Indlela Inhlebo Elimazayo Enganqotshwa Ngayo
“Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.”—IHUBO 141:3.
1. Ingqondo yethu esiyinikwe uNkulunkulu inekhono elingakanani?
UJEHOVA wasinika ingqondo, futhi yeka ukuthi imangalisa kangakanani! Incwadi i-Incredible Machine ithi: “Ngisho namacomputer aphucukile esingawacabanga awalutho uma eqhathaniswa nobunkimbinkimbi obungapheli nokusebenza kwengqondo yomuntu . . . Izigidi zezimpawu ezinyazima engqondweni yakho nganoma yimuphi umzuzu zithwele umthwalo wokwaziswa omkhulu ongavamile. Ziletha izindaba ngezindawo ezingaphakathi komzimba nezingaphandle . . . Njengoba ezinye izimpawu zilungisa futhi zihlela ukwaziswa, zibangela imizwelo ethile, izinkumbulo, imicabango, noma amacebo aholela esinqumweni. Cishe ngaso lesosikhathi, izimpawu ezivela engqondweni yakho zitshela amanye amalungu omzimba wakho lokho okumelwe akwenze . . . Ngesikhathi esifanayo ingqondo yakho futhi iqondisa ukuphefumula, amakhemikhali egazi, izinga lokushisa komzimba, nezinye izinqubo ezidingekile ongaziqapheli.”—Ikhasi 326.
2. Imuphi umbuzo manje odinga ukucatshangelwa?
2 Ngokuqinisekile, isipho esinjalo esimangalisayo esivela kuNkulunkulu akufanele nanini sisetshenziswe njengomgqomo wezibi. Nokho, singayisebenzisa kabi ingqondo ngokulalela nangokusakaza inhlebo elimazayo. Singayigwema kanjani inkulumo enjalo futhi sisize abanye ukuba bagweme ukuhileleka kuyo?
Yazisa Ingqondo Yakho Oyinikezwe UNkulunkulu
3. Kungani umKristu weqiniso engenakuhileleka enkulumweni elimazayo?
3 Ukwazisa ngengqondo yethu esiyinikezwe uNkulunkulu kuyosivimbela ukuba singayilaleli futhi singayisakazi inhlebo elimazayo. Umoya kaJehova awunakushukumisela muntu ukuba agcwalise ingqondo yakhe ngemiqondo enjalo futhi asebenzise ulimi lwakhe ukuba alimaze othile. Kunalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe.” (Isaya 55:7) Ingqondo yomuntu omubi igcwele imiqondo emibi, futhi uyashesha ukunyundela umuntu oqotho. Kodwa asisoze nanini silindele inkulumo enjalo kulabo abayazisayo ingqondo yabo abayinikezwe uNkulunkulu.
4. Uma siyazisa ingqondo yethu nekhono lethu lokukhuluma, siyoyisebenzisa kanjani ingqondo yethu nolimi lwethu?
4 Ukwazisa okufanele kuyosisiza ukuba sigweme ukusebenzisa ingqondo yethu nolimi lwethu ukuba kwanelise inyama yethu enesono. Kunalokho, siyogcina ukucabanga kwethu nokukhuluma kusezingeni eliphakeme. Singayixwaya inhlebo elimazayo ngokuthembela ngobuqotho kuLowo omicabango yakhe iphakeme kakhulu kuneyethu. Umphostoli uPawulu waluleka: “Konke okuyiqiniso, [hhayi okungamanga noma okunyundelayo], konke okuhloniphekayo [hhayi okungabalulekile], konke okulungileyo [hhayi okubi nokulimazayo], konke okumhlophe [hhayi ukunyundela okungcolile noma izinsolo ezimbi], konke okuthandekayo [hhayi okunenzondo noma okululazayo], konke okutusekayo [hhayi okujivazayo], noma kukhona okuhle [hhayi ububi], noma kukhona okubongekayo [hhayi okulahlwayo], zindlani ngalokho.”—Filipi 4:8.
5. Yini amaKristu ayekholwa noPawulu ayibona nayizwa ngaye?
5 UPawulu wanezela: “Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba-nani.” (Filipi 4:9) Yini abanye ababeyibonile nababeyizwile ngoPawulu? Izinto ezihlanzekile nezakhayo ngokomoya. Akazange agcwalise izindlebe zabo ngenhlebo yangalesosikhathi ngoLidiya noma ngoThimothewu. Ungaqiniseka ngokuthi uPawulu akazange alalele noma asakaze amahemuhemu ngamadoda amadala eJerusalema.a Ngokunokwenzeka, inhlonipho ngengqondo yakhe ayinikezwe uNkulunkulu yamsiza uPawulu ukuba agweme ukuhileleka enhlebweni elimazayo. Siyosilingisa isibonelo sakhe uma ngempela siyazisa ingqondo nolimi uJehova asinikeze khona.
Hlonipha UNkulunkulu NeZwi Lakhe
6, 7. (a) UJakobe wayibonisa kanjani imiphumela yolimi olungalawulwa? (b) Yini engeke yenzeke uma simhlonipha uNkulunkulu neZwi lakhe?
6 Inhlonipho eqotho ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe eliNgcwele iyosisiza futhi ukuba sinqobe inhlebo elimazayo. Ngempela, inhlonipho enjalo iyosishukumisela ukuba silalele iseluleko somfundi uJakobe, owalibeka icala ulimi. (Jakobe 3:2-12) Uma umuntu engase akwazi ukulawula ulimi, uyokwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngetomu, njengoba itomu emlonyeni wehhashi lingasiqondisa lesosilwane. Njengoba inhlansi encane ingalokhela lonke ihlathi, kanjalo ulimi oluncane lungaba umlilo othungela isondo lokuphila. Abantu bangazenza izilo zasendle, izinyoni, izinambuzane, nezidalwa zasolwandle ukuba zithambe, “kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa,” kwasho uJakobe. Nokho, leso akusona isaba sokungenzi mzamo wokunqoba inhlebo elimazayo.
7 UJakobe futhi wathi ulimi lukhipha isibusiso nesiqalekiso ngomlomo owodwa. Lokhu akufanele, ngoba umthombo awukhiphi amanzi amnandi nababayo. Isihlahla somkhiwane asinakuthela izithelo zomnqumo, namanzi anosawoti awanakukhipha amanzi anoshukela. Yiqiniso, uma nje amaKristu engaphelele, ulimi alunakuthanjiswa ngokuphelele. Lokhu kufanele kusenze sibe nomusa kubantu abakhubekisayo abaphendukayo, nokho akuyithetheleli inhlebo elimazayo. Ngokwethu, ukusetshenziswa kabi okunjalo kolimi okuwushevu akunakuqhubeka kwenzeka uma ngempela simhlonipha uNkulunkulu neZwi lakhe.
Indlela Umthandazo Ongasiza Ngayo
8. Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba sinqobe inhlebo elimazayo?
8 Isilingo sokulalela inhlebo elimazayo bese siyisakaza singaba namandla kakhulu. Ngakho uma uye wawela esilingweni esinjalo esikhathini esidlule, ingabe akufanele ucele intethelelo nosizo kuNkulunkulu? UJesu wasifundisa ukuba sithandaze: “Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.” (Mathewu 6:13) AmaKristu athandaza ngobuqotho ukuba uNkulunkulu angawayekeleli enkulumweni elinga kanjalo kodwa embi, ngeke alivumele lelicebo likaSathane; ayokhululwa kumnyundeli omkhulu.
9. Uma silingeka ukuba sinyundele othile, singathandaza kanjani?
9 Uma silingeka ukuba sinyundele noma ubani, singase sithandaze: “Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.” (IHubo 141:3) Singawonakalisa amathemba ethu okuphila phakade ngokuvumela isilingo futhi silingise uDeveli njengomnyundeli onenzondo, onamanga, obulalayo. (Johane 8:44) Umphostoli uJohane wabhala: “Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho-mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.”—1 Johane 3:15.
Uthando Luxosha Ukuhleba
10. Kunokuba sihlebe ngabanye, yini esibakweleta yona?
10 Sonke sikweleta abanye okuthile, kodwa asibakweleti inzondo ebangela inhlebo elimazayo. UPawulu wabhala: “Ningabi-nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana.” (Roma 13:8) Kufanele sikhokhe lesosikweleti nsuku zonke kunokuba sikhulume kabi ngabanye futhi sonakalise idumela labo. Uma sithi siyamthanda uJehova, asinakumnyundela esikholwa naye, “ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.”—1 Johane 4:20.
11. Umfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi ungasinika kanjani okuthile okufanele sicabange ngakho mayelana nenhlebo elimazayo?
11 Cabangela umfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi. Abanjengezimbuzi batshelwa ukuthi lokho abakwenza kubafowabo bakaKristu kwakubhekwa njengabakwenze kuye. Ingabe ubungahleba ngoKristu? Uma ubungenakukhuluma kabi ngeNkosi yakho, ungabaphathi abafowabo abagcotshiwe ngaleyondlela. Ungalenzi iphutha njengoba kwenza izimbuzi, ‘eziyomuka, ziye ekujezisweni okuphakade.’ Uma ubathanda abafowabo bakaJesu, kubonise ngalokho okushoyo ngabo.—Mathewu 25:31-46.
12. Uyini umongo wezAga 16:2, futhi kufanele uyithinte kanjani imicabango yethu, izenzo, nenkulumo?
12 Njengoba sonke siyizoni futhi sidinga umhlatshelo kaJesu wesihlengo, uma othile efuna ukukhuluma amazwi angathandeki ngathi, kuningi angakusho. (1 Johane 2:1, 2) Yiqiniso, singase sicabange ukuthi senza kahle. “Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.” Izilinganiso zikaNkulunkulu azinakho ukukhetha noma ukubandlulula. (IzAga 16:2; IzEnzo 10:34, 35) Ulinganisa umoya wethu, eqaphela ukuthambekela kwethu nemizwa esishukumisela ukuba sicabange, senze, futhi sikhulume. Khona-ke, ngokuqinisekile asinakufuna ukuba uNkulunkulu athole ukuthi sizicabangela ngokungafanele njengabahlanzekile kodwa abanye njengabangcolile abafanelwe izinkulumo ezilimazayo. NjengoJehova, kumelwe singakhethi, sibe nomusa, nothando.
13. (a) Iqiniso lokuthi “uthando luyabekezela, uthando lumnene” lingasisiza kanjani ekunqobeni inhlebo elimazayo? (b) Yini eyosivimbela ukuba sikhulume kabi ngothile othola ilungelo lenkonzo esingenalo?
13 Ukusebenzisa lokho uPawulu akusho kweyoku-1 Korinte 13:4-8 kungasisiza ukuba sinqobe inhlebo elimazayo. Wabhala: “Uthando luyabekezela, uthando lumnene.” Udade oshushiswayo ekhaya elihlukene phakathi angase angasibingeleli ngobungane. Noma abanye bangase bathathe kancane ngokomzimba, mhlawumbe ngenxa yempilo ebuthaka. Ingabe uthando akufanele lusishukumisele ukuba sibe nokubekezela nomusa kubantu abanjalo kunokuba sibenze babe izisulu zenhlebo egxekayo? ‘Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi.’ Ngakho, uma omunye umKristu ethola ilungelo lenkonzo esingenalo, uthando luyosivimbela ukuba sikhulume kabi ngaye sisikisele ukuthi akawufanelekele lowomsebenzi. Uthando futhi luyosivimbela ukuba siqhoshe ngalokho esikufinyelelayo, okuyinkulumo engadumaza labo abangenawo amalungelo.
14. Yini enye ekhona ngothando eyothinta lokho esikushoyo ngabanye?
14 UPawulu futhi wathi ‘uthando aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.’ Kunokuba sisho ngokungafanele izinto ezingezona ezobuKristu, kufanele sivumele uthando lusishukumisele ukuba sikhulume kahle ngabanye futhi sicabangele izithakazelo zabo. Lusivimbela ekubeni sicasuke futhi sikhulume kabi ngabantu ngobuhlungu abasibangele bona obungokoqobo noma esibucabangelayo. Njengoba ‘uthando lungathokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso,’ lusivimbela ekubeni sihlanganyele enhlebweni elimazayo ngisho nangabaphikisi abehlelwa okubi.
15. (a) Kufanele lisithinte kanjani iqiniso lokuthi ‘uthando lukholwa izinto zonke, luthemba izinto zonke’? (b) Yiziphi izici zothando ezingasisiza ukuba sibambelele enhlanganweni kaJehova ngisho noma abanye bekhuluma kabi ngayo?
15 Uthando ‘lukholwa futhi luthembe izinto zonke’ ezitholakala eZwini likaNkulunkulu futhi lusishukumisela ukuba sazise ukudla okungokomoya okulungiselelwa isigaba ‘senceku ethembekileyo,’ kunokuba silalele amazwi anyundelayo ezihlubuki eziqamba amanga. (Mathewu 24:45-47; 1 Johane 2:18-21) Njengoba ‘uthando lubekezelela izinto zonke futhi lungasoze lwaphela,’ luyasisiza futhi ukuba sihlale sithembekile enhlanganweni kaNkulunkulu ngisho noma ‘abazalwane bamanga’ noma abanye bekhuluma kabi ngayo noma ngamalungu ayo.—Galathiya 2:4.
Inhlonipho Ivimbela Inhlebo
16. Abazalwane bamanga eKorinte bamphatha kanjani uPawulu?
16 Inhlonipho ngesikholwa nabo iyasiza futhi ekunqobeni inhlebo elimazayo. Njengoba bamukeleka kuNkulunkulu, ngokuqinisekile akufanele sibanyundele. Masingalokothi sibe ‘njengabazalwane bamanga’ uPawulu ahlangana nabo. Ngokungangabazeki, basho izinto ezimbi ngaye. (2 Korinte 11:26) Kumelwe ukuba nezihlubuki zamnyundela. (Qhathanisa noJuda 3, 4.) EKorinte abanye abantu bathi: “Izincwadi-ke . . . zinzima, zibukhali kepha nxa ekhona ngokomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.” (2 Korinte 10:10) Abantu abakhulumi amazwi anjalo ngalabo ababathandayo.
17. Hlobo luni lwamazwi uDiyotrefe ayewakhuluma ngomphostoli uJohane?
17 Cabanga ngomphostoli uJohane, owanyundelwa nguDiyotrefe. UJohane wathi: “Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe uthanda ukuba abe-mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina. Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi.” (3 Johane 9, 10) Ukuhleba okunjalo kwakuyindaba engathi sína, futhi uma silalela noma sisakaza inkulumo efanayo namuhla, kufanele sikuyeke ngokushesha.
18. UDemetriyu wahluka kanjani kuDiyotrefe, futhi lomehluko ungase ukuthinte kanjani ukuziphatha kwethu?
18 Enxusa inhlonipho ngabaqotho, uJohane watshela uGayu: “Ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu. UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke sifakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.” (3 Johane 1, 11, 12) Ngamunye wethu angazibuza: Ingabe nginguDiyotrefe ohlebayo noma ingabe nginguDemetriyu othembekile? Uma sibahlonipha esikholwa nabo, ngeke sikhulume amagama amabi ngabo, sinika abanye isizathu sokuba basibheke njengezinhlebi.
19. Abazalwane bamanga bakufuna kanjani ukubhaceka uC. T. Russell?
19 Abazalwane bamanga babengekho ekhulwini lokuqala kuphela. Phakathi nawo-1890, abantu abangathembekile ababehlanganyela nenhlangano kaNkulunkulu bazama ukulawula iWatch Tower Society. Babophela uCharles Taze Russell uzungu, befuna ukumsusa esikhundleni sokuba umongameli wokuqala weNhlangano. Ngemva kokuboshwa kozungu cishe iminyaka emibili, loluzungu lwaqubuka ngo-1894. Lamacala amanga ayegxiliswe ngokuyinhloko kokwakuthiwa ukungathembeki kukaRussell ebhizinisini. Amanye amacala amanga aveza inhloso yalabo bamangaleli—ukubhaceka uC. T. Russell. AmaKristu angakhethi azihlola izindaba futhi amthola engenacala. Kanjalo, lelicebo ‘lokuqeda uMnu. Russell nomsebenzi wakhe ube izicucu’ lahluleka. Ngakho, njengoPawulu, uMzalwan’ uRussell wahlaselwa abazalwane bamanga, kodwa loluvivinyo lwaqashelwa njengecebo likaSathane. Ngemva kwalokho lababophi bozungu babhekwa njengabangakufanelekele ukujabulela ubuzalwane bobuKristu.
Imisebenzi Emihle Ivimbela Ukuhleba Okulimazayo
20. Yiliphi iphutha uPawulu alithola kwabanye abafelokazi abasebasha?
20 UPawulu wayazi ukuthi inhlebo elimazayo ngokuvamile yayihlobene nokuvilapha, hhayi nemisebenzi eminingi emihle. Wayengakujabuleli ukuthi abafelokazi abathile abasebasha babeye bafunda “ukuba amavila azula ezindlini, futhi abangewona amavila kuphela kodwa nezinhlebi nogaxekile, bekhuluma okungabafanele.” Laliyini ikhambi? Umsebenzi omuhle. Ngakho, uPawulu wabhala: “Ngakho ngingathanda ukuba abasebasha bashade, bazale abantwana, bagcine imizi, bangamnikezi umphikisi isikhala senkulumo embi.”—1 Thimothewu 5:11-14, Byington.
21. Eyoku-1 Korinte 15:58 ihlobene kanjani nokugwema izingibe zenhlebo elimazayo?
21 Uma abesifazane bephatha imizi, beqeqesha abantwana ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu, futhi behlanganyela nakweminye imisebenzi eyinzuzo, bayoba nesikhathi esincane senkulumo engelutho engaholela enhlebweni elimazayo. Namadoda ayoba nesikhathi esincane senkulumo enjalo uma ematasa ngemisebenzi emihle. “Ukuhlala sinokuningi ngaso sonke isikhathi esingakwenza emsebenzini weNkosi” kuyosisiza sonke ukuba sigweme izingibe zenhlebo elimazayo. (1 Korinte 15:58, NW) Ikakhulukazi ukuhlanganyela ngenhliziyo yonke enkonzweni yobuKristu, emihlanganweni yebandla, nakweminye imisebenzi yokwesaba uNkulunkulu kuyogcina izingqondo zethu zisezindabeni ezingokomoya ukuze singabi izinhlebi ezingenamsebenzi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu.
22. Yini IzAga 6:16-19 eziyishoyo ngombono kaNkulunkulu ngabanyundeli?
22 Uma sizigcina simatasa emisebenzini yokwesaba uNkulunkulu futhi sifuna ukubusisa abanye ngokomoya, siyoba ngabangane abathembekile, hhayi izinhlebi ezingathembekile. (IzAga 17:17) Futhi uma siyigwema inhlebo elimazayo, siyoba noMngane ongcono kunabo bonke—uJehova uNkulunkulu. Masikhumbule izinto eziyisikhombisa ezinyanyekayo kuye “amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.” (IzAga 6:16-19) Izinhlebi ziyazandisa futhi zizisonte izinto, futhi abanyundeli banolimi lwamanga. Amazwi abo ashukumisa izinyawo zalabo abalangazelela ukuxoxa izindaba. Cishe ngaso sonke isikhathi, umphumela uba ukungezwani. Kodwa uma sikuzonda lokho uNkulunkulu akuzondayo, siyoyixwaya inhlebo elimazayo engonakalisa oqotho futhi ilethe injabulo kumnyundeli omkhulu, uSathane uDeveli.
23. Ngokuqondene nesikukhulumayo, singayenza kanjani inhliziyo kaJehova ijabule?
23 Ngakho-ke, masenze inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Masigweme inkulumo ayizondayo, senqabe ukulalela ukunyundela, futhi senze konke esingakwenza ukuba sinqobe inhlebo elimazayo. Ngokuqinisekile, singenza kanjalo ngosizo lukaNkulunkulu wethu ongcwele, uJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Ngisho nanamuhla akuyona into etusekayo ukuba silalele noma sisakaze izindaba ezimangalisayo (ngokuvamile ezingasekelwe eqinisweni) ngokuqondene nalokho amalungu eNdikimba Ebusayo noma abameleli bayo okuthiwa bakushilo noma bakwenzile.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba sigweme ukunyundela abanye?
◻ Ukusebenzisa eyoku-1 Korinte 13:4-8 kungasisiza kanjani ukuba sinqobe inhlebo elimazayo?
◻ Ukuzihlonipha kungasisiza kanjani ukuba sinqobe isilingo sokuhleba ngesikholwa nabo?
◻ Eyoku-1 Korinte 15:58 ihlobene kanjani nokugwema izingibe zenhlebo elimazayo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]
U.S. Forest Service photo