IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Ezincwadi ZikaJohane NekaJude
KUNGENZEKA ukuthi umphostoli uJohane wabhala izincwadi zakhe ezintathu ngo-98 C.E. ese-Efesu futhi ziphakathi kwezincwadi zokugcina ezakha imiBhalo ephefumulelwe. Ezokuqala ezimbili zikhuthaza amaKristu ukuba aqhubeke ehamba ekukhanyeni nokuba amelane nezihlubuki. Kweyesithathu, uJohane akakhulumi nje ngokuhamba eqinisweni kodwa futhi ukhuthaza amaKristu ukuba abambisane.
Encwadini yakhe ayibhala esePalestina, cishe ngo-65 C.E., uJude, umfowabo kaJesu ngamzali munye, uxwayisa amaKristu akanye nawo ngabantu ababi abaye bangena ngokunyenya ebandleni, futhi unikeza izeluleko zendlela yokumelana namathonya amabi. Ukunaka isigijimi esiqukethwe izincwadi ezintathu zikaJohane nekaJude kungasisiza ukuba sihlale siqinile okholweni naphezu kwezithiyo.—Heb. 4:12.
QHUBEKANI NIHAMBA EKUKHANYENI NASOTHANDWENI NANGOKHOLO
Njengoba ibhalelwe bonke abasebunyeni noKristu, incwadi yokuqala kaJohane inikeza iseluleko esihle esiklanyelwe ukusiza amaKristu ukuba amelane nokuhlubuka futhi aqhubeke elimelela ngokuqinile iqiniso nokulunga. Ugcizelela isidingo sokuba amaKristu aqhubeke ehamba ekukhanyeni nasothandweni nangokholo.
UJohane uyabhala: “Uma sihamba ekukhanyeni njengoba naye [uNkulunkulu] ngokwakhe esekukhanyeni, sinaso isabelo esisihlanganyelayo.” Njengoba uNkulunkulu enguMthombo wothando, lo mphostoli uthi: “Masiqhubeke sithandana.” Njengoba “uthando ngoNkulunkulu” lusishukumisela ukuba “sigcine imiyalo yakhe,” sinqoba izwe ‘ngokholo lwethu’ kuJehova uNkulunkulu, eZwini lakhe naseNdodaneni yakhe.—1 Joh. 1:7; 4:7; 5:3, 4.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:2; 4:10—UJesu “ungumhlatshelo oyisihlawulelo” ngayiphi indlela? Ukuhlawulela kusho “ukunxephezela.” UJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo ngomqondo wokuthi ngokwenza lokho, wakhokha isinxephezelo esanelisa imfuneko yobulungisa obuphelele. Ngesisekelo salowo mhlatshelo, uNkulunkulu angabonisa isihe, futhi angaxolela izono zalabo ababonisa ukholo kuJesu.—Joh. 3:16; Roma 6:23.
2:7, 8—Imuphi umyalo uJohane athi “mdala” nathi “musha”? UJohane ukhuluma ngomyalo ophathelene nothando lobuzalwane lokuzidela. (Joh. 13:34) Uthi “mdala” ngoba uJesu wawunikeza eminyakeni engaphezu kwengu-60 ngaphambi kokuba uJohane abhale incwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe. Ngakho, amakholwa abelokhu enawo “kusukela ekuqaleni” kokuphila kwawo njengamaKristu. Lo myalo futhi “musha” ngokuthi uhilela okungaphezu ‘kokuthanda omunye umuntu njengoba uzithanda wena’ futhi udinga sibe nothando lokuzidela.—Lev. 19:18; Joh. 15:12, 13.
3:2—Ikuphi ‘okungakabonakaliswa’ kumaKristu agcotshiwe, futhi ubani ayombona “enjengoba nje enjalo”? Lokho okungakabonakaliswa kuwo yilokho ayoba yikho lapho esevuselwe ezulwini ngemizimba yomoya. (Fil. 3:20, 21) Nokho, ayazi ukuthi “noma nini lapho [uNkulunkulu] ebonakaliswa [ayoba] njengaye, ngoba [ayombona] enjengoba nje enjalo,” okungukuthi, ‘enguMoya.’—2 Kor. 3:17, 18.
5:5-8—Amanzi, igazi nomoya kwakufakazela kanjani ukuthi “uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu”? Amanzi aba ufakazi ngoba lapho uJesu ebhapathizwa emanzini, uJehova ngokwakhe wezwakalisa ukuthi wayemamukela njengeNdodana yaKhe. (Math. 3:17) Igazi likaJesu, noma ukuphila kwakhe, okwanikelwa ‘njengesihlengo esihambelanayo sabo bonke,’ nalo labonisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. (1 Thim. 2:5, 6) Umoya ongcwele wafakazela ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu lapho wehlela phezu kwakhe ngesikhathi ebhapathizwa, umenza akwazi ukuba ‘adabule izwe enza okuhle, ephulukisa bonke abacindezelwe uDeveli.’—Joh. 1:29-34; IzE. 10:38.
Izifundo Esizitholayo:
2:9-11; 3:15. Uma umKristu evumela noma yini nanoma ubani ukuba aqede uthando lwakhe lobuzalwane, uhamba ebumnyameni obungokomoya, akazi ukuthi uyaphi.
QHUBEKANI ‘NIHAMBA EQINISWENI’
UJohane uqala incwadi yakhe yesibili ngokuthi: “Indoda endala enkosazaneni ekhethiwe nakubantwana bayo.” Uzwakalisa injabulo lapho ethola ukuthi ‘abathile kubantwana bayo babehamba eqinisweni.’—2 Joh. 1, 4.
Ngemva kokubakhuthaza ukuba bahlakulele uthando, uJohane uyabhala: “Yilokhu okushiwo uthando, ukuba siqhubeke sihamba ngokwemiyalo yakhe.” UJohane ubuye axwayise ‘ngomkhohlisi nomphik’ ukristu.’—2 Joh. 5-7.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1, 13—Ubani ‘inkosazane ekhethiwe’? Kungenzeka ukuthi uJohane weyebhekisele kowesifazane othile obizwa ngokuthi uKyria, okuyigama lesiGreki elisho “inkosazane.” Noma kungenzeka wayesebenzisa isingathekiso lapho ekhuluma ngebandla elithile ukuze aduse umkhondo kubashushisi. Uma asebenzisa leli gama ngalo mqondo wesibili, abantwana bakhe bangamalungu alelo bandla futhi ‘abantwana bakadadewabo’ bangamalungu elinye ibandla.
7—Ikuphi ‘ukuza’ kukaJesu uJohane akhuluma ngakho lapha, futhi abakhohlisi ‘abakuvumi’ ngayiphi indlela? Lokhu akukhona ‘ukuza’ kukaJesu okungabonakali kwesikhathi esizayo. Kunalokho, kuwukuza kwakhe enyameni nokugcotshwa kwakhe njengoKristu. (1 Joh. 4:2) Abakhohlisi abakuvumi lokhu kuza enyameni. Mhlawumbe bayaphika ukuthi uJesu wake waphila njengomuntu noma ukuthi wagcotshwa ngomoya ongcwele.
Izifundo Esizitholayo:
2, 4. Ukwazi kwethu ‘iqiniso’—zonke izimfundiso zobuKristu eziyingxenye yeBhayibheli—nokunamathela kulo kubalulekile ukuze sisindiswe.—3 Joh. 3, 4.
8-11. Uma sifuna ukungalahlekelwa ‘umusa ongafanelwe, isihe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Kristu’ kanye nobudlelwane obunothando nesikholwa nabo, kufanele ‘siqaphele’ ingokomoya lethu futhi simelane nalabo ‘abangahlali emfundisweni kaKristu.’—2 Joh. 3.
YIBANI “IZISEBENZI EZIKANYE NABO EQINISWENI”
Incwadi yesithathu kaJohane uyibhalela umngane wakhe uGayu. Uyabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.”—3 Joh. 4.
UJohane uncoma uGayu ‘ngokwenza umsebenzi wokwethembeka’ wokusiza abafowabo ababavakashelayo. Lo mphostoli uthi: “Thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.”—3 Joh. 5-8.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
11—Kungani abanye behlanganyela ekuziphatheni okubi? Ngenxa yokuba buthaka ngokomoya, abanye abamboni uNkulunkulu ngamehlo abo okuqonda. Njengoba bengenakumbona ngamehlo abo enyama, benza sengathi akababoni.—Hez. 9:9.
14—Obani okubhekiselwe kubo ngelithi “abangane”? Lapha igama elithi “abangane” alisho nje abantu abasondelene, abazwanayo. UJohane ulisebenzisela ukubhekisela kuwo wonke amakholwa.
Izifundo Esizitholayo:
4. Abantu abavuthiwe ngokomoya ebandleni bathola injabulo enkulu lapho bebona amalungu asemasha ‘eqhubeka ehamba eqinisweni.’ Yeka ukuthi nabazali bathola injabulo engenakuqhathaniswa kanjani lapho bephumelela ekusizeni abantwana babo ukuba babe izinceku zikaJehova!
5-8. Ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli, abakhonza emakhaya aseBethel noma emahhovisi egatsha kanye nalabo abasenkonzweni yamaphayona baphakathi kwalabo abazikhandlayo ngenxa yabafowabo ngoba bebathanda futhi bethanda noJehova. Kufanele silingise ukholo lwabo, futhi kufanele sibasekele ngothando.
9-12. Kufanele silingise isibonelo sikaDemetriyu othembekile, hhayi esephoshophosho uDiyotrefe, owayengumnyundeli.
“ZIGCINENI OTHANDWENI LUKANKULUNKULU”
UJude ukhuluma ngalabo abangena ngokunyenya ebandleni njengabantu “ababubulayo, abakhonondayo ngokuphila kwabo, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu.” ‘Bakhuluma izinto zokuzikhukhumeza, kuyilapho bencoma abantu.’—Jude 4, 16.
AmaKristu angamelana kanjani namathonya amabi? UJude uyabhala: “Bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywa ngaphambili abaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu.” Uyanezela: “Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu.”—Jude 17-21.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
3, 4—Kungani uJude anxusa amaKristu ukuba ‘alulwele kanzima ukholo’? Ngoba ‘abantu abangamhloniphi uNkulunkulu base bengene ngokunyenya ebandleni.’ Laba bantu ‘babephendula umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bawenze izaba zokuziphatha okubi.’
20, 21—‘Singazigcina’ kanjani “othandweni lukaNkulunkulu”? Singazigcina ngalezi zindlela ezintathu: (1) ngokuzakha okholweni lwethu “olungcwelengcwele” ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo nangokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela; (2) ngokuthandaza “ngomoya ongcwele” noma ngokuvumelana nethonya lawo; (3) nangokuba nokholo kulokho okusenza sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade—umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.—Joh. 3:16, 36.
Izifundo Esizitholayo:
5-7. Kungenzeka yini ukuba ababi bangasitholi isahlulelo sikaNkulunkulu? Ngokwezibonelo eziyisixwayiso ezintathu ezishiwo uJude, akunakwenzeka.
8-10. Kufanele silingise isibonelo sikaMikayeli ingelosi eyinhloko futhi sihloniphe igunya elimiswe uNkulunkulu.
12. Izihlubuki ezishaya sengathi ziyasithanda ziyingozi kakhulu okholweni lwethu njengoba nje namadwala afihleke ngaphansi kwamanzi eyingozi emikhunjini noma kubantu ababhukudayo. Abafundisi bamanga bangase babonakale bephana, kodwa banjengamafu angenamanzi ngoba abanalutho ngokomoya. Abantu abanjalo abanazithelo bafana nemithi efile ekupheleni kwekwindla. Bazobhujiswa njengemithi esishuliwe. Siyobe sihlakaniphile uma sigwema izihlubuki.
22, 23. AmaKristu eqiniso ayakuzonda okubi. Abavuthiwe ebandleni—ikakhulu ababonisi abamisiwe—banikeza “abangabazayo” usizo olungokomoya ukuze babasindise emlilweni wokubhujiswa okuphakade.
[Isithombe ekhasini 28]
Amanzi, umoya negazi kwafakazela ukuthi “uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu”