Bonisani Njalo Uthando Nokholo
“Nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu.” “Lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwenu.”—1 JOHANE 4:16; 5:4.
1, 2. Iziphi izimfanelo ngokukhethekile ezigcizelelwa kweyoku-1 Johane 4:7–5:21?
UJEHOVA uluthando, futhi labo abafisela ukumthokozisa kumelwe babonise lemfanelo kaNkulunkulu. Umphostoli uJohane uyakucacisa lokhu engxenyeni yokugcina yencwadi yakhe yokuqala ephefumlelwe.
2 AmaKristu eqiniso kumelwe futhi abonise ukholo. Kungalendlela kuphela anganqoba ngayo izwe futhi ahlale elondekile emseni kaJehova. Khona-ke, njengoba sifunda ingxenye yokugcina yencwadi kaJohane, masikucabangele ngomthandazo ukubaluleka kokubonisa uthando nokholo.
“Masithandane”
3, 4. Ukubonisa uthando kunabuphi ubuhlobo ekwazini kwethu uNkulunkulu?
3 UJohane ugcizelela ukubaluleka kothando. (Funda eyoku-1 Johane 4:7, 8.) ‘Abathandekayo’ abangamaKristu banxuswa ukuba ‘bathandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu,’ uJehova unguMthombo walo. “Bonke abathandayo bazelwe uNkulunkulu [njengomuntu ozelwe ngomoya], bayamazi uNkulunkulu,” bajwayelene nezimfanelo nezinjongo zikaJehova, nendlela abonisa ngayo uthando. Namuhla ‘lolulwazi ngoNkulunkulu’ luye lwazuzwa futhi ‘nayisixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaKristu.
4 Ukwazi uNkulunkulu kusho ukuziqonda ngempela izimfanelo zakhe, ukumthanda ngokuphelele, nokunamathela kuye njengoMbusi wethu. Kodwa “ongathandiyo akamazi uNkulunkulu.” Labo abangalubonisi uthando lobuKristu ‘abamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.’ Yebo, uthando luyimfanelo eyinhloko kaJehova, ebonakala emalungiselelweni akhe angokomoya nangokwenyama awenzela isintu.
5. Ibuphi ubufakazi obukhulu bokuthi “uNkulunkulu uluthando”?
5 Okucashunwe ngokulandelayo kuwubufakazi obukhulu bokuthi “uNkulunkulu uluthando.” (Funda eyoku-1 Johane 4:9, 10.) UJohane uthi: “Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokhu ukuthi [njengezoni ezazifanele ukufa] uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.” UJesu ‘uyiNdodana ezelwe yodwa’ kaJehova ngokuthi wayewukuphela kwesidalwa uNkulunkulu asidala ngokuqondile. (Johane 1:1-3, 14; Kolose 1:13-16) Futhi uJesu ‘wathunyelwa ezweni’ ngokuguqulwa abe umuntu, enze inkonzo yakhe obala, khona-ke abese efa ukufa komhlatshelo. (Johane 11:27; 12:46) ‘Ukuzuza ukuphila okuphakade ngaye,’ kungakhathaliseki ukuthi okwasezulwini noma okwasemhlabeni, kudinga ukholo olufanele umhlatshelo wakhe oyisihlengo.
6. Yini uNkulunkulu ayenza, lapho siseyizoni ezazingamthandi?
6 Sasiyizoni ezazingamthandi uNkulunkulu lapho “yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe-yinhlawulo ngezono zethu.” Umhlatshelo kaKristu wenza kwaba nokwenzeka ngathi ukuba sifinyelele ukubuyiselwa ebuhlotsheni obufanele noNkulunkulu. (Roma 3:24, 25; Heberu 2:17) Ingabe uyakwazisa lokubonakalisa kukaBaba wethu wasezulwini uthando olukhulu kangaka olungasifanele?
7. (a) Njengoba singenakusho ukuthi sithanda uJehova ngenxa yokuthi simbonile, singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda? (b) Yini ebonakaliswayo ngokubonisa kwethu uthando lobuzalwane?
7 Uthando lukaNkulunkulu ngathi kumelwe luthinte isimo sethu ngakwabanye. (Funda eyoku-1 Johane 4:11-13.) Njengoba asithanda siseyizoni, “nathi simelwe ukuthandana.” Phakathi kwabantu, “uNkulunkulu akazange abonwe-muntu.” Ngakho asinakusho ukuthi sithanda uJehova ngenxa yokuthi siye sambona. (Eksodusi 33:20; Johane 1:18; 4:24) Nokho, ngokubonisa uthando, sibonisa ukuthi sithanda uMthombo walemfanelo. Uthando lwethu lobuzalwane lubonisa ukuthi “uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele,” noma lufinyelela ukubonakala okuphelele, kithi. Futhi siyazi ukuthi “sihlala” kuJehova “ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.” Ukubonisa kwethu uthando lobuzalwane kubonisa ukuthi umoya kaJehova uyasebenza kithi, ngoba uthando lungesinye sezithelo zawo. (Galathiya 5:22, 23) Lokhu kubonisa ukuthi siyamazi uNkulunkulu futhi sinokuvunyelwa kwakhe.
8. Ibuphi ubufakazi obengeziwe obukhona bokuthi “sihlala kuNkulunkulu”?
8 Kunobufakazi obengeziwe bokuthi “sihlala kuNkulunkulu.” (Funda eyoku-1 Johane 4:14-16a.) Njengoba ‘ebonile’ lokho uJesu akwenza emhlabeni nendlela ahlupheka ngayo ngenxa yesintu, uJohane ‘angafakaza ukuthi uNkulunkulu wayithuma iNdodana ibe-nguMsindisi wezwe’ lesintu esinesono. (Johane 4:42; 12:47) Ngokungaphezulu, ‘uNkulunkulu uhlala kithi, nathi kuye’ uma sivuma ngokusuka enhliziyweni ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana yakhe. Lokhu kudinga ukuba nokholo nokunikeza ubufakazi basobala bokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. (Johane 3:36; Roma 10:10) Ukuthembela kwethu ‘othandweni uNkulunkulu analo kithina’ kunikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi kungakhathaliseki ukuthi singabensali egcotshiwe noma ‘abezinye izimvu,’ sihlala kuJehova.
9. (a) Kungayiphi ingqondo uthando ngoNkulunkulu ‘olungapheleliswa’ ngayo, futhi lokhu kuyobuthinta kanjani ubuhlobo bethu nabanye? (b) Yini ethuthukiswa uthando “olupheleleyo”?
9 Ngokulandelayo uJohane ubonisa ukuthi uthando ‘lungapheleliswa.’ (Funda eyoku-1 Johane 4:16b, 17.) Siyakhunjuzwa ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” Ngoba ‘sihlala othandweni,’ sibonisa lesithelo sikamoya kaJehova, ‘sihlala kuNkulunkulu.” Uma uthando lukaJehova “luphelelisiwe kithi,” lapho sesiye safinyelela ekumazini ngokuphelele, siyothanda esikholwa nabo. (Qhathanisa nevesi 12.) Uthando ‘oluphelelisiwe’ luthuthukisa futhi ‘isibindi’ sokuthandaza kuNkulunkulu manje ‘nangosuku lokwahlulelwa’ oluhlangene nokuba khona kukaKristu. Khona-ke labo ababonisa uthando olunjalo abasoze baba nesizathu sokwesaba ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu siyoba esingenamusa. Uma sibonisa uthando, ngalowomqondo “njengalokhu enjalo yena [uJesu], sinjalo nathi kulelizwe.” Yebo, sifana naye ngokujabulela umusa njengabantwana bakaNkulunkulu kulelizwe lesintu esidediselwe kude noNkulunkulu.
10. Yini abangahlangabezani nayo labo abanothando ‘oluphelelisiwe’?
10 Labo abanothando “olupheleleyo” abanakho ukwesaba okuvimbela ukuthandaza. (Funda eyoku-1 Johane 4:18, 19.) “Ukwesaba kunesijeziso” esingasivimbela ekusondeleni kuJehova ngesibindi. Ngakho uma sinokwesaba okunjalo, ‘asiphelele othandweni.’ Kodwa uma ‘siphelele othandweni,’ lemfanelo igcwalisa izinhliziyo zethu, isiqhubezele ukuba senze intando yaphezulu, futhi isishukumisele ukuba sihlale sisondelene noBaba wethu wasezulwini ngomthandazo. Ngokuqinisekile sinesizathu sokuthanda uJehova nokuthandaza kuye, ngoba njengoba uJohane esho, ‘Siyathanda, ngokuba uNkulunkulu wasithanda kuqala.’
11. Kungani kunengqondo ukuba silalele umyalo othi: “Othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe”?
11 Yebo, akwanele ukumane sithi siyamthanda uNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Johane 4:20, 21.) Umuntu othi, “ngiyamthanda uNkulunkulu” abe ezonda umzalwane wakhe ongokomoya “ungumqambimanga.” Njengoba singabona umzalwane wethu futhi siqaphele izimfanelo zakhe zaphezulu, ukumbonisa uthando kumelwe kube lula kunokuthanda uNkulunkulu ongabonakali. Ngempela, “ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.” Ngakho-ke kungokunengqondo ukuba silalele “lomyalo”: “Othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.”
Ubani Onqoba Izwe?
12. Njengoba sithanda uNkulunkulu, yiluphi olunye uthando okulindeleke ukuba sibe nalo?
12 Ngokulandelayo uJohane ubonisa ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuthanda uNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Johane 5:1-5.) Okokuqala, umphostoli uveza ukuthi “yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu” (uMesiya, noma Ogcotshiwe kaNkulunkulu) “uzelwe nguNkulunkulu,” noma uzelwe uJehova ngomoya. Ngokungaphezulu, yilowo nalowo othanda uMzali, uJehova, uthanda noma ubani futhi “ozelwe nguye.” Yebo, bonke abantwana abagcotshiwe bakaNkulunkulu bayamthanda futhi bayolindeleka ukuba bathandane. Uthando olunjalo lobuzalwane luyatholakala futhi ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ esinamathemba asemhlabeni.—Johane 10:16; IsAmbulo 7:9.
13. (a) Kungani imiyalo kaNkulunkulu ‘ingeyona enzima’ kithi? (b) ‘Silinqoba kanjani izwe’?
13 ‘Siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.’ Eqinisweni, ‘ukuthanda uNkulunkulu kusho ukugcina imiyalo yakhe.’ Njengoba sithanda uNkulunkulu nokulunga, siyajabula ngokugcina imiyalo yakhe. UJohane uthi “ayinzima” kithi “ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe.” ‘Ukonke’ angase asho amandla avela kuNkulunkulu ‘okunqoba izwe,’ noma okunqoba umphakathi wabantu ongalungile nezilingo zawo zokuphula umyalo kaJehova. (Johane 16:33) ‘Inqobo enqobé izwe: ukukholwa kwethu’ kuNkulunkulu, eZwini lakhe, naseNdodaneni yakhe. Uma ‘sikholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, ‘sinqoba izwe’ ngokwenqaba ukucabanga kwalo okungalungile nezindlela zalo zokuziphatha okubi, nangokugcina imiyalo kaNkulunkulu.
14. (a) UJesu weza kanjani “ngamanzi”? (b) UKristu wabonakaliswa kanjani “ngegazi” ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu? (c) Umoya ongcwele ‘wafakaza’ kanjani ngoJesu Kristu?
14 Njengoba ukholo kuJesu lubaluleke kakhulu ‘ekunqobeni kwethu izwe,’ uJohane ucaphuna ubufakazi ngoJesu obunikezwa ‘ngofakazi abathathu.’ (Funda eyoku-1 Johane 5:6-8.) Okokuqala uJohane uthi uJesu ‘weza ngamanzi.’ Lapho uJesu ebhapathizwa emanzini ukuze abonise ukuzinikela kwakhe kuNkulunkulu, uJehova wathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:17) UKristu wabonakaliswa futhi ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ‘ngegazi’ alithulula ekufeni kwakhe njengesihlengo. (1 Thimothewu 2:5, 6) Ngokungaphezulu, uJohane uthi, “noMoya [ongcwele] ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.” Ukwehlela kukamoya ongcwele kuJesu lapho ebhapathizwa kwambonakalisa eyiNdodana kaNkulunkulu. (Mathewu 3:16; Johane 1:29-34) Umoya kaJehova wenza ukuba uJesu akwazi ukufeza ukuthunywa kwakhe nokwenza imisebenzi yamandla. (Johane 10:37, 38; IzEnzo 10:38) Ngomoya, uNkulunkulu wabangela ubumnyama obungavamile, ukuzamazama komhlaba, nokudabuka kwesihenqo sethempeli ngesikhathi uJesu efa, khona-ke futhi uNkulunkulu wamvusa ngalowomoya ofanayo.—Mathewu 27:45-54.
15. Bangobani ‘abathathu abafakazayo’?
15 Ngakho “bathathu abafakazayo” eqinisweni lokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Yilaba (1) umoya ongcwele, (2) amanzi uJesu abhapathizwa kuwo nalokho lamanzi ayekumelela (ukuzinikela kwakhe kuJehova), (3) negazi alithululela ekufeni njengesihlengo. Labo abathathu “bavumelana” ekunikezeni ubufakazi bokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, okumelwe sibe nokholo kuyo uma sifuna ukuthola ukuphila okuphakade.—Qhathanisa noDuteronomi 19:15.
Ubufakazi Obunikezwa UNkulunkulu
16. UJehova uye wabunikeza kanjani ubufakazi ngokuqondene noJesu?
16 UNkulunkulu ngokwakhe uye wanikeza ubufakazi ngokuqondene neNdodana yakhe. (Funda eyoku-1 Johane 5:9-12.) “Uma samukela [njengobuyiqiniso] ubufakazi babantu [abangaphelele njengoba sivame ukwenza ezingxoxweni nasenkantolo], ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo.” (Johane 8:17, 18) Njengoba ‘uNkulunkulu angeqambe amanga,’ singathembela ngokungenakungabaza ‘ebufakazini abufakazile ngeNdodana yakhe.’ Futhi uJehova uye wathi uJesu Kristu uyiNdodana yakhe. (Thithu 1:2; Mathewu 3:17; 17:5) Ngokungaphezulu, uJehova uyena owayeshukumisa ‘ofakazi abathathu,’ okungukuthi, umoya waKhe ongcwele, amanzi uJesu abhapathizwa kuwo, negazi elathululwa uJesu.
17. Iyiphi okuwukuphela kwendlela insindiso engenzeka ngayo?
17 “Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe,” noma “kuye,” ngoba bonke ubufakazi buyamkholisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Kodwa “ongakholwa nguNkulunkulu” njengofakazi ethembekile ngokuqondene neNdodana yaKhe wenza ukuba uJehova abonakale engumqambimanga. Yebo, umongo wobufakazi obunikezwayo ‘uwukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhukuphila kuseNdodaneni yakhe.’ Ukusindela ekuphileni okuphakade kuyokwenzeka kuphela ngokukholelwa kuJesu njengeNdodana kaNkulunkulu. (Johane 11:25, 26; 14:6; 17:1-3) Ngakho-ke “onayo iNdodana” ngokukholelwa kuyo unesipho esingafanele sokuphila okuphakade. (Johane 20:31) Kodwa ‘lokuphila’ akunakujatshulelwa ngunoma ubani ontula ukholo kuJesu njengeNdodana kaNkulunkulu.
Umthandazo Uyasebenza!
18. Wakubhalelani uJohane “lokhu”?
18 Ngokulandelayo uJohane unikeza injongo eyinhloko yencwadi yakhe futhi ukhuluma ngomthandazo. (Funda eyoku-1 Johane 5:13-15.) Wabhala “lokho” ukuze kwaziwe ukuthi ‘sinokuphila okuphakade.’ Lokhu kuyisiqinisekiso kithi njengababonisa ukholo “egameni” leNdodana kaNkulunkulu. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 3:23.) Futhi izihlubuki, ezingezona ezakithi, azinakuluqeda lolokholo.—1 Johane 2:18, 19.
19. (a) Ngokweyoku-1 Johane 5:14, 15, yisiphi ‘isibindi’ esinaso ngakuNkulunkulu? (b) Yiziphi ezinye izinto esingazithandazela ngokufanelekile?
19 ‘Sinesibindi’ ngakuNkulunkulu, sokuthi uma sicela utho ngomthandazo “ngokwentando yakhe, uyasizwa.” Sithandazela ngokufanelekile izinto ezinjengokungcweliswa kwegama likaJehova, umoya wakhe, ukuhlakanipha kwaphezulu, nokukhululwa komubi. (Mathewu 6:9, 13; Luka 11:13; Jakobe 1:5-8) Futhi “siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucelé kuye,” “ozwayo imikhuleko.”—IHubo 65:2.
20, 21. (a) Siyini “isono esingesiso esokufa”? (b) Kungani kungalungile ukuthandaza ngokuqondene ‘nesono sokufa’?
20 Ngokulandelayo uJohane ukhuluma ngomthandazo nezinhlobo ezimbili zesono. (Funda eyoku-1 Johane 5:16, 17.) ‘Isono esingesiso esokufa’ akusona esangamabomu, futhi kuyoba okulungile ukuthandazela ukuthi umenzi wobubi ophendukayo athethelelwe. (IzEnzo 2:36-38; 3:19; Jakobe 5:13-18) Kodwa kuyoba okungalungile ukuthandaza ngokuqondene ‘nesono sokufa’ ngoba lesi kuyisono sangamabomu esimelene nomoya ongcwele, okungenakwenzeka ukuthethelelwa ngaso. (Mathewu 12:22-32; Heberu 6:4-6; 10:26-31) Izoni ezinjalo ziya eGehena, zibhekene lokubhujiswa kwaphakade ‘ekufeni kwesibili.’ (IsAmbulo 21:8; Mathewu 23:15; qhathanisa neNW.) Ngakho-ke njengoba uJehova enguMahluleli wokugcina, asinakuzifaka engozini yokungamthokozisi ngokuthandazela isoni lapho ubufakazi bubonisa ukuthi sinecala ‘lesono sokufa’ ngamabomu.
21 Ngakho-ke, “uma umuntu [ikakhulukazi umdala okhethwe ngomoya ongcwele] ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa [‘ukufa kwesibili’], makacele, [uNkulunkulu] uyakumnika [isoni] ukuphila,” emsindisa ekubhujisweni okuphakade. Yebo, “konke ukungalungi kuyisono,” noma ukuphambuka ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga. “Kukhona isono esingesiso esokufa” ngoba singumphumela wokungapheleli kwethu, siyaphenduka, futhi isono sivalwe umhlatshelo kaKristu.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane
22. Ngubani ‘ongamthinti’ umKristu othembekile, futhi yini umuntu onjalo angayithandazela ngesibindi?
22 Manje uJohane ubukeza amaphuzu avelele encwadini yakhe. (Funda eyoku-1 Johane 5:18-21.) Yilowo nalowo “ozelwe nguNkulunkulu” njengomKristu ogcotshwe ngomoya “akoni.” UJesu Kristu, “ozelwe nguNkulunkulu” ngomoya ongcwele, ‘uyamgcina, nomubi [uSathane] akamthinti.’ UmKristu ogcotshiwe onjalo othembekile angathandazela ngesibindi ukukhululwa komubi futhi, ‘ngesihlangu esikhulu sokukholwa,’ angabalekela ukulimala okungokomoya okuvela ‘emicibisholweni evuthayo’ kaSathane.—Mathewu 6:13; Efesu 6:16.
23. Kukanjani ‘izwe lonke lisemandleni omubi’?
23 Njengoba abagcotshiwe benobufakazi bokuthi bangamadodana angokomoya kaJehova, bangathi, “siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu.” Iqiniso lokuthi banokholo kuKristu futhi abasenzi isono libonisa ukuthi bangabantwana bakaNkulunkulu labo uSathane angazange akwazi ‘ukubathinta.’ “Izwe lonke [umphakathi wabantu ongalungile] lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (Efesu 2:1, 2; IsAmbulo 12:9) Izwe livumela amathonya amabi nokubusa kukaSathane, alenzi mzamo wokugqashula ukuze lenze intando yaphezulu.
24. UJesu ‘wasinikeza’ ukuhlakanipha ngezinga elingakanani?
24 Abafundisi abathile bamanga bathi uKristu akezanga enyameni. (2 Johane 7) Kodwa ubufakazi obucashunwe kulencwadi benza uJohane akwazi ukuthi, “Sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile.” (1 Johane 1:1-4; 5:5-8) Ngokungaphezulu, uJesu ‘wasinika ingqondo,’ noma “ukuhlakanipha,” ukuze “simazi oweqiniso,” ulwazi lukaNkulunkulu oluthuthukayo. (Mathewu 11:27) Ngakho-ke “sikuye oweqiniso [uJehova uNkulunkulu] kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu.”—Qhathanisa noJohane 17:20, 21.
25. NjengamaKristu, singasisebenzisa kanjani iseluleko esikweyoku-1 Johane 5:21?
25 Labo abanobunye noNkulunkulu weqiniso, uJehova, kungakhathaliseki ukuthi bangabensali egcotshiwe noma ‘bezinye izimvu,’ bafisa ukumthokozisa ngayo yonke indlela. Kodwa izilingo zokuhlanganyela ekukhonzeni izithombe zazikhona ekhulwini lokuqala leminyaka, ngisho nanjengoba zikhona nanamuhla. Ngakho-ke uJohane uphetha incwadi yakhe ngokufanelekile ngeseluleko esinjengesikababa: “Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.” NjengamaKristu, asikhothameli izithombe. (Eksodusi 20:4-6) Siyazi futhi ukuthi kuyoba okungalungile ukuzibeka thina ngokwethu, injabulo, noma yini okunye endaweni kaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1, 2, 4) Futhi ukuzinikezela kwethu kuye kusivimbela ukuba sikhulekele “isilo nomfanekiso” waso. (IsAmbulo 13:14-18; 14:9-12) Ngakho-ke sinombono wokujabulisa uBaba wethu wasezulwini nokuthola isipho sakhe sokuphila okuphakade, masibe nesibindi ekuzimiseleni kwethu ukugwema konke ukukhulekela izithombe, singakuvumeli ukuba kuqede ubuhlobo bethu obuyigugu noJehova ngoJesu Kristu.
Usizo Lwethu Olungapheliyo
26. Yiziphi izici ezithile ezibalulekile ezisencwadini yokuQala kaJohane?
26 Incwadi yokuqala ephefumlelwe kaJohane yasiza amaKristu okuqala ukuba agweme ukukhulekela izithombe. Yawenza akwazi ukumelana namanga ezihlubuki, futhi isafeza injongo efanayo namuhla. Ngokwesibonelo, ifakazela ukuthi uJesu waphila njengomuntu futhi wafa ‘njengenhlawulo’ yezono. Lencwadi ikhomba “umphikukristu” futhi yahlukanisa abantwana bakaNkulunkulu nalabo bakaDeveli. Ibonisa indlela yokuhlola “omoya” ukuze ubone ukuthi bangabakaJehova noma cha. Ngokungaphezulu, amazwi kaJohane ayasiqinisekisa ukuthi “uNkulunkulu uluthando,” ukuthi ukholo lweqiniso lunqoba izwe, nokuthi uJehova uzwa imithandazo yofakazi bakhe abathembekile.
27. Kungaziphi izindlela incwadi yokuqala kaJohane ephefumlelwe phezulu engasisiza ngazo?
27 Naphezu kwezilingo zezwe, yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ukukhumbula iseluleko sikaJohane sokungathandi izwe! Uma ukungezwani kobuntu kungabeka ubunzima ebuhlotsheni bethu namaKristu athile esikholwa nawo, amazwi kamphostoli angasikhumbuza ukuthi singazibonakalisa njengabathanda uNkulunkulu ngokubonisa uthando lobuzalwane. Ngosizo lwaphezulu nangokusebenzisa iseluleko sikaJohane, singagwema ukwenza isono futhi singalondoloza ukholo olunqoba izwe. Ngakho-ke masibonise ukubonga kwethu ngalencwadi ephefumlelwe njengoba siqhubeka sihamba ekukhanyeni kwaphezulu, siqhubeke siphila njengabantwana bakaNkulunkulu, futhi sibonise njalo uthando nokholo kube yinkazimulo kuBaba wethu wasemazulwini, uJehova.
Ungasabela Kanjani?
◻ Uma sithanda uJehova, lokhu kumelwe kubuthinte kanjani ubuhlobo bethu nesikholwa nabo?
◻ ‘Singalinqoba kanjani izwe’?
◻ Bangobani ‘abathathu abafakazayo’ ngokuqondene neNdodana kaNkulunkulu?
◻ Yisiphi ‘isibindi’ esinaso, ngokuqondene nomthandazo?
◻ Kungaziphi izindlela incwadi yokuQala kaJohane engasisiza ngazo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
Njengoba uJehova asithanda siseyizoni, “nathi simelwe ukuthandana”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Ukholo lwethu kuNkulunkulu, eZwini lakhe, naseNdodaneni yakhe ezelwe yodwa lusenza sikwazi ‘ukunqoba izwe’
[Isithombe ekhasini 25]
Umoya ongcwele, amanzi uJesu abhapathizwa kuwo, igazi lakhe elathululwa, noJehova ngokwakhe kwanikeza ubufakazi bokuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu