-
Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene NokuphelaINqabayokulinda—2010 | Agasti 1
-
-
Funda kokwenzeka esikhathini esedlule. UPetru wathi uNkulunkulu ‘akayekanga ukujezisa izwe lasendulo, kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 2:5) Ngokuphathelene nalabo abahleka usulu, wathi: “Ngokwesifiso sabo, leli qiniso liyabaphunyuka, lokuthi ayekhona amazulu kusukela kudala nomhlaba omi ubumbene uvelé emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlabab okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.”—2 Petru 3:5-7.
-
-
Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene NokuphelaINqabayokulinda—2010 | Agasti 1
-
-
b Lapha uPetru ubhekisela emhlabeni ongokomfanekiso. Umbhali weBhayibheli uMose naye wakhuluma ngomhlaba ngendlela engokomfanekiso. Wabhala: “Umhlaba wonke waqhubeka unolimi olulodwa.” (Genesise 11:1) Njengoba nje umhlaba ongokoqobo ungakhulumi, nalapha akuwona umhlaba ongokoqobo oyobhujiswa. Kunalokho, njengoba uPetru esho, kuyobhujiswa abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.
-