela ngokuqhubekayo,’ siba ngaphansi kokuthunywa kwaphezulu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 16:24; 24:14; 28:19, 20) Ngokusobala, ukuhlanganyela enkonzweni kuyisibopho sobuKristu ‘kulezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Nokho, isisusa sethu sokushumayela nokufundisa kumelwe seqele ngalé komuzwa nje womsebenzi ophoqayo noma isibopho. Uthando olujulile ngoJehova kumelwe lube isizathu esiyinhloko salokho esikwenzayo nokuthi senza okungakanani enkonzweni. “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo,” kusho uJesu. (Mathewu 12:34) Yebo, lapho izinhliziyo zethu zichichima uthando ngoJehova, sizizwa sishukunyiselwa ukuba sifakaze ngaye kwabanye. Lapho isisusa sethu kuwuthando ngoNkulunkulu, inkonzo yethu iwukubonakaliswa okunenjongo kokuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu.
17. Singasihlakulela kanjani isisusa esihle ngenkonzo?
17 Singasihlakulela kanjani isisusa esihle ngenkonzo? Ngokwazisa cabanga ngezizathu ezintathu uJehova asinikeze zona zokumthanda. (1) Siyamthanda uJehova ngenxa yalokho asesenzele khona kakade. Alukho uthando olwedlula lolo alubonisé ngokulungiselela isihlengo. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) (2) Siyamthanda uJehova ngenxa yalokho asenzela khona manje. Sinenkululeko yokukhuluma noJehova, ophendula imithandazo yethu. (IHubo 65:2; Heberu 4:14-16) Njengoba izithakazelo zoMbuso sizinikeza indawo yokuqala, sijabulela izidingo zokuphila. (Mathewu 6:25-33) Sithola amalungiselelo aqhubekayo okudla okungokomoya okusisiza ukuba sibhekane nezinkinga esihlangabezana nazo. (Mathewu 24:45) Futhi sinesibusiso sokuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke obusihlukanisa ngempela ezweni lonke. (1 Petru 2:17) (3) Siyamthanda futhi uJehova ngenxa yalokho asazosenzela khona. Ngenxa yothando lwakhe, ‘sibambelela ekuphileni okuyikho’—ukuphila okuphakade esikhathini esizayo. (1 Thimothewu 6:12, 19) Lapho sicabangela uthando uJehova analo ngathi, ngokuqinisekile izinhliziyo zethu ziyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokuzinikela ekutsheleni abanye ngaye nezinjongo zakhe eziyigugu! Akunakudingeka ukuba abanye basitshele ukuba senzeni noma senze okungakanani enkonzweni. Siyoshukunyiswa yizinhliziyo zethu ukuba senze konke okusemandleni.
18, 19. Yisiphi isithiyo omunye udade asinqoba ukuze ahlanganyele enkonzweni?
18 Ngisho naphezu kwezimo ezibekela inselele, inhliziyo eshukunyiswa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu iyoshukunyiselwa ukuba ikhulume. (Qhathanisa noJeremiya 20:9.) Lokhu kuboniswa indaba kaStella, owesifazane ongumKristu onamahloni ngokwedlulele. Lapho eqala ukufunda iBhayibheli, wacabanga, ‘Angisoze ngalubhada endlini ngendlu!’ Uyachaza: “Ngaso sonke isikhathi ngangizithulela. Ngangingenakulokotha ngiye kwabanye ukuze ngiqalise ingxoxo.” Njengoba ayeqhubeka nokufunda, uthando lwakhe ngoJehova lwakhula, futhi waba nesifiso esivuthayo sokukhuluma nabanye ngaye. “Ngikhumbula ngitshela owayengifundisa iBhayibheli, ‘Ngiyakufuna ngempela ukukhuluma, kodwa ngimane nje angikwazi, futhi lokho kuyangikhathaza ngempela.’ Angisoze ngakukhohlwa angitshela khona: ‘Stella, bonga ngokuthi uyakufuna ukukhuluma.’ ”
19 Kungekudala, uStella wazithola efakaza kumakhelwane wakhe. Khona-ke wabe esethatha lokho okwakuyisinyathelo esiyingqopha-mlando kuye—wahlanganyela ngokokuqala ngqá enkonzweni yendlu ngendlu. (IzEnzo 20:20, 21) Uyakhumbula: “Intshumayelo yami ngangiyilobe phansi. Kodwa ngangethuke kakhulu kangangokuba nakuba yayiphambi kwami, ngangesaba kakhulu ukubheka phansi emaphuzwini ami!” Manje, ngaphezu kweminyaka engu-35 kamuva, uStella usenawo amahloni ngokwemvelo. Nokho, uyayithanda inkonzo yasensimini futhi uyaqhubeka ehlanganyela ngokunenjongo kuyo.
20. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi ngisho nokushushiswa noma ukuboshwa akusoze kwayivala imilomo yoFakazi BakaJehova abazinikele?
20 Ngisho nokushushiswa noma ukuboshwa akusoze kwayivala imilomo yoFakazi BakaJehova abazinikele. Cabangela isibonelo sika-Ernst noHildegard Seliger baseJalimane. Ngenxa yokholo lwabo, bachitha ingqikithi yeminyaka engaphezu kwengu-40 emakamu okuhlushwa amaNazi nasemajele obuKhomanisi. Ngisho nasejele, baphikelela ekufakazeni kwezinye iziboshwa. UHildegard uyakhumbula: “Izikhulu zejele zangibheka njengoyingozi kakhulu, ngenxa yokuthi, njengoba kwasho omunye umlindi wesifazane, ngangikhuluma ngeBhayibheli usuku lonke. Ngakho ngavalelwa ejele elingaphansi komhlaba.” Ngemva kokukhululwa kwabo ekugcineni, uMzalwane noDade Seliger banikela ngesikhathi sabo esigcwele enkonzweni yobuKristu. Bobabili bakhonza ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni kwabo, uMzalwan’ uSeliger ngo-1985 nomkakhe ngo-1992.
21. Yini okumelwe siyenze ukuze selekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekukhuthazeleni kwethu?
21 Ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo nokuzinika isikhathi sokuzindla ngokwazisa ngalokho esikufundayo, siyokhula olwazini oluqondile lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ekugcineni, lokhu kuyophumela ekuzuzeni kwethu isilinganiso esigcwele saleyomfanelo eyigugu—ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Ngaphandle kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ayikho indlela esingakukhuthazelela ngayo ukuvivinywa okuhlukahlukene okuza phezu kwethu njengamaKristu. Ngakho masilandele iseluleko sikamphostoli uPetru, siqhubeke ‘selekela okholweni lwethu ukukhuthazela nasekukhuthazeleni kwethu [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.’—2 Petru 1:5, 6.
-