-
Lokho Okuyokwambulwa Usuku LukaJehovaINqabayokulinda—2010 | Julayi 15
-
-
2 Umphostoli uPetru wabhala: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela, okuyodlula ngalo amazulu ngomsindo ohazayo, kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.” (2 Pet. 3:10) Ayini “amazulu” ‘nomhlaba’ okukhulunywa ngawo lapha? Ziyini “izakhi” eziyoncibilika? UPetru wayesho ukuthini lapho ethi “umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa”? Ukwazi izimpendulo zale mibuzo kuzosisiza ukuba silungele izenzakalo ezesabekayo ezizokwenzeka maduze.
Amazulu Nomhlaba Okuthiwa Ayodlula
3. Ayini “amazulu” okukhulunywa ngawo kweyesi-2 Petru 3:10, futhi ayodlula kanjani?
3 Lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngamazulu’ angokomfanekiso, ngokuvamile libhekisela emibusweni ekhona, ephakeme ngaphezu kwezikhonzi zayo. (Isaya 14:13, 14; IsAm. 21:1, 2) ‘Amazulu ayodlula’ amelela imibuso yabantu ebusa umphakathi wabantu abangamesabi uNkulunkulu. Ukudlula kwawo “ngomsindo” omkhulu “ohazayo”—noma ngokwenye inguqulo, “ngokuduma okunamandla”—kungenzeka kubonisa ukuthi la mazulu ayobhujiswa ngokuphazima kweso.
4. Uyini “umhlaba,” futhi uyobhujiswa kanjani?
4 “Umhlaba” umelela izwe lesintu esihlukaniswe noNkulunkulu. Izwe elinjalo lalikhona osukwini lukaNowa, futhi laphela ngoZamcolo ngokuyala kukaNkulunkulu. “Ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” (2 Pet. 3:7) Nakuba uZamcolo wababhubhisa ngasikhathi sinye bonke abantu abangamesabi uNkulunkulu, imbubhiso ezayo yona iyokwenzeka ngezigaba phakathi ‘nosizi olukhulu.’ (IsAm. 7:14) Esigabeni sokuqala salolo sizi, uNkulunkulu uyoshukumisela ababusi baleli zwe bezombangazwe ukuba babhubhise “iBhabhiloni Elikhulu,” ebonisa indlela asenyanya ngayo lesi sifebe esingokwenkolo. (IsAm. 17:5, 16; 18:8) Esigabeni sokugcina sosizi olukhulu, empini ye-Armagedoni, uJehova ngokwakhe uyobe eseqothula lonke izwe likaSathane.—IsAm. 16:14, 16; 19:19-21.
“Izakhi . . . Ziyoncibilika”
5. Zihlanganisani izakhi ezingokomfanekiso?
5 Ziyini “izakhi” ‘eziyoncibilika’? Esinye isichazamazwi seBhayibheli sichaza elithi “izakhi” ngokuthi “izimiso zokuqala,” noma “iziqalo.” Sithi leli gama, “lalisetshenziselwa izinhlamvu zamagama, njengezakhi zenkulumo.” Ngakho, “izakhi” uPetru akhuluma ngazo zibhekisela ezintweni eziyisisekelo ezenza leli lizwe libe nezici, izimo zengqondo, izindlela nemigomo ebonisa ukungamesabi uNkulunkulu. “Izakhi” zihlanganisa “umoya wezwe,” “osebenza emadodaneni okungalaleli.” (1 Kor. 2:12; funda eyabase-Efesu 2:1-3.) Lo moya ugcwele lonke izwe likaSathane. Ushukumisela abantu ukuba bacabange, bahlele, bakhulume futhi benze ngezindlela ezibonisa ukucabanga kukaSathane, ‘umbusi wegunya lomoya’ oqhoshayo nodelelayo.
6. Ubonakala kanjani umoya wezwe?
6 Ngakho-ke, bazi noma bengazi, labo abangenwe umoya wezwe bavumela izingqondo nezinhliziyo zabo ukuba zithonywe uSathane, okwenza babonakalise ukucabanga nesimo sakhe sengqondo. Ngenxa yalokho, benza abakuthandayo, abanandaba nentando kaNkulunkulu. Indlela abasabela ngayo ezimweni iqhutshwa ukuqhosha noma ubugovu, babonisa isimo sengqondo sokuvukela igunya, futhi bavumela ukubuswa “isifiso senyama nesifiso samehlo.”—Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.a
7. Kungani kumelwe ‘siqaphe inhliziyo’ yethu?
7 Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba ‘siqaphe inhliziyo’ yethu ngokusebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu lapho sikhetha abangane, esikufundayo, okokuzijabulisa nezingosi ze-Internet esizivakashelayo! (IzAga 4:23) Umphostoli uPawulu wabhala: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.” (Kol. 2:8) Leso sixwayiso siphuthuma nakakhulu njengoba usuku lukaJehova lusondela, ngoba ‘ukushisa’ kwalo okungakaze kube khona kuyoncibilikisa zonke “izakhi” zesimiso sikaSathane, kuzibonise ukuthi azikwazi nhlobo ukumelana nomlilo. Lokhu kusikhumbuza amazwi akuMalaki 4:1: “Luyeza usuku oluvutha njengesithando somlilo, bonke abagabadelayo nabo bonke abenza ububi bayoba njengezinhlanga. Lolu suku oluzayo ngokuqinisekile luyobashwabadela.”
“Umhlaba Nemisebenzi Ekuwo Kuyokwambulwa”
8. Umhlaba nemisebenzi ekuwo ‘kuyokwambulwa’ kanjani?
8 Wayesho ukuthini uPetru lapho ethi “umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa”? Igama elithi ‘ukwambulwa’ lingahunyushwa nangokuthi “tholakala” noma “dalulwa.” UPetru wayesho ukuthi phakathi nosizi olukhulu, uJehova uyolidalula izwe likaSathane, abonise ukuthi limelene naYe noMbuso wakhe, ngakho kufanele libhujiswe. Ebikezela ngaleso sikhathi, u-Isaya 26:21 uthi: “UJehova uphuma endaweni yakhe ukuze enze ukuba owakhileyo ezweni alandise ngesiphambeko asenzile kuye, futhi ngokuqinisekile izwe liyokuveza obala ukuchithwa kwegazi okukulo futhi ngeke lisabafihla ababuleweyo balo.”
9. (a) Yini okufanele siyenqabe, futhi ngani? (b) Yini okufanele siyihlakulele, futhi ngani?
9 Phakathi nosuku lukaJehova, labo abaye balolongwa izwe nomoya walo omubi bayobonakalisa ubuntu babo bangempela, baze ngisho babulalane. Empeleni, kungenzeka ukuthi izinhlobo eziningi zokuzijabulisa okunobudlova ezithandwayo namuhla zilolonga izingqondo zabaningi ukuze zilungele isikhathi lapho isandla somuntu ‘siyophakama khona ngokumelene nesandla somngane wakhe.’ (Zak. 14:13) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba senqabe noma yini—amabhayisikobho, izincwadi, imidlalo ye-video, nokunye—engase iveze kithi izici ezinengekayo kuNkulunkulu, njengokuqhosha nokuthanda ubudlova! (2 Sam. 22:28; IHu. 11:5) Kunalokho, masihlakulele izithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu, ngoba zona ngeke zishe lapho ukushisa okungokomfanekiso kuvulelwa.—Gal. 5:22, 23.
-
-
Lokho Okuyokwambulwa Usuku LukaJehovaINqabayokulinda—2010 | Julayi 15
-
-
Zilungiselele Usuku Olukhulu LukaJehova
12. Kungani usuku lukaJehova luyolethusa izwe?
12 UPawulu noPetru babikezela ukuthi usuku lukaJehova lwaluyofika kungazelelwe ‘njengesela’—isinyelela. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:1, 2.) Ngisho namaKristu eqiniso, ahlale elulindele lolo suku, kuyowamangaza ukufika kwalo ngokuzumayo. (Math. 24:44) Nokho, izwe lona ngeke ligcine ngokumangala. UPawulu wabhala: “Noma nini lapho [labo abahlukaniswe noJehova] bethi: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi njengomhelo wokucindezeleka ufikela owesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela.”—1 Thes. 5:3.
-