-
Hlobo Luni Lwabantu Okufanele Nibe Yilo?INkonzo YoMbuso—1995 | Agasti
-
-
1 Isikhathi sokulandisa kwaso sonke isintu siyasondela. IBhayibheli lisibiza ngokuthi ‘usuku lukaJehova.’ Siyisikhathi okuzokhishwa ngaso isahlulelo saphezulu kubantu ababi; isikhathi futhi sokukhululwa kwabalungileyo. Bonke abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi bayolandisa ngendlela abaye basebenzisa ngayo ukuphila kwabo. Ecabanga ngalokhu, uPetru uphakamisa umbuzo ohlolayo: “Hlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo”? Ugcizelela ukubaluleka ‘kwezenzo zokuziphatha ezingcwele, izenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nokukugcina kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova,’ kanye nesidingo ‘sokungabi nabala, nasici, nesokuba sekuthuleni.’—2 Pet. 3:11-14.
-
-
Hlobo Luni Lwabantu Okufanele Nibe Yilo?INkonzo YoMbuso—1995 | Agasti
-
-
5 Ukungabi Nabala, Nasici, Nokuba Sekuthuleni: Njengengxenye yesixuku esikhulu, siye ‘sageza izivatho zethu sazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAm. 7:14) Khona-ke, ‘ukungabi nabala’ kusho ukuthi kufanele sikuvikele ngokucophelela ukuphila kwethu okuhlanzekile nokunikezelwe ukuze kungangcoliswa ukungcola kwezwe. Sizigcina ‘singenasici’ ngokwenqaba ukuvumela iminako yezinto ezibonakalayo engeyona eyokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ukuba yonakalise ubuntu bethu bobuKristu. (Jak. 1:27; 1 Joh. 2:15-17) Sibonisa ukuthi siphila ‘ekuthuleni’ ngokubonisa “ukuthula kukaNkulunkulu” kukho konke ukusebenzelana kwethu nabanye.—Fil. 4:7; Roma 12:18; 14:19.
-