Siyakujabulela Ukulinda UJehova
WAKE wasidla yini isithelo esingakavuthwa? Akungabazeki ukuthi awukuthandanga ukunambitheka kwaso. Isithelo sithatha isikhathi ukuvuthwa, futhi ngokuqinisekile ukusilinda size sivuthwe kuyinzuzo kakhulu. Zikhona nezinye izimo lapho ukulinda kunenzuzo khona. IBhayibheli lithi: “Kuhle ukuba umuntu alinde, yebo buthule, alindele insindiso kaJehova.” (IsiLilo 3:26; Thithu 2:13) AmaKristu kumelwe alinde uJehova ngaziphi izindlela? Singazuza kanjani ngokumlinda?
Ukulinda UNkulunkulu—Kuhilelani?
NjengamaKristu, ‘silindele futhi sikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ Silindele impumuzo esizoyithola lapho uNkulunkulu ‘ebhubhisa abantu abangamhloniphi.’ (2 Petru 3:7, 12) UJehova uqobo uyakulangazelela ukuqeda bonke ububi, kodwa ulindile ukuze asindise amaKristu ngendlela eyokhazimulisa igama lakhe. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu, nakuba ethanda ukubonisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, [waziyeka] ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezenziwe zafanelwa ukubhujiswa, ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zesihe.” (Roma 9:22, 23) Njengasezinsukwini zikaNowa, uJehova uyasazi isikhathi esifanele sokusindisa abantu bakhe namuhla. (1 Petru 3:20) Ngakho, ukulinda uNkulunkulu kuhilela ukulinda isikhathi sakhe sokuthatha isinyathelo.
Njengoba silinde usuku lukaJehova, ngezinye izikhathi singase sicasuke lapho sibona izindinganiso zokuziphatha zaleli zwe ziwohloka kakhulu. Ngalezo zikhathi, kuhle ukucabanga ngamazwi kaMika, umprofethi kaNkulunkulu, owabhala: “Othembekile ushabalele emhlabeni, naphakathi kwesintu akekho oqotho.” Wabe esenezela: “Mina, ngizohlala ngibheke uJehova. Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.” (Mika 7:2, 7) Siyini ‘isimo sengqondo sokulinda’ okufanele sisihlakulele? Njengoba ukulinda kuvame ukukhungathekisa, singayithola kanjani injabulo ngenkathi silinde uNkulunkulu?
Siyajabula Lapho Silindile
Singafunda isimo sengqondo esifanele kuJehova. Uhlale ‘enguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Uyajabula nakuba elindile ngoba uyaqhubeka esebenzela ukufeza injongo yakhe yokwenza abantu abamthandayo baphelele njengoba kwakuyinjongo yakhe lapho edala abantu. (Roma 5:12; 6:23) Ubona izithelo ezinhle emsebenzini wakhe—izigidi zabantu ziye zakhangwa ukukhulekela kweqiniso. UJesu wathi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” (Johane 5:17) Ukwenzela abanye izinto kubalulekile ukuze sijabule. (IzEnzo 20:35) Ngokufanayo, amaKristu eqiniso awalindi engenzi lutho. Kunalokho, azigcina ematasa esiza abanye ukuba bafunde ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu.
Abantu abathembekile bebelokhu bekujabulela ukudumisa uNkulunkulu kuyilapho belinde isikhathi sakhe sokuthatha isinyathelo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomhubi uDavide. UDavide washushiswa inkosi yakhe, wakhashelwa umngane wakhe omkhulu, futhi wavukelwa indodana yakhe. Ebhekene nalezi zimo, ingabe uDavide wayengajabula kuyilapho elinde impumuzo eyayizofika ngesikhathi sikaJehova esifanele? IHubo 71, ngokusobala elabhalwa uDavide, lithi: “Mina, ngizolinda njalo, ngizokwenezela kulo lonke udumo lwakho. Umlomo wami uyolandisa ukulunga kwakho, insindiso yakho usuku lonke.” (IHubo 71:14, 15) Kunokuba alinde ekhungathekile, uDavide wabonisa injabulo ngoba wayematasa edumisa uJehova futhi eqinisa abanye ekukhulekeleni kweqiniso.—IHubo 71:23.
Ukulinda uJehova akukhungathekisi njengokulinda ibhasi elishiywe isikhathi. Kunjengokulinda kwabazali ngenjabulo njengoba ingane yabo ikhula iba umuntu omdala abangaziqhenya ngaye. Ngaleyo minyaka kuyasetshenzwa iqeqeshwa, ifundiswa futhi iyalwa ngomgomo wokuba kube nezithelo ezinhle. Ngokufanayo, thina esilinde uJehova sithola injabulo ngokusiza abanye ukuba basondele kuNkulunkulu. Kwathina sifuna ukuthola ukwamukelwa uNkulunkulu, futhi ekugcineni sithole insindiso.
Asiphelelwa Ithemba
Ukulinda uJehova kusho ukuqhubeka simthanda futhi simkhonza ngaphandle kokuphelelwa ithemba. Lokhu kungaba inselele. Izinceku zikaNkulunkulu eziningi namuhla zihlala emiphakathini emhleka usulu umuntu ophila ukuphila okusekelwe ekukholelweni ezithembisweni zikaNkulunkulu. Ngakho, cabanga ngesibonelo sama-Israyeli athembekile agcina ithemba lawo liphila phakathi neminyaka engu-70 yokudingiselwa eBhabhiloni. Yini eyawasiza ukuba enze njalo? Akungabazeki ukuthi ukufunda amahubo kwawaqinisa. Elinye ihubo elikhuthazayo okungenzeka labhalwa ngaleso sikhathi lithi: “Ngililindile izwi lakhe. Umphefumulo wami ulinde uJehova ukwedlula abalindi abalinda ukusa, belinde ukusa. U-Israyeli makaqhubeke elinde uJehova.”—IHubo 130:5-7.
AmaJuda agcina ithemba lawo liphila ngokufunda nangokukhuluma ngalo avuzwa lapho ekugcineni iBhabhiloni linqotshwa. Ngokushesha izinkulungwane zamaJuda athembekile zalibangisa eJerusalema. Ngokuqondene naleso sikhathi, kulotshiwe: “Lapho uJehova ebutha abathunjiwe baseZiyoni ebabuyisa, . . . umlomo wethu wagcwala ukuhleka.” (IHubo 126:1, 2) Lawo maJuda awazange aphelelwe ithemba, kodwa aqhubeka eqinisa ukholo lwawo. Futhi awazange ayeke ukuhlabelela izindumiso zikaJehova.
Ngendlela efanayo, amaKristu eqiniso alinde uNkulunkulu phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ enza umzamo oqhubekayo wokugcina ukholo lwawo luphila. Atadisha iZwi likaNkulunkulu, akhuthazane, futhi aqhubeke edumisa uJehova ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe.—Mathewu 24:3, 14.
Ukulinda Ukuzuza Esiyalweni
UJeremiya, umprofethi kaNkulunkulu, wabhala: “Kuhle ukuba umuntu alinde, yebo buthule, alindele insindiso kaJehova.” (IsiLilo 3:26) UJeremiya wayesho ukuthi kwakuzoba kuhle ngabantu bakaNkulunkulu ukuba bangakhonondi ngendlela uJehova ayebayala ngayo lapho evumela ukuba iJerusalema libhujiswe. Kunalokho, kwakufanele bazuze kulokho ngokucabanga ngokungalaleli kwabo nangesidingo sokushintsha isimo sabo sengqondo.—IsiLilo 3:40, 42.
Indlela isiyalo sikaJehova esisizuzisa ngayo ingase ifaniswe nendlela yokuvuthwa kwesithelo. Mayelana nesiyalo sikaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo sokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Hebheru 12:11) Njengoba nje kuthatha isikhathi ukuba isithelo sivuthwe, nathi sidinga isikhathi ukuze sishintshe izimo zethu zengqondo ukuze sizuze ekuqeqesheni okuvela kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uma ukuziphatha kwethu okungafanele kubangela ukuba siphucwe amalungelo athile, ukuzimisela ukulinda uNkulunkulu kuyosenza sigweme ukudumazeka bese siyayeka. Kulezo zimo, amazwi aphefumulelwe kaDavide ayakhuthaza: “Ukuba ngaphansi kwentukuthelo [kaNkulunkulu] kungokomzuzwana, ukuba ngaphansi kokuthakazelelwa nguye kungokwakho konke ukuphila komuntu. Kusihlwa kungase kube khona ukukhala, kodwa ekuseni kukhona ukukhamuluka kwenjabulo.” (IHubo 30:5) Uma sihlakulela isimo sengqondo sokulinda futhi sisebenzise iseluleko esisithola eZwini likaNkulunkulu nasenhlanganweni yakhe, isikhathi sokuba ‘sikhamuluke ngenjabulo’ sizofika.
Ukufinyelela Ekuvuthweni Kuthatha Isikhathi
Uma usemncane noma usanda kubhapathizwa, ungase ulangazelele ukuba nemithwalo yemfanelo ethile ebandleni lobuKristu. Kodwa kuthatha isikhathi ukuvuthwa ngokomoya okudingekayo ukuze umuntu akwazi ukuthwala leyo mithwalo yemfanelo. Ngakho, yisebenzise ngokunenzuzo iminyaka yobusha bakho ukuze ukhule ngokomoya. Ngokwesibonelo, ubusha buyisikhathi esihle sokulifunda lonke iBhayibheli, sokuthuthukisa izimfanelo zobuKristu nokufunda ikhono lokwenza abafundi. (UmShumayeli 12:1) Uma ngokuthobeka ubonisa isimo sengqondo sokulinda, sizofika isikhathi sokuba uJehova akunike umthwalo wemfanelo owengeziwe.
Umsebenzi wokwenza abafundi nawo udinga ukubekezela. Njengoba nje umlimi kumelwe aqhubeke enisela kuze kube yilapho uNkulunkulu ekhulisa imbewu, kungokufanayo nangomsebenzi wokwenza abafundi. (1 Korinte 3:7; Jakobe 5:7) Ukwenza abantu babe nokholo futhi bazise uJehova kuthatha izinyanga noma ngisho neminyaka yokubafundela iBhayibheli ngokubekezela. Ukulinda uJehova kuhilela ukuphikelela, ngisho noma ekuqaleni abafundi bengasabeli kulokho abakufundayo. Uma okungenani bebonisa ukwazisa okuncane, lokho kungaba uphawu lokuthi bayasabela emoyeni kaJehova. Ngokubekezela, ungathola injabulo yokubona uJehova enza umuntu omfundelayo ukuba athuthukele ekubeni umfundi kaKristu.—Mathewu 28:20.
Ukubonisa Uthando Ngokulinda
Ukuze ubone indlela ukulinda okungaba ngayo uphawu lothando nokuqiniseka, cabanga ngesimo sikagogo othile ohlala endaweni ewugwadule yase-Andes, eNingizimu Melika. Yena nomunye udade bawukuphela koFakazi BakaJehova endaweni yakubo. Ingabe ungabona ngeso lengqondo indlela abakulindela ngayo ngokulangazela ukuvakashelwa amanye amaKristu? Ngesinye isikhathi, umbonisi ojikelezayo waduka lapho eqala ukubavakashela. Kwadingeka abuyele emuva lapho ayesuka khona futhi wephuza ngamahora amaningana. Kwase kusentathakusa lapho ekugcineni ebona umuzana kude le. Njengoba wawungekho ugesi kule ndawo, wamangala lapho ebona ukukhanya okulokozayo. Yeka indlela ajabula ngayo lapho ekugcineni efika emzini futhi ebona ukuthi lokho kukhanya kwakungokwelambu lamafutha elalibekwe yilo gogo phezulu! Wayeqiniseka ukuthi umbonisi ojikelezayo wayezofika, ngakho wayelindile.
Ngendlela efanayo siyakujabulela ukulinda uJehova. Siyaqiniseka ukuthi uzozifeza izithembiso zakhe. Futhi, njengaloya mbonisi ojikelezayo, siyabazisa labo abasilinda ngothando. Ngakho, akumangazi ukuthi uNkulunkulu uyabazisa labo abamlindayo. IBhayibheli lithi: “UJehova ujabula . . . ngalabo abalinda umusa wakhe wothando.”—IHubo 147:11.
[Isithombe ekhasini 18]
Abantu abahlala bematasa bedumisa uJehova bayakujabulela ukumlinda