Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe u-2 Johane 10, othi abathile mabangamukelwa ezindlini noma bangabingelelwa, wayebhekisela kuphela kulabo ababeye bathuthukisa imfundiso yamanga?
Umongo waleseluleko uphathelene ‘nabakhohlisi abaningi’ abaphumele ezweni, “labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama.” (2 Johane 7) Umphostoli uJohane wanikeza iziqondiso ngendlela amaKristu emuva lapho okwakumelwe aphathe ngayo umuntu owayephika ukuthi uJesu wayeke waphila noma ukuthi wayenguKristu noMhlengi. UJohane waqondisa: “Uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli; ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.” (2 Johane 10, 11) Kodwa iBhayibheli liyabonisa kwenye indawo ukuthi lokhu kwakunokusetshenziswa ngendlela ebanzi.
Ngesinye isikhathi phakathi kwamaKristu eKorinte, umuntu wayenza ukuziphatha okubi, futhi umphostoli uPawulu wabalobela ukuba ‘bangahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; bangaze badla nokudla nonjalo.’ (1 Korinte 5:11) Manje, ingabe lokho kwakusebenza kubazalwane bakuqala ababexoshwe ngenxa yobubi obungathi sína kuphela obulotshwe ngenhla?
Cha. IsAmbulo 21:8 siyabonisa futhi ukuthi abantu abanjalo njengababulali abangaphenduki, izifebe, abathakathi nabaqamba amanga bahlanganisiwe nalabo abafanelwe ukufa kwesibili. Ngokuqinisekile iseluleko esikwaboku-1 Korinte 5:11 sasiyosetshenziswa futhi ngamandla afanayo kumaKristu akuqala ayenecala lalobububi. Ngokwengeziwe, uJohane waloba ukuthi abanye “baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.” (1 Johane 2:18, 19) UJohane akazange asho ukuthi babexoshwe ngenxa yesono esingathi sína. Mhlawumbe abanye babo bamane bashiya, benquma ukuthi abasafuni ukuba sebandleni ngoba babengavumelani ngemfundiso. Abanye kungenzeka base bekhathele futhi bayeka.—1 Korinte 15:12; 2 Thesalonika 2:1-3; Heberu 12:3, 5.
Yebo, uma umzalwane ayeseye waqala ukuphambukela esonweni, amaKristu avuthiwe ayeyozama ukumsiza. (Galathiya 6:1; 1 Johane 5:16) Uma ayenokungabaza, ayeyozama ‘ukumhlwitha emlilweni.’ (Juda 23) Ngisho nalapho ayeseye waphola, engasayi emihlanganweni noma enkonzweni eyenziwa eningini, abaqinile ngokomoya babeyozama ukumbuyisa. Kungenzeka wayewatshela ukuthi akafuni ukukhathazwa ngokuba sebandleni, ebonisa ukholo lwakhe olubuthakathaka nengokomoya eliphansi. Babengeke bamfundekele, kodwa babengase bamvakashele ngobungane ngezikhathi ezithile. Imizamo enjalo yothando, yokubekezela, neyomusa yayiyobonisa isithakazelo sikaNkulunkulu sokuthi kungabikho noyedwa olahlekayo.—Luka 15:4-7.
Ngokuphambene, amazwi kaJohane abonisa ukuthi abanye badlulela ngale kobuthakathaka nasekupholeni okungokomoya; eqinisweni balishiya ibandla likaNkulunkulu. Omunye kungenzeka wayephikise obala abantu bakaNkulunkulu, ebatshela ukuthi akasafuni ukuba sebandleni. Kungenzeka waze ngisho wayeka nokholo lwakhe lwangaphambili ngendlela engokomthetho, njengokubhala incwadi. Yebo, ibandla laliyokwemukela isinqumo sakhe sokuzehlukanisa. Kodwa-ke laliyomphatha kanjani?
UJohane uthi: “Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana. Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli.” (2 Johane 9, 10) Ngokuqinisekile lawomazwi ayeyosebenza kumuntu owaphenduka isihlubuki ngokuhlanganyela nenkolo yamanga noma ngokusakaza imfundiso yamanga. (2 Thimothewu 2:17-19) Kodwa kuthiwani ngalabo uJohane athi “baphuma kithi”? Njengoba amaKristu ekhulwini lokuqala ayeyokwazi ukuthi kwakungamelwe ahlangane nomenzi wobubi oxoshiwe noma isihlubuki esishisekayo, ingabe babenza ngendlela efanayo nakumuntu owayengaxoshiwe kodwa oyeka ngokuzithandela indlela yobuKristu?
IAid to Bible Understanding ibonisa ukuthi igama elithi “ukuhlubuka” livela egameni lesiGreki lelo ngokoqobo elisho “‘ukumela kude’ kodwa linomqondo ‘wobumbuka, ukushiya noma ukuhlubuka.’”a Incwadi iAid iyanezela: “Phakathi kwezimbangela ezihlukahlukene zokuhlubuka ezibekwe ezixwayisweni zabaphostoli kwakuyilezi: ukuntula ukholo (Heb. 3:12), ukuntula ukubekezela ekubhekaneni noshushiso (Heb. 10:32-39), ukushiywa kwezindinganiso ezilungile zokuziphatha (2 Pet. 2:15-22), ukunaka ‘amazwi akhohlisayo’ abafundisi bamanga ‘nemimoya yamademoni’ ( . . . 1 Thim. 4:1-3) . . . Abanjalo bashiya ngokuzithandela ibandla lobuKristu kanjalo baba yingxenye ‘yabaphik’ uKristu.’ (1 Johane 2:18, 19)”
Umuntu owayezehlukanise nebandla ngokuzithandela nangendlela engokomthetho wayeyoyifanela leyoncazelo. Ngokushiya ngamabomu ibandla likaNkulunkulu nangokuyeka indlela yobuKristu, wayeyobe uzenze yena ngokwakhe isihlubuki. UmKristu othembekile wayengeke afune ukuzihlanganisa nesihlubuki. Ngisho nakuba babengabangane, lapho othile eseshiya ibandla, ehlubuka, wayenqaba isisekelo sokusondelana nabazalwane. UJohane wakucacisa ukuthi yena ngokwakhe wayengeke abe nomuntu ‘ongenaye uNkulunkulu nowayengesiye owakubo’ ekhaya lakhe.
NgokomBhalo, umuntu owayeshiye ibandla likaNkulunkulu wayesoleka kakhulu kunalabo abasezweni. Ngani? Nokho, uPawulu wabonisa ukuthi amaKristu ezweni laseRoma ayehlangana njalo nezifebe, abaphangi, nabakhonza izithombe. Nokho wathi amaKristu kumelwe ‘angahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane’ lowo owayelandela izindlela zokungamesabi uNkulunkulu. (1 Korinte 5:9-11) Ngokufanayo, uPetru wabonisa ukuthi lowo ‘owayesebalekele ukungcola kwezwe’ kodwa wabuye waphindela ekuphileni kwakhe kwangaphambili wayenjengengulube ephindela odakeni. (2 Petru 2:20-22) Khona-ke, uJohane wayenikeza iseluleko esingaziphikisi ekuqondiseni ukuthi amaKristu ‘ayengenakumamukela ezindlini’ zawo umuntu ‘owaphuma kubo’ ngamabomu.—2 Johane 10.
UJohane wanezela: “Ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.” (2 Johane 11) Lapha uJohane wasebenzisa igama lesiGreki lokubingelela elithi khaiʹro kunegama elithi a·spaʹzo·mai, elitholakala kuvesi 13.
UKhaiʹro wayesho ukuthokoza. (Luka 10:20; Filipi 3:1; 4:4) Wayesetshenziswa futhi njengesibingelelo, esikhulunywayo noma esilotshiwe. (Mathewu 28:9; IzEnzo 15:23; 23:26) Ua·spaʹzo·mai wayesho ‘ukwanga ngezandla, kanjalo ukubingelela, ukwemukela.’ (Luka 11:43; IzEnzo 20:1, 37; 21:7, 19) Noma kwakungaba ukubingelela, kodwa ua·spaʹzo·mai kungenzeka wayebhekisele kokungaphezu ‘kukasawubona’ onesizotha. UJesu watshela abafundi abangama-70 ukuthi bangabingeleli muntu [a·spaʹse·sthe] muntu. Ngaleyondlela wayebonisa ukuthi umsebenzi wabo ophuthumayo wawungasivumeli isikhathi sendlela yokubingelela kwaseMpumalanga ngokuqabulana, ukwangana, nengxoxo ende. (Luka 10:4) UPetru noPawulu bakhuthaza: ‘Bingelelanani [a·spaʹsa·sthe] ngokwanga kothando, noma ukwanga okungcwele.’—1 Petru 5:14; 2 Korinte 13:12, 13; 1 Thesalonika 5:26.
Ngakho uJohane kungenzeka wasebenzisa elithi khaiʹro ngamabomu ku-2 Johane 10, 11 kunelithi a·spaʹzo·mai (2Joh ivesi 13). Uma kunjalo, khona-ke uJohane wayengakhuthazi amaKristu ukuba agweme ukubingelela nje kothando (nokwangana, ukuqabulana, nokuxoxa) umuntu owayefundisa amanga noma owayeshiye ibandla (wahlubuka). Kunalokho, uJohane wayesho ukuthi kwakungamelwe ngisho babingelele umuntu onjalo ngokhaiʹro, ‘uSawubona’ ovamile.b
Ukungathi sína kwaleseluleko kusobala emazwini kaJohane; “Ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.” Akekho umKristu weqiniso owayengafuna uNkulunkulu ambheke njengohlanganyela emisebenzini emibi ngokujwayeiana nomenzi wobubi oxoshiwe noma nomuntu oshiye ibandla laKhe. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba umhlanganyeli ebuzalwaneni bothando lobuKristu, njengoba uJohane aloba: “Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe-nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.”—1 Johane 1:3.
[Imibhalo yaphansi]
a IWebsters New Collegiate Dictionary ithi “ukuhlubuka” “1: ukuyekwa kokholo lwenkolo 2: ukulahlwa kokwethembeka kwangaphambili”
b Ngokuphathelene nokusetshenziswa kwegama elithi khaiʹro kweyesi-2 Johane 11, uR. C. H. Lenski uthi: “[Kwakuwukubingelela] okuvamile ekuhlanganeni noma ekwehlukaneni. . . . Lapha umqondo uwukuthi: Ungasibingeleli ngisho nokusibingelela isihlubuki ngalendlela! Kakade lokhu kukwenza umhlanganyeli emisebenzini emibi leyo esesiyenza. UJohane [ubhekisela] . . . ekubingeleleni kwanoma iluphi uhlobo.”