Singasabela Kanjani Ngokungenabugovu Othandweni LukaNkulunkulu?
“Uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.”—1 JOHANE 4:11.
1, 2. Yini edingekayo ngathi ukuze sisabele ngokungenabugovu ekubonakalisweni kothando lukaNkulunkulu?
UJEHOVA uyikho kanye ukwenziwa samuntu kothando. Ngempela, esihlokweni esandulelayo, sibonile indlela eqinisweni okuchichima ngayo ukubonakaliswa kothando lwakhe. Futhi siphawulile indlela uMose, uDavide, noJesu Kristu abasabela ngayo ngokungenabugovu kulokho kubonakaliswa kothando. Akufanele yini ukuba ngamunye woFakazi BakaJehova afune ukwenza okufanayo? Ngokuqinisekile kunjalo!
2 Yini edingekayo ukuze sisabele ngokungenabugovu ekubonakalisweni kothando lukaNkulunkulu? Okokuqala, kumelwe simnike indawo yokuqala ekuphileni kwethu, simthande ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo, namandla. (Marku 12:29, 30) Lokho kusho ukunamathela kuNkulunkulu, ukuba nobuhlobo obufudumele bomuntu siqu noJehova. Ingabe siyafisa ukukhuluma noBaba wethu wasezulwini ngomthandazo? Ingabe sithandaza singaphezi futhi siyaqinisela emthandazweni? Noma ingabe siyashesha kuyo yonke imithandazo yethu, ngezinye izikhathi size sibe matasa kakhulu ukuba sithandaze? (Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17) Ingabe siqondisa ukunakekela kuJehova, simbonga yena nenhlangano yakhe ngalokho okungenzeka ukuthi siye sakufeza? (1 Korinte 3:7; 4:7) Empeleni, ingabe sizizwa ngendlela efanayo neyomhubi? Ngokuphathelene noNkulunkulu, wathi: “Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa.”—IHubo 119:164.
3. Lapho sibuthana ngenjongo yokuzijabulisa, singakubonisa kanjani ukuthi sisabela ngokungenabugovu othandweni lukaNkulunkulu?
3 Ukuthi sisabela ngokungenabugovu othandweni lukaNkulunkulu noma cha kungase kwembuleke kahle lapho sibuthene ngenjongo yokuzijabulisa. Ingabe izingxoxo zethu ngalesosikhathi zigxila ezindabeni zezwe noma ezintweni ezingokomoya? Akukhona ukuthi kudingeka sibe nesifundo seBhayibheli esingathi sína ngaso sonke isikhathi lapho sihlangana ndawonye namanye amaKristu. Kodwa ngokuqinisekile singathola izinto ezithakazelisayo ezingokomoya esingazihlanganisa engxoxweni yethu. Kuthiwani ngokulandisa ngokuhlangenwe nakho kwasensimini, ukuxoxa ngombhalo weBhayibheli esiwuthandayo, ukulandisa ngendlela esathola ngayo iqiniso, noma ukubhekisela ezintweni eziwubufakazi bokunakekela kukaNkulunkulu kothando nesibusiso?
4. Kumelwe sizibheke kanjani izinto uma sidunyazwa ngokuphathelene nelungelo elithile lenkonzo?
4 Esinye isimo esingase sembule izinga lokwazisa kwethu ngothando lukaNkulunkulu yilapho singanakwa khona ngokuphathelene nelungelo elithile lenkonzo enhlanganweni kaJehova. Sisabela kanjani? Uma ngokuyinhloko sikhathalela ukudumisa uJehova, siyovuma ukuthi ngokunokwenzeka uNkulunkulu uyodunyiswa ngokufanayo yilowo othole lelolungelo lenkonzo. (Qhathanisa noLuka 9:48.) Kodwa uma sikhathazeka ngokungafanele ngenzuzo yethu siqu noma igama, siyozwa ubuhlungu ngokuthi thina siye sanganakwa, njengoba singase sicabange kanjalo. Kufanele sikhumbule ukuthi uJehova uyasithanda futhi kungenzeka uyazi ukuthi okwamanje asinakukwazi ukuthwala ubunzima bomthwalo wemfanelo othile ongokwasezulwini. Kungenzeka usibusisa ngokucebile ngezinye izindlela, futhi ukubonakaliswa okunjalo kothando lwakhe kufanele kusisize ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu okungokomoya.—IzAga 10:22.
Ukuthanda Ukulunga, Ukuzonda Ububi
5. Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu kufanele kube naliphi ithonya ekuziphatheni kwethu?
5 Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu ngathi kufanele kusishukumisele ukuba silingise uKristu ekuthandeni ukulunga nasekuzondeni ububi. (Heberu 1:9) Iqiniso, asinakukwenza lokhu ngendlela ephelele, njengoba kwenza uJesu. Nokho, singakwenza umgomo wethu ukuba sibe abangcwele, abathembekile, abathobela umthetho ngezinga okungenzeka ngalo esimweni sethu sokungapheleli. Ukuze senze lokhu, akumelwe nje kuphela sihlakulele uthando ngezinto ezilungile nezinhle, kodwa kumelwe futhi sihlakulele inzondo, ukuzenyanya, ukunengwa yizinto ezimbi. Njengoba umphostoli uPawulu akubonisa: “Nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.” (Roma 12:9) Igama elithi ‘ukwenyanya’ liqatha, lisho “ukubheka ngenzondo enkulu.”—Webster’s New Collegiate Dictionary.
6. Yini eyosisiza ukuba sixwaye izilingo ezibekwa yizwe, inyama yethu enesono, noDeveli endleleni yethu?
6 Yini eyosisiza ukuba sixwaye izilingo ezibekwa endleleni yethu izwe, inyama yethu siqu enesono, noDeveli? Ukwethembeka kuJehova uNkulunkulu. Uyasinxusa: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Yebo, ukwethembeka kuJehova kuyosishukumisela ukuba sithathe inkambo yokuhlakanipha yokuzonda lokho akuzondayo. Ngaphezu kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi ukwephula omunye wemithetho kaNkulunkulu kungase kubonakale kumnandi noma kujabulisa kangakanani, kumelwe sihlale sizitshela ukuthi ukwenza kanjalo akunakusisiza ngalutho. (Galathiya 6:7, 8) Inhliziyo yobuntu iyakhohlisa, inobuqili, iyayenga, ngisho nanjengoba sikhunjuzwa kuJeremiya 17:9. Inhliziyo yobuKristu ithanda izinto ezilungile, ezinhle, nezihlanzekile. Kodwa ngezinye izikhathi ukuthambekela esonweni kuyenza ithambekele nasekufiseni okubi. Njengezinhliziyo zamaIsrayeli ayekhulekela uJehova kodwa azigcina ‘izindawo zawo eziphakeme’ zokukhulekelwa kwezithombe, kanjalo inhliziyo yethu siqu ingase ibe nobugovu futhi ibe nobuqili. (1 AmaKhosi 22:43; Duteronomi 12:2) Inhliziyo yethu engaphelele ingase izame ukuthola izaba zokusibeka esilingweni. Ingase izame ukululaza ukungathi sína kokona esilingwa ngakho. Noma inhliziyo yethu ingase izame ukusiqinisekisa ngokuthi noma isiphi isijeziso siyomane sibe esesikhashana nje.
7. Kungani kumelwe sixwaye ukulangazelela okubi?
7 Ngenxa yokwazisa ngothando lukaNkulunkulu, kumelwe sixwaye ukulangazelela izinto ezimbi, njengokuthambekela ekuziphatheni okubi ngokobulili, kungakhathaliseki ukuthi asishadile noma sishadile. Ngokuphindaphindiwe, lokho okwaqala kubonakala kuwukudlala ngothando okungenangozi kuye kwaphumela ekubeni amaKristu amabili ahileleke kakhulu ngokomzwelo komunye nomunye kangangokuba aye asenza umkhuba isono futhi asuswa ekuhlanganyeleni. Ngisho nabadala, okufanele babe izibonelo ezingasoleki zomhlambi, baye bangena osizini ezintweni ezinjengalezi!—Qhathanisa nawoku-1 AmaKhosi 15:4, 5.
8. Isiphi isixwayiso umphostoli uPawulu asinikeza sona, futhi inkinga enjalo ingase ifanekiswe kanjani?
8 Cabangela umphostoli uPawulu, owayebusiswe ngemibono engaphezu kweyemvelo namandla nesipho sokuphefumlelwa kwaphezulu. Ukuze aphumelele ekulweni kwakhe nokuthambekela esonweni, kwadingeka atube—yebo, awushaye kabuhlungu—umzimba wakhe. Ingabe singalokotha sizanelise ngokwenza okungaphansi kwalokho? (Roma 7:15-25; 1 Korinte 9:27) Kunjengokungathi sisesikebheni esincane esigwedlwayo emfuleni ogeleza ngamandla futhi sidonselwa ngasezimpophomeni zawo. Ukuze sigweme inhlekelele, kumelwe sigwedle ngamandla senyuse umfula simelane nomsinga onamandla. Kungase kungabonakali senza intuthuko engako, kodwa uma nje kuphela siqhubeka sizikhandla ngamandla, asiyikukhalakathela ezimpophomeni kube ukubhujiswa kwethu. Ngokuqinisekile, ukubonakaliswa kothando lukaJehova uNkulunkulu kithina kufanele kusenze sizikhandle ngamandla ukuba sethembeke kuye ngokuzonda ububi futhi sithande ukulunga.
Bonisa Uthando Lobuzalwane
9. Isiphi iseluleko umphostoli uJohane asinikezayo ngokuthanda abazalwane bethu?
9 Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu kufanele futhi kusishukumisele ukuba sithande abazalwane bethu njengoba uJesu Kristu ethanda abafundi bakhe. (Johane 13:1) Ngokufaneleke kakhulu, umphostoli uJohane uthi: “Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe-yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.” (1 Johane 4:10, 11) Eqinisweni, uJesu wathi abafundi bakhe bangabonakala ngothando abanalo phakathi kwabo.—Johane 13:34, 35.
10, 11. Iziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo uthando lobuzalwane?
10 Siyazi ukuthi amaKristu kufanele abonise uthando lobuzalwane. Kodwa akukhona ukuphaphalaza ukuzikhumbuza ngezindlela ezihlukahlukene esingalubonisa ngazo loluthando olunjengolukaKristu komunye nomunye. Uthando olunjalo luyosisiza ukuba singakunaki ukwahlukana ngokuphathelene nohlanga, isizwe, imfundo, amasiko, nezinga ngokwezomnotho. Ngaphezu kwalokho, uthando lobuzalwane luyosishukumisela ukuba sihlangane ndawonye emihlanganweni. Uma sibathanda ngempela abazalwane bethu, asinakuvumela isimo sezulu esingesihle noma ukugula okuncane ngokomzimba kusiphuce injabulo yokuhlangana nabo futhi sihlanganyele ekukhuthazaneni. (Roma 1:11, 12) Ngaphezu kwalokho, uthando lobuzalwane luyosenza siyilungiselele kahle imihlangano yethu futhi sibe nengxenye egcwele kuyo ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.—Heberu 10:23-25.
11 Kuthiwani ngokusiza abazalwane bethu enkonzweni yasensimini? Kuye kwaphawulwa ukuthi abadala nezinceku ezikhonzayo ngokuvamile bahamba ndawonye noma bebodwa enkonzweni yendlu ngendlu lapho bengase, ngokuhlela okuncane, bameme abamemezeli abadinga usizo enkonzweni ukuba bahambe nabo. Ukubonisa uthando ngalendlela kuyokwenza inkonzo yasensimini yabadala nezinceku ezikhonzayo ibe evuza ngokuphindiwe. Futhi kuthiwani ngokuhamba nommemezeli osanda kuhlanganyela niyoqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya?—Roma 15:1, 2.
12. Kumelwe siyiqonde kanjani eyoku-1 Johane 3:16-18?
12 Uthando futhi luyosenza ukuba sisize abazalwane bethu abanesidingo esingokoqobo ngokwezinto ezibonakalayo. Umphostoli uJohane wabhala: “Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.” (1 Johane 3:16-18) Singase singacelwa manje ukuba sidele ukuphila kwethu ngenxa yabo, kodwa ngezinye izikhathi sinamathuba okubonisa uthando ngabo ngezinye izindlela, hhayi ngezwi noma ngolimi kuphela kodwa nangezenzo. Akukho lutho olungalungile ngokuthanda abazalwane bethu ngezwi, kodwa asifuni ukulinganisela uthando lwethu kulokhu lapho beswele izinto ezibonakalayo emhlabeni wonke. Amazwi kaJesu athi “kubusisekile ukupha kunokwamukela” ayasebenza futhi nasekunikezeni usizo lwezinto ezibonakalayo.—IzEnzo 20:35.
13. (a) Yimaphi amanye amaqiniso ayisisekelo esiye sawafunda ngosizo lwenhlangano kaJehova ebonakalayo? (b) Yiliphi iphuzu eliyiqiniso uCharles Taze Russell aliveza?
13 Sinethuba lokubonisa uthando ngabazalwane bethu abaholayo ebandleni noma ngokuphathelene nenhlangano kaJehova ebonakalayo emhlabeni wonke. Lokhu kuhlanganisa ukuba abathembekile ‘encekwini ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Masibhekane neqiniso lokuthi kungakhathaliseki ukuthi sasilifunde kangakanani iBhayibheli, sasingasoze salithola iqiniso ngokwethu. Sasingasoze salithola iqiniso ngoJehova, izinjongo nezimfanelo zakhe, incazelo nokubaluleka kwegama lakhe, uMbuso, isihlengo sikaJesu, umahluko phakathi kwenhlangano kaNkulunkulu nekaSathane, noma ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi. Kunjengoba nje umongameli wokuqala weWatch Tower Society, uCharles Taze Russell, abhala ngo-1914: “Asibona yini abantu ababusisekile, abajabulayo? UNkulunkulu wethu akathembekile yini? Uma noma ubani azi noma yini engcono, makayithathe. Uma noma ubani wenu engake athole noma yini engcono, sethemba ukuthi uyositshela. Asazi lutho olungcono noma ngolucishe luyele kulokho esikuthole eZwini likaNkulunkulu ngobuhle. . . . Alukho ulimi noma ipeni lokuloba elingalandisa ngokuthula, injabulo nesibusiso okuye kwalethwa ulwazi olucacile ngoNkulunkulu weqiniso ezinhliziyweni nasekuphileni kwethu. INdaba yokuHlakanipha KukaNkulunkulu, ukwaHlulela Ngokulunga, aMandla, noThando ikwanelisa ngokuphelele ukulangazela kwamakhanda ethu nezinhliziyo zethu. Asifuni lutho olunye. Akukho okunye okumelwe kufiswe ngaphezu kokwenza leNdaba emangalisayo ibe ecace ngokwengeziwe engqondweni yethu.” (The Watch Tower, December 15, 1914, amakhasi 377-8) Yeka ukuthi lawo mazwi alotshwe ngobuciko ayiqiniso kangakanani!
Ukukhonza Labo Abangaphandle
14. Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu kufanele kusishukumise ukuba senzeni ngakulabo abangaphandle?
14 Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu esiye sakujabulela kufanele kusishukumisele ekubeni sibonise uthando lukamakhelwane kulabo abangaphandle kwebandla. Singakwenza kanjani lokhu? Izimo zingase zibonise ukuthi singabasiza omakhelwane bethu ngezinto ezibonakalayo. Kodwa, okubaluleke nakakhulu, singabonisa uthando lukamakhelwane ngokulethela abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi sisize abathandi bokulunga ukuba babe abafundi bakaJesu Kristu. Ingabe sihlanganyela njalo kulenkonzo yasobala, noma ingabe siyayidebeselela? Ingabe iye yaba umkhuba nje noma inkonzo yokugcina icala? Noma ingabe sishukunyiswa ngempela uthando lukamakhelwane? Ingabe sibonisa isihe? Ingabe sinesineke, silindela abantu ukuba basabele? Ingabe siyabakhuthaza abaninikhaya ukuba baveze umbono wabo? Yebo, esikhundleni sokuba kube yithina kuphela esikhulumayo, asivumele uthando ngomakhelwane lusishukumisele ekubeni silalele futhi sibe nezingxoxo zeBhayibheli ezivuzayo nabantu esihlangana nabo enkonzweni yethu.
15. (a) Kungani elithi “ukufakaza ngokwethukela” liyigama elingcono kunelithi “ukufakaza okwenzeke ngengozi”? (b) Kungani kufanele sibambe amathuba okufakaza ngokwethukela?
15 Ingabe siphapheme ngendlela esingase senze ngayo ukuba sibambe amathuba okufakaza ngokwethukela? Kumelwe kuphawulwe ukuthi lokhu akukhona nje ukufakaza okwenzeka ngengozi, okusikisela umsebenzi ongahleliwe noma ongabalulekile. Ukufakaza ngokwethukela kubaluleke kakhulu, futhi uthando ngabanye abantu luyosishukumisela ukuba senze amathuba okuhlanganyela kukho. Yeka ukuthi ukufakaza okunjalo ngokuvamile kunezithelo kangakanani! Ngokwesibonelo, lapho esemhlanganweni woFakazi BakaJehova enyakatho Ntaliyane, umzalwane waya egalaji ukuze ayolungisa isibani sangaphambili semoto yakhe. Lapho esalindile, wafakaza kulabo ababekhona futhi wabanika izimemo ebamemela enkulumweni yeningi yeBhayibheli ngeSonto. Emhlanganweni wezizwe zonke eRome ngemva konyaka, wabingelelwa ngemfudumalo umzalwane ayengamazi. Wayengubani lomzalwane? Phela, wayengomunye walawaya madoda ayewanikeze isimemo egalaji onyakeni ongaphambili! Lendoda yayiyile ukuyolalela inkulumo yeningi futhi yabhalisa igama layo ukuba ithole isifundo seBhayibheli. Manje bobabili yona nomkayo bangoFakazi BakaJehova abazinikezele. Akukho kungabaza ukuthi ukufakaza ngokwethukela kungaba okuvuza kakhulu!
Qhubeka Usabela Othandweni LukaNkulunkulu
16. Yimiphi imibuzo esingenza kahle ukuzibuza yona?
16 Ngempela uJehova ubelokhu elubonisa ngokuchichimayo uthando ngezidalwa zakhe. Njengoba siphawulile, imiBhalo isinikeza izibonelo ezinhle zalabo abaye basabela ngokungenabugovu ekubonakalisweni kothando lukaNkulunkulu. Ngokufaneleke kakhulu, umhubi ophefumlelwe wathi: “[Abantu] mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.” (IHubo 107:8, 15, 21, 31) Ingabe singalokotha siwamukelele ize umusa kaNkulunkulu? Sengathi lokho kungenzeke nakanye! (2 Korinte 6:1) Ngakho sonke ngabanye masizibuze: ‘Ingabe ngempela ngiyakwazisa ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu esengikujabulele kakade nalokho engethemba ngesibindi ukukujabulela ngokuqhubekayo esikhathini esizayo? Ingabe kungishukumisela ukuba ngithande uJehova ngayo yonke inhliziyo yami, umphefumulo, ingqondo, namandla? Ingabe ngempela nginamathele kuNkulunkulu? Ingabe ngithanda ukulunga futhi ngizonda ububi? Ingabe ngiyalubonisa uthando lobuzalwane? Futhi ngizama ngokuseduze kangakanani ukuhamba ezinyathelweni zikaJesu ngokuphathelene nenkonzo yami?’
17. Uyoba yini umphumela uma sisabela ngokungenabugovu ekubonakalisweni kothando lukaJehova uNkulunkulu?
17 Ngempela, kunezindlela eziningi zokubonisa ukubonga kwethu okuqotho ngakho konke ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu esiye sakujabulela. Ngokuwasebenzisa ngokugcwele amathuba okubonisa ukwazisa okunjalo, siyokwenza inhliziyo kaBaba wethu osezulwini ijabule, sibe isibusiso kwabanye, futhi nathi ngokwethu sithole injabulo, ukuthula nokwaneliseka. Ngakho-ke sengathi singaqhubeka sisabela ngokungenabugovu ekubonakalisweni kothando lukaNkulunkulu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yini edingekayo ukuze usabele ngokungenabugovu othandweni lukaNkulunkulu?
◻ Singazixwaya kanjani izilingo?
◻ Iziphi ezinye izindlela zokubonisa uthando lobuzalwane?
◻ Ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu kufanele kusishukumise ukuba senzeni ngakomakhelwane bethu?
[Isithombe ekhasini 17]
Kumelwe silwisane nokuthambekela esonweni ukuze sigweme inhlekelele
[Isithombe ekhasini 18]
Abadala babonisa uthando lobuzalwane ngoku-hambisana nabanye enkonzweni yoMbuso
[Isithombe ekhasini 19]
UCharles Taze Russell, umo-ngameli wokuqala weWatch Tower Society, wadonsela ukunakekela ekuthuleni, ukujabula, nasezibu-sisweni ezinganikezwa uNkulunkulu kuphela