-
Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
2. Singabonisa kanjani ukuthi asithathi hlangothi?
NjengoJesu, asingeni kwezepolitiki. Lapho abantu bebona esinye sezimangaliso zikaJesu futhi bezama ukumenza abe inkosi yasemhlabeni, akabavumelanga. (Johane 6:15) Kungani? Kungoba, njengoba asho kamuva, “uMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Njengabafundi bakaJesu, sibonisa ngezindlela eziningana ukuthi asithathi hlangothi. Ngokwesibonelo, asiyi empini. (Funda uMika 4:3.) Siyazihlonipha izimpawu zesizwe ezinjengamafulege kodwa asizikhonzi. (1 Johane 5:21) Asisekeli iqembu lepolitiki noma umholi walo futhi asiphikisani nalo. Ngalezi zindlela nezinye, sibonisa ukuthi siqotho kuhulumeni kaNkulunkulu—uMbuso wakhe.
-
-
Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
4. Imicabango nezenzo zethu makungathathi hlangothi
Fundani eyoku-1 Johane 5:21. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo, kungani u-Ayenge anquma ukungalijoyini iqembu lepolitiki noma ukuhlanganyela emikhosini yesizwe, enjengokushayela ifulege indesheni?
Ucabanga ukuthi kwakuyisinqumo esihle leso asenza?
Yiziphi ezinye izimo ezingenza kube nzima ukuba singathathi uhlangothi? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Singahlala kanjani singathathi hlangothi lapho amazwe eqhudelana kwezemidlalo?
Singahlala kanjani singathathi hlangothi ngisho noma izinqumo ezenziwa abezepolitiki zithinta thina uqobo?
Izinto esizizwa ezindabeni noma kubantu esizihlanganisa nabo zingaba namuphi umthelela ekungathathini kwethu uhlangothi?
-