-
Ungaba Umngane KaJehovaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
5. Lokho uJehova acela abangane bakhe ukuba bakwenze
Ngokuvamile kunezinto ezithile esilindele ukuba abangane bethu bazenze.
Yiziphi izinto wena othanda abangane bakho bakwenzele zona?
Fundani eyoku-1 Johane 5:3, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini uJehova alindele ukuba abangane bakhe bayenze?
Ukuze silalele uJehova, kungase kudingeke sishintshe ubuntu bethu noma ukuziphatha kwethu. Fundani u-Isaya 48:17, 18, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani uJehova ecela abangane bakhe ukuba bashintshe?
-
-
Ukubhapathizwa—Umgomo Omuhle!Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Ukubhapathizwa ungakulungiselela ngokufunda ngoJehova nokwakha ukholo kuye. (Funda eyamaHebheru 11:6.) Lapho ulwazi nokholo lwakho lukhula, nothando lwakho ngoJehova luyokhula. Akungabazeki ukuthi uyofuna ukushumayela ngaye futhi uphile ngemithetho yakhe. (2 Thimothewu 4:2; 1 Johane 5:3) Lapho umuntu esephila ‘ngokufanele uJehova ukuze amjabulise ngokugcwele,’ angase anqume ukunikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu bese eyabhapathizwa.—Kolose 1:9, 10.a
-
-
Ukubhapathizwa—Umgomo Omuhle!Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
a Uma umuntu ayebhapathiziwe enkolweni ethile, kuzodingeka aphinde abhapathizwe futhi. Kungani? Kungoba leyo nkolo ayimfundisanga iqiniso eliseBhayibhelini.—Bheka izEnzo 19:1-5 neSifundo 13.
-
-
Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngalokho UJehova NoJesu Abakwenzele KonaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Ake sithi uyagwiliza bese othile esindisa ukuphila kwakho. Ingabe ungavele ukhohlwe nje yilokho akwenzele kona noma ubungazama izindlela zokubonisa ukuthi uyabonga?
UJehova simkweleta ukuphila kwethu. Fundani eyoku-1 Johane 4:8-10, bese nixoxa ngale mibuzo:
Kungani umhlatshelo kaJesu uyisipho esiyigugu?
Uzizwa kanjani ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona?
Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona? Fundani eyesi-2 Korinte 5:15 neyoku-1 Johane 4:11; 5:3. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:
Ngokwalo mBhalo, yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga?
-
-
Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 34
Singabonisa Kanjani Ukuthi Siyamthanda UJehova?
Selokhu waqala ukufunda iBhayibheli, ingabe uzizwa usondelene noNkulunkulu? Ingabe ungathanda ukuqhubeka uqinisa ubungane bakho naye? Uma kunjalo, khumbula ukuthi lapho uJehova ebona indlela omthanda ngayo ikhula, naye uyokuthanda futhi akukhathalele nakakhulu. Ungambonisa kanjani ukuthi uyamthanda?
1. Simbonisa kanjani uJehova ukuthi siyamthanda?
Sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda ngokumlalela. (Funda eyoku-1 Johane 5:3.) Akaphoqi muntu ukuba amlalele. Kunalokho, sonke usinikeza ithuba lokukhetha ukuthi sizomlalela yini noma cha. Kungani? Kungoba uJehova ufuna ‘simlalele ngokusuka enhliziyweni.’ (Roma 6:17) Ngamanye amazwi, ufuna umlalele ngoba umthanda hhayi ngoba uphoqiwe. INgxenye 3 no-4 yale ncwadi yenzelwe ukukusiza ubonise ukuthi uyamthanda uJehova ngokwenza okumjabulisayo futhi ugweme okungamjabulisi.
2. Kungani kungaba nzima ukubonisa ukuthi siyamthanda uJehova?
“Ziningi izinhlupheko zolungile.” (IHubo 34:19) Sonke sibhekana nobunzima ngenxa yokuthi sinesono. Singase sibhekane nezinkinga zomnotho, ukungalungi nobunye ubunzima. Lapho sibhekana nezinkinga, kungase kungabi lula ukwenza lokho uJehova akufunayo. Lokhu kungenxa yokuthi kungase kube lula ukwenza okungalungile. Kodwa lapho ukwenza ngokwethembeka lokho uJehova athi kwenze, ubonisa ukuthi umthanda ngaphezu kwanoma yini enye. Ubonisa nokuthi uqotho kuye. Naye uyoba qotho kuwe. Akasoze akushiya nanini.—Funda iHubo 4:3.
FUNDA OKWENGEZIWE
Hlola ukuthi kungani ukulalela kwakho kubalulekile kuJehova, ufunde nokuthi yini ezokusiza uhlale uthembekile kuye.
3. Impikiswano ekuhilelayo
Ngokwencwadi yeBhayibheli kaJobe, uSathane akamangalelanga nje uJobe kuphela, kodwa wamangalela nabo bonke abantu abafuna ukukhonza uJehova. Fundani uJobe 1:1, 6–2:10, bese nixoxa ngale mibuzo:
USathane wathi kungani uJobe ayelalela uJehova?—Bheka uJobe 1:9-11.
USathane ubamangalela athini abantu, kuhlanganise nawe?—Bheka uJobe 2:4.
Fundani uJobe 27:5b, bese nixoxa ngalo mbuzo:
UJobe wabonisa kanjani ukuthi uyamthanda ngempela uJehova?
4. Yenza inhliziyo kaJehova ijabule
Fundani izAga 27:11, bese nixoxa ngale mibuzo:
UJehova uzizwa kanjani lapho wenza ngokuhlakanipha futhi umlalela? Kungani ezizwa kanjalo?
5. Ungakwazi ukuba qotho kuJehova
Uthando lwethu ngoJehova lusenza sixoxele abanye ngaye. Ukuba qotho kuye kusenza sixoxele abanye ngaye ngisho noma kungelula. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Ingabe ukuthola kunzima ukuxoxela abanye ngoJehova?
Kule vidiyo, yini eyasiza uGrayson wanqoba ukwesaba?
Kulula ukuba qotho kuJehova lapho sithanda akuthandayo futhi sizonda akuzondayo. Fundani iHubo 97:10, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ngokwalokho osukufundile, yiziphi ezinye zezinto uJehova azithandayo? Yiziphi ezinye zezinto azizondayo?
Ungafunda kanjani ukuthanda okuhle uzonde okubi?
6. Siyazuza lapho silalela uJehova
Ukulalela uJehova kuhlale kuzuzisa. Fundani u-Isaya 48:17, 18, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ucabanga ukuthi singamethemba uJehova ukuthi uyakwazi okuzosizuzisa ngaso sonke isikhathi? Kungani ucabanga kanjalo?
Ukutadisha iBhayibheli nokwazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, kukuzuzise kanjani kuze kube manje?
ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu akanendaba ngempela nokuthi ngenzani.”
Yimuphi umBhalo ongawusebenzisa ukuze ubonise ukuthi izenzo zethu zingenza uJehova ajabule noma adumale?
UKUBUYEKEZA
Ungabonisa uJehova ukuthi uyamthanda ngokumlalela nangokuhlala uqotho kuye naphezu kwezinkinga.
Ufundeni?
Ufundeni esibonelweni sikaJobe?
Uzobonisa kanjani ukuthi uyamthanda uJehova?
Yini ezokusiza uhlale uqotho kuJehova?
HLOLA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi ungaba qotho kanjani kuJehova nasebandleni.
Funda okwengeziwe ngalokho uSathane amangalela ngakho abantu.
“UJobe Ugcina Ubuqotho” (IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? ingxenye 6)
Bukela ukuthi izingane zingalubonisa kanjani uthando lwazo ngoJehova.
Umuntu osemusha angabhekana kanjani nokucindezelwa enye intsha ukuba enze into engafanele?
-