Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
    INqabayokulinda—1997 | Januwari 15
    • “Imiyalo Yakhe Ayiwona Umthwalo Osindayo”

      4-6. (a) Iyini incazelo yezwi nezwi yegama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umthwalo”? (b) Kungani singase sithi imiyalo kaNkulunkulu ayiwona umthwalo?

      4 “Ugcine imiyalo yakhe.” Ngokuyisisekelo, yilokho uNkulunkulu akulindele kithi. Ingabe ufuna okuningi kakhulu? Lutho neze. Umphostoli uJohane usitshela okuthile okuqinisekisa kakhulu ngemiyalo kaNkulunkulu, noma izimfuneko. Wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.”—1 Johane 5:3.

      5 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umthwalo” ngokwezwi nezwi lisho “ukusinda.” Libhekisela kokuthile okunzima ukuhlangabezana nakho noma okunzima ukukufeza. KuMathewu 23:4, lisetshenziselwe ukuchaza “imithwalo esindayo,” imithetho namasiko enziwe abantu, leyo ababhali nabaFarisi ababeyibeke phezu kwabantu. Uyawuthola yini umqondo walokho umphostoli uJohane osekhulile akushoyo? Imiyalo kaNkulunkulu ayiwona umthwalo osindayo, futhi ayinzima kakhulu ukuba siyigcine. (Qhathanisa noDuteronomi 30:11.) Ngokuphambene, uma simthanda uNkulunkulu, ukuhlangabezana nezimfuneko zakhe kusenza sijabule. Kusinikeza ithuba elihle kakhulu lokubonisa uthando lwethu ngoJehova.

  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
    INqabayokulinda—1997 | Januwari 15
    • 12. Ungakuchaza kanjani ukuthi kungani kungewona umthwalo ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe?

      12 Ingabe kuwumthwalo ukungenisa ulwazi olunjalo ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe? Phinde! Uyayikhumbula indlela owazizwa ngayo lapho uqala ukuzwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, ukuthi uMbuso wakhe uyobuyisela iPharadesi kulomhlaba, ukuthi wanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo njengesihlengo sezono zethu, kanye namanye amaqiniso ayigugu? Kwakungafani yini nokususa inkungu yokungazi nokubona izinto ngokucacile ngokokuqala ngqá? Ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, akuwona umthwalo. Kuyajabulisa!—IHubo 1:1-3; 119:97.

  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
    INqabayokulinda—1997 | Januwari 15
    • 16. Chaza ukuthi kungani kungewona umthwalo ukufinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha okulungile nokwamukela iqiniso lakhe.

      16 Ingabe kuwumthwalo kithi ukufinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha okulungile nokwamukela iqiniso lakhe? Akunjalo uma sicabangela izinzuzo—imishado lapho indoda nomkayo bethandana futhi bethembana khona, esikhundleni semishado ehlukaniswe ukungathembani; amakhaya lapho izingane zizizwa zithandwa futhi zifunwa abazali bazo, esikhundleni semikhaya lapho izingane zizizwa zingathandwa, zinganakwa, futhi zingafunwa; unembeza ohlanzekile nempilo enhle, esikhundleni semizwa yecala nomzimba okhahlazwe ingculaza noma esinye isifo esidluliselwa ngobulili. Ngokuqinisekile, izimfuneko zikaJehova azisincishi noma yini esiyidingayo ukuze sijabulele ukuphila!—Duteronomi 10:12, 13.

  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
    INqabayokulinda—1997 | Januwari 15
    • 19. Chaza indlela esizuza ngayo ngokubonisa inhlonipho ngokuphila negazi.

      19 Ingabe kuwumthwalo kithi ukuphatha ukuphila negazi njengokungcwele? Lutho neze! Cabanga ngakho. Kuwumthwalo yini ukungabi nomdlavuza wamaphaphu obangelwa ukubhema ugwayi? Kuwumthwalo yini ukubalekela ukuluthwa kwengqondo nomzimba yizidakamizwa ezilimazayo? Kuwumthwalo yini ukugwema ukuba nengculaza, isifo sokusha kwesibindi, noma esinye isifo ngenxa yokumpontshelwa igazi? Ngokucacile, ukugwema kwethu imikhuba elimazayo kuzuzisa thina.—Isaya 48:17.

      20. Omunye umkhaya wazuza kanjani ngokuba nombono kaNkulunkulu ngokuphila?

      20 Cabangela lesi senzakalo. Eminyakeni ethile edlule, owesifazane onguFakazi owayecishe abe nezinyanga ezintathu nengxenye ekhulelwe, waqala ukopha ngobunye ubusuku, wayesephuthunyiswa esibhedlela. Ngemva kokuba udokotela emhlolile, lona wesifazane wamuzwa etshela omunye wabahlengikazi ukuthi kuzodingeka basikhiphe isisu. Azi ukuthi uJehova ukubheka kanjani ukuphila kongakazalwa, wakwenqaba ngokuqinile ukukhipha isisu, etshela udokotela: “Uma iphila, iyekeni kanjalo!” Waqhubeka opha ngezinye izikhathi, kodwa ezinyangeni ezithile kamuva wabeletha kungakabi yisikhathi ingane yomfana ephile kahle, manje eneminyaka engu-17 ubudala. Wachaza: “Indodana yethu iye yaxoxelwa konke lokhu, futhi iye yathi iyajabula ngokuthi ayizange ifakwe emgqonyeni kadoti. Iyazi ukuthi ukukhonza kwethu uJehova kuwukuphela kwesizathu sokuthi iyaphila.” Ngokuqinisekile, ukuba nombono kaNkulunkulu ngokuphila akuzange kube umthwalo kulomkhaya!

  • Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
    INqabayokulinda—1997 | Januwari 15
    • 23, 24. Singakubonisa kanjani ukuthi akuwona umthwalo ukukhonza uJehova kanye nabantu bakhe abahlelekile?

      23 Ingabe kuwumthwalo ukukhonza uJehova kanye nabantu bakhe abahlelekile? Akuwona nakancane! Ngokuphambene, kuyilungelo eliyigugu ukuthandwa nokusekelwa umkhaya womhlaba wonke wabafowethu nodadewethu abangamaKristu. (1 Petru 2:17) Ake uzicabange usinda ekufeni komkhumbi futhi uzithola usemanzini, uzabalazela ukungacwili. Lapho uzwa ukuthi usukhathele, ubanjwa isandla esithile esisuka esikebheni sokuhlenga. Yebo, bakhona abanye abasindile! Esikebheni sokuhlenga, wena nabanye niyashintshana ngokugwedla niya ogwini, nihambe nicosha abanye abasindile.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela