Masibambelele Ngokuqinile Okholweni Lwethu Oluyigugu!
“Kulabo abathole ukholo, oluyilungelo elilinganayo nelethu.”—2 PETRU 1:1.
1. Wathini uJesu lapho exwayisa abaphostoli bakhe, kodwa uPetru waziqhayisa wathini?
NGOBUSUKU bangaphambi kokufa kukaJesu, wathi bonke abaphostoli bakhe babeyomshiya. Omunye wabo, uPetru, waziqhayisa: “Nakuba bonke abanye bekhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka!” (Mathewu 26:33) Kodwa uJesu wayazi ukuthi kwakungeke kube njalo. Yingakho atshela uPetru ngaso leso sikhathi: “Ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli; futhi wena, lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.”—Luka 22:32.
2. Naphezu kokuzethemba kukaPetru ngokweqile, yiziphi izenzo zakhe ezabonisa ukuthi ukholo lwakhe lwalubuthaka?
2 UPetru, owayesezethemba ngokweqile ngokholo lwakhe, waphika uJesu ngabo kanye lobo busuku. Kathathu, waphika ngisho nokuthi uyamazi uKristu! (Mathewu 26:69-75) Lapho ‘ebuya,’ amazwi eNkosi yakhe athi, “uqinise abafowenu,” kumelwe ukuba ankeneneza ngokuzwakalayo nangokucacile ezindlebeni zakhe. Konke ukuphila kukaPetru kwathonywa ngokujulile yileso siyalo, njengoba kufakazelwa izincwadi ezimbili azibhala, ezilondolozwe eBhayibhelini.
Okwenza UPetru Abhale Izincwadi Zakhe
3. Kungani uPetru abhala incwadi yakhe yokuqala?
3 Eminyakeni engaba ngu-30 ngemva kokufa kukaJesu, uPetru wabhala incwadi yakhe yokuqala, eyibhalela abafowabo abasePontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya, naseBithiniya, izindawo manje ezakha inyakatho nentshonalanga yeTurkey. (1 Petru 1:1) AmaJuda, amanye awo okungenzeka aba ngamaKristu ngePhentekoste lika-33 C.E., ngokungangabazeki ayehlanganisiwe kulawo uPetru ayewabhalela. (IzEnzo 2:1, 7-9) Abaningi babengabeZizwe ababebhekene novivinyo oluvuthayo lwabaphikisi. (1 Petru 1:6, 7; 2:12, 19, 20; 3:13-17; 4:12-14) Ngakho uPetru wabhalela laba bazalwane ukuze abakhuthaze. Inhloso yakhe kwakuwukubasiza bamukele “isiphetho sokholo [lwabo], insindiso yemiphefumulo [yabo].” Ngakho, esiyalweni sakhe sokuvalelisa, wanxusa: “Thathani ukuma kwenu ngokumelene [noDeveli], niqinile okholweni.”—1 Petru 1:9; 5:8-10.
4. Kungani uPetru abhala incwadi yakhe yesibili?
4 Kamuva, uPetru wabhalela lamaKristu incwadi yesibili. (2 Petru 3:1) Ngani? Ngoba kwase kunosongo olukhulu nakakhulu. Abathile ababengaziphethe kahle babeyozama ukukhuthaza ukuziphatha kwabo okungcolisayo phakathi kwamakholwa futhi badukise amanye! (2 Petru 2:1-3) Ngaphezu kwalokho, uPetru waxwayisa ngabahleki bosulu. Encwadini yakhe yokuqala wayebhale ukuthi “ukuphela kwezinto zonke sekusondele,” futhi manje ngokusobala abathile babewudelela umbono onjalo. (1 Petru 4:7; 2 Petru 3:3, 4) Ake sihlole incwadi kaPetru yesibili sibone indlela eyabaqinisa ngayo abazalwane ukuba bahlale begxilile okholweni. Kulesi sihloko sokuqala, sizocabangela eyesi-2 Petru isahluko 1.
Injongo Yesahluko 1
5. UPetru ubenza kanjani abafundi balungele ingxoxo yezinkinga?
5 UPetru akakhulumi ngokushesha ngezinkinga ezingathi sína. Kunalokho, wendlalela ingxoxo yalezi zinkinga ngokwakha ukwazisa kwabafundi bencwadi yakhe ngalokho abakwamukela lapho beba ngamaKristu. Ubakhumbuza ngezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo nangokwethenjelwa kweziprofetho zeBhayibheli. Lokhu ukwenza ngokulandisa ngokuguqulwa kukaJesu isimo, umbono aba nawo mathupha lapho ebona uKristu esemandleni oMbuso.—Mathewu 17:1-8; 2 Petru 1:3, 4, 11, 16-21.
6, 7. (a) Yisiphi isifundo esingasifunda esethulweni sencwadi kaPetru? (b) Uma sinikeza iseluleko, yini okungaba usizo ngezinye izikhathi ukuyivuma?
6 Sikhona yini isifundo esingasifunda esethulweni sikaPetru? Asamukeleki yini kangcono iseluleko uma siqala ngokubukeza nalabo abasilalele ithemba elikhulu loMbuso eliyigugu kithi sonke? Futhi kuthiwani ngokusebenzisa okwake kwakwehlela? Cishe ngemva kokufa kukaJesu, uPetru wayexoxa njalo ngokubona lowo mbono kaKristu esenkazimulweni yoMbuso.—Mathewu 17:9.
7 Khumbula futhi ukuthi kungenzeka ukuthi ngenkathi uPetru ebhala incwadi yakhe yesibili, iVangeli likaMathewu nencwadi yomphostoli uPawulu kwabaseGalathiya zase zisakazwe kabanzi. Ngakho kungenzeka ukuthi ukushiyeka kukaPetru kobuntu kanye nomlando wakhe wokholo kwakwazeka kahle kubantu besikhathi sakhe. (Mathewu 16:21-23; Galathiya 2:11-14) Nokho, lokhu akuzange kumephuce inkululeko yokukhuluma. Empeleni kungenzeka kwenza incwadi yakhe yathandeka kakhulu kulabo ababeqaphela ubuthakathaka babo siqu. Ngakho-ke, lapho sisiza labo abanezinkinga, akunakusenza yini siphumelele kakhudlwana ukuvuma ukuthi nathi siyawenza amaphutha?—Roma 3:23; Galathiya 6:1.
Isibingelelo Esiqinisayo
8. Ngokunokwenzeka uPetru walisebenzisa ngamuphi umqondo igama elithi “ukholo”?
8 Manje cabangela isibingelelo sikaPetru. Zisuka nje uthinta indaba yokholo, ebiza abafundi bencwadi yakhe ngokuthi “abathole ukholo, oluyilungelo elilinganayo nelethu.” (2 Petru 1:1) Igama elithi “ukholo” lapha cishe lisho “isimiso esiqinile sezinkolelo ezingokwenkolo,” futhi libhekisela endikimbeni yezinkolelo noma izimfundiso zobuKristu, ngezinye izikhathi ebizwa ngokuthi “iqiniso” emiBhalweni. (Galathiya 5:7; 2 Petru 2:2; 2 Johane 1) Igama elithi “ukholo” livame ukusetshenziswa ngalomqondo kunangomqondo ovamile wokwethemba noma ukuqiniseka ngomuntu noma into ethile.—IzEnzo 6:7; 2 Korinte 13:5; Galathiya 6:10; Efesu 4:5; Jude 3.
9. Kungani kumelwe ukuba isibingelelo sikaPetru sezwakala sifudumele ngokukhethekile kwabeZizwe?
9 Kumelwe ukuba isibingelelo sikaPetru sezwakala sifudumele ngokukhethekile kubafundi bencwadi yakhe abangabeZizwe. AmaJuda ayengadlelani nabeZizwe, ayebadelela nokubadelela, futhi abeZizwe baqhubeka benyamana-mbana kumaJuda ayesengamaKristu. (Luka 10:29-37; Johane 4:9; IzEnzo 10:28) Nokho, uPetru, umJuda wokuzalwa nomphostoli kaJesu Kristu, wathi abafundi bencwadi yakhe—amaJuda nabeZizwe—babenokholo olufanayo futhi bejabulela ilungelo elilinganayo nelakhe.
10. Yiziphi izifundo esingazifunda esibingelelweni sikaPetru?
10 Cabanga ngezifundo ezinhle isibingelelo sikaPetru esisifundisa zona namuhla. UNkulunkulu akakhethi; akavuni uhlanga noma ubuzwe obuthile kunobunye. (IzEnzo 10:34, 35; 11:1, 17; 15:3-9) Njengoba uJesu ngokwakhe afundisa, wonke amaKristu angabafowabo bomunye nomunye, futhi akekho phakathi kwethu okufanele azizwe emkhulu. Ngaphezu kwalokho, isibingelelo sikaPetru sigcizelela ukuthi siwubuzalwane bomhlaba wonke ngempela, obunokholo ‘oluyilungelo elilinganayo’ uPetru nabaphostoli akanye nabo ababenalo.—Mathewu 23:8; 1 Petru 5:9.
Ulwazi Nezithembiso ZikaNkulunkulu
11. Ngemva kwesibingelelo sakhe, yiziphi izinto ezibalulekile uPetru azigcizelelayo?
11 Ngemva kwesibingelelo sakhe, uPetru uyabhala: “Kwangathi ningandiselwa umusa ongafanelwe nokuthula.” Singandiselwa kanjani umusa ongafanelwe nokuthula? “Ngolwazi olunembile ngoNkulunkulu nangoJesu iNkosi yethu,” kuphendula uPetru. Khona-ke uthi: “Amandla akhe aphezulu [asinike] mahhala zonke izinto eziphathelene nokuphila nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” Kodwa sizamukela kanjani lezi zinto ezibalulekile? “Ngolwazi olunembile ngalowo owasibiza ngenkazimulo nobuhle.” Ngaleyo ndlela uPetru ugcizelela kabili ukuthi ulwazi olunembile ngoNkulunkulu neNdodana yakhe ludingekile.—2 Petru 1:2, 3; Johane 17:3.
12. (a) Kungani uPetru egcizelela ukubaluleka kolwazi olunembile? (b) Ukuze sijabulele izithembiso zikaNkulunkulu, yini okumelwe sibe siyenzile kuqala?
12 “Abafundisi bamanga” uPetru axwayisa ngabo esahlukweni 2 basebenzisa “amazwi enkohliso” ukuze bakhohlise amaKristu. Ngalendlela bazama ukuwayengela emuva ekuziphatheni okubi aye akhululwa kukho. Kunoma yibaphi abaye basindiswa “ngolwazi olunembile ngeNkosi noMsindisi uJesu Kristu,” bese kamuva bevumela ukunqotshwa ukukhohlisa okunjalo, imiphumela iyinhlekelele. (2 Petru 2:1-3, 20) Ngokusobala ezimisele ukuxoxa ngalenkinga kamuva, ekuqaleni nje kwencwadi yakhe uPetru ugcizelela indima yolwazi olunembile ekulondolozeni ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu. UPetru uphawula ukuthi uNkulunkulu “usinike mahhala izithembiso eziyigugu nezinhle kakhulu, ukuze ngazo nibe abahlanganyeli bemvelo yaphezulu.” Nokho, ukuze sijabulele lezi zithembiso, eziyingxenye esemqoka yokholo lwethu, uPetru uthi kumelwe sibe ‘siphunyukile’ kuqala ‘ekonakaleni okusezweni ngenkanuko.’—2 Petru 1:4.
13. Yini amaKristu agcotshiwe “nezinye izimvu” azimisele ukubambelela ngokuqinile kuyo?
13 Uzibheka kanjani izithembiso zikaNkulunkulu? Ngendlela insali yamaKristu agcotshiwe ezibheka ngayo? Ngo-1991, uFrederick Franz, owayengumongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society ngaleso sikhathi, owayephishekele inkonzo yesikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kuka-75, washo ngamafuphi imizwa yalabo abanethemba lokubusa noKristu: “Sisabambelele ngokuqinile kuze kube manje, futhi sisazobambelela ngokuqinile kuze kube yilapho uNkulunkulu esezibonakalisile ukuthi uneqiniso ‘ezithembisweni zakhe eziyigugu nezinhle kakhulu.’” UMfoweth’uFranz wahlala eqiniseka ngesithembiso sikaNkulunkulu sovuko lwasezulwini, futhi wabambelela ngokuqinile okholweni kwaze kwaba sekufeni kwakhe eseneminyaka engu-99 ubudala. (1 Korinte 15:42-44; Filipi 3:13, 14; 2 Thimothewu 2:10-12) Ngokufanayo, kunezigidi ezibambelele ngokuqinile okholweni, eziqhubeka zigxile ezithembisweni zikaNkulunkulu zepharadesi lasemhlabeni lapho abantu beyohlala khona phakade ngenjabulo. Ingabe ungomunye wabo?—Luka 23:43; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.
Ukusabela Ezithembisweni ZikaNkulunkulu
14. Kungani uPetru enikeza ubuhle njengemfanelo yokuqala okumelwe yenezelwe okholweni?
14 Siyambonga yini uNkulunkulu ngalokho akuthembisile? Uma kunjalo, uPetru uthi kufanele sikubonise. “Yebo, ngenxa yaso kanye lesisizathu,” (ngenxa yokuthi uNkulunkulu uye wasinika izithembiso eziyigugu kakhulu), kufanele senze umzamo wangempela wokwenza okuthile. Asinakwaneliswa nje ukuba sokholweni noma ukujwayelana neqiniso leBhayibheli. Lokho akwanele! Mhlawumbe ngosuku lukaPetru abathile emabandleni babekhuluma kakhulu ngokholo kodwa behileleka ekuziphatheni okubi. Ukuziphatha kwabo kwakudingeka kube kuhle, ngakho uPetru uyanxusa: “Nezelani okholweni lwenu ubuhle.”—2 Petru 1:5; Jakobe 2:14-17.
15. (a) Kungani ulwazi lubalwa ngemva kobuhle njengemfanelo okufanele yenezelwe okholweni? (b) Yiziphi ezinye izimfanelo eziyosihlomisela ukubambelela ngokuqinile okholweni?
15 Ngemva kokukhuluma ngobuhle, uPetru unikeza izimfanelo eziyisithupha ezengeziwe okumelwe zenezelwe okholweni lwethu. Ngayinye yazo iyadingeka ukuze ‘sime siqinile okholweni.’ (1 Korinte 16:13) Ngenxa yokuthi izihlubuki ‘zazisonta imiBhalo’ futhi zisakaza ‘izimfundiso zokukhohlisa,’ uPetru ube esebala ulwazi njengolubalulekile, ethi: “Ebuhleni benu [nezelani] ulwazi.” Khona-ke uyaqhubeka: “Olwazini lwenu [nezelani] ukuzithiba, ekuzithibeni kwenu ukukhuthazela, ekukhuthazeleni kwenu ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ekuzinikeleni kwenu kokuhlonipha uNkulunkulu ukusondelana kobuzalwane, ekusondelaneni kwenu kobuzalwane uthando.”—2 Petru 1:5-7; 2:12, 13; 3:16.
16. Yini eyokwenzeka uma izimfanelo uPetru azibalayo zenezelwa okholweni, kodwa yini eyokwenzeka uma zinganezelwa?
16 Kuyokwenzekani uma lezi zinto eziyisikhombisa zenezelwa okholweni lwethu? UPetru uyaphendula: “Uma lezizinto zikhona kini futhi zichichima, ziyonivimbela ningabi abangasebenzi noma abangatheli ngokuqondene nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:8) Ngakolunye uhlangothi, uPetru uthi: “Uma lezizinto zingekho kumuntu, uyimpumputhe, evala amehlo akhe ukuba angakuboni ukukhanya, futhi usekukhohliwe ukuhlanzwa kwakhe ezonweni zakhe zakudala.” (2 Petru 1:9) Phawula ukuthi uPetru uyashintsha ekusebenziseni amagama athi “kini” nelithi “yethu,” asebenzise athi “kumuntu,” “kwakhe,” nelithi “zakhe.” Nakuba ngokudabukisayo abanye beyizimpumputhe, bekhohlwa, futhi bengahlanzekile, ngomusa uPetru akasikiseli ukuthi umfundi wencwadi yakhe ungomunye walaba.—2 Petru 2:2.
Ukuqinisa Abafowabo
17. Yini okungenzeka yashukumisa ukunxusa kukaPetru okunesisa ukuba kwenziwe “lezizinto”?
17 Mhlawumbe eqaphela ukuthi ikakhulukazi abasanda kuhlanganyela bangakhohliseka kalula, uPetru ubakhuthaza ngesisa: “Bafowethu, yenzani konke okusemandleni enu nangokwengeziwe ukuze nikuqinisekise ngokwenu ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngoba uma niqhubeka nenza lezizinto anisoze nahluleka nanini.” (2 Petru 1:10; 2:18) AmaKristu agcotshiwe anezela lezi zinto eziyisikhombisa okholweni lwawo ayojabulela umvuzo omkhulu, njengoba uPetru esho: “Niyonikwa kanjalo ngokucebile ukungena embusweni omi phakade weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:11) “Ezinye izimvu” ziyokwamukela ifa elimi phakade endaweni esemhlabeni yoMbuso kaNkulunkulu.—Johane 10:16; Mathewu 25:33, 34.
18. Kungani uPetru ‘ethambekele ekukhumbuzeni’ abafowabo njalo?
18 UPetru ufuna ngobuqotho ukuba abafowabo bathole lomvuzo omkhulu kangaka. Uyabhala: “Ngenxa yalesisizathu ngiyohlale ngithambekele ekunikhumbuzeni ngalezizinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni elikhona kini.” (2 Petru 1:12) UPetru usebenzisa igama lesiGreki elithi ste·riʹzo, elihunyushwe lapha ngokuthi “nimi niqinile,” kodwa elihunyushwe ngokuthi “uqinise” esiyalweni sangaphambili sikaJesu kuPetru: “Uqinise abafowenu.” (Luka 22:32) Ukusetshenziswa kwalelo gama kungase kusikisele ukuthi uPetru uyasikhumbula isiyalo esinamandla asithola eNkosini yakhe. Manje uPetru uthi: “Ngikubheka njengokulungile, uma nje ngisekulelitabernakele [umzimba wobuntu], ukunivusa ngendlela yokunikhumbuza, njengoba ngazi ukuthi ukususwa kwetabernakele lami kuzokwenzeka ngokushesha.”—2 Petru 1:13, 14.
19. Yiluphi usizo esiludingayo namuhla?
19 Nakuba ngomusa uPetru ethi abafundi bencwadi yakhe ‘bami beqinile eqinisweni,’ uyaqaphela ukuthi ukholo lwabo lungaphihlizeka njengomkhumbi. (1 Thimothewu 1:19) Njengoba azi ukuthi ngokushesha uzokufa, uqinisa abafowabo ngokuphawula izinto abangazikhumbula kamuva ukuze bazigcine beqinile ngokomoya. (2 Petru 1:15; 3:12, 13) Ngokufanayo, nathi namuhla sidinga izikhumbuzo zasikhathi sonke ukuze sihlale siqinile okholweni. Kungakhathaliseki ukuthi singobani noma ukuthi sinesikhathi esingakanani siseqinisweni, asinakukudebeselela ukufunda iBhayibheli njalo, isifundo somuntu siqu nokuya emihlanganweni yebandla. Abanye babeka izaba zokuphutha, bethi bakhathele kakhulu noma bathi imihlangano iphinda izinto ezifanayo noma ayisingathwa kahle, kodwa uPetru wayazi ukuthi noma ubani wethu lungamlahlekela ngokushesha kangakanani ukholo uma ezethemba ngokweqile.—Marku 14:66-72; 1 Korinte 10:12; Heberu 10:25.
Isisekelo Esiqinile Sokholo Lwethu
20, 21. Ukuguqulwa isimo kukaJesu kwaluqinisa kanjani ukholo lukaPetru nabafundi bezincwadi zakhe, kuhlanganise nathi namuhla?
20 Ingabe ukholo lwethu lusekelwe ezinganekwaneni nje eziqanjwe ngokuhlakanipha? “Cha,” kuphendula uPetru ngokugcizelela, “akubanga ngokulandela izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko ukuthi sanijwayelanisa namandla nokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa kwaba ngokuba siye saba ofakazi bokuzibonela bobukhazikhazi bakhe.” UPetru, uJakobe noJohane babekanye noJesu lapho bebona umbono wakhe esemandleni oMbuso. UPetru uyachaza: “Wamukela udumo nenkazimulo kuNkulunkulu uBaba, lapho inkazimulo enhle kakhulu iletha kuye amazwi anjengalawa: ‘Lena indodana yami, othandekayo wami, engiyamukele mina ngokwami.’ Yebo, lamazwi sawezwa evela ezulwini ngesikhathi sinaye entabeni engcwele.”—2 Petru 1:16-18.
21 Lapho uPetru, uJakobe noJohane bebona lowo mbono, ngokuqinisekile uMbuso waba ongokoqobo kubo! “Ngenxa yalokho,” kuphawula uPetru, “sinezwi eliyisiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka.” Yebo, abafundi bencwadi kaPetru, kuhlanganise nathi namuhla, banesizathu esinamandla sokunaka iziprofetho ezimayelana noMbuso kaNkulunkulu. Kudingeka sinake ngayiphi indlela? UPetru uyaphendula: “Ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu.”—2 Petru 1:19; Daniyeli 7:13, 14; Isaya 9:6, 7.
22. (a) Yini izinhliziyo zethu okumelwe zihlale ziyiqaphele? (b) Silinaka kanjani izwi lesiprofetho?
22 Ngaphandle kokukhanya kwezwi lesiprofetho, izinhliziyo zethu bezingaba mnyama. Kodwa ngokulinaka, izinhliziyo zamaKristu ziye zahlala zikuqaphele ukuntwela kosuku, lapho “ikhwezi,” uJesu Kristu, liphakama enkazimulweni yoMbuso. (IsAmbulo 22:16) Silinaka kanjani namuhla izwi lesiprofetho? Ngokutadisha iBhayibheli, ngokulungiselela nokuhlanganyela emihlanganweni, ‘nangokuzindla ngalezizinto, nokugxila kuzo.’ (1 Thimothewu 4:15) Ukuze izwi lesiprofetho libe njengesibani esikhanya “endaweni emnyama” (izinhliziyo zethu), kumelwe silivumele lisithonye ngokujulile—izifiso zethu, imizwelo, izisusa nemigomo. Kudingeka sibe abafundi beBhayibheli, ngoba uPetru uphetha isahluko 1 ngokuthi: “Asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:20, 21.
23. Yini isahluko sokuqala seyesi-2 Petru esiye senza abafundi bayilungela?
23 Esahlukweni sokuqala sencwadi yakhe yesibili, uPetru wasinika isisusa esinamandla sokubambelela ngokuqinile okholweni lwethu oluyigugu. Manje sikulungele ukucabangela izindaba ezingathi sína ezizolandela. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngesahluko 2 seyesi-2 Petru, lapho lomphostoli esingatha khona inselele yamathonya okuziphatha okubi ayesengene isinyenyela emabandleni.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani uPetru egcizelela ukubaluleka kolwazi olunembile?
◻ Yini okungenzeka iyisizathu sokuba ubuhle bunikezwe njengemfanelo yokuqala okumelwe yenezelwe okholweni?
◻ Kungani uPetru ethambekele ekukhumbuzeni abafowabo njalo?
◻ Yisiphi isisekelo esiqinile sokholo lwethu uPetru asinikezayo?
[Isithombe ekhasini 9]
Ukushiyeka kukaPetru akuzange kumbangele ukuba alahle ukholo lwakhe